“UJehova Uyanika Ukuhlakanipha”
YIMIPHI iminako ethatha isikhathi namandla akho? Ingabe ukhathalela ukuzakhela igama elihle? Ingabe uzinikela ekubutheni ingcebo? Kuthiwani ngokuphishekela umsebenzi emkhakheni othile noma ukuchwephesha emkhakheni owodwa noma eyengeziwe yemfundo? Ingabe okubalulekile kuwe ukuhlakulela ubuhlobo obuhle nabanye? Ingabe ukhathalela kakhulu ukuhlala unempilo enhle?
Konke lokhu osekubaliwe kungase kubonakale kubalulekile ngezinga elithile. Kodwa yini ebaluleke kakhulu? IBhayibheli liyaphendula: “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko. Zuza ukuhlakanipha.” (IzAga 4:7, NW) Ngakho singakuzuza kanjani ukuhlakanipha, futhi ziyini izinzuzo zako? Isahluko sesibili sencwadi yeBhayibheli yezAga sinikeza izimpendulo.
‘Beka Indlebe Ekuhlakanipheni’
Ngamazwi othando anjengakababa, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo ehlakaniphile, uSolomoni, ithi: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 2:1-5.
Uyabona yini ukuthi ubani onomthwalo wemfanelo wokuzuza ukuhlakanipha? Kula mavesi, amazwi athi “uma u-” (noma “uma wa-”) avela kathathu. Kusobala ukuthi kuxhomeke komunye nomunye wethu ukufuna ukuhlakanipha nomngane wako—ukuqonda. Nokho, okokuqala, kudingeka ‘samukele’ futhi ‘sizibekelele’ enkumbulweni amazwi okuhlakanipha alotshwe emiBhalweni. Ukuze senze lokhu kudingeka sitadishe iBhayibheli.
Ukuhlakanipha kuyikhono lokusebenzisa kahle ulwazi olunikezwa nguNkulunkulu. Futhi yeka indlela emangalisayo iBhayibheli elenza ngayo ukuhlakanipha kutholakale! Yebo, liqukethe amazwi okuhlakanipha, njengalawo alotshwe encwadini yezAga neyomShumayeli, futhi kudingeka siwanake la mazwi. EBhayibhelini futhi sithola nezibonelo eziningi ezibonisa izinzuzo zokusebenzisa izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu nezingozi zokuzishaya indiva. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:11) Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaGehazi owayehaha, umlindi womprofethi u-Elisha. (2 AmaKhosi 5:20-27) Ayisifundisi yini ukuhlakanipha kokugwema ukuhaha? Kuthiwani ngomphumela odabukisayo wokuvakasha okwakubonakala kungenangozi kwendodakazi kaJakobe uDina iya ‘emadodakazini ezwe’ laseKhanani? (Genesise 34:1-31) Asibuboni yini ngokushesha ubuwula bokuzihlanganisa nababi?—IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.
Ukunaka ukuhlakanipha kuhilela ukuzuza ukuqonda (discernment). Ngokwe-Webster’s Revised Unabridged Dictionary, ukuqonda ‘kungamandla noma ikhono lengqondo lokuhlukanisa into kwenye.’ Ukuqonda kokuhlonipha uNkulunkulu kuyikhono lokuhlukanisa okulungile nokungalungile bese ukhetha inkambo elungile. Singahlala kanjani ‘emgwaqweni oholela ekuphileni’ ngaphandle kokuba ‘sithobisele inhliziyo yethu’ ekuqondeni noma sibe magange ukukuzuza? (Mathewu 7:14; qhathanisa noDuteronomi 30:19, 20.) Ukutadisha nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kunikeza ukuqonda.
‘Singakhala kanjani ngengqondo’ sifuna ukuqonda—okuyikhono lokubona indlela izici zendaba ezihlobene ngayo zizodwa kanye nanendaba iyonke? Yiqiniso, ubudala nokuhlangenwe nakho kuyizici ezingasisiza sibe nokuqonda okwengeziwe—kodwa hhayi njalo. (Jobe 12:12; 32:6-12) Umhubi wathi: “Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho [Jehova].” Wahlabelela wathi futhi: “Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.” (IHubo 119:100, 130) UJehova ‘ungomdala wezinsuku,’ futhi unokuqonda okuphakeme ngokungenamkhawulo kunokwesintu sonke. (Daniyeli 7:13) UNkulunkulu anganikeza ukuqonda kumuntu ongenakho okuhlangenwe nakho kule mfanelo, amenze adlule ngisho nabantu abadala kunaye ngeminyaka. Ngakho-ke, kufanele sikhuthale ekutadisheni nasekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
Amazwi aphindaphindiwe athi “uma u-” endimeni yokuqala yesahluko sesibili sezAga alandelwa amagama anjengokuthi “wamukela,” “uzibekelele,” “ukhala,” “ukufuna,” “ukuphenya.” Kungani umlobi esebenzisa la mazwi aya eshuba? Enye incwadi ithi: “Isihlakaniphi [lapha] sigcizelela isidingo senkuthalo lapho ufuna ukuhlakanipha.” Yebo, kumelwe sikufune ngenkuthalo ukuhlakanipha nemfanelo ehlobene nako—ukuqonda.
