Ingabe Imithandazo Yakho ‘Ilungiswe Yaba Njengempepho’?
“Kwangathi umthandazo wami ungalungiswa ube njengempepho phambi kwakho.”—IHUBO 141:2, NW.
1, 2. Yini eyayifanekiselwa ukushiswa kwempepho?
UJEHOVA UNKULUNKULU wayala umprofethi wakhe uMose ukuba alungise impepho engcwele eyayizosetshenziswa etabernakele lakwa-Israyeli lokukhulekela. Indlela yokuyilungisa evela phezulu yayifuna ukuba kwenziwe ingxube yezithako ezine enamakha. (Eksodusi 30:34-38) Yayiba nephunga elimnandi ngempela.
2 Isivumelwano soMthetho isizwe sakwa-Israyeli esangeniswa kuso sasinelungiselelo lokuba kushiswe impepho nsuku zonke. (Eksodusi 30:7, 8) Ingabe kukhona okwakufanekiselwa ukusetshenziswa kwempepho? Yebo, ngoba umhubi wahlabelela: “Kwangathi umthandazo wami ungalungiswa ube njengempepho phambi kwakho [Jehova Nkulunkulu], ukuphakama kwezintende zezandla zami kube njengomnikelo wokusanhlamvu wakusihlwa.” (IHubo 141:2, NW) Encwadini yesAmbulo, umphostoli uJohane uthi labo abazungeze isihlalo sikaNkulunkulu esisezulwini baphethe izitsha zegolide ezigcwele impepho. Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “Futhi impepho isho imithandazo yabangcwele.” (IsAmbulo 5:8) Ngakho-ke, ukushiswa kwempepho enephunga elimnandi kwakufanekisela imithandazo eyamukelekayo eyenziwa yizinceku zikaJehova imini nobusuku.—1 Thesalonika 3:10; Heberu 5:7.
3. Yini okufanele isisize ukuba ‘silungise imithandazo yethu ibe njengempepho phambi kukaNkulunkulu’?
3 Ukuze imithandazo yethu yamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe sithandaze kuye egameni likaJesu Kristu. (Johane 16:23, 24) Kodwa singalithuthukisa kanjani izinga lemithandazo yethu? Ukucabangela ezinye zezibonelo ezingokomBhalo kufanele kusisize silungise imithandazo yethu ibe njengempepho phambi kukaJehova.—IzAga 15:8.
Thandaza Ngokholo
4. Ukholo luhlobene kanjani nomthandazo owamukelekayo?
4 Ukuze imithandazo yethu ikhuphukele kuNkulunkulu injengempepho enephunga elimnandi, kumelwe sithandaze ngokholo. (Heberu 11:6) Lapho abadala abangamaKristu bethola ukuthi umuntu ogulayo ngokomoya uyalwamukela usizo lwabo olungokomBhalo, “umthandazo [wabo] wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile.” (Jakobe 5:15) Imithandazo eyenziwa ngokholo iyamjabulisa uBaba wethu osezulwini, futhi kunjalo nangokutadisha iZwi likaNkulunkulu sinciké emthandazweni. Umhubi wabonisa isimo sengqondo esihle lapho ehlabelela: “Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.” (IHubo 119:48, 66) ‘Masineke izandla zethu’ ngokuthandaza ngokuthobeka futhi sibonise ukholo ngokuzivumelanisa nemiyalo kaNkulunkulu.
5. Yini okufanele siyenze uma sintula ukuhlakanipha?
5 Ake sithi sintula ukuhlakanipha esikudingayo ukuze sibhekane nokulingwa okuthile. Mhlawumbe asiqiniseki ngokuthi isiprofetho esithile seBhayibheli sesiyagcwaliseka manje. Kunokuba sivumele lokhu kusikhubaze ngokomoya, masithandazele ukuhlakanipha. (Galathiya 5:7, 8; Jakobe 1:5-8) Yiqiniso, asinakulindela uNkulunkulu ukuba asiphendule ngendlela eyisimangaliso. Kudingeka sibonise ubuqotho bemithandazo yethu ngokwenza lokho alindele bonke abantu bakhe ukuba bakwenze. Kudingeka sibe nesifundo esakha ukholo semiBhalo sisebenzisa izincwadi ezilungiselelwa ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45-47; Joshuwa 1:7, 8) Kudingeka futhi sithuthuke olwazini ngokuhlanganyela njalo emihlanganweni yabantu bakaNkulunkulu.—Heberu 10:24, 25.
