‘Izibusiso Zitholwa Olungileyo’
UMHUBI uDavide owayesegugile wathi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) UJehova uNkulunkulu uyabathanda abalungileyo futhi ubanakekela ngothando. EZwini lakhe, iBhayibheli, unxusa abakhulekeli beqiniso ukuba bafune ukulunga.—Zefaniya 2:3.
Ukulunga kuyisimo sokuvumelana noNkulunkulu ngokunamathela ezindinganisweni zakhe zokuhle nokubi. Njengoba sisikhuthaza ukuba sivumelane nentando kaNkulunkulu, isahluko seshumi sencwadi yeBhayibheli yezAga siphawula izibusiso ezingokomoya ezijatshulelwa yilabo abakwenzayo lokho. Phakathi kwazo kunenala yokudla okungokomoya okunomsoco, umsebenzi ovuzayo nowanelisayo kanye nobuhlobo obuhle noNkulunkulu nabantu. Ngakho-ke, ake sihlole izAga 10:1-14.
Isisusa Esihle
Amazwi okuvula alesi sahluko akwenza kucace ukuthi ngubani umlobi wale ngxenye elandelayo yencwadi yezAga. Athi: “Nazi izaga zikaSolomoni.” Lapho inikeza isisusa esihle sokulandela inkambo yokulunga, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni ithi: “Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.”—IzAga 10:1.
Yeka usizi abazali abaluzwayo lapho enye yezingane zabo iyeka ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso ophilayo! Le nkosi ehlakaniphile ibalula usizi lukamama, mhlawumbe ukuze isikisele ukuthi yena uzwela kakhulu. Kwaba njalo ngempela kuDoris.a Uyalandisa: “Lapho indodana yethu eneminyaka engu-21 ubudala ilishiya iqiniso, mina nomyeni wami uFrank saba lusizi. Ubuhlungu benhliziyo buye baba bukhulu kimi kunakuFrank. Yize sekudlule iminyaka engu-12, leli nxeba alikapholi.”
Izingane zingathinta injabulo kayise futhi zingabangela ubuhlungu benhliziyo kunina. Kwangathi singabonisa ukuhlakanipha, senze abazali bethu bajabule. Futhi okubaluleke nakakhulu, masithokozise inhliziyo kaBaba wethu osezulwini, uJehova.
‘Umphefumulo Wolungileyo Uyasutha’
Inkosi ithi: “Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni.” (IzAga 10:2) KumaKristu eqiniso asengene shí esikhathini sokuphela, la mazwi ayigugu ngempela. (Daniyeli 12:4) Ukubhujiswa kwezwe elingamhloniphi uNkulunkulu sekuseduze. Akukho thuluzi lokulondeka elenziwe ngumuntu—kungaba eliyizinto ezibonakalayo, eliyimali, noma elezempi—eliyonikeza isivikelo “osizini olukhulu” olusondelayo. (IsAmbulo 7:9, 10, 13, 14) “Ngabaqotho” kuphela “abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo.” (IzAga 2:21, NW) Ngakho, kwangathi ‘singaqhubeka sifuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’—Mathewu 6:33.
Izinceku zikaJehova akudingeki zilinde izwe elisha elithenjisiwe ngaphambi kokuba zithole izibusiso zikaNkulunkulu. “UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.” (IzAga 10:3) UJehova uye walungiselela inala yokudla okungokomoya ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Ngokuqinisekile, olungileyo unezizathu ‘zokujabula ngokwenama kwenhliziyo.’ (Isaya 65:14) Ulwazi lumnandi emphefumulweni wakhe. Uyakujabulela ukufuna ingcebo engokomoya. Omubi akabazi lobo bumnandi.
‘Ukukhuthala Kuyacebisa’
Olungileyo ubusiswa nangenye futhi indlela. “Isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa. Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.”—IzAga 10:4, 5.
Amazwi enkosi ayiqiniso nakakhulu ezisebenzini ngesikhathi sokuvuna. Inkathi yokuvuna ayisona isikhathi sokozela. Iyisikhathi sokukhuthala nokusebenza isikhathi eside. Ngempela, iyisikhathi sokuphuthuma.
