Intsha Ejabulayo Enkonzweni KaJehova
“Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe, ukuthi ukuziphatha kwakhe kumsulwa futhi kulungile yini.”—IZAGA 20:11, “New International Version.”
1. Yiziphi ezinye zezinto ezivelele iBhayibheli elizishoyo ngoSamuweli?
USAMUWELI osemncane kungenzeka wayeneminyaka emithathu kuya kwemihlanu kuphela ubudala lapho eqala ‘ukukhonza’ etabernakele likaJehova eShilo. Omunye wemisebenzi yakhe kwakuwukuvula “iminyango yendlu kaJehova.” IBhayibheli lithi “uSamuweli waqhubeka wakhula, waba-muhle kuJehova nakubantu.” Lapho esekhulile, wabuyisela uIsrayeli ekukhulekeleni kweqiniso. Wakhonza uNkulunkulu kuzo “zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.” Ngisho nalapho ‘esemdala, empunga’ wayesaqhubeka enxusa abantu ukuba ‘besabe uJehova, bamkhonze ngeqiniso.’ Bekungenakuba kuhle yini uma abantu bebengakwazi ukusho lezizinto ezinhle ngawe njengoba nje iBhayibheli lizisho ngoSamuweli?—1 Samuweli 1:24; 2:18, 26; 3:15; 7:2-4, 15; 12:2, 24.
2. Yini abancane abayifundayo emihlanganweni yabantu bakaJehova namuhla?
2 Uma ungomunye woFakazi BakaJehova noma uba khona emihlanganweni yabo yobuKristu, qalaza eHholo LoMbuso lapho lesifundo sifundwa khona. Uzobona abantu bobudala obuhlukahlukene. Ngokunokwenzeka kunabantu ‘asebebadala nabayizimpunga’ kakade. Kukhona nabazali, abantu abasha, izingane ezincane, ngisho nezinsana ezigoniwe. Ingabe nabancane kunabo bonke sebeqalile ukufunda? Yebo. Buza nje labo okwakuziwa nabo emihlanganweni enjalo lapho nabo babesebancane. Bayokutshela ngokwethembeka ukuthi kusukela ebuntwaneni, babefunda ukuhlonipha uNkulunkulu, ukuthanda abantu bakhe, nokwazisa izindawo akhulekelwa kuzo. Njengoba isikhathi sidlula, abancane bafunda amaqiniso amangalisayo. Intsha eningi, ngemva kokukhula olwazini nasekwaziseni, iba yingxenye ‘yezinsizwa nezintombi, amaxhegu nabafana’ umhubi anxusa ukuba “badumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme.”—IHubo 148:12, 13.
3. Kukanjani ukuthi intsha elaziyo iBhayibheli ibheka ukuphila ngendlela ehlukile kunaleyo engalazi?
3 Uma ungumuntu osemusha obazali bakhe beza naye njalo emihlanganweni enjalo, ubusiswe ngokukhethekile. Enye intsha eningi ikhathazwa izinkinga zezwe. Enye ingase yesabe ukuthi abantu bayobhubhisa umhlaba. Wena uyazi ukuthi uNkulunkulu ngeke akuvumele lokho kwenzeke, ukuthi ngeke avumele abantu baqhubeke bebhubhisa lonozungezilanga omuhle. Esikhundleni sokuba avumele lokho kwenzeke, ngokweBhayibheli, uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ Uyazi ukuthi iBhayibheli lithembisa ukuthi ikusasa eliqhakazile ezweni elisha lokulunga likaNkulunkulu liseduze.—IsAmbulo 11:18; IHubo 37:29; 2 Petru 3:13.
Ukholo Lwakho Siqu
4. Yimuphi umthwalo wemfanelo ukwazi izindlela zikaNkulunkulu okuwubekayo entsheni, futhi kungayiphi indlela uSamuweli osemncane ayeyisibonelo esihle salokhu?