Ingabe Uyowenza Umzamo?
Isici esiyinhloko ekufuneni ukuhlakanipha yisifundo seBhayibheli esikhuthalelwe. Nokho, lesi sifundo kufanele sibe okungaphezu nje kokumane ufunde ukuze uthole ukwaziswa. Ukuzindla ngendlela enenjongo ngalokho esikufundayo kuyingxenye ebalulekile yokutadisha imiBhalo. Ukuzuza ukuhlakanipha nokuqonda kuhilela ukuzindla ngendlela esingakusebenzisa ngayo lokho esikufundayo ukuze sixazulule izinkinga futhi senze izinqumo. Ukuzuza ukuqonda kufuna ukuba sicabangisise indlela ukwaziswa okusha okuhlangana ngayo nalokho esikwaziyo kakade. Ubani ongaphika ukuthi isifundo seBhayibheli esinjalo esihambisana nokuzindla sidinga isikhathi nomzamo wenkuthalo? Isikhathi namandla okudingeka kusetshenziswe kufana nalokho okudingeka lapho ‘kufunwa isiliva futhi kuphenywa amagugu afihliweyo.’ Ingabe uyowenza umzamo odingekayo? Ingabe ‘uyosithengisisa isikhathi’ sokwenza lokho?—Efesu 5:15, 16.
Cabanga ngengcebo enkulu esiyoyithola uma simba sijula eBhayibhelini ngenhliziyo eqotho. Siyothola “ukumazi uNkulunkulu”—ulwazi oluhluzekile, olunengqondo, olunikeza ukuphila, olumayelana noMdali wethu! (Johane 17:3) “Ukumesaba uJehova” nakho kuwumcebo esingawuzuza. Yeka indlela okuyigugu ngayo lokhu kumesaba okunenhlonipho! Ukwesaba ngokunempilo ukumdumaza kumelwe kubuse zonke izici zokuphila kwethu, kunezele isici esingokomoya kukho konke esikwenzayo.—UmShumayeli 12:13.
Isifiso esibukhali sokuphenya nokumba amagugu angokomoya kufanele sivuthe kithi. Ukuze asisize ekuphenyeni kwethu, uJehova uye walungiselela amathuluzi amahle kakhulu okumba—omagazini beqiniso abafika ngesikhathi INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. (Mathewu 24:45-47) Ukuze asifundise iZwi nezindlela zakhe, uJehova uye walungiselela nemihlangano yobuKristu. Kudingeka sibe khona njalo kuyo, silalelisise okushiwoyo, senze umzamo wenkuthalo wokugxila emaphuzwini ayinhloko, siwagcine futhi sicabange ngokujulile ngobuhlobo bethu noJehova.—Heberu 10:24, 25.
Ngeke Ungaphumeleli
Kuvamile ukuba kungatholakali lutho lapho kufunwa amagugu agqibekile, igolide noma isiliva. Akudingeki kube njalo ngokufuna amagugu angokomoya. Ngani? USolomoni uyasiqinisekisa: “UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”—IzAga 2:6.
INkosi uSolomoni yayidume ngokuhlakanipha kwayo. (1 AmaKhosi 4:30-32) ImiBhalo yembula ukuthi yayinolwazi lwezinto ezihlukahlukene, kuhlanganise izitshalo, izilwane, isimo somuntu neZwi likaNkulunkulu. Ukuqonda eyakubonisa iseyinkosi encane lapho ixazulula impikiswano phakathi kwabesifazane ababili, bobabili ababethi bangonina bengane eyodwa, kwayenza yaduma umhlaba wonke. (1 AmaKhosi 3:16-28) Wawuyini umthombo wolwazi lwayo olusabalele? USolomoni wathandaza kuJehova wacela “ukuhlakanipha nokwazi” nekhono ‘lokuhlukanisa okuhle nokubi.’ UJehova wamnika khona.—2 IziKronike 1:10-12; 1 AmaKhosi 3:9.
Nathi kufanele sithandazele usizo lukaJehova njengoba sitadisha iZwi lakhe ngenkuthalo. Umhubi wathandaza: “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.” (IHubo 86:11) UJehova wawamukela lowo mthandazo, ngoba wenza ukuba ulotshwe eBhayibhelini. Singaqiniseka ukuthi imithandazo yethu eqotho futhi esiyenza njalo sicela usizo lokuthola amagugu angokomoya aseBhayibhelini ngeke ingaphendulwa.—Luka 18:1-8.
USolomoni uthi: “Uyabekela abaqotho [“ukuhlakanipha okusebenzayo,” NW], uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.” (IzAga 2:7-9) Yeka isiqinisekiso okuyiso lokhu! UJehova akagcini ngokunikeza ukuhlakanipha kweqiniso kulabo abakufuna ngobuqotho, kodwa futhi uba yisivikelo kwabaqotho ngoba babonisa ukuhlakanipha kwangempela futhi ngokwethembeka bazivumelanisa nezindinganiso zakhe ezilungile. Kwangathi singaba phakathi kwalabo uJehova abasiza baqonde ‘izindlela zonke ezinhle.’
