“Sifundise Ukukhuleka”
“Omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka.”—LUKA 11:1.
1-3. (a) Kungani abafundi bakaJesu bafuna ukufundiswa ukuthandaza? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo ngomthandazo?
ABANYE abantu banesiphiwo sezwi elihle lokucula. Abanye banethalenta elingokwemvelo njengabaculi. Kodwa ukuze basebenzise ikhono labo ngokugcwele, ngisho nalabaculi nabashayi bezimfijoli badinga ukufundiswa. Kungokufanayo nangomthandazo. Abafundi bakaJesu Kristu baqaphela ukuthi babedinga ukufundiswa ukuze uNkulunkulu ezwe imithandazo yabo.
2 Ngokuvamile uJesu wayeya kuYise ngasese ngomthandazo, njengoba enza bonke ubusuku ngaphambi kokukhetha abaphostoli abangu-12. (Luka 6:12-16) Nakuba abakhuthaza futhi abafundi bakhe ukuba bathandaze ngasese, bamuzwa esho imithandazo yasobala futhi baphawula ukuthi wayengafani nabazenzisi benkolo ababethandaza ukuba babonwe ngabantu. (Mathewu 6:5, 6) Khona-ke, ngokunengqondo abalandeli bakaJesu babekufisa ukufundisa kwakhe okuthuthukile ngomthandazo. Kanjalo, siyafunda: “Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane [uMbhapathizi] naye wabafundisa abafundi bakhe.”—Luka 11:1.
3 UJesu wasabela kanjani? Yini esingayifunda esibonelweni sakhe? Futhi singazuza kanjani ekufundiseni kwakhe ngomthandazo?
Izifundo Esingazifunda
4. Kungani kumelwe ‘sikhuleke singaphezi,’ futhi kusho ukuthini ukwenza kanjalo?
4 Kuningi esingakufunda emazwini nasesibonelweni sikaJesu njengomuntu owayethandaza. Esinye isifundo siwukuthi uma iNdodana kaNkulunkulu ephelele yayinesidingo sokuthandaza njalo, abafundi bakhe abangaphelele banesidingo esikhulu ngokwengeziwe sokubheka njalo kuNkulunkulu ukuze bathole isiqondiso, induduzo, nokondliwa ngokomoya. Ngakho-ke, kumelwe ‘sikhuleke singaphezi.’ (1 Thesalonika 5:17) Yebo, lokhu akusho ukuthi njalo kumelwe siguqe ngamadolo ngokoqobo. Kunalokho, ngaso sonke isikhathi kumelwe sibe nesimo sengqondo sokuthandaza. Kumelwe sibheke kuNkulunkulu ngesiqondiso kuzo zonke izici zokuphila ukuze senze ngokuqonda futhi sithole ukuvunyelwa nguye ngaso sonke isikhathi.—IzAga 15:24.
5. Yini engase ingenele esikhathini okumelwe sisinikele emthandazweni, futhi yini okumelwe siyenze ngalokhu?
5 ‘Kulezinsuku zokugcina,’ ziningi izinto ezingaphazamisa isikhathi okumelwe sisisebenzisele ukuthandaza. (2 Thimothewu 3:1) Kodwa uma izinkathazo zasekhaya, izindaba zamabhizinisi, nokunye kuphazamisa umthandazo wasikhathi sonke oya kuBaba wethu osezulwini, sisindwa kakhulu iminako yalokhu kuphila. Isimo esinjalo kumelwe silungiswe ngaphandle kokulibala, ngoba ukwehluleka ukuthandaza kuholela ekulahlekelweni ukholo. Kungaba ukuthi kumelwe sinciphise izibopho zethu zokuziphilisa noma silinganisele iminako yokuphila ngokuphendulela inhliziyo yethu ngobuqotho ngokwengeziwe nangokuphindaphindiwe kuNkulunkulu sicele isiqondiso. Kumelwe ‘sizithibe, ukuze sikhuleke.’—1 Petru 4:7.
6. Yimuphi umthandazo esizowuhlola manje, futhi ngayiphi injongo?
6 Kulokho okuye kwabizwa ngokuthi umthandazo oyisibonelo, uJesu wafundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza, hhayi ngempela lokho okumelwe bakusho. Ukulandisa kukaLuka kuyehluka kancane kulokho kukaMathewu ngoba kwakuhileleke izimo ezihlukene. Sizohlola lomthandazo njengesibonelo sesimo semithandazo yethu njengabalandeli bakaJesu noFakazi BakaJehova.
