IPharadesi Elibuyiselwe Likhazimulisa UNkulunkulu
“Ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.”—ISAYA 60:13.
1, 2. (a) Ngomprofethi wakhe uIsaya, yini uNkulunkulu ayibikezela ngomhlaba? (b) Uma sibheka iminyaka eyinkulungwane esikhathini esizayo, sibonani?
UJEHOVA wadala umhlaba njengembulunga engaphansi kwezinyawo zakhe, njengesenabelo sezinyawo zakhe esingokomfanekiso. Ngomprofethi wakhe uIsaya, uNkulunkulu wabikezela ukuthi ‘uyakukhazimulisa indawo yezinyawo zakhe.’ (Isaya 60:13) Ngosizo lweBhayibheli eliphefumlelwe, singabona, njengokungathi sisebenzisa isibona-kude esinamandla, iminyaka eyinkulungwane yekusasa lomuntu. Yeka umbono ojabulisayo obonwa amehlo ethu! Umhlaba wonke uyakhazimula ngobuhle obungenabala obukhiqizwa uMlimi omkhulu kunabo bonke endaweni yonke. IPharadesi liyobe selibuyiselwe emhlabeni wonke kuso sonke isintu!
2 Yebo, uMuntu oPhakeme waphezulu owaqalisa ukuba khona komuntu ensimini eyipharadesi unenjabulo enkulu kakhulu ayigcinele umuntu. Yeka ukuthi unguMdali onothando kangakanani ngempela isintu esingaba naye, okungelona neze ihaba ukuthi ngaye, “uNkulunkulu uluthando”! (1 Johane 4:8, 16) EPharadesi elibuyiselwe, amadoda nabesifazane abavuthiwe ngaphansi kokuphelela kobuntu okungenabala bahlala ndawonye njengabafowabo nodadewabo abanothando. (Isaya 9:6) Beshukunyiswa uthando, bazithoba ngokuphelele kuMdali okhazimulayo wezulu nomhlaba, uJehova uNkulunkulu.
3, 4. (a) Izulu nomhlaba kuyovumelana ngayiphi indlela? (b) Izingelosi ziyosabela kanjani lapho iPharadesi libuyiselwa emhlabeni?
3 Eminyakeni eyinkulungwane edlule, encazelweni ephefumlelwe ngokwaphezulu yendawo yakhe, uNkulunkulu wakhuluma amazwi ahlaba umxhwele kubantu bakhe abakhethiwe: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami.” (Isaya 66:1) Inkazimulo ecwazimulayo ‘yesenabelo sezinyawo zakhe,’ umhlaba oyiPharadesi, kufanele ihambisane ngokufanelekile nenkazimulo yesihlalo sakhe sobukhosi endaweni ephakeme engabonakali.
4 Ngesikhathi sokudalwa komhlaba, labo ababekhonza esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu endaweni yasezulwini bawubuka umhlaba ezansi. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwabashukumisa umzwelo kanjani njengoba amehlo abo ebona ubuhle bawo obukhazimulayo! Babengakwazi kanjani ukuhlala bengaphubuki ngokuzenzekelayo bahube? (Qhathanisa noZefaniya 3:17, Revised Standard Version; IHubo 100:2, The Jerusalem Bible.) UMdali ojabule waphefumlela umbhali wakhe wasemhlabeni ukuba anikeze incazelo eqondile yendawo yasezulwini, wathi: “Lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula.” (Jobe 38:7) Yeka ukuthi amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi ayomemeza ngenjabulo kakhulu kangakanani, kube yinkazimulo kuNkulunkulu, lapho iPharadesi libuyiselwa!
5. Kufanele sizizwe kanjani ngokufinyelelwa kwenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngomhlaba?
5 Ngempela kufudumeza inhliziyo ngathi ukuqinisekiswa imiBhalo eNgcwele ephefumlelwe ukuthi ukufinyelelwa okuhle komhlaba oyipharadesi kwakuyinjongo uJehova uNkulunkulu ayeyihlose kusukela ekuqaleni. Lomvuthwandaba wenjongo kaNkulunkulu ngalomhlaba onika injabulo, obangela ukudumisa uyinto efanele ukuba ilindelwe ngoNkulunkulu osuka enkazimulweni aye enkazimulweni ngaphandle kokuhluleka ekuboniseni ubuhle bakhe. Lonke udumo maluye kuye!—IHubo 150:1, 2; Isaya 45:18; IsAmbulo 21:3-5.
