Ukuhlanzeka Kokuziphatha Kuwubuhle Bobusha
“Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, . . . uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.”—UMSHUMAYELI 11:9.
1, 2. (a) Yini uJehova ayifunayo entsheni? (b) Kungani kuwubuwula ukuphishekela noma yini ekhangayo enhliziyweni yakho nasemehlweni?
“UBUSHA, intshiseko, nobulula kunjengezinsuku zentwasahlobo. Kunokuba ukhononde . . . ngobufushane bazo, zama ukuzijabulela.” Yabhala kanjalo imbongi yekhulu leminyaka le-19 engumJalimane. Lawomazwi eseluleko kinina-basha ananela lawo abhalwa ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambili encwadini yeBhayibheli yomShumayeli: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa [noma, yobuntombi] bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho.” (UmShumayeli 11:9a) Ngakho uJehova uNkulunkulu akanawo umbono ophambene ngalokho okukhangayo ezifisweni zobusha. Ufuna ukuba uwajabulele ngokugcwele amandla nobungqabavu bobusha bakho.—IzAga 20:29.
2 Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi ungaphishekela noma yini ekhangayo enhliziyweni nasemehlweni akho? Lutho neze! (Numeri 15:39; 1 Johane 2:16) Lombhalo uyaqhubeka uthi: “Kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho [izinto ozikhethayo ukuze wanelise izifiso zakho] uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.” (UmShumayeli 11:9b) Yebo, awunakuyibalekela imiphumela yezenzo zakho; abasha, njengabantu abadala, bayokwahlulelwa uJehova.—Roma 14:12.
3, 4. (a) Kungani kumelwe ulondoloze indinganiso ephakeme yokuhlanzeka kokuziphatha? (b) Ikuphi ukucindezela obhekene nakho okungakubangela ukuba ulahlekelwe ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
3 Ukwamukela ukwahlulela okuhle kukaJehova akuholeli nje kuphela ekuphileni okuphakade kodwa nasebuhlotsheni obuseduze noNkulunkulu manje. Nokho, kumelwe ulondoloze indinganiso ephakeme yokuhlanzeka kokuziphatha. IHubo 24, amavesi 3 kuya ku-5, likubeka ngalendlela: “Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso. Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.” Yebo, umuhle emehlweni kaJehova uma ulondoloza ukuhlanzeka kokuziphatha.
4 Nokho, kunokucindezela okuphikelelayo okungabangela ukuba ulahlekelwe ukuma kwakho okuhlanzekile noNkulunkulu. Njengoba lezinsuku zokugcina ziya ekupheleni kwazo, kunomqedazwe wokuziphatha okubi nowamathonya angcolile. (2 Thimothewu 3:1-5) Akukaze nanini inselele yokulondoloza ukuhlanzeka kokuziphatha ibe nkulu kwabasha ngalendlela. Ingabe ubhekana nalenselele ngokuphumelelayo? Ingabe uyoqhubeka wenza kanjalo?
Inselele Obhekene Nayo
5. Yimaphi amathonya angcolile enza kube nzima ukulondoloza ukuma okuhle phambi kukaNkulunkulu?
5 Ezokuzijabulisa zihlasela abasha ngezinto ezikusunduzela eceleni okuhle futhi zikhazimulise lokho okuwukuziphatha okubi ngokusobala. Ngokwesibonelo, ngenkathi kukhululwa esinye ochungechungeni lwezithombe zebhayisikobho ezinobudlova obesabisayo, omunye umcusumbuli wezithombe zebhayisikobho wabhala: “Ukudedelana kwemifanekiso eminingi esabisayo ngobulili, ngokubulala nokungcola kuyinqubo yalesithombe. Uma siqopha umlando wamanani ezibukeli, besiyogubha umkhosi wokunye ukwehla okukhulu ekuwohlokeni . . . kokukhetha amabhayisikobho.” Ngaphandle kwamabhayisikobho anjalo kunezingoma ezinezisho ezikhuluma ingcaca ngobulili nezinhlelo zethelevishini ezitusa ubulili obungemthetho. Ingabe ungazichaya ‘esimweni esiphansi sokuziphatha’ esichazwe ngokucace ngaleyondlela kodwa uhlale unokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu? (1 Petru. 4:4, NW) Njengoba isaga sisho: “Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?”—IzAga 6:27.