UBaba Wethu NeGama LaKhe
7. Obani abanelungelo lokubiza uJehova ngokuthi ‘uBaba wethu’?
7 “Baba wethu osezulwini.” (Mathewu 6:9; Luka 11:2) Njengoba uJehova enguMdali wesintu futhi ehlala endaweni yasezulwini, kufanelekile ukumbiza ngokuthi ‘uBaba wethu osezulwini.’ (1 AmaKhosi 8:49; IzEnzo 17:24, 28) Ukusetshenziswa kwegama elithi “wethu” kuveza ukuthi nabanye futhi banobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Kodwa obani abanelungelo elingenamingcele lokumbiza ngokuthi uBaba wabo? Kuphela abantu abazinikezele, babhapathizwa abasemkhayeni wakhe wabakhulekeli. Ukubiza uJehova ngokuthi ‘uBaba wethu’ kubonisa ukuthi sinokholo kuNkulunkulu futhi siyaqaphela ukuthi ukuphela kwesisekelo sokubuyisana naye siwukwamukela ngokugcwele umhlatshelo kaJesu oyisihlengo.—Heberu 4:14-16; 11:6.
8. Kungani kumelwe silangazelele ukusebenzisa isikhathi sithandaza kuJehova?
8 Yeka ukuthi kumelwe sizizwe siseduze kangakanani noBaba wethu wasezulwini! Njengabantwana abangakhathali ukuya kuyise, kumelwe silangazelele ukusebenzisa isikhathi sithandaza kuNkulunkulu. Ukwazisa okujulile ngezibusiso zakhe ezingokomoya nezingokwenyama kumelwe kusenze simbonge ngobuhle bakhe. Kumelwe sizizwe sithambekele ekuyiseni kuye imithwalo esisindayo, sinethemba lokuthi uzosisekela. (IHubo 55:22) Singaqiniseka ngokuthi uma sithembekile, ekugcineni konke kuzophumelela ngoba uyasinakekela.—1 Petru 5:6, 7.
9. Umthandazo wokucela ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu uyisicelo sani?
9 “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9; Luka 11:2) Ngezinye izikhathi elithi “igama” libhekisela kumuntu ngokwakhe, futhi “ukungcwelisa” kusho “ukwenza-ngcwele, ukwahlukanisa noma ukuphatha njengokungcwele.” (Qhathanisa nesAmbulo 3:4.) Khona-ke, ngamanye amazwi ukuthandazela ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu kuyisicelo sokuba uJehova athathe isinyathelo sokuzingcwelisa. Kanjani? Ngokususa sonke isihlamba ebesilokhu sinqwatshelwaniswa egameni lakhe. (IHubo 135:13) Ngalokho, uNkulunkulu uyosusa ububi, azikhulise, futhi enze izizwe zazi ukuthi unguJehova. (Hezekeli 36:23; 38:23) Uma silangazelela ukubona lolosuku futhi sibazisa ngempela ubukhulu bukaJehova, ngaso sonke isikhathi siyosondela kuye ngomoya wenhlonipho oboniswa ngamazwi athi “malingcweliswe igama lakho.”
UMbuso KaNkulunkulu Nentando YaKhe
10. Kusho ukuthini ukuthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike?
10 “Mawufike umbuso wakho.” (Mathewu 6:10; Luka 11:2) UMbuso oqondwe lapha uwububusi bukaJehova obuphakeme, njengoba uboniswa ngohulumeni wasezulwini wobuMesiya ezandleni zikaJesu Kristu ‘nabangcwele’ abakanye naye. (Daniyeli 7:13, 14, 18, 27; Isaya 9:6, 7; 11:1-5) Kusho ukuthini ukuwuthandazela ukuba “ufike”? Lokhu kusho ukuthi sicela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze ngokumelene nabo bonke abaphikisi basemhlabeni bobubusi baphezulu. Ngemva kokuba uMbuso ‘usuyichobozile wayiqeda yonke imibuso yasemhlabeni,’ uyoguqula umhlaba ube yipharadesi lembulunga yonke.—Daniyeli 2:44; Luka 23:43.