Abavusiwe Bayasiza Ekubuyiseleni Ipharadesi
6. Ngemva kweArmagedoni, umhlaba uyoba kanjani nabantu?
6 Nakuba abasinde eArmagedoni beyobe bembalwa ngenani uma kuqhathaniswa nababhujisiwe, umhlaba ngeke ugcwaliswe ngokuyinhloko ngokuba bazale abantwana. UJehova ‘uyokhazimulisa indawo yezinyawo zakhe’ nangokubuyisela ekuphileni labo abasemathuneni okukhunjulwa futhi abangahlanganyela izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo sikaKristu. Laba, nabo, bayoba nelungelo lokuhlanganyela emsebenzini ojabulisayo wokushintsha imbulunga yethu engumhlaba ibe ipharadesi elihle ngokwedlulele.—IzEnzo 24:15.
7. Imaphi amazwi kaJesu abasinde eArmagedoni abayowakhumbula?
7 Abasinde eArmagedoni bayowakhumbula ngaso sonke isikhathi amazwi ashukumisa umphefumulo eNkosi uJesu Kristu ngesenzakalo lapho ashukunyiselwa ukuba athi khona: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo . . . baphume.” (Johane 5:28, 29) Yeka ukuthi kuyoba ihora elinjani lapho abantu abafile abasemathuneni okukhunjulwa beqala ukuzwa izwi leNdodana kaNkulunkulu isho amazwi afana nalawo eyawasho kuLazaru, osidumbu sakhe sasilele ethuneni eBethaniya: “Lazaru, phuma!”—Johane 11:43.
8, 9. Ngokunokwenzeka obani abayovuselwa kuqala ekuphileni okuvuselelwe emhlabeni, kulethe yiphi injabulo kwabasinde eArmagedoni?
8 Cishe obani abazovuselwa kuqala ekuphileni okuvuselelwe emhlabeni ngaphansi kokuBusa kweMinyaka Eyinkulungwane kukaJesu Kristu futhi besabela emyalweni wakhe? Ngokunengqondo kuyoba ‘ezinye izimvu’ ezife phakathi nezinsuku zokugcina ezandulela ukuphela kwalesimiso sezinto. Ziyothola ukuvuswa kuqala. (Johane 10:16) Ngokunokwenzeka ngeke zibe nobunzima obungako ekuzivumelaniseni nezwe elisha.—Qhathanisa noMathewu 25:34; Johane 6:53, 54.
9 Yeka ukuthi kuyoba okujabulisa kanjani ngabasinde eArmagedoni lapho bebabona bevusiwe ‘abangabezinye izimvu’ abafa phakathi nesizukulwane sangaphambi ‘kosizi olukhulu’! (Mathewu 24:21) Benamandla acacile okukwazi ukuphawula, abasinde eArmagedoni bayobabona, babamukele, futhi baqhubeke bevuselela inkonzo yabo ehlangene eya kuNkulunkulu oPhakeme Kakhulu!
10. Ngokusinda eArmagedoni, yini ongase uyibone?
10 Ngokuba ngomunye wabasinde eArmagedoni, ungase ubone ukuvuswa kowokuqala wezihlobo zakho siqu zasemhlabeni. Umphumela ongokomzwelo walokhu kuwe ungahluka kanjani kowabazali ababona iNkosi uJesu ibuyisela ekuphileni indodakazi yabo eneminyaka eyi-12 ubudala ezandleni zabo ezazilangazelela? “Khona bamangala ngokumangala okukhulu.” (Marku 5:42) Ah, ngempela, injabulo engenakuchazeka iyoba ngeyakho lapho kuvuswa abafileyo eHayidesi nasolwandle. (IsAmbulo 20:13) Oh, yeka ikusasa elikhazimulayo okuyoba yilo, ikusasa elizoba lapha maduze nje!