6. Ikuphi ukucindezela intsha ebhekene nakho okuvela kontanga yayo?
6 Ukucindezela okuphezu kwakho kokuba ulahlekelwe ukuma kwakho okuhlanzekile noNkulunkulu kuvela nakomunye umthombo—ontanga yakho. Enye intombazane yezwe eneminyaka eyi-17 ubudala yakhala: “Ngaba nobuhlobo bobulili okokuqala ngqá ngenxa yezizathu ezingalungile: Kwakungenxa yokuthi isoka lami lalingincenga nangenxa yokuthi ngangicabanga ukuthi wonke umuntu wayekwenza.” Akekho umuntu ofuna ukuhlekwa. Kungokwemvelo ukufuna ukuthandwa ngabanye. Kodwa lapho umelela ukuziphatha okuvunyelwa iBhayibheli, enye intsha ingase ikugcone. Isifiso sokuzifanelanisa, sokuzuza ukwamukelwa ontanga yakho, singase sikucindezele ukuba wenze okuthile owaziyo ukuthi akulungile.—IzAga 13:20.
7. Kungani ukulwisana namathonya angcolile kunzima ikakhulukazi ngentsha, kodwa yini izinkulungwane zentsha enhlanganweni kaJehova eziye zazibonakalisa ziyiyo?
7 Ukulwa nalamathonya kunzima ikakhulukazi phakathi ‘nokuqhuma kobusha,’ lapho izifiso zobulili zinamandla khona. (1 Korinte 7:36, NW) Akumangazi ukuthi enye inhlangano ecubungulayo yaphetha ngokuthi: “Ngumuntu osemusha ohlukile kuphela ongakaze abe nobuhlobo bobulili bangaphambi komshado aze abe neminyaka eyi-19 ubudala.” Nokho, izinkulungwane zenu nina-bantu abasha enhlanganweni kaJehova niye nazibonakalisa ningabahlukile. Nibhekene nenselele ngokuqondile futhi nilondoloza ukuhlanzeka kokuziphatha.
8. Kungani enye intsha engamaKristu iye yavumela izimo zengqondo zezwe zokuziphatha ukuba zingene kuyo, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 Nokho, kuyadabukisa ukusho ukuthi intsha eningi yamaKristu iye yavumela izimo zengqondo zokuziphatha okubi zezwe ziyingene. Nakuba ingase isho ukuthi iyakuthanda okuhle, ayikuzondi okubi; noma okungenani, ayikuzondi ngokwanele. (IHubo 97:10) Ngezinye izikhathi, ibonakala ikuthanda nokukuthanda. Njengoba iHubo 52:3 likubeka: “Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga.” Enye ifinyelela ngisho nasezingeni lokukulahla ngokuqondile ukuqondiswa okuvela enhlanganweni kaJehova ezintweni ezinjengokuphola, ukuzijabulisa, nokuziphatha. Ngenxa yalokho, ngokuvamile izihlazisa yona ngokwayo kanye nabazali bayo. Futhi ilahlekelwa nawubuhle bayo emehlweni kaNkulunkulu.—2 Petru 2:21, 22.
Usizo Ekubhekaneni Nenselele
9. Yini edingekile ukuze ubhekane nenselele yokuhlala uhlanzekile ngokokuziphatha?
9 Ungabhekana kanjani nenselele yokuhlala uhlanzekile ngokokuziphatha? Umhubi wabuza umbuzo ofanayo: “Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?” Wabe esenikeza impendulo: “Ngokuqaphela okwezwi lakho.” (IHubo 119:9) Yebo, udinga isiqondiso esivela eZwini likaNkulunkulu. Futhi uBaba wethu wasezulwini onothando uye waqikelela ukuthi inhlangano yakhe inikeza isiqondiso esinjalo ukuze ikusize ukuba umelane nokucindezela okungcolile kwalelizwe.
10, 11. (a) Yiziphi izincwadi eziye zalungiselelwa ukuba zisize abantu abasha ukuba bahlale behlanzekile ngokokuziphatha? (b) Enye intsha iye yasizwa kanjani uchungechunge lwezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .”? (c) Uye wazuza kanjani wena ngokwakho ezihlokweni ezithi “Intsha Iyabuza . . . ”?
