IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJeremiya
YEKA ukuthi zazesabeka kanjani izigemegeme ezamenyezelwa uJeremiya kubantu bakubo! Ithempeli elikhazimulayo elaliye laba isikhungo sokukhulekela iminyaka engaphezu kwamakhulu amathathu lalizoshiswa ngokuphelele. Umuzi waseJerusalema nezwe lakwaJuda kwakuyoba incithakalo, izakhamuzi zalo zithunjwe. Lezi zimemezelo zesahlulelo kanye nezinye zitholakala encwadini yeBhayibheli engeyesibili ngobukhulu, incwadi kaJeremiya. Ibuye ilandise ngezinto ezehlela uJeremiya njengoba ayefeza ngokwethembeka inkonzo yakhe eyathatha iminyaka engu-67. Ukwaziswa okukule ncwadi akulandelani ngokohlelo lwezikhathi, kodwa kulandelana ngezihloko.
Kungani kufanele sibe nesithakazelo encwadini yeBhayibheli kaJeremiya? Iziprofetho zayo ezigcwalisekile ziqinisa ukholo lwethu kuJehova njengoMgcwalisi wezithembiso zakhe. (Isaya 55:10, 11) Umsebenzi kaJeremiya njengomprofethi nesimo sengqondo sabantu ngesigijimi sakhe kuyefana nalokho okwenzeka osukwini lwethu. (1 Korinte 10:11) Ngaphezu kwalokho, ukulandisa okubonisa indlela uJehova asebenzelana ngayo nabantu bakhe kugcizelela izimfanelo zakhe futhi kufanele kusithinte ngokujulile.—Hebheru 4:12.
“IZINTO EZIMBILI EZIMBI ABANTU BAMI ABAZENZILE”
UJeremiya uthunywa ukuba abe umprofethi ngonyaka we-13 wokubusa kukaJosiya, inkosi yakwaJuda, kusasele iminyaka engu-40 ngaphambi kokuba iJerusalema libhujiswe ngo-607 B.C.E. (Jeremiya 1:1, 2) Izimemezelo ezenziwa kakhulu phakathi neminyaka engu-18 esele yokubusa kukaJosiya zembula ububi bukaJuda futhi zibikezela izahlulelo zikaJehova ngokuqondene naye. UJehova uyamemezela: “Ngiyokwenza iJerusalema libe yinqwaba yamatshe, . . . nemizi yakwaJuda ngiyoyenza ibe yihlane eliyincithakalo, ingahlalwa muntu.” (Jeremiya 9:11) Ngani? Uthi: “Ngoba kukhona izinto ezimbili ezimbi abantu bami abazenzile.”—Jeremiya 2:13.
Lesi sigijimi sibuye sikhulume nangokubuyiselwa kwensali ephendukayo. (Jeremiya 3:14-18; 12:14, 15; 16:14-21) Nokho, isithunywa asemukelwa kahle. “Umphathi oholayo endlini kaJehova” ushaya uJeremiya abese emvalela esitokisini ubusuku bonke.—Jeremiya 20:1-3.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:11, 12—Kungani ukuhlala kukaJehova ephapheme maqondana nezwi lakhe kuhlotshaniswa ‘nehlumela lom-alimondi’? Isihlahla som-alimondi “esinye sezihlahla zokuqala eziqhakaza entwasahlobo.” (1 Ivesi 11 umbhalo waphansi we-Reference Bible) Ngokomfanekiso uJehova wayelokhu ‘evuka ekuseni athume abaprofethi bakhe’ ukuze baxwayise abantu bakhe ngezahlulelo zakhe futhi ‘wayehlale ephapheme’ zize zigcwaliseke.—Jeremiya 7:25.
2:10, 11—Yini eyenza okwakwenziwa ama-Israyeli angathembekile kwaba okungavamile kangaka? Nakuba izizwe ezingamaqaba ezingasentshonalanga yeKitimi nezisempumalanga yeKhedari zazingase zilethe onkulunkulu bezinye izizwe zenezele konkulunkulu bazo, umqondo wokuthi lab’ onkulunkulu bathathe isikhundla sababo wawuyinto engaziwa. Nokho, ama-Israyeli ashiya uJehova, enana inkazimulo kaNkulunkulu ophilayo ngezithombe ezingaphili.
