NgokukaMathewu
4 Umoya waholela uJesu ehlane ukuba ayolingwa + uDeveli. + 2 Ngemva kokuzila ukudla izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, walamba. 3 UMlingi + weza wathi kuye: “Uma uyindodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe yizinkwa.” 4 Kodwa wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Umuntu akumele aphile ngesinkwa sodwa kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’ ” *+
5 Ngemva kwalokho, uDeveli wamthatha waya naye edolobheni elingcwele, + wammisa phezu kombhoshongo* wethempeli, + 6 wathi kuye: “Uma uyindodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Uyoyala izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe,’ nokuthi, ‘Ziyokuthwala ngezandla zazo, ukuze unyawo lwakho lungaqhuzuki etsheni.’ ” + 7 UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe nokuthi: ‘Ungamvivinyi uJehova* uNkulunkulu wakho.’ ” +
8 UDeveli waphinde wamthatha waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo. + 9 Wathi kuye: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi ungikhonza.” 10 UJesu wathi kuye: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘NguJehova* uNkulunkulu wakho okumele umkhonze, + nguye yedwa okumele unikele kuye inkonzo engcwele.’ ” + 11 Khona-ke uDeveli wamshiya, + bheka! izingelosi zeza kuJesu zamkhonza. +
12 Lapho ezwa ukuthi uJohane uboshiwe, + wasuka waya eGalile. + 13 Ngemva kokusuka eNazaretha, wafika eKapernawume + wahlala khona eceleni kolwandle esifundeni sakwaZebhuloni nesakwaNafetali, 14 ukuze kugcwaliseke lokho okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi, owathi: 15 “O, lizwe lakwaZebhuloni nawe lizwe lakwaNafetali, ngasendleleni yasolwandle, ngaphesheya kweJordani, Galile lezizwe! 16 Abantu abahlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu, labo abahlezi endaweni yethunzi elibulalayo, ukukhanya + kwaphumela kubo.” + 17 Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uJesu waqala ukushumayela ethi: “Phendukani, ngoba uMbuso wamazulu ususondele.” +
18 Njengoba ayegudla uLwandle LwaseGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni obizwa ngokuthi uPetru + no-Andreya umfowabo, ziphonsa inethi lokudoba olwandle ngoba zazingabadobi. + 19 Wathi kuzo: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” + 20 Ngaso leso sikhathi zashiya amanethi azo zamlandela. + 21 Njengoba eqhubekela phambili, wabona abanye ababili ababeyizelamani, uJakobe indodana kaZebedewu noJohane umfowabo. + Babesesikebheni noZebedewu uyise, belungisa amanethi abo, wababiza. + 22 Bashiya isikebhe kanye noyise ngaso leso sikhathi bamlandela.
23 Walihamba lonke elaseGalile, + efundisa emasinagogeni + abo futhi eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka kubantu. + 24 Umbiko ngaye wasakazeka kulo lonke elaseSiriya futhi bamlethela bonke ababenezifo nezinhlupheko ezihlukahlukene, + ababenamademoni, + ababenesithuthwane *+ nababekhubazekile, wabelapha. 25 Ngenxa yalokho walandelwa isixuku esikhulu sivela eGalile naseDekapholi* naseJerusalema naseJudiya nangaphesheya kweJordani.