11. Uma silangazelela ukubona intando kaJehova yenziwa endaweni yonke, yini esiyoyenza?
11 “Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Lesi isicelo sokuba uNkulunkulu afeze injongo yakhe ngomhlaba, ehlanganisa ukususa izitha zakhe. (IHubo 83:9-18; 135:6-10) Eqinisweni, kusho ukuthi silangazelela ukubona intando yaphezulu yenziwa endaweni yonke. Uma lokho kusezinhliziyweni zethu, ngaso sonke isikhathi siyokwenza intando kaJehova ngokusemandleni ethu. Besingeke sikwenze ngobuqotho ukunxusa okunjalo uma thina ngokwethu besingazami ngobuqotho ukwenza intando kaNkulunkulu. Khona-ke, uma sithandaza ngalendlela kumelwe siqiniseke ukuthi asenzi izinto eziphambene naleyontando, njengokuqomisa ongakholwayo noma ngokusebenzisa izindlela zezwe. (1 Korinte 7:39; 1 Johane 2:15-17) Kunalokho, ngaso sonke isikhathi engqondweni kumelwe sibe nalomqondo, ‘Iyini intando kaJehova kulendaba?’ Yebo, uma sithanda uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu, siyofuna isiqondiso sakhe kuzo zonke izindaba zokuphila.—Mathewu 22:37.
Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla
12. Ukucela ‘isinkwa semihla ngemihla’ kuphela kunamuphi umphumela omuhle kithi?
12 “Usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla.” (Mathewu 6:11) Ukulandisa kukaLuka kufundeka kanje: “Usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla.” (Luka 11:3) Ukucela uNkulunkulu ukuba asilungiselele ukudla okudingekayo ‘kwanamuhla’ kukhuthaza ukholo ekhonweni lakhe lokunakekela izidingo zethu imihla ngemihla. AmaIsrayeli kwakudingeka abuthe imana “isabelo sosuku imihla ngemihla,” hhayi sesonto noma ngaphezulu. (Eksodusi 16:4) Lona akuwona umthandazo wokucela izibiliboco nensada yokudla kodwa owokucelela izidingo zethu zemihla ngemihla njengoba ziphakama. Futhi ukucela isinkwa semihla ngemihla kuphela kusisiza ukuba singabi ngabahahayo.—1 Korinte 6:9, 10.
13. (a) Ngomqondo obanzi, kusho ukuthini ukucela isinkwa semihla ngemihla? (b) Kumelwe sibe yini isimo sethu sengqondo, ngisho noma sisebenza kanzima futhi singenakho okwanele ukuba kusisekele?
13 Ngomqondo obanzi, ukucela isinkwa semihla ngemihla kubonisa ukuthi asizizwa sizimele kodwa sibheka kuNkulunkulu njalo ngokudla, okuphuzwayo, okokwembatha, nezinye izidingo. Njengamalungu azinikezele omkhaya wakhe wabakhulekeli, sithembela kuBaba wethu kodwa asihlali ngobuvila simlindele ukuba asilungiselele ngokuyisimangaliso. Siyasebenza futhi sisebenzise noma yini esingayisebenzisa ukuze sithole ukudla nezinye izidingo. Nokho, ngokufanelekile sibonga uNkulunkulu ngomthandazo ngoba lamalungiselelo siwabona eshukunyiswa uthando, ukuhlakanipha, namandla kaBaba wethu wasezulwini. (IzEnzo 14:15-17; qhathanisa noLuka 22:19.) Ukukhuthala kwethu kungase kuphumele ekuchumeni. Kodwa ngisho noma sisebenza kanzima futhi singenakho okwanele, masibe ngababongayo nabanelisekile. (Filipi 4:12; 1 Thimothewu 6:6-8) Eqinisweni, umuntu owesaba uNkulunkulu onokudla nezambatho angase ajabule ngokwengeziwe kunabanye abachumayo ngokwezinto ezibonakalayo. Ngakho ngisho noma sinokuncane ngenxa yezimo esingenakuzilawula, masingadumali. Sisengaba ngabacebile ngokomoya. Ngempela, asidingi ukuba mpofu okholweni, ethembeni, nasothandweni ngoJehova, okunyukela kuye udumo lwethu nokubonga ngomthandazo osuka enhliziyweni.
Ukuthethelelwa Amacala Ethu
14. Yimaphi amacala esicela intethelelo kuwo, futhi uNkulunkulu usebenzisani kuwo?
14 “Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi.” (Mathewu 6:12) Ukulandisa kukaLuka kubonisa ukuthi lawomacala ayizono. (Luka 11:4) Ukuba kwethu nesono esakuzuza njengefa kuyasivimbela ekwenzeni zonke izinto ngokwentando ephelele kaBaba wethu. Ngakho-ke, ngomqondo othile, lamaphutha aye aba amacala ethu, noma izibopho kuNkulunkulu, njengoba sesiqalile ‘ukuphila nokuhamba ngomoya.’ (Galathiya 5:16-25; qhathanisa nabaseRoma 7:21-25.) Sinalamacala ngoba asiphelele futhi manje asikwazi ukuzifinyelela ngokugcwele izindinganiso zikaNkulunkulu. Ilungelo esinalo lingelokuthandazela ukuthethelelwa lezizono. Ngokujabulisayo, uNkulunkulu angasebenzisa inzuzo yomhlatshelo kaJesu wesihlengo kulamacala, noma izono.—Roma 5:8; 6:23.