6. (a) Yini sonke okufanele siyiqaphele ngokuphathelene nosuku lwethu nokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli? (b) Ngaphezu kokuthandazela ukungcweliswa kwegama likaJehova, yini okufanele siyenze?
6 Namuhla, amanye amaKristu aphishekela izithakazelo nemisebenzi yokuphila okusikisela ukuthi awasaqapheli ukuthi sesingene shí “esikhathini sokugcina.” (Daniyeli 12:4) Abakholwa nawo bangakuthandazela ngokufanelekile ukuba amaKristu anjalo avuselele noma aqinise ukholo lwawo ebufakazini obungokomBhalo bokuthi ukuba khona kukaKristu kwaqala ngo-1914 lapho uJehova embeka njengeNkosi yasezulwini nokuthi uyabusa phakathi kwezitha zakhe. (IHubo 110:1, 2; Mathewu 24:3) Sonke kufanele siqaphele ukuthi izenzakalo ezazibikezelwe ezinjengokubhujiswa kwenkolo yamanga—“iBabiloni Elikhulu”—ukuhlaselwa kwabantu bakaJehova nguSathane onguGogi wakwaMagogi nokuhlengwa kwabo nguNkulunkulu uMninimandla Onke empini ye-Armagedoni kungafika ngokuzuma okukhulu futhi konke kungenzeka ngesikhashana. (IsAmbulo 16:14, 16; 18:1-5; Hezekeli 38:18-23) Ngakho masithandazele usizo lukaNkulunkulu lokuba sihlale siphapheme ngokomoya. Kwangathi sonke singakuthandazela ngobuqotho ukungcweliswa kwegama likaJehova, ukufika koMbuso wakhe nokuba intando yakhe yenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini. Yebo, kwangathi singaqhubeka sibonisa ukholo futhi sinikeza ubufakazi bokuthi imithandazo yethu iqotho. (Mathewu 6:9, 10) Ngempela, kwangathi bonke abathanda uJehova bangafuna kuqala uMbuso nokulunga kwakhe futhi babe nengxenye enkulu ngangokunokwenzeka ekushumayeleni izindaba ezinhle ngaphambi kokuba ukuphela kufike.—Mathewu 6:33; 24:14.
Dumisa Futhi Ubonge UJehova
7. Yini ekuhlaba umxhwele ngomthandazo kaDavide ingxenye yawo ekweyoku-1 IziKronike 29:10-13?
7 Indlela ebalulekile ‘yokulungisa imithandazo yethu ibe njengempepho’ iwukudumisa nokubonga uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni. INkosi uDavide yenza umthandazo onjalo lapho yona nabantu bakwa-Israyeli benikelela ukwakhiwa kwethempeli likaJehova. UDavide wathandaza: “Mawubongwe wena-Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli ubaba kuze kube-phakade. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.”—1 IziKronike 29:10-13.
8. (a) Yimaphi amazwi okudumisa akumaHubo 148 kuya ku-150 akuthinta inhliziyo ngokukhethekile? (b) Yini esiyoyenza uma nathi sinemizwa evezwe kumaHubo 27:4?
8 Yeka amazwi amahle okudumisa nokubonga! Imithandazo yethu ingase ingabi nobugagu njengalona, kodwa ingaba esuka enhliziyweni njengawo. Incwadi yamaHubo igcwele imithandazo yokubonga nokudumisa. KumaHubo 148 kuya ku-150 kunamazwi ekhethelo okudumisa. Umuzwa wokubonga kuNkulunkulu uvezwe emahubweni amaningi. UDavide wahlabelela: “Kunye engikucelé kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.” (IHubo 27:4) Masenze ngokuvumelana nemithandazo enjalo ngokuhlanganyela ngentshiseko kuyo yonke imisebenzi yezihlwele zikaJehova ezibuthene. (IHubo 26:12) Ukwenza lokhu nokuzindla nsuku zonke ngeZwi likaNkulunkulu kuyosinika izizathu eziningi zokukhuluma noJehova simdumisa futhi simbonga ngokusuka enhliziyweni.