3:11-22; 11:10-12, 17—Kungani uJeremiya amemezela nangombuso wasenyakatho wezizwe eziyishumi, ngisho noma iSamariya lase libhujisiwe ngo-740 B.C.E.? Lokhu kwakungenxa yokuthi ukubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. kwakuwukubonakaliswa kokukhishwa kwesahlulelo sikaJehova kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli, hhayi isizwe sakwaJuda kuphela. (Hezekeli 9:9, 10) Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba umbuso wezizwe eziyishumi usuwile waqhubeka umelelwa iJerusalema, ngoba izigijimi zabaprofethi bakaNkulunkulu zaqhubeka zihlanganisa nama-Israyeli.
4:3, 4—Usho ukuthini lo myalo? AmaJuda angathembekile kwakudingeka alungise, avukuze futhi ahlanze inhlabathi yezinhliziyo zawo. Kwakudingeka asuse “ijwabu” lezinhliziyo zawo, okungukuthi, asuse imicabango, imizwa nezisusa ezingcolile. (Jeremiya 9:25, 26; IzEnzo 7:51) Lokhu kwakudinga ukuba ashintshe ukuphila kwawo—ayeke ukwenza okubi kodwa enze okwakuyowenza athole isibusiso sikaNkulunkulu.
4:10; 15:18—UJehova wabakhohlisa ngamuphi umqondo abantu bakhe abahlubukayo? Ngosuku lukaJeremiya, kwakunabaprofethi ‘ababeprofetha amanga.’ (Jeremiya 5:31; 20:6; 23:16, 17, 25-28, 32) UJehova akazange abavimbe ukuba bangayimemezeli imiyalezo edukisayo.
16:16—Kusho ukuthini ngoJehova ‘ukuthumela ukuba kulandwe abadobi abaningi namaphisi amaningi’? Lokhu kungase kubhekisele ekuthumeleni amabutho esitha ukuba ayofuna amaJuda angathembekile uJehova ayezowabhubhisa ngenkathi ekhipha isahlulelo sakhe. Nokho, uma sibheka lokho okushiwo uJeremiya 16:15, ivesi 16 lingabhekisela nasekufuneni ama-Israyeli aphendukayo.
20:7—Iyiphi indlela uJehova ‘asebenzisa ngayo amandla akhe’ ngokumelene noJeremiya futhi wamkhohlisa? Ngenxa yokuthi uJeremiya wabhekana nokunganakwa, ukulahlwa nokushushiswa lapho ememezela izahlulelo zikaJehova, kungenzeka ukuthi waba nomuzwa wokuthi akasenamandla okuqhubeka. Nokho, uJehova wasebenzisa amandla akhe ukuze alwe nalokho kuthambekela, enika uJeremiya amandla ukuze aqhubeke. Ngakho uJehova wakhohlisa uJeremiya ngokumsebenzisa ekufezeni lokho umprofethi ngokwakhe ayecabanga ukuthi wayengeke akwenze.
Izifundo Esizitholayo:
1:8. Ngezinye izikhathi uJehova angabakhulula abantu bakhe oshushisweni—mhlawumbe ngokuvusa abahluleli abanomqondo ovulekile, ngokufaka izikhulu ezinengqondo esikhundleni sezinenzondo, noma ngokunika abakhulekeli bakhe amandla okukhuthazela.—1 Korinte 10:13.
2:13, 18. Ama-Israyeli angathembekile enza izinto ezimbili ezimbi. Ashiya uJehova, umthombo ongashi wesibusiso, isiqondiso nesivikelo. Futhi azimbela imithombo yawo engokomfanekiso ngokufuna ukwenza imifela-ndawonye neGibhithe ne-Asiriya. Namuhla, ukushiya uNkulunkulu weqiniso sikhethe amafilosofi nemibono yabantu nezombusazwe zezwe kuwukushiya ‘umthombo wamanzi aphilayo’ sizigubhele “imithombo eqhekekile.”
6:16. UJehova unxusa abantu bakhe abahlubukayo ukuba bame kancane, bazihlole futhi babuyele ‘emendweni’ yokhokho babo ababethembekile. Akufanele yini nathi sizihlole njalo ukuze sibone ukuthi sisahamba ngempela endleleni uJehova afuna sihambe kuyo?