4 Ekuqaleni, indlela yeqiniso lobuKristu kungenzeka yayiyinto ephishekelwa abazali bakho. Mhlawumbe wawuza emihlanganweni yobuKristu ngoba beza nawe, futhi kungenzeka ubuhlanganyela enkonzweni engokwaphezulu ngoba bona bekwenza. Nokho, njengoba isikhathi siqhubeka, ukukhonza nokulalela uJehova kungaba yinjabulo yakho siqu. Umama kaSamuweli osemncane wamqalisa endleleni elungile, kodwa kwakumelwe ayilandele yena ngokwakhe. Siyafunda: “Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe, ukuthi ukuziphatha kwakhe kumsulwa futhi kulungile yini.”—IzAga 20:11, NIV.
5. (a) Libaluleke kangakanani iBhayibheli? (b) Yini uPawulu ayitshela uThimothewu ngokubaluleka kweZwi likaNkulunkulu elilotshiwe?
5 ImiBhalo iyasitshela ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo kithi. Isibonisa ngokucacile indlela yokumjabulisa, inikeze nokwaziswa okuningi okungasisiza kakhulu. Umphostoli uPawulu watshela umsizi wakhe osemusha uThimothewu: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
6. Yini eshiwo incwadi yezAga ngokubaluleka kolwazi nokuhlakanipha kwaphezulu?
6 IBhayibheli lisitshela futhi ukuba ‘sizwe ukulaya, sihlakaniphe.’ Lithi ‘wamukele’ imiyalo kaNkulunkulu, ‘umemeze ukuqonda,’ futhi ‘uqhubeke ufuna’ ukuhlakanipha njengoba ubungenza uma ufuna amagugu afihliwe. Uma ulandela leseluleko, khona-ke “uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.” Nasi esinye iseluleko esisitholayo: “Ngalokho bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi. Ubusisiwe umuntu ongizwayo . . . Ngokuba ongifumanayo ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.” Ingabe ulazisa kangako iBhayibheli futhi wenza lolohlobo lomzamo ukuze ufunde ngezinto elizishoyo?—IzAga 2:1-5, qhathanisa neNW; 8:32-35.
Zuza Ulwazi
7. Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu okufanele sizifunde?
7 Enye intsha iyazi yonke imininingwane yezemidlalo, noma ingakutshela konke ngeqembu lomculo elikhonzile. Ikuthola kulula ukufunda lezinto futhi izikhumbule ngoba inesithakazelo kuzo. Kodwa umbuzo obaluleke kakhulu uwukuthi, Yini eyaziyo ngoNkulunkulu? Cabanga nje ngalokho akwenzile. UNkulunkulu wenza indawo yonke. Wabikezela lokho abantu ababeyokwenza nokwakuyokwenzeka esikhathini eside ngaphambi kokuba lezozenzakalo zenzeke. IBhayibheli alisitsheli ngoNkulunkulu kuphela kodwa lisifundisa nangendlela esingamjabulisa ngayo. Liyasibonisa ukuthi singaba kanjani nokuphila okujabulisayo manje nokuthi singakuzuza kanjani ukuphila okuphakade ezweni lakhe elisha lokulunga. Ingabe lokho akubalulekile ngaphezu kokwazi ukuthi ubani onqobe emdlalweni webhola noma ukwazi amagama abaculi labo abantu abazobalibala ngokushesha?—Isaya 42:5, 9; 46:9, 10; Amose 3:7.
8. Yisiphi isibonelo esihle esabekwa kokubili uJosiya noJesu?
8 Lapho iNkosi esencane uJosiya ineminyaka engu-15 ubudala, ‘yaqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise.’ Lapho uJesu eneminyaka engu-12, watholakala “ehlezi phakathi kwabafundisi” ethempelini likaJehova, “ebezwa, ebabuza.”a Kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, njengoJosiya noJesu, ingabe uye waba nesithakazelo sangempela ekufundeni ngezinto uNkulunkulu azenzile nasazozenza?—2 IziKronike 34:3; Luka 2:46.
9. (a) Iyiphi inkinga intsha eningi enayo? (b) Yini engenza ukufunda nokutadisha kube lula, futhi ingabe wena ngokwakho uye wakuthola kunjalo lokhu?