‘Izikhulu Emhlabeni Wonke’
11, 12. (a) Yini egcizelelwa iHubo 45:16? (b) INkosi, uJesu Kristu, ingabakhetha phakathi kobani eyobamisa babe ‘izikhulu emhlabeni wonke’?
11 Ngokusebenzisa amandla akhe okuvusa abantu abafileyo abeka ukuphila kwakhe okuphelele kobuntu njengomhlatshelo wesihlengo ngenxa yabo, uJesu uyokwazi ukugcwalisa iHubo 45:16. LeliHubo libhekisele kuJesu Kristu ngokwesiprofetho njengeNkosi emisiwe: ‘Esikhundleni sawoyihlo [basemhlabeni]; uyakuwabeka abe-yizikhulu emhlabeni wonke.’ Lelihubo ligcizelela ukuthi uJesu Kristu uyoba nguBaba wasezulwini ebantwaneni abalapha phansi emhlabeni futhi uyomisa amadodana phakathi kwabo ‘njengezikhulu emhlabeni wonke.’ ‘Njengendodana kaDavide’ nanjengeNdodana eyizibulo yentombi engumJuda uMariya, uJesu wayenokhokho abangabantu basemhlabeni kuze kufinyelele nakuyise wokuqala uAdamu.—Luka 3:23-38.
12 Ingabe iHubo 45:16 lisho ukuthi labo ababengokhokho abangokwemvelo bakaJesu bayoba amadodana akhe ngokubavusa kwakhe kwabafileyo? Yebo. Ingabe iHubo 45:16 futhi lisho ukuthi ngokuqaphela ukuthi uvela kubo, uJesu uyobabonisa umusa wobukhosi okhethekile futhi amise bona kuphela ‘njengezikhulu emhlabeni wonke’ esimweni sawo sePharadesi? Cha. Ukugcwaliseka kwalesiprofetho ngaleyondlela kuyovumela inani elilinganiselwe kuphela ukuba libe ‘izikhulu’ emhlabeni wonke. Ngaphandle kwalelophuzu, akubona bonke labokhokho bakhe ababevelele kangangokuthi bafanelekele ukuqhama okukhethekile emhlabeni phakathi nokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane. INkosi, uJesu Kristu, iyoba nabangenakubalwa ngaphezu kokhokho bayo basemhlabeni eyobamisa ‘njengezikhulu’—abafanelekile abasinde eArmagedoni, ‘abezinye izimvu’ abavusiwe, kuhlanganise namadoda okholo ezikhathi zangaphambi kobuKristu. Phakathi kwabo bonke laba, angamisa abafanelekile ukuba baphathe isikhundla sokubusa njengabameleli bakhe basemhlabeni.
13, 14. Yibaphi abavusiwe labo abasinde eArmagedoni abayoba nelungelo lokubabona ngamehlo?
13 Cabanga nje ngabanjalo abasohlwini lwabazovuswa ngaphansi koMbuso wobuMesiya. Bheka! Ingabe singawakholelwa amehlo ethu? Nampo oAbela, umfel’ ukholo wokuqala, noEnoke, owaqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso. Nango noNowa, umakhi womkhumbi. Nampo oAbrahama, oIsaka, noJakobe, okhokho besizwe sakwaIsrayeli. Nampo oMose (besizwe sabapristi samaLevi) noDavide okwenziwa naye isivumelwano saphakade soMbuso. Nampo noIsaya, oJeremiya, oHezekeli, oDaniyeli, nabo bonke abanye abaprofethi bamaHeberu ababhala iBhayibheli kuze kufike kowokugcina kubo, uMalaki, ngempela, noJohane uMbhapathizi kanye noJosefa, usingayise kaJesu.
14 Ngesinye isikhathi uJesu wathi kumaJuda ‘ayeyobona uAbrahama, noIsaka noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha [wona uqobo] ayeyokhishelwa ngaphandle.’ (Luka 13:28) “Isixuku esikhulu” sabasindile emhlabeni “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” siyonikwa ilungelo lokumbona ngokoqobo “uAbrahama, noIsaka, noJakobe, nabo bonke abaprofethi” abavusiwe bebuyile lapha emhlabeni oyiPharadesi nasenkonzweni yobukhosi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ‘ngoyise ongunaphakade,’ uJesu Kristu.—IsAmbulo 7:9, 14; 16:14; Isaya 9:6.
