Inkonzo Yobuphayona Yathonya Ukuphila Kwami
Njengoba ilandiswa nguArthur Gustavsson
PHEZULU ezintabeni zaseHimalaya ezimbozwe yiqhwa, iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu lafinyelela abazali bami, uFred noAmanda Gustavsson. Kwakungo-1903, futhi ngalesosikhathi ngangingakazalwa. Yini abazali bami ababeyenza lapho, kude kakhulu nezwe lakubo iSweden?
Ngonyaka ka-1880 babeye bathutha besuka eSweden baya eUnited States. Bobabili babenokholo oluqinile kuNkulunkulu. Bahlanganyela neNhlangano Yezithunywa yaseScandinavia eyayiseChicago. Ngemva kwesikhathi sokuqeqeshwa, bathunyelwa njengezithunywa zevangeli eBaltistan, manje esenyakatho ekude yePakistan. Nokho, ngokushesha bathola ukuthi kwakunzima kakhulu ukuguqulela umMuslim ezimfundisweni zeLobukholwa. Bona ngokwabo baqala ukungabaza ukuthi uNkulunkulu ngempela wayengaba nonya kangako ukuba angagwebela labobantu abanenhliziyo enhle, nabangenisa izihambi ekujezisweni okuphakade kwesihogo somlilo uma babengaguquki. Babengaqapheli ukuthi izingqondo zabo zazilungiselelwa okuthile okungcono.
Ngesikhathi esifanele bathola incwadi evela kumngane wabo eUnited States eyashintsha ukucabanga kwabo ngokuphelele. Kwakuyincwadi ethi The Divine Plan of the Ages, eyabhalwa nguCharles T. Russell, umongameli wangalesosikhathi weWatch Tower Society. Bayifunda, futhi kwakusengathi inkungu yayisukile emehlweni abo. Babona ngokukhanyayo ukuthi inkokhelo yesono ingukufa, hhayi ukuhlushwa phakade. (Roma 6:23) Manje base benesigijimi esiqondile sethemba kubantu—sokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoguqula umhlaba ube yipharadesi.
Ukushintsha Komsebenzi
Ngazalwa cishe ngalesikhathi eShigar eBaltistan. Esikhathini esifushane kamuva udadewethu uMirjam wazalwa. Abazali bami babenqume ukuthi babefuna ukusebenza ngaphansi kokuqondisa kweWatch Tower Society ukuze bamemezele iqiniso elisha ababeye balithola. Nokho, izimo zabaphoqelela ukuba ngo-1908 babuyele emuva eSweden. Lapho eGöteborg baqala ukushumayela ‘izindaba ezinhle zoMbuso,’ njengamacolporteurs, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zazaziwa kanjalo ngalesosikhathi. (Mathewu 24:14) Phakathi neminyaka yokuqala eyishumi, bahlanganisa lonke idolobha ngenkonzo yabo yendlu ngendlu izikhathi ezintathu. Abantu abaningi balamukela iqiniso.
Ngikhumbula uNkk. Hanna Gunnarsson owathukuthela kakhulu lapho ubaba ethi iBhayibheli lalingafundisi ukuthi umuntu unomphefumulo engafi. Wamemeza: “Uma singenawo umphefumulo ongafi, khona-ke ungamane uhambe uyoziminzisa emfuleni!” Ubaba wamane nje wamamatheka ngomusa futhi wamnikeza incwajana ethi What Say the Scriptures About Hell? Kamuva waba nguFakazi, kanye namadodakazi akhe. Lesosenzakalo sangifundisa ukuthi ngingalokothi ngicasuke—kungakhathaliseki lokho abantu abangase bakusho.
Lapho ngineminyaka eyishumi, uMzalwane uRutherford weza eGöteborg ezonikeza inkulumo yeningi ethi “Bakuphi Abafileyo?” Phakathi nenkulumo yakhe, wathi wayeyonika u-R2 500 kunoma ubani ezilalelini owayengabonisa ukuthi umuntu wayenomphefumulo ongafi. Akakho owayamukela leyonselele.