9 Nokho, ungase uthi: ‘Ukutadisha kuwumsebenzi onzima.’ Abantu abaningi, abasha nabadala, abazange bafunde ngokwanele ukuze ukufunda kube lula. Lapho ufunda ngokwengeziwe, yilapho ukufunda kuyoba lula khona. Lapho utadisha ngokwengeziwe, yilapho ukuzuza ulwazi kuba lula khona. Uhlanganisa imibono emisha nezinto osuzazi kakade, ukwenze kube lula ukuziqonda nokuzikhumbula.
10. (a) Ungazuza kanjani ngokwengeziwe emihlanganweni yobuKristu? (b) Kuyini okuhlangenwe nakho kwakho siqu kulendaba?
10 Yini engakusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngoNkulunkulu? Mhlawumbe ungaba khona njalo ngokwengeziwe emihlanganweni yobuKristu. Ingabe ungalungiselela kusengaphambili futhi uhlanganyele ngempela? Ngokwesibonelo, ingabe ungathola izinga lolwazi elijule kakhudlwana kulesifundo ngokubheka imiBhalo ekhonjiwe kodwa engacashuniwe? Ingabe uye wabhala igama elilodwa noma amabili eceleni kwesigaba ukuze akukhumbuze lokho ngayinye yalezindima ekunezelayo esigabeni noma esifundweni? Ingabe ukwenza umkhuba ukuhlanganisa okungenani eyodwa yalezindima empendulweni yakho ebonisa ukwazisa kwakho ngengxoxo engokomBhalo? Umdala webandla oseneminyaka eminingi eba khona njalo emihlanganweni uthi: “Ngikuthola kunzima ukugcina ingqondo yami ikunoma yisiphi isifundo engingasilungiselelanga kahle, kodwa kujabulisa ngempela ukulandelela engisitadishisisile.”
11. Ungakuthola kanjani okwengeziwe ezinkulumweni ezisekelwe eBhayibhelini, futhi kungani lokhu kubaluleke kangaka?
11 Lapho ulalela izinkulumo zeBhayibheli, ingabe uyawabhala amaphuzu azokusiza ukuba uhlaziye indlela inkulumo ethuthukiswa ngayo futhi ugcine ingqondo yakho ikulokho okushiwoyo? Ingabe uyakuqhathanisa lokho okuzwayo nalokho osukwazi kakade, ukuze ukwazi ukukuqonda kalula ngokwengeziwe futhi ukukhumbule kangcono? UJesu wathandaza: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ingabe ulwazi oluholela ekuphileni okuphakade akulona ulwazi olungcono kakhulu ongaluthola? Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo ngalokhu: “Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.”—IzAga 2:6, 10, 11.
Khula Ekwaziseni
12. Iziphi ezinye zezinto ezivelele uNkulunkulu asenzele zona?
12 Ingabe sikwazisa ngempela lokho uNkulunkulu asenzele khona? Wadala umhlaba omuhle futhi wawulungiselela ukuba kuphilwe kuwo. Wadala abazali bethu bokuqala, kanjalo ekwenza kwenzeke ngathi ukuba sizalwe. Wasihlelela ukuba sisekelwe imikhaya nebandla elinothando. (Genesise 1:27, 28; Johane 13:35; Heberu 10:25) Wathumela iNdodana yakhe siqu eyizibulo emhlabeni ukuba isifundise okwengeziwe ngaYe futhi ilungiselele isihlengo esenza ukuba ukuphila okuphakade kube nokwenzeka. Ingabe uzazisa ngempela izipho ezinhle kangako? Ingabe zikushukumisela ukuba wamukele isimemo sakhe sokuba ufunde ngaye futhi umkhonze?—Mathewu 20:28; Johane 1:18; Roma 5:21.
13. Kungani unomuzwa wokuthi uNkulunkulu unesithakazelo kubantu?
13 UMdali wendawo yonke unesithakazelo kubantu. Wabiza uAbrahama ngokuthi “othandiweyo wami,” futhi wathi kuMose: “Ngiyakwazi ngegama.” (Isaya 41:8; Eksodusi 33:12) Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi uNkulunkulu unencwadi engokomfanekiso, noma ‘incwadi yokuphila,’ equkethe amagama ezinceku zakhe ezithembekile “selokhu kwasekelwa izwe.” Ingabe igama lakho liyofakwa lapho?—IsAmbulo 3:5; 17:8; 2 Thimothewu 2:19.