15. Yisiphi isimo sengqondo okumelwe sibe naso ngasesiyalweni esidingekile?
15 Uma silindela uNkulunkulu ukuba athethelele amacala ethu, noma izono, kumelwe sibe ngabaphendukayo nabazimisele ukwamukela isiyalo. (IzAga 28:13; IzEnzo 3:19) Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda, usinikeza isiyalo esisidingayo ngokomuntu siqu ukuze sikwazi ukulungisa ubuthakathaka bethu. (IzAga 6:23; Heberu 12:4-6) Yebo, singaba ngabajabulayo uma ukukhula okholweni nasolwazini kuthola izinhliziyo zethu zivumelana ngokugcwele nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu kangangokuthi asilokothi nakancane sone ngamabomu. Kodwa kuthiwani uma sithola amabomu athile esenzweni sethu sobubi? Khona-ke kumelwe sibe nobuhlungu obujulile futhi kumelwe sithandazele intethelelo ngobuqotho. (Heberu 10:26-31) Sisebenzisa iseluleko esisitholile, kumelwe silungise inkambo yethu ngokushesha.
16. Kungani kunenzuzo ukuhlala sicela uNkulunkulu ukuba asithethelele izono zethu?
16 Ukucela njalo uNkulunkulu ukuba athethelele izono zethu kunenzuzo. Ukwenza lokhu kusikhumbuza njalo ukuthi sinesono futhi kumelwe kusenze sizithobe. (IHubo 51:3, 4, 7) Sidinga ukuba uBaba wethu wasezulwini “asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.” (1 Johane 1:8, 9) Ngaphezu kwalokho, ukukhuluma ngezono zethu emthandazweni kusisiza ukuba silwe ukulwa okuhle ngokumelene nawo. Ngaleyondlela sikhunjuzwa futhi ngokuqhubekayo ngesidingo sethu sesihlengo nenzuzo yegazi likaJesu elachitheka.—1 Johane 2:1, 2; IsAmbulo 7:9, 14.
17. Ukuthandazela intethelelo kusisiza kanjani ebuhlotsheni bethu nabanye?
17 Ukuthandazela intethelelo kusisiza futhi ukuba sibe nomusa, uzwela, nokuphana kulabo okungenzeka banamacala kithi ezindabeni ezinkulu nezincane. Ukulandisa kukaLuka kuthi: “Usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi.” (Luka 11:4) Eqinisweni, singathola intethelelo kuNkulunkulu kuphela uma kakade ‘nathi sibathethelele abanecala kithi,’ abantu abasonayo. (Mathewu 6:12; Marku 11:25) UJesu wanezela: “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.” (Mathewu 6:14, 15) Ukuthandazela ukuthethelelwa izono zethu kumelwe kusishukumisele ukuba sibekezelele abanye futhi sibathethelele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Njengoba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.”—Kolose 3:13; Efesu 4:32.
Isilingo Kanye Nomubi
18. Kungani kungamelwe silokothe sisole uNkulunkulu ngezilingo zethu novivinyo?
18 “Ungasingenisi ekulingweni.” (Mathewu 6:13; Luka 11:4) Lamazwi awachazi ukuthi uJehova usilingela ukuba sone. Ngezinye izikhathi imiBhalo ikhuluma ngokwenza noma ukubangela kukaNkulunkulu izinto lezo amane azivumele. (Ruthe 1:20, 21; qhathanisa nomShumayeli 11:5.) Kodwa “uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi-muntu,” kubhala umfundi uJakobe. (Jakobe 1:13) Ngakho-ke, masingalokothi sisole uBaba wethu wasezulwini ngezilingo novivinyo ngezinto ezimbi, ngoba uSathane unguMlingi ozama ukusenza sone kuNkulunkulu.—Mathewu 4:3; 1 Thesalonika 3:5.
19. Singathandaza sithini ngokuqondene nesilingo?
19 Ngokucela, “Ungasingenisi ekulingweni,” sisuke sicela ukuba uJehova angasivumeli ukuba sihlehle lapho silingwa noma sicindezelwa ukuba singamlaleli. Singanxusa uBaba wethu ukuba aqondise izinyathelo zethu ukuze singabikho isilingo esisificayo esinzima kakhulu ukuba sisithwale. Ngalokhu, uPawulu wabhala: “Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” (1 Korinte 10:13) Singathandaza ukuba uJehova asihole ukuze singalingwa ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala nokuba asilungiselele indlela yokuphepha lapho sicindezeleke kabuhlungu. Izilingo zivela kuDeveli, enyameni yethu enesono, nasebuthakathakeni babanye, kodwa uBaba wethu onothando angasiqondisa ukuba singanqotshwa.