Lapho ‘Ukwazi Kuba Mnandi’
Isifundo somuntu siqu seBhayibheli—imfuneko ebalulekile yokufuna ukuhlakanipha—asiyona into emnandi kubantu abaningi. Ngokwesibonelo, uLawrence oneminyaka engu-58 ubudala uthi: “Selokhu kwathi nhló ngisebenza ngezandla. Kunzima ngami ukutadisha.” Futhi uMichael oneminyaka engu-24 ubudala, owayengakujabuleli ukutadisha esikoleni, uthi: “Kwakudingeka ngiziphoqe ukuba ngihlale phansi ngitadishe.” Nokho, isifiso sokutadisha singahlakulelwa.
Cabanga ngalokho uMichael akwenza. Uyalandisa: “Ngazifundisa ukutadisha isigamu sehora nsuku zonke. Ngokushesha ngawubona umahluko esimweni sami sengqondo, ezimpendulweni zami emihlanganweni yobuKristu nasezingxoxweni zami nabanye. Manje ngiyakulangazelela ukufika kwezikhathi zami zokutadisha, futhi angifuni kuphazanyiswa yinoma yini kuzo.” Yebo, isifundo somuntu siqu siba yinto esiyijabulela ngokuzijwayeza lapho sizibona sithuthuka. ULawrence naye wazikhandla ekutadisheni iBhayibheli, futhi ngokuhamba kwesikhathi, waba umdala ebandleni loFakazi BakaJehova.
Ukwenza isifundo somuntu siqu sibe yinto ejabulisayo kudinga umzamo oqhubekayo. Nokho, izinzuzo zinkulu. USolomoni uthi: “Ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.”—IzAga 2:10, 11.
“Ukuze Wophulwe Endleleni Yobubi”
Kuyoba yisivikelo kanjani ukuhlakanipha, ulwazi, ikhono lokucabanga nokuqonda? USolomoni uthi: “[Kuyokophula] endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo, abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama; abathokoza ngokwenza okubi, bajabulele ukuphambana kobubi; abazindlela zabo ziyisigwegwe, nemikhondo yabo iphambene.”—IzAga 2:12-15.
Yebo, labo abakwazisayo ukuhlakanipha kweqiniso bayakugwema ukuzihlanganisa nanoma ubani ‘okhuluma okuphambeneyo,’ okungukuthi, izinto eziphambene nokuyiqiniso nokulungile. Ikhono lokucabanga nokuqonda kunikeza isivikelo kulabo abenqaba iqiniso ukuze nje bahambe ezindleleni zobumnyama nakulabo abakhohlisayo nabajabulela ukwenza izenzo ezimbi.—IzAga 3:32.
Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi ukuhlakanipha kweqiniso nezimfanelo ezihlobene nakho kusivikela nasendleleni embi yabesilisa nabesifazane abaziphethe kabi! USolomoni unezela ukuthi lezi zimfanelo “[ziyokophula] kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo, oshiya umngane wobusha bakhe, akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe, ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni, nasezithunzini izindlela zakhe. Bonke abangena kuye ababuyi, bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.”—IzAga 2:16-19.
“Owesifazane ondindayo,” othengisa ngomzimba, kuthiwa ushiya “umngane wobusha bakhe”—okungenzeka umyeni wakhe wasebuntombini bakhe. (Qhathanisa noMalaki 2:14.) Uye wakhohlwa umyalo owenqabela ukuphinga owawuyingxenye yesivumelwano soMthetho. (Eksodusi 20:14) Izindlela zakhe ziholela ekufeni. Labo abazihlanganisa naye bangase bangaphinde ‘bafinyelele ezindleleni zokuphila,’ ngoba kungase kuhambe kuhambe bafinyelele ezingeni abangasenakubuya kulo, eliwukufa. Umuntu onokuqonda nekhono lokucabanga uyaziqaphela izingibe zokuziphatha okubi futhi ngokuhlakanipha agweme ukuzifaka kuzo.
“Abaqotho Bayakuhlala Ezweni”
Efingqa injongo yeseluleko sakhe esiphathelene nokuhlakanipha, uSolomoni uthi: “Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle, ugcine imikhondo yabalungileyo.” (IzAga 2:20) Yeka injongo enhle ngokumangalisayo efezwa ukuhlakanipha! Kusisiza ukuba siphile ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo okwamukelekayo kuNkulunkulu.
Cabanga nangezibusiso ezinkulu ezigcinelwe labo ‘abahamba endleleni yabahle.’ USolomoni uyaqhubeka: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo [“abangasoleki,” NW] basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:21, 22) Kwangathi ungaba phakathi kwabangenacala abayohlala phakade ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.—2 Petru 3:13.
[Isithombe ekhasini 26]
USolomoni wathandazela ukuhlakanipha. Nathi kufanele senze kanjalo