Kusho Ukuthini Ukuba Ogugile?
“UKUGUGA AKUKUBI KANGAKO UMA UCABANGA NGALOKHU OKUNYE OKUNGASE KWENZEKE.”—Maurice Chevalier.
INQUBO yokuguga igcina ithinté wonk’ umuntu. Ayinakubalekelwa. Iqala ngokunyenya—ubuhlungwana lapha, umbinjana laphaya, nezinwele ezimpunga ezimbalwa—kodwa ekugcineni ixhakathisa umuntu ingamdedeli. Akukaze kwenzeke emlandweni ukuba abaningi kangaka bezwe imiphumela yokuguga.
Isizathu esiyinhloko sokwanda kwenani lasebekhulile ukuphumelela kwesayensi yezokwelapha ekulawuleni izifo ezibulalayo. Ngokwesibonelo, e-United States, labo abaneminyaka engaphezu kuka-65 bakha amaphesenti angaba ngu-12 enani labantu, futhi eJapane cishe bangamaphesenti angu-11. Abantu baseMelika abaneminyaka engaphezu kuka-85 banda besuka ku-700 000 ngo-1953 baya ezigidini ezingu-2,1 ngo-1978. Eqinisweni, abaseMelika abangaba ngu-50 000 nabaseCanada abangaba ngu-3 700 baneminyaka eyikhulu ubudala noma ngaphezulu!
Nakuba abagugile bephila ukuphila okuzuzisa ngaphezu kokwesikhathi esidlule, iminyaka yomuntu yakamuva ngokungenakuguquka yonakaliswa ukuncipha kwamakhono athile. Ukuzwa, ukubona, isimo sezicubu, namandla okuhamba konke kuyathinteka njengoba umuntu eguga. Abanye asebekhulile bahlushwa isizungu ngisho nawukulahlekelwa ingqondo. Abanye baba nomuzwa wokuthi balahlekelwa ukukhanga kwabo bese becindezeleka.
Ngokuvamile indlela umuntu azivumelanisa ngayo nenqubo yokuguga iyona enqumayo ukuthi uba nenjabulo yini noma uyayintula. Lapho othile ethi: “Sengimdala kakhulu ukuba ngingenza lokho,” ngesinye isikhathi kusuke kuyisimo sengqondo, kunokuba kube yinoma yini engokomzimba, esimthiyayo ezintweni angase azenze.
Osemusha othile wabonisa ukuqonda okuphawulekayo lapho ethi: “Kimina, ogugile kubonakala kuyinoma ubani oseyekile ukuwasebenzisa ngokugcwele amathuba awanikezwa ukuphila, yinoma ubani ongasakuthandi futhi ongasakujabuleli ukuphila. Akunakwenzeka ngempela ukusho ukuthi ‘ogugile’ uneminyaka emingaki njengoba kunabevé eminyakeni eyishumi nambili ababonakala begugile, kube kunasebekhulile ababonakala besebasha.”
Bagugile Kodwa Bayajabula Futhi Banelisekile
Kwabanye iminyaka yokuphila yakamuva, ngezindlela ezithile, iba iminyaka ejabulisayo nevuzayo. Laba abagugile abajabulayo bajabulela ukukhululeka ekucindezeleni nasekubekelweni imingcele yimisebenzi yokuziphilisa evamile. Kubo ukuguga kusho ukuba nesikhathi esengeziwe benabazukulu babo. Bayaqaphela ukuthi injabulo yabo ayixhomekile kulokho abanye abakucabangayo ngabo. Bangase bazizwe bekhululeke kakhudlwana ukusho abakucabangayo, futhi bangase bakhululeke futhi baneliseke ngokwengeziwe.
Ngaphezu kwalokho, abanjalo bangase babheke ngalé kwezidingo zabo zomuntu siqu futhi bathole injabulo ekusebenzeni ngokuzithandela ukuze basize labo abadinga usizo. Basiza abayizimpumputhe ngokubafundela, bavakashise izintandane, noma basize abakhubazekile ukuba bazizwe beneliseke kakhudlwana ngesimo abakuso. Abanye bafunda amakhono amasha futhi benze izinto ababengakwazi ukuzenza lapho besanakekela umkhaya noma benza umsebenzi wokuziphilisa. Umdwebi odumile waseMelika uGrandma Moses waqala umsebenzi wakhe wokudweba eseyohlanganisa iminyaka engu-80 futhi waqeda ukudweba imifanekiso engu-25 eseneminyaka engaphezu kweyikhulu!