Funa Usizo LukaJehova Ngokuthobeka
9. INkosi u-Asa yathandaza kanjani, futhi kwaba namuphi umphumela?
9 Uma sikhonza uJehova ngenhliziyo yonke njengoba singoFakazi bakhe, singaqiniseka ukuthi uyayizwa imithandazo yethu yokucela usizo. (Isaya 43:10-12) Cabanga ngenkosi yakwaJuda u-Asa. Iminyaka eyishumi yokuqala yokubusa kwakhe kweminyaka engu-41 (977-937 B.C.E.) yayinokuthula. UJuda wabe esehlaselwa yimpi enamabutho ayisigidi eyayiholwa uZera umTopiya. Nakuba babembalwa kakhulu kunesitha, u-Asa namadoda ayenaye baphuma bayohlangabeza laba bahlaseli. Nokho, ngaphambi kwempi u-Asa wathandaza ngobuqotho. Wavuma ukuthi uJehova unamandla okukhulula. Inxusa usizo, le nkosi yathi: “Sencika kuwe, sifiké ngegama lakho kulesisixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa-muntu.” Umphumela waba ukunqoba okuphelele njengoba uJehova asindisa uJuda ngenxa yegama lakhe elikhulu. (2 IziKronike 14:1-15) Kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu uyasikhulula ekulingweni noma uyasiqinisa ukuze sibhekane nakho, akukho kungabaza ngokuthi uyakuzwa ukunxusa kwethu ukuba asisize.
10. Lapho singazi ukuthi kumelwe sibhekane kanjani nenkinga ethile, umthandazo weNkosi uJehoshafati ungasisiza kanjani?
10 Uma singazi ukuthi kumelwe sibhekane kanjani nenkinga ethile, singaqiniseka ukuthi uJehova uyokuzwa ukunxusela kwethu usizo. Lokhu kwabonakala ezinsukwini zenkosi yakwaJuda uJehoshafati, eyabusa iminyaka engu-25 kusukela ngo-936 B.C.E. Lapho uJuda esongelwa amabutho ahlangene akwaMowabi, akwa-Amoni nawasezintabeni zaseSeyiri, uJehoshafati wanxusa: “Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesisixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze-njani, kodwa amehlo ethu akuwe.” UJehova wawuphendula lowo mthandazo wokuthobeka, walwela uJuda ngokwehlisela ukudideka phakathi kwamabutho esitha, abulalana wodwa. Ngenxa yalokho, izizwe ezingomakhelwane zesaba, futhi kwaba khona ukuthula kwaJuda. (2 IziKronike 20:1-30) Lapho sintula ukuhlakanipha okudingekayo ukuze sibhekane nenkinga ethile, singathandaza njengoJehoshafati sithi: “Asazi ukuthi siyakwenze-njani, kodwa amehlo ethu akuwe.” Umoya ongcwele ungase ubangele ukuba sikhumbule amaphuzu angokomBhalo adingekayo ekuxazululeni leyo nkinga, noma uNkulunkulu angase asisize ngendlela edlula ukucabanga komuntu.—Roma 8:26, 27.
11. Yini esingayifunda ngomthandazo ezenzweni zikaNehemiya eziphathelene nogange lwaseJerusalema?
11 Kungase kudingeke sikhuthazele emthandazweni wokucela usizo lukaNkulunkulu. UNehemiya walila, wazila futhi wathandaza izinsuku ngenxa yogange lwaseJerusalema olwaludilikile nokuhlupheka okwakuqeda ithemba ezakhamuzini zakwaJuda. (Nehemiya 1:1-11) Ngokusobala imithandazo yakhe yayikhuphukela kuNkulunkulu njengempepho enephunga elimnandi. Ngolunye usuku inkosi yasePheresiya u-Aritahishashita yabuza uNehemiya owayedangele: “Ukhala ngani?” UNehemiya uthi: “Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.” Lowo mthandazo omfushane owenziwa buthule waphendulwa, ngoba uNehemiya wavunyelwa ukufeza isifiso senhliziyo yakhe ngokuya eJerusalema ayokwakha kabusha ugange lwalo olwase ludilikile.—Nehemiya 2:1-8.