Umoya Wokuphayona Emkhayeni
Ngenxa yesibonelo esihle sabazali bami, umoya wokuphayona wangingena ngokushesha. Ngaqala ukuhlanganyela enkonzweni ngisemncane kakhulu. Ubaba wayenginikeza izimemo ezazimemezela izinkulumo zeningi ukuba ngizihambise. Ngangikujabulela lokhu futhi ngaba nokuhlangenwe nakho okuthile okungavamile. Ngolunye usuku ngaya kuthisha wami ngammemela inkulumo. Walenqaba ngokhahlo ipheshana. Ngamangala kakhulu kangangoba ngakhubeka futhi ngawa ezitebhisini. Kwakuyisifundo ngami—kwangifundisa ukuba ngithathe izinto ngokoqobo. Abantu ngokuvamile abakhona lokho esingathanda ukuba babe yikho.
Ikhaya lakithi lafana nomuzi wamaphayona, kuyilowo nalowo enza owakhe umsebenzi. Mina nodadewethu uMirjam sasikuqaphela ukubaluleka komsebenzi wokushumayela owawenziwa uBaba noMama. Ngakho-ke, thina ngokwethu sasivame ukuhlanza indlu yonke lapho sivela esikoleni.
Lapho ngineminyaka eyi-16 ngazinikezela ukwenza intando kaJehova futhi ngabhapathizwa ngo-1919 emhlanganweni owawuseÖrebro. Ngonyaka owalandela ngamenyelwa ukuba ngiyosebenza neqembu elincane labazalwane abayisishiyagalombili ababematasa ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eSweden. Leyominyaka yokukhonza ehhovisi legatsha yangibekela isisekelo sokuphila okuqeqeshekile nokuhleleke kahle enkonzweni kaJehova.
U-1914—Unyaka Ongenakukhohlakala
Eminyakeni eminingi ngaphambi kuka-1914, abaFundi BeBhayibheli, njengoba sasibizwa kanjalo ngalesosikhathi, babebheke phambili kulowo nyaka njengalowo ongokuthile okukhethekile. Njengoba wawuphawulwe esiprofethweni seBhayibheli, sasilindele izenzakalo ezingavamile. Ngisalukhumbula kahle usuku lwangeSonto, ngoAugust 2, 1914. Ubaba wayeqhuba umhlangano eGöteborg lapho sizwa ngaphandle umfana othengisa iphepha ememeza: “Impi yezwe isiqalile!” Abazalwane ababesehholweni baqala ukubhekana. Ezinye zezinto ekade sizimemezela ngokuqondene no-1914 zase ziqala ukugcwaliseka.
Unyaka ka-1914 washo okuthile futhi ngoJohan Severin Petersson. Esikhathini esidlule udadewebo uIda wayemshiyele izincwadi ezintathu ezazibhalwe uMzalwane uRussell. Wacabanga ukuthi zaziyingozi, ngakho wazishisa. Ulda wezwa ngalokho futhi, ephikelela, wamtsheleka ezinye ezintathu. Ngalesikhathi wazivalela eshalofini.
Khona-ke iMpi Enkulu ka-1914 yaqala. UJohan wayezwile ukuthi izincwadi zazikhuluma ngalolosuku. Ngenxa yokushisekela ukwazi, wavula ishalofu, wazikhipha, futhi wazifunda. Amehlo akhe avulekela eqinisweni leBhayibheli, futhi naye waba uMfundi weBhayibheli. Wabhapathizwa ngo-1917, futhi indodakazi yakhe uRosa yalandela isibonelo sakhe ngo-1918. Ngo-1928 yaba ngumkami othandekayo nomngane wokuphila kwami konke enkonzweni kaJehova.
Ukuqhubeka Nezindaba Ezinhle
Lapho ngishada, ngashiya ihhovisi legatsha, futhi mina noRosa sasebenzisa iholide lethu langemva komshado siphayona! Phakathi nenyanga yokuqala sishadile, sahambisa izincwajana ezithi Freedom for the Peoples eziyizi-4 000.
Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngabuzwa ukuthi ngangingakucabangela yini ukujikeleza njengomqondisi wenkonzo yesifunda, namuhla owaziwa njengombonisi wesifunda. Kwakuyosho ukuhambela amabandla alo lonke elaseSweden futhi kamuva nelaseNorway. Ngalezozinsuku ayengekho amalungiselelo okuhamba nomkakho kuloluhambo. Kwakumelwe ngingabikho ekhaya amasonto ayisithupha noma ayisikhombisa isikhathi ngasinye, ngibe nesikhathi sokuphumula sezinsuku ezimbalwa phakathi nohambo ngalunye. Sasizimisele ukuzidela futhi senza kanjalo iminyaka eyi-14.