Ecabanga ngokuvunwa kwabantu, hhayi kokusanhlamvu, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna [uJehova uNkulunkulu] ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:35-38) Ngonyaka ka-2000, kwaba khona abangaphezu kwezigidi ezingu-14 eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu—abangaphezu kwenani loFakazi BakaJehova liphindwe kabili. Ubani-ke ongaphika ukuthi ‘amasimu amhlophe ukuba avunwe’? (Johane 4:35) Abakhulekeli beqiniso bacela izisebenzi ezengeziwe eNkosini bebe bezikhandla emsebenzini wokwenza abafundi ngokuvumelana nemithandazo yabo. (Mathewu 28:19, 20) Futhi yeka ukuthi uJehova uye wayibusisa ngokucebe kangakanani imizamo yabo! Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2000, kwabhapathizwa abasanda kuhlanganyela abangaphezu kuka-280 000. Nalaba bazama ukuba ngabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Kwangathi singathola injabulo nokwaneliseka kule nkathi yokuvuna ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokwenza abafundi.
‘Izibusiso Zisekhanda Lakhe’
USolomoni uyaqhubeka: “Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.”—IzAga 10:6.
Umuntu oqotho nonenhliziyo elungile unikeza ubufakazi obuningi bokulunga kwakhe. Ukhuluma ngomusa nangendlela eyakhayo, enze izinto ezilungile nezibonisa ukuphana. Abanye bayakujabulela ukuba naye. Umuntu onjalo uthola inhlonipho kubo—isibusiso sabo—ngokuba bakhulume kahle ngaye.
Ngakolunye uhlangothi, umuntu omubi unenzondo noma unonya futhi ngokuyisisekelo uzimisele ukulimaza abanye. Angase alalise ulimi futhi ‘afihle ubudlwangudlwangu’ obusenhliziyweni yakhe, kodwa ekugcineni uhlasela ngokoqobo noma ngamazwi. (Mathewu 12:34, 35) Noma, “ubudlova buyomboza [noma buvale] umlomo wabantu ababi uqobo lwawo.” (IzAga 10:6, umbhalo waphansi we-NW) Lokhu kubonisa ukuthi umuntu omubi ngokuvamile uthola lokho akubonisayo kwabanye, ubutha. Lokhu kuba njengokungathi kumboza, noma kuvale, umlomo wakhe, kumenze athule. Yiziphi nje izibusiso umuntu onjalo angazilindela kwabanye?
Inkosi yakwa-Israyeli iyabhala: “Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.” (IzAga 10:7) Olungileyo bamkhumbula kahle abanye, ikakhulu uJehova uNkulunkulu. Ngokwethembeka kwakhe kuze kube sekufeni, uJesu ‘wazuza njengefa igama elihle kakhulu’ kunelezingelosi. (Heberu 1:3, 4) Namuhla, amaKristu eqiniso akhumbula amadoda nabesifazane bezikhathi zangaphambi kobuKristu njengezibonelo ezifanelwe ukulingiswa. (Heberu 12:1, 2) Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani emagameni ababi, aba yizinengiso! Yebo, “igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.” (IzAga 22:1) Kwangathi singazenzela igama elihle kuJehova nakubantu.
‘Umuntu Oqotho Uhamba Ngokulondeka’
Eveza umehluko phakathi kwabahlakaniphile nabayiziwula, uSolomoni uthi: “Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.” (IzAga 10:8) Umuntu ohlakaniphile wazi kahle ukuthi “akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Uyaqaphela ukuthi kudingeka afune isiqondiso sikaJehova futhi uyamukela ngokushesha imiyalo kaNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, isiwula esiphoshozayo asiliqondi leli qiniso eliyisisekelo. Ukuphoshoza kwaso kusifaka enhlekeleleni.
Umuntu olungileyo uthola nokulondeka ababi abangakutholi. “Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. Oqwayiza iso ubanga usizi, [“noyisiwula ngezindebe zakhe uyonyathelwa phansi,” NW].”—IzAga 10:9, 10.
Umuntu oqotho uthembekile ezenzweni zakhe. Abanye bayamhlonipha futhi bayamethemba. Umuntu othembekile uba yisisebenzi esiyigugu futhi ngokuvamile uphathiswa imithwalo eyengeziwe. Idumela lakhe lokwethembeka lingamenza angawusweli umsebenzi ngisho nalapho imisebenzi iyindlala. Ngaphezu kwalokho, ukwethembeka kwakhe kwakha isimo esihle nesinokuthula ekhaya. (IHubo 34:13, 14) Uzizwa elondekile ebuhlotsheni bakhe namalungu omkhaya wakhe. Ukulondeka kuyisithelo sokwethembeka ngempela.