Fundiswa NguJesu Indlela Yokuthandaza
12. Ngamazwi akho, ungawafingqa kanjani amaphuzu ayinhloko omthandazo kaJesu oyisibonelo?
12 Kuyo yonke imithandazo elotshwe emiBhalweni, ofundisa ngokukhethekile umthandazo oyisibonelo owenziwa nguJesu Kristu njengempepho enephunga elimnandi. IVangeli likaLuka lithi: “Othile kubafundi [bakaJesu] wathi [kuye]: ‘Nkosi, sifundise indlela yokuthandaza, njengoba nje noJohane afundisa abafundi bakhe.’ Khona-ke [wathi] kubo: ‘Noma nini lapho nithandaza, anothi, “Baba, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Siphe isinkwa sethu sosuku ngokwemfuneko yosuku. Futhi usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu sithethelela wonke umuntu onecala kithi; futhi ungasingenisi esilingweni.”’” (Luka 11:1-4; Mathewu 6:9-13) Ake sihlole lo mthandazo owawungahloselwe ukwenziwa umlolozelo kodwa ukuba ube yisiqondiso.
13. Ungathi abaluleke ngani amazwi athi, “Baba, malingcweliswe igama lakho”?
13 “Baba, malingcweliswe igama lakho.” Ukubiza uJehova ngokuthi Baba, kuyilungelo elikhethekile lezinceku zakhe ezizinikezele. Njengoba izingane zinganqikazi ukukhuluma noyise onesihe nganoma yini ezikhathazayo, kufanele njalo sibe nesikhathi esisisebenzisela ukuthandaza kuNkulunkulu ngesizotha nangenhlonipho. (IHubo 103:13, 14) Imithandazo yethu kufanele ibonise ukukhathalela kwethu ukungcweliswa kwegama likaJehova ngoba silangazelela ukuba kususwe sonke isihlamba esiye sanqwatshelaniswa kulo. Yebo, sifuna igama likaJehova lihlukaniswe futhi libhekwe njengelingcwele.—IHubo 5:11; 63:3, 4; 148:12, 13; Hezekeli 38:23.
14. Kusho ukuthini ukuthandaza sithi, “Umbuso wakho mawuze”?
14 “Umbuso wakho mawuze.” Lo Mbuso uwukubusa kukaJehova esebenzisa uhulumeni wasezulwini osezandleni zikaMesiya iNdodana yakhe kanye ‘nabangcwele’ ababambisene noJesu. (Daniyeli 7:13, 14, 18, 27; IsAmbulo 20:6) Ngokushesha ‘uzofika’ umelane nabo bonke abaphikisi basemhlabeni bobukhosi bukaNkulunkulu, ubasuse bangabe besaba khona. (Daniyeli 2:44) Khona-ke intando kaJehova iyokwenziwa emhlabeni, njengoba yenziwa ezulwini. (Mathewu 6:10) Yeka injabulo lokho okuyoyilethela zonke izidalwa ezikhonza uMbusi Wendawo Yonke ngokwethembeka!
15. Kubonisani ukucela kuJehova “isinkwa sethu sosuku”?
15 “Siphe isinkwa sethu sosuku ngokwemfuneko yosuku.” Ukucela ukudla ‘kosuku’ kuJehova kubonisa ukuthi asiceli izinto eziyinala kodwa sicela izidingo zethu zosuku nosuku kuphela. Nakuba sithembela kuNkulunkulu ukuthi uyosondla, siyasebenza futhi sisebenzise noma yiziphi izindlela ezifanelekile esingazisebenzisa ukuze sithole ukudla nezinye izidingo. (2 Thesalonika 3:7-10) Yebo, kufanele simbonge uMondli wethu osezulwini ngoba uthando lwakhe, ukuhlakanipha namandla akhe yikho okusisiza sithole la malungiselelo.—IzEnzo 14:15-17.
16. Singayithola kanjani intethelelo kaNkulunkulu?
16 “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu sithethelela wonke umuntu onecala kithi.” Njengoba singaphelele futhi sinesono, asinakuzifinyelela ngokugcwele izindinganiso zikaJehova eziphelele. Ngakho, kudingeka sithandazele intethelelo yakhe ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. Kodwa uma sifuna ukuba ‘uMuzwi womthandazo’ asebenzise izinzuzo zalowo mhlatshelo ezonweni zethu, kumelwe siphenduke futhi sizimisele ukwamukela noma yisiphi isiyalo asinika sona. (IHubo 65:2, NW; Roma 5:8; 6:23; Heberu 12:4-11) Ngaphezu kwalokho, singalindela ukuthethelelwa uNkulunkulu kuphela uma siye ‘sabathethelela abanamacala kithi.’—Mathewu 6:12, 14, 15.