Yebo, akudingekile ukuba umuntu enze izinto ezingavamile ukuze athole injabulo. Lapho eseneminyaka engu-86 ubudala, umdlali waseshashalazini odume umhlaba wonke waphawula: “Manje, ngijabulela ukuphila kwami kunanini ngaphambili! Sekwephuze kangaka? uyazibuza. Inzuzo yokuba kuleliqophelo ekuphileni kwami ukuthi angibheki emuva noma phambili—ezinsukwini ezingaphezu kwezimbalwa ngesikhathi. Ngimane ngijabulele imanje.” Wanezela: “Ukuze uzizwe waneliseke ngempela ngawe ngokwakho, ngokuphila kwakho, akudingekile ukuba ube usaziwayo noma usozimali.”
Enye inzuzo yokuguga ukuhlakanipha nokuhlangenwe nakho ngokuvamile okutholakala ngokuhamba kwesikhathi. Ingabe uyazazisa lezizinto eziyigugu? Omunye wesifazane ozazisayo lezizinto wathi: “Ngiyakwazisa ukuhlakanipha engikuzuze ngokuhamba kweminyaka. Ukufunda ukuthi yini ngempela ebalulekile kuye kwangisiza ukuba ngibhekane nezinkinga zokuphila. Eqinisweni, abesifazane abaningi abasebasha beza kimi befuna iseluleko. Ngokuvamile kamuva bathi: ‘Angive ngijabula ngokuthi ngakhuluma nawe. Angikaze ngicabange kanjalo ngakho ngaphambili.’ Anginakukwenana ngalutho lokho. Ngibonga kakhulu ngokuthi ngiyakwazi ukuba usizo, ikakhulu kwabasebasha.”
Umbono Ngabagugile
Kunesikhathi lapho abagugile babehlonishwa kakhulu khona, futhi iseluleko sabo silandelwa. Emazweni amaningi lokhu sekushintshile. Manje abagugile ngokuvamile abanakwa futhi baze baphathwe nakabi. Kuyadabukisa lokhu, njengoba abagugile bemelela umthombo ocebile wokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho abantu abasebasha abangawusebenzisa ukuze bazuze. Yebo, lokhu akunikezi asebekhulile ilungelo lokugxambukela ekuphileni kwabanye.
Ngokujabulisayo, kwezinye izizwe abagugile basanikezwa inhlonipho ebafanele. Ngokwesibonelo, eJapane nasemazweni amaningi ase-Afrika, ngokuvamile bahlala beyisisekelo somkhaya nesesizwe. E-Abkhaz Republic, eGeorgia, endaweni eyayiyiSoviet Union, lapho kuvame khona ukuba abantu baphile iminyaka engaphezulu kwekhulu, izizukulwane ezisezintsha ziyabahlonipha abevé eminyakeni eyikhulu. Ngokuvamile izwi labagugile libhekwa njengeliwumthetho phakathi komkhaya.
Lapho abasha besebenzisa lomthombo wokuhlakanipha, umkhaya uyazuza. Kungaba nobuhlobo obukhethekile phakathi kukagogo nomkhulu kanye nabazukulu. Kungalobu buhlobo balezi zizukulwane ezimbili lapho izingane ngokuvamile zifunda ukubekezela, ububele, uzwela, nenhlonipho ngabadala kunazo. Lapho abasebasha belahlekelwa yilokhu kuxhumana, kungaba nemiphumela emibi.
Bafuna Ukuphathwa Kanjani?
Abagugile bafuna ukuhlonishwa. Badinga ukuzenzela izinqumo futhi babe nomuzwa wokuthi balawula ukuphila kwabo. Nakuba amakhono abo angokomzimba encipha ngokuhamba kweminyaka, labo abagcina izingqondo zabo zimatasa ngokuvamile bahlala benengqondo ebukhali. Yiqiniso, bangase bangacabangi ngokushesha noma bafunde izinto ezintsha ngokushesha njengoba babenza lapho besebasha. Kodwa akufanele babekelwe eceleni bese bephucwa indima yabo emkhayeni, futhi akufanele ukuba abanye bathathe imisebenzi yasekhaya abagugile abakhetha ukuzenzela yona. Ukwenza lokhu kuyobakhungathekisa futhi kuyabadumaza kubenze bazizwe bengafaneleki futhi bengenalo ngisho nosizo.
Ukwenza imisebenzi ezuzisayo kubalulekile kwabagugile; kusiza ekubanikezeni umuzwa wokuba yigugu. Ngokuphawulekayo, abevé eminyakeni eyikhulu e-Abkhaz Republic, ngokuvamile banemisebenzi eminingi yasekhaya yansuku zonke okumelwe bayenze, njengokusebenza emasimini, ukunika izinkukhu ukudla, ukuwasha izingubo, ukuhlanza indlu, nokunakekela izingane ezincane—ngokungangabazeki konke lokhu kunengxenye ekuphileni kwabo isikhathi eside. Ngempela, lapho abagugile benomsebenzi onenjongo abawenzayo, bayachuma. Ngani? Ngoba banenjongo ekuphileni.