14. Ukulandela izimiso zikaNkulunkulu kungakuthuthukisa kanjani ukuphila kwakho?
14 Izimiso zikaNkulunkulu ziyasebenza. Ukwenza izinto ngendlela yakhe kuqeda izinkinga eziningi—ukuziphatha okubi, ukuba umlutha wezidakamizwa, isifo sophuzo, ukukhulelwa okungafunwa, isifo esithathelwana ngobulili, ubudlova, ukubulala, kanye nohide lwezinye izinto ezimbi. Ukulandela izindlela zakhe kuyokusiza futhi ukuba uthole abangane bangempela futhi uphile ukuphila okujabulisa ngokwengeziwe. Ingabe akukhona lokho okufanele kwenziwe? (1 Korinte 6:9-11) Ngisho nomuntu osemusha osezimisele kakade ukwenza izinto ngendlela kaNkulunkulu angawathola amandla engeziwe okwenza okulungile. IBhayibheli lithi: ‘Kothembekileyo [uJehova] uzibonakalisa ethembekile.’ Lisiqinisekisa futhi ngokuthi akasoze ‘abashiye abangcwele bakhe’ noma ‘abalahle abantu bakhe.’—IHubo 18:25; 37:28; 94:14; Isaya 40:29-31.
Qhubekela Phambili Ekukhonzeni UNkulunkulu
15. Yisiphi iseluleko esingokwaphezulu uSolomoni asinika intsha?
15 Ingabe imigomo yakho uyigxilise ezweni elidala elifayo noma kwelisha lokulunga? Ingabe ulalela uNkulunkulu, noma ulalela abantu bezwe abamphikisayo? Ingabe ukuzijabulisa, imfundo ephakeme, noma imisebenzi yezwe edla isikhathi iza ngaphambi kukaNkulunkulu nenkonzo yakhe? INkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala yonke incwadi yeBhayibheli yomShumayeli ukuze ibonise lokho okufanele kuze kuqala ekuphileni kwethu. Yaphetha: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: Angithokozi ngayo. Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:1, 13.
16. Intsha ingazikhandla kanjani ukuze ithole amalungelo engeziwe?
16 Bonke abazalwane asebekhulile abangamaKristu obaziyo—abadala, amaphayona, ababonisi besifunda nesigodi sakini—bake baba abantwana. Yini eyaholela ezibusisweni abazijabulelayo namuhla? Bamthanda uJehova futhi bafuna ukumkhonza. Abaningi babo besebasha basebenzisa ngokugcwele isikhathi ababengematasa ngaso ukuba bazuze ulwazi nokuhlangenwe nakho. Batadisha futhi bahlanganyela emihlanganweni. Bahlanganyela ekufundiseni, futhi bazikhandla ukuze bathole amalungelo engeziwe—ubuphayona, inkonzo yaseBethel, noma omunye umsebenzi onomvuzo. Babengeyona intsha ephumelela njalo; babenezithakazelo ezivamile futhi bekhathazeka ngezinto okhathazeka ngazo nawe. Nokho, bazikhandla ngokuvumelana neseluleko esithi: “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.”—Kolose 3:23; qhathanisa noLuka 10:27; 2 Thimothewu 2:15.
17. Yini engasiza intsha ukuba ithuthuke enkonzweni kaNkulunkulu?
17 Kuthiwani ngawe? Ingabe uzazisa ngempela izinto ezingokwaphezulu? Ingabe ukhetha abangane kulabo ababeka izinto ezingokomoya kuqala? Ingabe ukhuthaza abanye ukuba bahlanganyele nawe emsebenzini wobuKristu? Ingabe enkonzweni yobuKristu uphuma nabantu abadala, abanokuhlangenwe nakho ngokwengeziwe ukuze ufunde kubo, unambithe injabulo yabo, futhi ukhuthazwe imisebenzi yabo emihle? Omunye uFakazi ukhumbula usuku, cishe eminyakeni engu-20 edlule, lapho ngokokuqala ngqá umuntu omdala emmema ngemfudumalo ukuba aye naye enkonzweni yasensimini. Uthi lokhu kwakuyisikhathi soshintsho ekuphileni kwakhe: “Ngokokuqala ngqá ngangiya ngoba ngifuna, hhayi ngenxa nje yokuthi abazali bami babephuma nami.”