10 Eminyakeni edlule kuye kwalungiselelwa izincwadi eziningi kucatshangwa ngokuyinhloko ngani bantu abasha, njengencwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Kusukela ngo-1982, uchungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” komagazini bePhaphama! luye lwanikeza iseluleko esiwusizo kakhulu ezindabeni ezinjengezincwadi ezingcolile, amanoveli othando, nokuziphatha okufanele phakathi nokuqomisana. Ingabe ukwaziswa okunjalo kuye kwayisiza ngempela intsha? Cabanga ngalesibonelo. Izihloko eziningi kuloluchungechunge ziye zaxoxa ngomkhuba wokushaya indlwabu, zibonisa ukuthi lomkhuba uvusa “inkanuko yobulili” futhi ungambangela kalula umuntu ukuba awele ekuziphatheni okubi kobulili.a (Kolose 3:5, NW) Kwanikezwa ukusikisela okuwusizo mayelana nendlela yokulwisana nalomkhuba neyokubhekana nokuphindela kuwo. Isabela kulezihloko, enye intsha yabhala: “Ngiye ngaba nenkinga yokushaya indlwabu kusukela ngineminyaka eyi-12 ubudala. Manje ngineminyaka eyi-18, futhi ngiyasimama kancane kancane, ngibonga izihloko zenu.” “Manje ngenxa yokuthi ngiye ngalalela iseluleko esiye sanikezwa yilezihloko, ngizithola ngisesimweni sengqondo esingcono kakhulu. Ngizizwa ngihlanzeke kakhulu kunakuqala.”
11 Kuthatha isikhathi ukufunda nokutadisha ukwaziswa okunjalo, kodwa ukwenza kanjalo kungakusiza ukuba uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha. Ingabe ukusebenzisa ngokugcwele ukwaziswa okunjalo? Lapho ikhuluma ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ubulili Ngaphambi Komshado—Kungani Bungafanele?”b enye intombazane esentsha, eyayingumfundi weBhayibheli ngalesosikhathi, yabhala: “Ngiyayazi imizwa emibi, yecala, neyomhawu ephakamayo ngemva kokuba nobulili ngaphambi komshado, futhi ngiyazisola kakhulu. Nsuku zonke ngibonga uJehova ngokungamukela kwakhe nokungithethelela kwakhe. Isihloko senu, ngiyethemba, siyosiza abanye ngaphambi kokuba benze njengoba ngenza. Kubuhlungu ngempela. Manje ngiyasiqonda isizathu sokuthi uJehova uNkulunkulu athande ukuba ‘sidede ebufebeni.’”—1 Thesalonika 4:3.
12. Yini eyosishukumisela ukuba sifune ukujabulisa uJehova?
12 Lokhu kusiletha kokunye okuyokusiza ukuba ubhekane nalenselele ngokuphumelelayo: Kumelwe uqaphele ukuthi uJehova unguMbusi Wendawo Yonke futhi kufanele alalelwe. (IsAmbulo 4:11) Nokho, ngesikhathi esifanayo, unguBaba osezulwini onothando, futhi unesithakazelo esikhulu kithi. (IzAga 2:20-22; Isaya 48:17) Imithetho yakhe ihloselwe ukuba isivikele, hhayi ukusibekela imingcele ngokungadingekile. Kanjalo ukuyilalela kuyinkambo yokuhlakanipha. (Duteronomi 4:5, 6) Ukusiqonda ngokucacile isizathu sokuba uJehova aphikelele ekufuneni ukuhlanzeka kokuziphatha kuyokusiza ukuba ubone ubuhle bangempela kukho futhi kuyokushukumisela ukuba ufune ukumjabulisa.—IHubo 112:1.
13. Ubungakuchaza kanjani ukuthi umthetho kaJehova owenqabela ubufebe ubonisa isithakazelo sakhe ngathi?
13 Cabanga ngeqiniso lokuthi uJehova uvumela ubulili emshadweni kuphela futhi ubenqabela ngokungaguquki ubufebe. (Heberu 13:4) Ingabe ukulalela lomthetho kukuncisha okuthile okuhle? Ingabe uBaba wasezulwini onothando ubengenza umthetho ukuze ukwephuce injabulo ekuphileni? Ngokuqinisekile ubengeke! Bheka okwenzekayo ekuphileni kontanga yakho abawushaya indiva umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha. Ukukhulelwa okungafunwa ngokuvamile kubaholela ekukhipheni izisu noma, mhlawumbe, ekushadeni ngaphambi kwesikhathi. Ezikhathini eziningi kusho ukukhulisa umntwana ngaphandle kwendoda. Ngokungaphezulu, intsha efebayo ‘yona eyayo imizimba’ futhi izichaya ezifweni ezithathelwana ngobulili. (1 Korinte 6:18) Futhi lapho osemusha ozinikezele kuJehova efeba, imiphumela eseceleni engokomzwelo ingaba ebhubhisayo. Ukuzama ukucindezela ukubelesela kukanembeza onecala kungabangela ukukhathala nokuqwasha. (IHubo 32:3, 4; 51:3) Khona-ke, akukhona yini okusobala ukuthi umthetho kaJehova owenqabela ubufebe uklanyelwe ukukuvikela? Kunenzuzo yangempela ekulondolozeni ukuhlanzeka kokuziphatha!