7:1-15. Ukuthembela kwawo ethempelini, elibheka njengento eyisivikelo sohlobo oluthile, akuzange kuwasindise amaJuda. Kufanele sihambe ngokholo, hhayi ngokubona.—2 Korinte 5:7.
15:16, 17. NjengoJeremiya, singamelana nokudumazeka. Singakwenza lokho ngokuthola injabulo esifundweni seBhayibheli somuntu siqu esenziwa ngobuqotho, ngokuphakamisa igama likaJehova enkonzweni nangokugwema abangane ababi.
17:1, 2. Izono zabantu bakwaJuda zenza ukuba imihlatshelo yabo ingamjabulisi uJehova. Ukuziphatha okungcolile kwenza ukuba ingamukeleki imihlatshelo yethu yokudumisa.
17:5-8. Singathemba abantu nezinhlangano kuphela uma zenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kanye nezimiso zakhe. Ngokuqondene nezinto ezinjengensindiso, ukuthula kwangempela nokulondeka, sihlakaniphile uma sithembela kuJehova kuphela.—IHubo 146:3.
20:8-11. Akufanele sivumele ukunganakwa, ukuphikiswa, noma ukushushiswa ukuba kunciphise intshiseko yethu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.—Jakobe 5:10, 11.
“LETHANI IZINTAMO ZENU NGAPHANSI KWEJOKA LENKOSI YASEBHABHILONI”
UJeremiya umemezela izahlulelo emakhosini amane akwaJuda okugcina nakubaprofethi bamanga, abelusi ababi nabapristi abonakele. Ebhekisela ensalini ethembekile njengamakhiwane amahle, uJehova uthi: “Ngiyobeka iso lami phezu kwabo ngendlela enhle.” (Jeremiya 24:5, 6) Iziprofetho ezintathu esahlukweni 25 zifingqa izahlulelo ezichazwa ngokuningiliziwe ezahlukweni ezilandelayo.
Abapristi nabaprofethi bakha icebo lokubulala uJeremiya. Isigijimi sakhe sithi kumelwe bakhonze inkosi yaseBhabhiloni. ENkosini uZedekiya, uJeremiya uthi: “Lethani izintamo zenu ngaphansi kwejoka lenkosi yaseBhabhiloni.” (Jeremiya 27:12) Nokho, “lowo ohlakaza u-Israyeli uyomqoqa futhi.” (Jeremiya 31:10) Ngesizathu esihle, kwenziwa isithembiso kumaRekabi. UJeremiya ‘uvalelwa eGcekeni Labaqaphi.’ (Jeremiya 37:21) IJerusalema liyabhujiswa, futhi iningi lezakhamuzi zalo liyathunjwa. UJeremiya nonobhala wakhe, uBharuki, baphakathi kwalabo abangathunjwanga. Naphezu kwesixwayiso sikaJeremiya sokungayi eGibhithe, labo bantu abanovalo bayaya. Izahluko 46 kuya ku-51 zilandisa ngesigijimi sikaJeremiya ngalezo zizwe.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
22:30—Ingabe lo myalo wawususa ilungelo likaJesu Kristu lokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide? (Mathewu 1:1, 11) Cha, wawungalisusi. Lo myalo wawuvimbela noma imuphi umuntu oyinzalo kaJehoyakini ukuba ‘ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide kwaJuda.’ UJesu wayezobusa esezulwini, hhayi esihlalweni sobukhosi esikwaJuda.
23:33—Uyini “umthwalo osindayo kaJehova”? Ngosuku lukaJeremiya, izimemezelo ezinamandla ezashiwo yilo mprofethi ngokubhujiswa kweJerusalema zaziwumthwalo kubantu bakubo. Abantu abangalaleli babewumthwalo omkhulu kuJehova kangangokuthi wayezobalahla. Ngokufanayo, isigijimi esingokomBhalo sokubhujiswa kweLobukholwa okuzayo siwumthwalo kulo, futhi abantu abangasilaleli bawumthwalo osindayo kuNkulunkulu.
31:33—Ulotshwe kanjani umthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni? Lapho umuntu ewuthanda kakhulu umthetho kaNkulunkulu kangangokuthi abe nesifiso esiqotho sokwenza intando kaJehova, kungashiwo ukuthi umthetho kaNkulunkulu ulotshwe enhliziyweni yakhe.
