Ingabe Uyabesaba Abafileyo?
ABANTU abaningi lo mbuzo bawuphendula kalula nje bathi, “Cha. Kungani kufanele ngibesabe?” Bakholelwa ukuthi abantu abafileyo bafe ngempela. Kodwa, izigidi zabantu zikholelwa ukuthi abantu abafileyo baqhubeka bephila beyimimoya.
EBenin, eNtshonalanga Afrika, abaningi bakholelwa ukuthi abafileyo bangabuya bezobulala amalungu emikhaya yabo. Abantu badayisa impahla yabo noma benze izikweletu ukuze benze imisebenzi yokuhlabela izihlobo zabo ezifileyo. Abanye basebenzelana nemimoya, okuhlanganisa umbono wokuthi kunengxenye esindayo kubantu lapho befa engaxhumana nabaphilayo. Abanye banokuhlangenwe nakho okwesabisayo abathi kubangelwa imimoya yabafileyo.
Omunye owaba nokuhlangenwe nakho okunjalo u-Agboola, indoda ehlala eduze nomngcele ophakathi kweBenin neNigeria. Uthi: “Imimoya iyakubusa ukuphila kwabantu endaweni yakithi. Kuyisiko ukuba nomkhosi wokugeza izidumbu ukuze nizilungiselele indawo yemimoya. Ngangivame ukuthatha ucwephe lwensipho ngiluxube namaqabunga athile. Lapho ngiyigcoba esibhamwini sami sokuzingela, ngangisho igama lenyamazane engifuna ukuyidubula. Ivamile imikhuba enjengale futhi yayibonakala iphumelela kakhulu. Kodwa, ezinye izinto eziphathelene nemimoya zazethusa.
“Lapho amadodana ami amabili efa ngendlela engaqondakali, ngasola ukuthi kunothile owayengiloya. Ukuze ngithole ukuthi ngubani, ngaya ekhehleni elalidume ngokuba namandla emimoya. Laziqinisekisa izinsolo zami. Okubi nakakhulu ukuthi langichazela ukuthi amadodana ami ayesezweni lemimoya elinde ukuba yizisebenzi zombulali wawo. Leli khehla labe selisho nokuthi nendodana yami yesithathu yayizokufa ngendlela efanayo. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, nayo yafa.”
U-Agboola wabe esehlangana noJohn, omunye woFakazi BakaJehova wasezweni elingumakhelwane iNigeria. Incazelo kaJohn ngesimo sabafileyo yayisekelwe eBhayibhelini. Leyo ncazelo yakushintsha ukuphila kuka-Agboola. Ingakushintsha nokwakho.
Ingabe Abafileyo Bayaphila?
Ubani okufanelekelayo ukuphendula lo mbuzo? Akuyona indoda ethile, kungakhathaliseki ukuthi iwukhukhuva olungakanani. Kunalokho, uJehova, onguMdali wokuphila ‘emazulwini nasemhlabeni, wezinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali,’ unayo impendulo. (Kolose 1:16) Wadala izingelosi ukuba zihlale endaweni yomoya nomuntu nezilwane ukuba kuphile emhlabeni. (IHubo 104:4, 23, 24) Ukuphila yonke indawo kuxhomeke kuYe. (IsAmbulo 4:11) Ake ucabange ngalokho iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, elikushoyo ngokufa.
UJehova owakhuluma ngokufa kuqala. Waxwayisa u-Adamu no-Eva ngokuthi babeyokufa uma bengamlaleli. (Genesise 2:17) Kwakusho ukuthini lokho? UJehova wachaza: “Uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Ekufeni umzimba uyabola; ubuyele othulini. Ukuphila kuyaphela.
U-Adamu no-Eva abalalelanga ngamabomu ngakho bagwetshelwa ukufa. Kodwa, babengebona abokuqala ukufa. Indodana yabo u-Abela yafa kuqala. Yabulawa umfowabo omdala, uKhayini. (Genesise 4:8) UKhayini akazange esabe ukuthi umfowabo owayefile angaziphindiselela. Kunalokho, uKhayini wayekhathazeke kakhulu ngalokho abantu abaphilayo ababengase bakwenze kuye.—Genesise 4:10-16.