14. Ngokuqondene nokuthi umshado wabeve eshumini elinambili uyisivikelo, chaza indlela okufanele siwabheke ngayo amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 7:9, no–7:36.
14 Kuyavunywa, akulula ukubambelela emithethweni kaNkulunkulu engaguquki yokuziphatha. Ngenxa yalokhu, enye intsha iye yaphetha ngokuthi isivikelo esingcono kakhulu siwukushada lapho iseneminyaka eyeve eshumini elinambili. ‘Futhi-ke,’ iyacabanga ‘Eyoku-1 Korinte 7:9 ayisho yini ukuthi: “Uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha?”’ Nokho, umbono onjalo awuwona owokuhlakanipha. Amazwi kaPawulu awabhekiseli kwabeve eshumini elinambili kodwa kulabo ‘asebedlule ekuqhumeni kobusha.’ (1 Korinte 7:36, NW) Ezikhathini eziningi labo abasesekuqhumeni kobusha abakathuthuki ngokwanele ngokomzwelo nangokomoya ukuba bamukele ukucindezela nemithwalo yemfanelo eza nomshado. IJournal of Marriage and the Family ibika ukuthi: “Abantu abasheshe bashade bathola ukwaneliseka okuncane emshadweni ngenxa yokuthi abakulungiselelanga ukugcwalisa indima yomshado. Ukungayigcwalisi komuntu indima yakhe ngokwanele kunciphisa ukwaneliseka, lokho okuphumela ekuntengantengeni komshado.” Ngakho ikhambi alikhona ukushada usemncane, kodwa liwukulondoloza ukungashadi okuhlanzekile kuze kube yilapho usuthuthukise zonke izimfanelo ezidingekile ukuze ube nomshado ophumelelayo.
Zigcine Uhlanzekile!
15. Yiziphi izinyathelo zokuzikhandla ezidingekile ukuze ulondoloze ukuhlanzeka kokuziphatha?
15 Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka.” (Kolose 3:5) Yebo, kudingeka izinyathelo eziqinile; kumelwe uzimisele ukuhlala uhlanzekile ngokokuziphatha. Ikhulumela isenzo esihunyushwe ngokuthi “bulalani,” iExpositor’s Bible Commentary ithi: “Sisikisela ukuthi akumelwe nje sicindezele noma silawule izenzo ezimbi nezimo zengqondo. Kumelwe siyisuse, siyiqothule ngokuphelele indlela endala yokuphila. ‘Ukubhubhisa’ kungase kubonise amandla akho. . . . Kokubili incazelo yesenzo kanye namandla enkathi kusikisela isenzo sokuzikhandla, esibuhlungu sokuzimisela komuntu siqu.”—Qhathanisa noMathewu 5:27-30.
16. Ukuze uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha, kungani kumelwe usebenze kanzima ukuze uzigcine uhlanzekile engqondweni, futhi ungaphumelela kanjani ekwenzeni kanjalo?
16 Nokho, ‘ungazibhubhisa’ noma ‘uzisuse’ kanjani izenzo nezimo zengqondo ezingahlanzekile ngokokuziphatha? UJesu wafinyelela emsukeni wenkinga lapho ethi: “Ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, . . . nokuphinga nokufisa.” (Marku 7:21, 22) Inhliziyo engokomfanekiso ihlanganisa amakhono okucabanga, okungakho ihlanganiswa ‘nemicabango.’ Khona-ke, ukuze uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha kumelwe ulwele ukuzigcina uhlanzekile engqondweni. Kanjani? Njengoba ingqondo yondliwa ngezinzwa, udinga ukuqaphela lokho okubukayo ngamehlo akho, ukugwema izincwadi, izinhlelo zeTV, noma amabhayisikobho abonisa noma athethelela ukuziphatha okubi kobulili. Futhi, udinga ukukuqaphela lokho okulalelayo ngezindlebe zakho, uxwaye izingoma ezinezisho ezikhuluma ngobulili. Kudinga isibindi ukuthatha ukuma okunjalo, ikakhulukazi lapho uphambi kontanga yakho, kodwa ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha futhi ulondoloze ukuzihlonipha.