32:10-15—Yayiyini injongo yokwenza amatayitela amabili esivumelwano esisodwa? Itayitela elalingavaliwe kwakungelokuba kubhekiselwe kulo. Itayitela elivaliwe kwakungelokuqinisekisa ukunemba kwelivuliwe uma kudingeka. UJeremiya usibekela isibonelo ngokusebenzisa izinqubo ezingokomthetho ezinengqondo ngisho noma sisebenzelana nezihlobo kanye namanye amakholwa.
33:23, 24—Imiphi “imindeni emibili” okukhulunywa ngayo lapha? Owokuqala umndeni wasebukhosini wohlu lozalo lweNkosi uDavide, omunye umndeni wabapristi wozalo luka-Aroni. Lapho kubhujiswa iJerusalema nethempeli likaJehova, kwabonakala sengathi uJehova wayeyilahlile le mindeni emibili futhi wayengeke esaba nombuso emhlabeni noma avuselele ukukhulekelwa kwakhe.
46:22—Kungani izwi laseGibhithe lifaniswa nelenyoka? Lokhu kungase kubhekisele emsindweni wenyoka ebalekayo noma ukuthotshiswa kweGibhithe ngenxa yokubhekana nenhlekelele. Lo mfanekiso ubonisa nokuthi kwakuyize kangakanani ngoFaro baseGibhithe ukugqoka umfanekiso wenyoka engcwele ezigqokweni zabo ngoba becabanga ukuthi bavikelwa unkulunkulukazi oyinyoka u-Uatchit.
Izifundo Esizitholayo:
21:8, 9; 38:19. Ngisho nangaphambi nje kokubhujiswa kweJerusalema, uJehova wazinikeza ithuba lokukhetha izakhamuzi zaseJerusalema ezazingaphenduki, ezazifanelwe ukufa. Yebo, “sikhulu isihe sakhe.”—2 Samuweli 24:14; IHubo 119:156.
31:34. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova akazikhumbuli izono zalabo abathethelelayo abese ebajezisa ngesikhathi esizayo!
38:7-13; 39:15-18. UJehova akayikhohlwa inkonzo yethu yokwethembeka, ehlanganisa ‘ukukhonza abangcwele.’—Hebheru 6:10.
45:4, 5. Njengoba kwakunjalo phakathi nezinsuku zokugcina zikaJuda, ‘izinsuku zokugcina’ zalesi simiso sezinto azisona isikhathi sokufuna “izinto ezinkulu,” njengengcebo, ukuvelela, noma ukulondeka ngokwezinto ezibonakalayo.—2 Thimothewu 3:1; 1 Johane 2:17.
IJERUSALEMA LIYASHA
Unyaka ka-607 B.C.E., futhi sekuwunyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya. Inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari isivimbezele iJerusalema izinyanga ezingu-18. Ngonyaka we-19 wokubusa kukaNebukhadinezari, ngenyanga yesihlanu ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, uNebuzaradani, induna yemilindankosi, ‘uza,’ noma ufika eJerusalema. (2 AmaKhosi 25:8) Mhlawumbe esekamu lakhe ngaphandle kwezindonga zomuzi, uNebuzaradani uhlola isimo futhi wenza amacebo alokho azokwenza. Ngemva kwezinsuku ezintathu, ngosuku lweshumi lwenyanga, uyangena eJerusalema futhi uyawushisa lo muzi.—Jeremiya 52:12, 13.
UJeremiya unikeza imininingwane ngokuwa kweJerusalema. Ngakho incazelo yakhe inikeza isisekelo sokukhala noma sokulila. Lezi zililo zitholakala encwadini yeBhayibheli ebizwa ngokuthi IsiLilo.
[Isithombe ekhasini 8]
Izimemezelo zikaJeremiya zazihlanganisa nezahlulelo zikaJehova ngokuqondene neJerusalema
[Isithombe ekhasini 9]
UJehova ‘wawasebenzisa kanjani amandla akhe’ ngokumelene noJeremiya?
[Isithombe ekhasini 10]
“Njengala makhiwane amahle, ngiyobabheka kanjalo abadingisiwe bakwaJuda.”—Jeremiya 24:5