15. Iliphi ilungelo elingenakuqhathaniswa elilindele labo abasinda eArmagedoni?
15 Yeka ukuthi kuyoba okushukumisa umphefumulo kanjani ngawe osindile ekupheleni kwalesimiso esibi sezinto ukuba uqhathanise izenzakalo noNowa kanye nomkhaya wakhe, “abayisishiyagalombili,” abasinda ekupheleni kwezwe lokuqala kuZamcolo wembulunga yonke ngo-2370 B.C.E.! Akukho noyedwa kuze kube phakade oyobe ebe nokuhlangenwe nakho okunjengokwakho futhi kanjalo akwazi ukukhonza njengoFakazi KaJehova uNkulunkulu ngalendlela evelele, nengenakuphindeka.—1 Petru 3:20; Marku 13:19; 2 Petru 3:5-7.
Iselelesi Esinesihawu Siyakhunjulwa
16, 17. (a) Lapho uJesu ekhumbula iselelesi esinesihawu, iliphi ilungelo abasinde eArmagedoni kanye nabanye abayobe bephila ngalesosikhathi abayoba nalo? (b) Iliphi ithemba elijatshulelwayo ngokuqondene naleselelesi esivusiwe?
16 Ngokungangabazeki, ngalesosikhathi ukubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni kuyobe kuqhubeka. Isoni esabethelwa eGolgotha eceleni kukaJesu futhi esathi lapho siqaphela uphawu olwalungaphezu kwekhanda lakhe sathi, “Jesu, ngikhumbule, nxa usufiké embusweni wakho,” siyovuselwa ekuphileni kwasemhlabeni ePharadesi elibuyiselwe. (Luka 23:42) Kuyoba ilungelo lalabo abasinde eArmagedoni kanye nabanye abayobe bephila ngalesosikhathi ukuba basamukele sivela kwabafileyo. Bayosifundisa ngokugcwele ngeNkosi ebusayo, uJesu Kristu, esabonisa kuyo isihawu esijulile ngoNisan 14 wonyaka ka-33 C.E.
17 INkosi uJesu Kristu ngeke ihluleke ukusikhumbula esikhathini esithile phakathi nokubusa kwaYo kweMinyaka Eyinkulungwane. Ngokungangabazeki lesoselelesi esinesihawu, esivusiwe siyobonisa ukwazisa kwaso ngokubusa kweNkosi, uJesu Kristu, lowo esimkweleta ukuvuka kwaso, ngokubonakalisa ukuthembeka kwaso kuMbusi weNdawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Khona siyobalwa njengesikufanelekele ukuphila ePharadesi ezweni elisha kuze kube phakade kanye naso sonke isintu esibuyiselwe, esilalelayo.
Ukuphila Ensimini Yase-Edene Yembulunga Yonke, Ebuyiselwe
18. Ukuphila kuyoba njani ePharadesi elibuyiselwe?
18 EPharadesi elibuyiselwe, wonke umuntu ungumngane womunye. Izibopho zobuhlobo bomkhaya womhlaba wonke zizwiwa ekujuleni komphefumulo womuntu ngamunye. Bonke bayazwana. Bakhuluma ulimi oluvamile emhlabeni. Ngokunokwenzeka ulimi lokuqala lwesintu, wonke umuntu ayelukhuluma eminyakeni yokuqala eyizi-1 800 yokuba khona komuntu—kusukela ekudalweni kuka-Adamu ngo-4026 B.C.E. kuze kube usuku lukaPhelege (2269 kuya ku-2030 B.C.E.), ngoba “emihleni yakhe izwe [okungukuthi, abantu abasemhlabeni] ladutshulwa.” (Genesise 10:25; 11:1) Wonke umuntu ujabulela ilungelo lokuphila, futhi usuku ngalunye olusha lubingelelwa ngokubonga ngenxa yosuku olwenezelwe lokuphila. Ukuwohloka komzimba akusandi njengoba isikhathi siqhubeka. Amandla angokomzimba ayakheka, futhi imizimba ayisawohloki.—Qhathanisa noJobe 33:25.