17. Kungani ukungcola kokuziphatha kungafanele kuphathwe ngisho nangegama phakathi kwenu?
17 Umphostoli uPawulu futhi weluleka: “Ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.” (Efesu 5:3; bheka futhi nevesi 12.) Ngakho-ke ukuziphatha okungcolile akufanele kuphathwe ngisho nangegama, okungukuthi, kugxilwe kukho noma kusetshenziswe njengesihloko samahlaya. Ngani? Njengoba isazi seBhayibheli uWilliam Barclay sakubeka: “Ukukhuluma ngento, ukwenza ihlaya ngayo, ukuyenza isihloko sengxoxo sasikhathi sonke kuwukuyifaka engqondweni, nokukusondeza eduze ukuyenza ngokoqobo.” (Jakobe 1:14, 15) Kudinga ukuzimisela kwangempela ‘ukugcina umlomo wakho ngesifonyo,’ ikakhulukazi lapho enye intsha yenza amahlaya angcolile noma isebenzisa ulimi olungacacile ukuze ichaze izenzo zobulili. (IHubo 39:1) Kodwa ngokuhlala uqotho futhi uhlanzekile, uyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule.—IHubo 11:7; IzAga 27:11.
18. (a) Ukuze unqobe ekulweni nokungcola kokuziphatha, kungani kunganele ukumane ulahle imicabango nenkulumo engcolile? (b) Ungazuza kanjani eselulekweni sikaPawulu kweyabaseFilipi?
18 Ukuze unqobe lempi emelene nokungcola kokuziphatha, akwanele ukulahla imicabango nenkulumo engahlanzekile. Isaga sesiShayina sithi: “Ingqondo engenalutho ilungele ukwamukela konke ukusikisela.” (Qhathanisa noMathewu 12:43-45.) UPawulu wasiqaphela isidingo sokugcwalisa ingqondo ngemicabango emihle nehlanzekile. Ngakho, wanxusa abaseFilipi: “Konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho, [‘kwenzeni indaba yokucatshangelwa ngokucophelela.’]c”—Filipi 4:8.
19. Kungani kumelwe ulitadishe ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu, futhi lokhu kuyokusiza ngayiphi indlela ukuba uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha?
19 Lokhu kusho ukulitadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu. (Joshuwa 1:8; IHubo 1:2) Kuyonika ingqondo yakho nenhliziyo yakho amandla futhi kuyokusiza ukuba uthuthukise ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noJehova. Futhi kanjalo uyoba sesimweni esingcono kakhulu sokumelana nezilingo zokuhileleka ekuziphatheni okungcolile. Ngokusobala awunakuzifaka engozini yokuhlazisa igama likaJehova nokuletha isihlamba emkhayeni wakini nasebandleni. Kunalokho, uyosebenzisa amandla nobungqabavu bobusha bakho ngendlela ongeke uzisole ngayo kamuva. Yebo, uyolandela inkambo yokuhlanzeka kokuziphatha, ngempela okuwubuhle bentsha etholakala ikhonza uJehova!—IzAga 3:1-4.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka omagazini bePhaphama! bakaSeptember 8, 1987, amakhasi 14-16; December 8, 1987, amakhasi 12-14; nokaMarch 8, 1988, amakhasi 16-19.
b Phaphama! December 8, 1985, amakhasi 16-18.
c IExpositor’s Greek Testament.
Basha—Beningaphendula Kanjani?
◻ Kungani kumelwe nilondoloze indinganiso ephakeme yokuhlanzeka kokuziphatha?
◻ Ikuphi ukucindezela okwenza kube inselele ukulondoloza ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu?
◻ Yini enganisiza ukuba nibhekane nenselele yokuhlala nihlanzekile ngokokuziphatha?
◻ Yiziphi izinyathelo zokuzikhandla ezidingekile ukuze nizigcine nihlanzekile?
[Isithombe ekhasini 13]
Iningi lalabo abasesekuqhumeni kobusha bancane kakhulu ukuba banakekele imithwalo yemfanelo yobuzali