18. Yiziphi izinto okumelwe zicatshangelwe ngaphambi kokuba umuntu athi ufuna ukubhapathizwa?
18 Uma uthuthuka ekwenzeni izinto ngendlela kaNkulunkulu, ngokushesha ungase uqale ukucabanga ngobhapathizo. Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ubhapathizo alulona isiko lokungenisa umuntu ebudaleni. Alubonisi ukuthi uyakhula, futhi alukhona okuthile ofanele ukwenze ngoba abangane bakho beye bathatha lesinyathelo. Ngaphambi kokuba ucele ukubhapathizwa, kufanele ube nolwazi oluyisisekelo lweqiniso futhi uphile ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. Kufanele ube nokuhlangenwe nakho okwanele ekuhlanganyeleni lololwazi nabanye futhi uqaphele ukuthi lokhu kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Kufanele wazi futhi ukuthi ngemva kokuthatha lesinyathelo esibalulekile sobuKristu kuyolindeleka ukuba uphile ngokuvumelana nezimiso zokuziphatha zeBhayibheli zokulunga.b Enhliziyweni yakho, kufanele ube usunikezele ukuphila kwakho kuYihlo osezulwini onothando.—Qhathanisa neHubo 40:8, 9.
19. Umuntu kufanele abhapathizwe nini?
19 Ubhapathizo luyisinyathelo osithatha lapho usunqume ngokuqinile ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakho konke, uyomkhonza uNkulunkulu. Luyisibonakaliso sasobala sokuthi uzinikezele ngokuphelele, ngokungagodli, nangokungenamibandela kuJehova ngoJesu Kristu ukuba wenze intando kaNkulunkulu. Umdala othile ongumKristu ukhumbula usuku, eminyakeni ecishe ibe ingxenye yekhulu edlule, lapho aqaphela: “Kumelwe ngenze okuthile ngakho!” UMichelle, uFakazi osemusha owabhapathizwa eNewcastle, eNgilandi, eminyakeni embalwa edlule, uthi: “Lapho ngineminyaka engu-13 ubudala, ngaqaphela ukuthi kufanele nginikezele ukuphila kwami futhi ngibhapathizwe; akukho lutho engangingakhetha ukulwenza ngaphandle kokukhonza uNkulunkulu.”
20. (a) Yisiphi isibonelo esihle amashumi ezinkulungwane zentsha aseye asibeka kakade? (b) Lesinyathelo kufanele sibhekwe kanjani?
20 Muva nje kuye kwabhapathizwa amashumi ezinkulungwane zentsha. Aye atadisha iZwi likaNkulunkulu futhi afunda izindlela zakhe, kwase kuthi ngobhapathizo lwamanzi ajoyina ngenjabulo abantu abadala abaningi ekubonakaliseni obala ukuzinikezela kwawo kuNkulunkulu. Ayazi ukuthi ubhapathizo alusona isiphetho kodwa lumane nje luyisiqalo sendlela yokuphila yokuzinikezela ngempela azimisele ukuyilandela enkonzweni kaJehova phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Izinceku Ezisezintsha Ngezikhathi ZeBhayibheli” esisekhasini 4.
b Lokhu akusho ukuthi ukuthi ‘Angikabhapathizwa’ kuyizaba zokwenza okungalungile. Uma nje sesikwazi lokho uNkulunkulu akufunayo, ngokusobala sinomthwalo wemfanelo wokumlalela.—Jakobe 4:17.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani ulwazi lweZwi likaNkulunkulu lubaluleke kangaka?
◻ Ungakuthola kanjani okwengeziwe emihlanganweni yobuKristu?
◻ Yiziphi izibusiso ezivela kuNkulunkulu okufanele zisishukumisele ukuba simlalele?
◻ Ungathuthuka kanjani enkonzweni kaNkulunkulu?
◻ Umuntu kufanele abhapathizwe nini?