Emakhulwini eminyaka kamuva, iNkosi uHerode yacasuka lapho ababhula ngezinkanyezi beyitshela ukuthi ‘inkosi yamaJuda’ isizelwe ezweni layo. Ezimisele ukususa le nkosi eyayizelwe, uHerode wahlela ukuba bonke abafana baseBhetlehema abaneminyaka engaphansi kwemibili babulawe. Kodwa ingelosi yaxwayisa uJosefa ukuba athathe uJesu noMariya ‘abalekele eGibhithe.’—Mathewu 2:1-16.
Lapho uHerode efa, ingelosi yatshela uJosefa ukuthi abuyele kwa-Israyeli, “ngoba labo ababefuna umphefumulo womntwana sebefile.” (Mathewu 2:19, 20) Le ngelosi, eyisidalwa somoya, yayazi ukuthi uHerode wayengeke esakwazi ukubulala uJesu. UJosefa wayengayesabi nhlobo iNkosi uHerode lapho isifile. Kodwa, uJosefa wayesaba lokho okwakungenziwa indodana kaHerode enonya, u-Arkelawu. Ngakho uJosefa wahlala nomkhaya wakhe eGalile, elalingaphandle kwesifunda sika-Arkelawu.—Mathewu 2:22.
Le milando isisiza ukuba sibone ukuthi abafileyo abanamandla. Kodwa-ke, sikuchaza kanjani okuhlangenwe nakho kuka-Agboola nabanye?
“Amademoni,” Noma Imimoya Engcolile
Lapho esemdala, uJesu wabhekana nezidalwa zomoya ezimbi. Zazimazi uJesu futhi zambiza ngokuthi “iNdodana kaNkulunkulu.” NoJesu ngokufanayo wayezazi ukuthi zingobani. Zazingeyona imimoya yabantu abafileyo. Kunalokho, uJesu wazibiza ‘ngamademoni,’ noma imimoya engcolile.—Mathewu 8:29-31; 10:8; Marku 5:8.
IBhayibheli likhuluma ngezidalwa zomoya ezithembekile kuNkulunkulu nalezo ezamvukela. Incwadi kaGenesise ithi lapho uJehova exosha u-Adamu no-Eva abangalaleli ensimini yase-Edene, wabeka amakherubi, noma izingelosi, ngasempumalanga yensimu ukuze avimbele noma ubani ukuba angene kuyo. (Genesise 3:24) Kwakungokokuqala ngqa ukuba izidalwa zomoya zibonakale kubantu.
Ngemva kwesikhathi, izingelosi ezimbalwa zeza emhlabeni zaziphendula abantu. UJehova wayengazithumanga ukuba ziyofeza isabelo esithile emhlabeni. Kunalokho, “zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” endaweni yomoya. (Jude 6) Inhloso yazo yayiwubugovu. Zazithathela abafazi, abazala inzalo ebizwa ngokuthi amaNefili. AmaNefili kanye noyise abavukelayo agcwalisa umhlaba ngobudlova nobunye ububi obukhulu. (Genesise 6:1-5) UJehova wasilungisa lesi simo ngoZamcolo womhlaba wonke osukwini lukaNowa. Amanzi abulala abesilisa nabesifazane ababi kuhlanganise nenzalo yabo. Kwenzekani ezingelosini?
ISikhukhula saziphoqa ukuba zibuyele endaweni yomoya. Kodwa, uJehova wazivimbela ukuba zibuyele ‘esikhundleni sazo sokuqala.’ (Jude 6) IBhayibheli lithi: ‘UNkulunkulu akayekanga ukujezisa izingelosi ezona, kodwa, ngokuziphonsa eThartharusi, wazinikela emigodini yesigayegaye ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa.’—2 Petru 2:4.