19. Yini eyophawuleka ngalabo ababekhubazekile ngaphambili?
19 Futhi bheka! Abake baba izinyonga bayahamba, yebo, bayagxumagxuma ngenxa yenjabulo. Izingalo nemilenze okwakulahlekile kubuyiselwe ngokuyisimangaliso. Abebeyizimpumputhe bayabona, izithulu ziyezwa, izimungulu ziyakhuluma futhi ziyahuba ngenxa yenjabulo. (Qhathanisa noIsaya 35:5, 6.) Izinto ezibukeka kabi ngokwakheka komuntu ziyanyamalala. Abantu besilisa balinganiselwa kahle abantu besifazane. (Genesise 2:18) Ukuphelela komuntu kukhazimulisa uJehova uNkulunkulu, uMdali womzimba womuntu ophelele.
20. Yini eyophawuleka ngamandla emvelo, ngemikhiqizo yokudla, ngendalo eyizilwane, nangendlela umhlaba oyosetshenziswa ngayo?
20 Umhlaba wonke uba indawo eyodwa enhle yembulunga yonke. Akukho ngxenye yomhlaba lapho kuvela khona umbiko wesomiso noma ukuna kwemvula ewumvimbi ecekela phansi noma izishingishane, isivunguvungu sasolwandle, nesivunguvungu sasezweni. (Qhathanisa noMarku 4:37-41.) Wonke amandla emvelo alethwa ekulinganiselweni okuphelele ukuze kwenziwe umhlaba wonke ube indawo enhle ukuhlala kuyo. Noma kuphi akukho ukuntuleka kokudla, ngoba umhlaba uthela umkhiqizo wawo ngokugcwele. (IHubo 72:16) Ukuthula nokulondeka kugcwele emhlabeni wonke kokubili kumuntu nasesilwaneni, njengoba nje uJehova esho: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele.” (Isaya 11:9; bheka futhi namavesi 6-8.) Ngalendlela umhlaba uyokwenziwa indawo ejabulisayo yokuphila kuyo futhi ukwazi nokuqhuba ukukhulekela nokukhonzwa kukaJehova uNkulunkulu, uMdali noMnini womhlaba. Njengoba uyinto yakhe ngegunya lokudala, kufanele kusetshenziswe ngendlela emjabulisayo nemkhazimulisayo.—Qhathanisa noIsaya 35:1, 2, 6, 7.
21. Isintu esihlengiwe siyoyibheka kanjani yonke into esemhlabeni, futhi imuphi umculo oyozwiwa?
21 Kusha ngokuqabulayo—injalo yonke into emhlabeni eyenzelwe isintu esihlengiwe esingakaze sibe sensimini yase-Edene eyiPharadesi lapho ukuphila komuntu kwaqala khona ngokuphelela okuhle! (IsAmbulo 21:5) Yeka umculo omnandi, wezinsimbi nowamazwi, oyozwiwa lapho—wonke oyobe udumisa uJehova!—1 IziKronike 23:4, 5; IHubo 150:3-6.
22. Kuyoba njani ukuphila ezweni elisha eliyiPharadesi?
22 Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuphila emhlabeni lapho ukuphila komuntu kuchichima khona nalapho zonke izigaba zenqubo yokufa ngenxa yesono sokuqala sika-Adamu ziyobe seziqedwe khona! (Qhathanisa noJohane 10:10.) Yebo, kuyoba umhlaba lapho zonke izidalwa ezingabantu ziyobonakalisa umfanekiso nobunjalo bukaJehova umuntu wokuqala uAdamu adalwa ngawo! (Genesise 1:26, 27) Khona-ke umhlaba awusayikuba indawo engabukeki kumasefari, amakherubi, nasezingelosini zezulu ezikhazimulayo. Lapho zibhekisa ubuso bazo obuthandekayo emhlabeni, zibuka umhlaba ohlotshiswe ngobuhle bepharadesi, ziyoba nendumiso nokubonga kuphela ezingakusho kuLowo ezinelungelo lokubona ubuso bakhe ngokuqondile—uJehova, uMbusi weNdawo yonke.—Mathewu 18:10.