Ngisho nalapho bekhutshazwe isifo sokufa uhlangothi noma okunye ukugula, abagugile basafuna ukuphathwa ngenhlonipho. Abakuthandi ukukhulunyiswa noma ukuthethiswa njengengane. Uma bengakwazi ukukhuluma, ngokuvamile bayezwa, futhi ngokuqondakalayo imizwa yabo iyashesha ukuzwela. Ngezinye izikhathi, ngenxa yokwelashwa okwedlulele, kungase kubonakale sengathi balahlekelwe ingqondo kube kungenjalo ngempela. Ngakho ngaphezu kwanoma imuphi omunye umzwelo, ububele bungaba isihluthulelo sokubanakekela ngendlela efanele.
Njengoba abagugile bengase bangaphumeli ngaphandle kwamakhaya abo, badinga ukuba bazizwe bengalitshelwe. Bayazazisa izivakashi. Yeka indlela okudabukisa ngayo lapho amalungu ebandla lobuKristu ehluleka ukuvakashela noma ukushayela amalungu asekhulile akhubazekile ucingo okungenzeka aba nengxenye enkulu ekwandeni komsebenzi woMbuso! Ngempela, ukuvakasha noma ukushaya izingcingo okunjalo kuthatha isikhathi nomzamo omncane kakhulu uma kuqhathaniswa nenzuzo enkulu okungaba yiyo kwasebekhulile!
Nokho, kungakhathaliseki ukuthi abanye babaphatha kanjani, okuningi kuxhomeke endleleni abagugile abazibheka ngayo. Njengoba owesifazane oneminyaka engu-75 ubudala asho: “Into engenza ngikwazi ukuphikelela ngempela ukuba ngaso sonke isikhathi ngibe nokuthile kokukwenza. Bengingeke ngifeze lutho uma bekungekho engikuhlelayo futhi ngibe nemigomo. Yiqiniso nginezinkinga ezingokomzimba. Kodwa kungokufanayo nangeningi labantu abangowethu.”
Abagugile kufanele bagweme ukuba nomkhuba wokukhononda nokuba nesimo sokungabambisani. Kungase kungabi lula lokhu lapho umuntu ezwa ubuhlungu. “Nakuba nginezinkinga ezingokomzimba,” kusho elinye ikhehla, “ukugula kwami akuyinciphisile injabulo yami ekuphileni. Ngicabanga ukuthi isimo sengqondo sibaluleke kunakho konke. Okuhlangenwe nakho kokuphila kuyo yonke leminyaka kuye kwangicebisa. Futhi nginomuzwa wokuthi isihluthulelo sokuhlala umusha siwukuzihlanganisa nabantu abasebasha. Bayazuza ekuhlakanipheni kwami, futhi mina ngisebenzisa amandla abo. Uyabona, ngaphakathi ngisemusha ngempela.”
Yini Engase Yenziwe?
Uma usemusha, ingabe udinga ukuthuthukisa indlela okubheka ngayo ukuguga nendlela obaphatha ngayo abakhulile? Uma ugugile, kungani ungazibuzi imibuzo ephakanyiswe ebhokisini elihambisana nalesi sihloko? Zikhona yini izinto ongazenza ukuze uthuthukise isimo sakho?
Uma yonke lemibuzo uyiphendula ngoyebo oqotho, cishe ngeke uswele abangane, abadala noma abancane. Abanye ngokuzenzakalelayo bayofuna ukuba seduze kwakho. Okuhle kakhulu, uyokujabulela ukuba wedwa futhi uthole ukuthi ukuphila, kunoma ibuphi ubudala, kungathakazelisa futhi kwanelise.
[Ibhokisi ekhasini 16]
Imibuzo Yokuzihlola Yabagugile
◻ Ingabe ngibheka ikusasa ngibe nethemba?
◻ Ngisenalo yini ilukuluku lokwazi nelokufunda izinto ezintsha?
◻ Ngiyazama yini ukuhlala ngimatasa ngangokunokwenzeka?
◻ Ingabe ngibhekana nosuku ngalunye njengoba luqala futhi ngenze ukulungisa okudingekile?
◻ Ingabe ngiyenama futhi ngikhuthaze lapho nginabanye?
◻ Ngiyazama yini ukulondoloza ikhono lami lokwenza amahlaya?
◻ Ngamazwi alula—ingabe ngiguga ngendlela ekhangayo?
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe uyabavakashela asebekhulile?