IThartharusi akuyona indawo ethile; iyisimo sokuthotshiswa esifana nejele, esenza lezi zidalwa ezimbi zilinganiselwe emisebenzini ezikwazi ukuyenza. Amademoni awasenakukwazi ukushintsha imizimba yawo, kodwa asenawo amandla amakhulu okuthonya izingqondo nokuphila kwabantu. Ayakwazi ukulawula abantu nezilwane. (Mathewu 12:43-45; Luka 8:27-33) Akhohlisa nabantu ngokuzenza imimoya yabafileyo. Kungani? Ukuze avimbele abantu ukuba bakhonze uJehova ngendlela emjabulisayo nokubadida ngokuphathelene nesimo sangempela sabafileyo.
Indlela Yokunqoba Ukwesaba
U-Agboola wakubona ukuba nengqondo kwezincazelo zeBhayibheli ngokuphathelene nokufa nesimo semimoya. Waqonda ukuthi kwakufanele afunde okwengeziwe. Waqala ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo noJohn. U-Agboola wathola induduzo ngokwazi ukuthi amadodana akhe ayelele ethuneni, engalindile endaweni yomoya ukuba abe yizisebenzi zombulali wawo.—Johane 11:11-13.
U-Agboola waqonda nokuthi kufanele ayeke imikhuba yokusebenzelana nemimoya. Washisa yonke impahla ehlangene nokulumba. (IzEnzo 19:19) Abathile emphakathini bamxwayisa ngokuthi imimoya izomhlukumeza. Kodwa u-Agboola akazange esabe. Wathatha iseluleko esikweyabase-Efesu 6:11, 12: ‘Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ngoba sibambene nebandla lomoya ababi.’ Lezi zembatho ezingokomoya zihlanganisa iqiniso, ukulunga, izindaba ezinhle zokuthula, ukholo, nenkemba yomoya, eyiZwi likaNkulunkulu. Izembatho zempi ezinjalo zivela kuNkulunkulu futhi zinamandla!
Abanye babangane bakhe nezihlobo bamcwasa u-Agboola lapho eyeka amasiko ahlangene nemimoya. Kodwa, eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, wathola abangane abasha, abakholelwa kulokho okufundiswa iBhayibheli.
Manje u-Agboola uyazi ukuthi ngokushesha uJehova uzoqeda bonke ububi futhi aqede nemisebenzi yamademoni. Ekugcineni, uyowaqothula. (IsAmbulo 20:1, 2, 10) “Bonke abasemathuneni” uNkulunkulu uyobavusela kulo mhlaba. (Johane 5:28, 29) Lokho kuyohlanganisa u-Abela, abantwana abangenacala ababulawa iNkosi uHerode kanye nezinye izigidi. U-Agboola unokholo lokuthi amadodana akhe amathathu nawo ayovuswa. Abathandekayo bakho abafileyo bangase babe phakathi kwabo. Bonke abanjalo abavusiwe bayoqinisekisa ukuthi kusukela esikhathini abafa ngaso kuze kube sekuvusweni, babengezwa lutho—bengazi lutho ngemikhosi ababenzelwa yona.
Asikho isizathu sokwesaba abafileyo. Kunalokho, ungabheka phambili ekubaboneni futhi abathandekayo abafileyo. Okwamanje, kungani ungafundi iBhayibheli ukuze uqinise ukholo lwakho? Zihlanganise nalabo abakholelwa kulokho iBhayibheli elikufundisayo. Uma usebenzelana nemimoya, yeka ngokushesha. Zivikele emademonini ngokugqoka “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.” (Efesu 6:11) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza. Baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala, besebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
U-Agboola akasabesabi abafileyo, futhi ufunde nendlela yokumelana namademoni. Uthi: “Angazi ukuthi ubani owabangela ukufa kwamadodana ami amathathu. Kodwa kusukela ngaqala ukukhonza uJehova, sengibe nabanye abantwana abangu-7. Akekho osendaweni yomoya oseke wabahlukumeza.”
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
U-Agboola akasabesabi abafileyo futhi usefunde nendlela yokumelana namademoni
[Isithombe ekhasini 12]
UKhayini akazange esabe ukuthi umfowabo ofileyo wayezoziphindiselela