Kuhlukile kumuntu owenza izinto zokungathembeki ukuze azuze ngobugovu. Umkhohlisi angase azame ukufihla ukukhohlisa kwakhe ngamanga noma ngokushukuma komzimba. (IzAga 6:12-14) Ukucifa kwakhe iso ngenhloso yokulimaza noma yokukhohlisa kungabangela ubuhlungu bengqondo obukhulu ezisulwini zakhe. Kodwa ngokushesha, ukukhohlisa komuntu onjalo kuyadaluleka. Umphostoli uPawulu wabhala: “Izono zabanye abantu zibonakala obala, ziholela ngokuqondile ekwahlulelweni, kodwa ngokuqondene nabanye abantu izono zabo nazo zibonakala kamuva. Ngendlela efanayo nemisebenzi emihle ibonakala obala naleyo engenjalo ayinakugcineka ifihlekile.” (1 Thimothewu 5:24, 25) Kungakhathaliseki ukuthi ubani ohilelekile—kungaba umzali, umngane, noma umngane womshado—ukungethembeki kugcina kudalulekile. Ubani nje ongethemba umuntu onedumela lokungethembeki?
‘Umlomo Wakhe Ungumthombo Wokuphila’
USolomoni uthi: “Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.” (IzAga 10:11) Amazwi akhulunywayo angelapha noma alimaze. Angamqabula umuntu futhi amvuselele, noma angamdangalisa.
Iveza isisusa samazwi akhulunywayo, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Inzondo iyabanga ukuxabana, kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.” (IzAga 10:12) Inzondo idala ukuxabana phakathi kwabantu, ibangele imibango. Abathanda uJehova kumelwe bayisuse inzondo ekuphileni kwabo. Kanjani? Ngokuba nothando esikhundleni sayo. “Uthando lumboza izono eziningi.” (1 Petru 4:8) Uthando “lubekezelela zonke izinto,” okungukuthi “lumboza zonke izinto.” (1 Korinte 13:7; Kingdom Interlinear) Uthando lokuhlonipha uNkulunkulu alulindeli ukuba abantu abangaphelele babe abaphelele. Kunokuba lusakaze amaphutha abanye, uthando olunjalo lusisiza ukuba siwashalazele amaphutha abo ngaphandle kwalapho kuhileleke ukona okungathi sína. Uthando lubekezelela ngisho nokuphathwa kabi enkonzweni yasensimini, emsebenzini noma esikoleni.
Inkosi ehlakaniphile iyaqhubeka: “Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.” (IzAga 10:13) Ukuhlakanipha komuntu oqondayo kuqondisa izinyathelo zakhe. Amazwi akhe akhayo asiza abanye ukuba bahambe endleleni yokulunga. Yena nalabo abamlalelayo akudingeki baholelwe ngempoqo endleleni elungile—ngoswazi lokujezisa.
‘Zibekelele Ukwazi’
Yini eyenza amazwi ethu abe ‘umfula ogobhozayo wokuhlakanipha’ kunokuba abe umhosha obhibhidla izinto eziyize? (IzAga 18:4) USolomoni uyaphendula: “Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.”—IzAga 10:14.
Imfuneko yokuqala iwukuba ingqondo yethu igcwale ulwazi olwakhayo ngoNkulunkulu. Munye kuphela umthombo walolo lwazi. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Kumelwe sizibekelele ulwazi futhi simbe eZwini likaNkulunkulu njengokungathi sifuna umcebo ofihliwe. Yeka indlela okujabulisa nokuvuza ngayo lokho kufuna!
Ukuze sikhulume ngokuhlakanipha, ulwazi lwemiBhalo kumelwe lufinyelele nezinhliziyo zethu. UJesu watshela ababemlalele: “Umuntu omuhle ukhipha okuhle emcebweni omuhle wenhliziyo yakhe, kodwa umuntu omubi ukhipha okubi emcebweni wakhe omubi; ngoba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Ngakho-ke, kumelwe sikwenze umkhuba ukuzindla ngalokho esikufundayo. Yiqiniso, ukutadisha nokuzindla kudinga ukuzikhandla, kodwa yeka ukuthi ukutadisha okunjalo kucebisa kangakanani ngokomoya! Akukho sizathu sokuba noma ubani alandele inkambo eyinhlekelele yephoshophosho elikhuluma lingacabangi.
Yebo, umuntu ohlakaniphile wenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu futhi uba nethonya elihle kwabanye. Ujabulela inala yokudla okungokomoya futhi uba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi ovuzayo. (1 Korinte 15:58) Njengoba engumuntu oqotho, uhamba ngokulondeka futhi uyamukeleka kuNkulunkulu. Ngempela, ziningi izibusiso zolungileyo. Kwangathi singafuna ukulunga ngokuvumelanisa ukuphila kwethu nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.
[Isithombe ekhasini 25]
Ukwethembeka kusisiza sibe nokuphila komkhaya okujabulisayo
[Isithombe ekhasini 26]
‘Abahlakaniphileyo bazibekelela ulwazi’