17. Asho ukuthini amazwi athi, “Ungasingenisi esilingweni”?
17 “Ungasingenisi esilingweni.” Ngezinye izikhathi iBhayibheli lithi uJehova wenza izinto ezithile lapho emane ezivumela. (Ruthe 1:20, 21) UNkulunkulu akasilingeli ukwenza isono. (Jakobe 1:13) Izilingo zokwenza okubi zivela kuDeveli, enyameni yethu enesono nakuleli lizwe. USathane unguMlingi ozama ukusenza sone kuNkulunkulu. (Mathewu 4:3; 1 Thesalonika 3:5) Lapho senza isicelo esithi, “Ungasingenisi esilingweni,” sicela uNkulunkulu ukuba angasivumeli ukuba sihluleke lapho silingelwa ukungamlaleli. Angasiqondisa ngendlela yokuba singavumeli ukunqotshwa futhi siphanjwe uSathane, “omubi.”—Mathewu 6:13; 1 Korinte 10:13.
Yenza Ngokuvumelana Nemithandazo Yakho
18. Singenza kanjani ngokuvumelana nemithandazo yethu yokuba nomshado nokuphila komkhaya okujabulisayo?
18 Umthandazo kaJesu oyisibonelo wahlanganisa amaphuzu ayinhloko, kodwa singathandaza nganoma yini. Ngokwesibonelo, singathandaza ngesifiso sethu sokuba nomshado ojabulisayo. Ukuze silondoloze ubumsulwa size sishade, singase sithandazele ukuzithiba. Kodwa futhi masenze ngokuvumelana nemithandazo yethu ngokugwema izincwadi nokuzijabulisa okunokuziphatha okubi. Futhi masizimisele ‘ukushada kuphela eNkosini.’ (1 Korinte 7:39; Duteronomi 7:3, 4) Lapho sesishadile, kuyodingeka senze ngokuvumelana nokuthandazela kwethu injabulo ngokusebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu. Futhi uma sinezingane, akwanele ukuthandazela ukuba zibe yizinceku zikaJehova ezithembekile. Kumelwe senze konke esingakwenza ukuze sigxilise amaqiniso kaNkulunkulu ezingqondweni zazo ngesifundo seBhayibheli nangokuya nazo njalo emihlanganweni yamaKristu.—Duteronomi 6:5-9; 31:12; IzAga 22:6.
19. Yini okufanele siyenze uma sithandazela inkonzo yethu?
19 Ingabe sithandazela izibusiso enkonzweni? Khona-ke masenze ngokuvumelana naleyo mithandazo ngokuba nengxenye enenjongo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Uma sithandazela amathuba okusiza abanye bangene endleleni eya ekuphileni okumi phakade, kudingeka siyigcine kahle imininingwane yabanesithakazelo futhi sizimisele ukufaka isikhathi sokuqhuba izifundo zeBhayibheli esimisweni sethu. Kuthiwani uma sifisa ukuthatha umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele njengephayona? Khona-ke masithathe izinyathelo ezivumelana nemithandazo yethu ngokwandisa umsebenzi wethu wokushumayela nangokuhlanganyela enkonzweni namaphayona. Ukuthatha izinyathelo ezinjalo kuyobonisa ukuthi senza ngokuvumelana nemithandazo yethu.
20. Yini isihloko esilandelayo esizoxoxa ngayo?
20 Uma sikhonza uJehova ngokwethembeka, singaqiniseka ukuthi uyoyiphendula imithandazo yethu evumelana nentando yakhe. (1 Johane 5:14, 15) Ngokuqinisekile, siye sazuza amaphuzu awusizo ekuhloleni eminye yemithandazo eseBhayibhelini. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinye iziqondiso ezingokomBhalo kulabo abafisa ‘ukulungisa imithandazo yabo ibe njengempepho phambi kukaJehova.’
Ungaphendula Kanjani
◻ Kungani kufanele sithandaze ngokholo?
◻ Iyiphi indima okufanele ukudumisa nokubonga kube nayo emithandazweni yethu?
◻ Kungani singacela usizo lukaJehova ngokuqiniseka emthandazweni?
◻ Yimaphi amanye amaphuzu ayinhloko omthandazo oyisibonelo?
◻ Singenza kanjani ngokuvumelana nemithandazo yethu?
[Isithombe ekhasini 12]
NjengeNkosi uJehoshafati, ngezinye izikhathi kungase kudingeke sithandaze sithi: “Asazi ukuthi siyakwenze-njani, kodwa amehlo ethu akuwe, [Jehova]”
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe uthandaza ngokuvumelana nomthandazo kaJesu oyisibonelo?