Ikusasa Elijabulisayo Nelingenakuphela
23. Yini engenzeka ngokuphathelene namaKristu agcotshiwe, futhi kube namuphi umphumela kubo bonke abakhe ePharadesi lasemhlabeni?
23 Kungenzeka ukuthi, ngolunye usuku esikhathini esizayo, amagama awo wonke lawomaKristu agcotshiwe aye enza ‘ukubizwa nokukhethelwa’ kwawo eMbusweni wasezulwini kwaba ngokuqinisekile futhi aye abusiswa ngalokhu kuvukela ezulwini ayokhishwa ngokugcwele ukuze kwaziswe umkhaya wabantu emhlabeni wabo oyiPharadesi. (2 Petru 1:10; IHubo 87:5, 6) Kanjalo, ukungabibikho kwabalandeli bakaJesu Kristu abagcotshiwe abazelwe ngomoya abayizi-144 000 ePharadesi lasemhlabeni kuyoqondwa ngokugcwele ngendlela enelisa wonke umuntu nangokujabula kwenhliziyo yonke ngenxa yabo futhi kanye nabo.
24. (a) Yini uJehova ayobe eyifezile ngokuphathelene ‘nesenabelo sezinyawo zakhe’? (b) Sazi kanjani ukuthi izwe elisha alisoze liphele, futhi iyiphi ingoma engokwesiprofetho eyogcwaliseka?
24 Ikusasa elingapheli liyoba elijabulisayo kulabo abahlala bezinikele ngokunganqamuki kuJehova, uMbusi ophelele wendawo yonke. Umhlaba oyiPharadesi ogcwele ngokunethezeka uyoba indawo efanelekile, indawo ehloniphekayo, ‘njengesenabelo sezinyawo’ izinyawo zikaJehova ezingaphumula kuso ngokomfanekiso. Yebo, uJehova uyobe eyikhazimulisile “indawo yezinyawo zakhe” kuze kube-phakade, futhi sonke isintu siyozithoba ngaphansi kwakhe ngokungaguquki! (Mathewu 5:34, 35; IzEnzo 7:49) Izwe elisha liyoba izwe elingenakuphela ngoba “umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.” (Isaya 9:7) Khona-ke, ingoma engokwesiprofetho yezingelosi zasezulwini ngenkathi kuzalwa uJesu eBetlehema laseJudiya ngo-2 B.C.E. iyogcwaliseka: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”—Luka 2:13, 14.
25. (a) Yini labo ‘besixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ abayazisayo manje? (b) Kufanele sibe yini isifiso sethu esisuka enhliziyweni?
25 Labo ‘abangabesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaMalusi Omuhle bayawazisa amazwi ashukumisa umphefumulo esithembiso sePharadesi elibuyiselwe. Kuyilungelo labo ukuhlangana nenhlangano kaNkulunkulu manje nokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini owabikezelwa iNkosi uJesu Kristu, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi bokugcina. (Mathewu 24:14; Marku 13:10) Isifiso sethu esiqotho, esisuka enhliziyweni njengoFakazi BakaJehova siwukugcina ubuqotho bethu bungangcolisiwe kuze kube-phakade, kuze kube senkazimulweni yaphakade njalo nasekulwelweni koMbusi weNdawo Yonke, uJehova uNkulunkulu, ngaphansi kokubusa kobukhosi kweNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. “Haleluya!”—IsAmbulo 19:1, 3, 4, 6, RSV, New International Version; IzAga 10:9.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Isiphi isithembiso uJehova asenzile ngokuqondene nesenabelo sezinyawo zakhe esingokomfanekiso, umhlaba?
◻ Obani abayosiza ekubuyiseleni iPharadesi?
◻ INkosi, uJesu Kristu, iyobakhetha phakathi kobani eyobamisa babe ‘yizikhulu kuwo wonke umhlaba’?
◻ Ikuphi okuhlangenwe nakho okushukumisa umphefumulo okuyoba ngokwakho ngenkathi uvuko lwenzeka?
◻ Iliphi ikusasa elilindele labo abahlala bezinikele kuJehova ngokunganqamuki?