Yini uRosa ayenza phakathi nalesikhathi? Waphayona nodadewethu eHälsingborg, eSweden. Ngalezozinsuku kwakudingeka bahambe ngamabhayisikili amabanga amade ukuze bahlanganise insimu enkulu. Kodwa ake simvumele alandise leyondaba.
“Ukuphayona ngawo-1930 kwakwehluke kakhulu ekukhonzeni kwanamuhla. Mina noMirjam sasivame ukuqasha ikamelo elincane isonto elilodwa noma amabili njengoba sasisuka kwesinye isifunda somfundisi siya kwesinye. Khona-ke sasithutha nayo yonke impahla yethu siyikhweze emabhayisekilini—izingubo, amabhodwe, namabhokisi ezincwadi. Kwakuwumbukwane ngempela!
“Kwakungelula njalo ukuthola indawo yokuhlala. Ngolunye usuku, ngemva kokusebenza ngokwehlukana, mina noMirjam sahlangana cishe ngehora lesishiyagalombili kusihlwa.
“Saqhubeka sihamba ngamabhayisekili siya epulazini elilandelayo lapho sabona khona ukukhanya. Khona-ke sayibona indlu. Izinhliziyo zethu zadangala. Abantu balapho babeye baphikisa kakhulu lapho sibavakashele ngaphambili. Ngokungabaza, uMirjam wasondela emnyango futhi wacela indawo. Samangala futhi sakhululeka, lapho inkosikazi isicela ukuba singene futhi sihlale phansi. Ngemva kwesikhashana samenyelwa ekamelweni elikhethekile, lapho kwakunetafula elaligcwele ukudla. Sasingawakholwa amehlo ethu! Ngemva kokudla, sakhonjiswa ikamelo lokulala lapho imibhede yayendlalwe ngamashidi kanokusho. Lesisimo esishintshile sasixaka.
“Ngosuku olulandelayo sanikezwa ukudla kwasekuseni. Lapho sifuna ukukhokha, bayenqaba imali yethu. Sabuza ukuthi sasingabanika yini incwadi ethi Deliverance njengesipho. Bathi, ‘Oh, yebo, siyayifuna leyoncwadi. Umakhelwane wethu wasitshela ukuthi naye namnika eyodwa lapho nihleli kwakhe. Wasitshela ngendlela ayijabulela ngayo.’
“Lokho okuhlangenwe nakho kwasifundisa ukuthi ngeke wasazi isithelo esiyoba umphumela wokuhambisa incwadi eyodwa yokufundisa iBhayibheli.”
Ukunamathela Enkonzweni Yamaphayona
Ngo-1942 umsebenzi wokujikeleza wanqanyulwa okwesikhashana, ngakho mina noRosa sakwazi ukubuyela ekuphayoneni ndawonye futhi. Kamuva ubaba wakhe wagula, futhi sashiya inkonzo yethu yesikhathi esigcwele ukuze simnakekele. Nokho, ngokushesha ngemva kokuba izimo sezisivumela, sabuyela emsebenzini wethu esiwuthandayo—inkonzo yesikhathi esigcwele. Sazizwa sibuyele endaweni yethu efanele. Lapho sibuya ekhaya ngemva kosuku olunzima lokushumayela, sasivame ukuthi: “Inkonzo yokuphayona ikufanele konke ukuzidela nemizamo ehilelekile.”
Sekuyiminyaka eminingi manje siphayona engxenyeni esentshonalanga yeSweden, sisebenza neBandla loFakazi BakaJehova laseSvenljunga. Ngenxa yokuthi manje sesikhulile ngeminyaka, asisenawo amandla ezinsuku zethu zobusha, kodwa siyajabula ngokuqhubeka ezinhlwini zamaphayona. Manje sengiqede iminyaka engama-55 enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi umkami engama-48. Nokho, asiphili ngezinkumbulo kuphela, ngisho nakuba zisenza sizizwe sijabula. Kungakhathaliseki ukuthi usukhule kangakanani, kumelwe ubheke phambili njalo. Kuyisifiso sethu esiqotho ukuba sihambe ngokwethembeka nangobuqotho noNkulunkulu wethu, uJehova, futhi ekugcineni sivune izibusiso ezimangalisayo zoMbuso wakhe esiye sashumayela ngawo enkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka eminingi kangaka.—Mika 6:8.
[Isithombe ekhasini 26]
Mina nomkami siye sasebenza enkonzweni kaJehova iminyaka engama-58