20. Kungani sithandazela ukukhululwa “komubi”?
20 “Kodwa usikhulule kokubi [“komubi,” NW].” (Mathewu 6:13) Ngempela uNkulunkulu angamvimbela uSathane, “omubi” ekusinqobeni. (2 Petru 2:9) Futhi asikaze sibe khona isidingo esikhulu sokuba sikhululwe kuDeveli kunamanje, ngoba ‘unolaka olukhulu, azi ukuthi isikhathi sakhe sifushane.’ (IsAmbulo 12:12) Asibona abangawazi amaqhinga kaSathane, kodwa naye akayena ongabazi ubuthakathaka bethu. Ngakho-ke, sidinga ukuthandaza ukuba uJehova asikhulule ezidladleni zeSitha esinjengebhubesi. (2 Korinte 2:11; 1 Petru 5:8, 9; qhathanisa neHubo 141:8, 9.) Ngokwesibonelo, uma sinesithakazelo sokushada, kungase kudingeke ukuba sicele uJehova asikhulule emaqhingeni kaSathane nasesilingweni sokuba sihlakulele ubuhlobo nabantu bezwe obungaholela ekuziphatheni okubi noma ekungamlalelini uNkulunkulu ngokushada nongakholwayo. (Duteronomi 7:3, 4; 1 Korinte 7:39) Ingabe sinesifiso sokuceba? Khona-ke, kungase kudingeke umthandazo wokusisiza ukuba simelane nezilingo zokugembula noma ukukhwabanisa. Njengoba eshisekela ukuqeda ubuhlobo bethu noJehova, uSathane uyosebenzisa noma yisiphi isikhali esisemgodleni wakhe wezilingo. Ngakho kwangathi singathandaza ngokungaphezi kuBaba wethu wasezulwini, ongalokothi abashiye abalungileyo besesilingweni futhi okhululayo komubi.
Umthandazo Wakha Ukholo Nethemba
21. Siye sazuza kanjani ekuthandazeleni uMbuso?
21 UBaba wethu wasezulwini, osikhululayo komubi, uyakujabulela ukusibusisa kakhulu. Nokho, kungani eye wavumela abantu bakhe abathandekayo isikhathi eside kangaka ukuba bathandaze, “Mawufike umbuso wakho”? Nokho, phakathi neminyaka, ukuthandaza ngalendlela kuye kwandisa isifiso sethu nokwazisa ngoMbuso. Umthandazo onjalo usikhumbuza ngesidingo esikhulu salohulumeni wasezulwini omuhle. Usigcina sikhumbula njalo futhi ithemba lokuphila ngaphansi kokubusa koMbuso.—IsAmbulo 21:1-5.
22. Kumelwe sibe yini isimo sethu sengqondo esiqhubekayo ngomthandazo oya kuBaba wethu wasezulwini, uJehova?
22 Ngokungangabazeki umthandazo wakha ukholo kuJehova. Isibopho sethu naye siyaqiniswa uma ephendula imithandazo yethu. Ngakho-ke, masingalokothi sikhathale ukuphendukela kuye nsuku zonke ngokudumisa, ukubonga, nokunxusa. Futhi kwangathi singabonga ngempendulo kaJesu ewusizo esicelweni sabalandeli bakhe: “Nkosi, sifundise ukukhuleka.”
Uyakhumbula?
◻ Yiziphi izifundo esingazifunda emazwini nasesibonelweni sikaJesu njengomuntu owayethandaza?
◻ Yini okumelwe siyithandazele ngokuqondene noBaba wethu wasezulwini negama lakhe?
◻ Yini esiyicelayo uma sithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike nentando yakhe yenziwe?
◻ Yini esisuke siyicela uma sithandazela isinkwa sethu semihla ngemihla?
◻ Sisuke sisho ukuthini uma sithandazela ukuthethelelwa amacala ethu?
◻ Kungani kubalulekile ukuthandaza ngokuqondene nesilingo nokukhululwa kuSathane, ongomubi?
[Isithombe ekhasini 16]
Abalandeli bakaJesu bamcela ukuba abafundise indlela yokuthandaza. Uyazi ukuthi singazuza kanjani ekufundiseni kwakhe ngomthandazo?