Ingabe Ukholo Lwakho Lukushukumisela Esenzweni?
ISIKHULU sebutho sasiqiniseka ngokuthi uJesu wayengayiphulukisa inceku yaso eyayife uhlangothi. Kodwa lesi sikhulu sebutho asizange simcele uJesu ukuba eze emzini waso, mhlawumbe ngenxa yokuthi sasizizwa singafaneleki noma ngenxa yokuthi sasingumuntu weZizwe. Kunalokho, sathumela amanye amadoda amadala angamaJuda ukuba aye kuJesu afike athi: “Mnumzane, angiyena umuntu ofanelekayo ukuba ungene ngaphansi kophahla lwami, kodwa yisho nje izwi inceku yami izolulama.” Eqaphela ukuthi lesi sikhulu sebutho siyakholelwa ukuthi angaphulukisa ngisho noma ekude, uJesu watshela isixuku esasimlandela: “Nginitshela iqiniso, Angilutholanga ukholo olukhulu kangaka nakoyedwa kwa-Israyeli.”—Mathewu 8:5-10; Luka 7:1-10.
Lesi senzakalo singasisiza ukuba sigxile ngokukhethekile esicini esibalulekile sokholo. Ukholo lwangempela aluyona inkolelo nje kuphela; lusekelwa yisenzo. Umlobi weBhayibheli uJakobe wachaza: “[Ukholo] uma lungenayo imisebenzi, lufile.” (Jakobe 2:17) Leli qiniso likhanya nangokwengeziwe uma sicabanga ngesibonelo esingokoqobo salokho okungenzeka uma ukholo luba olungenamisebenzi.
Ngo-1513 B.C.E., isizwe sakwa-Israyeli sangena esivumelwaneni soMthetho noJehova uNkulunkulu. UMose, umlamuleli waleso sivumelwano, wadlulisela izwi likaNkulunkulu kubantwana bakwa-Israyeli: ‘Uma nizolilalela nokulilalela izwi lami futhi nizosigcina impela isivumelwano sami, ngokuqinisekile niyoba isizwe esingcwele.’ (Eksodusi 19:3-6) Yebo, ubungcwele bama-Israyeli babuxhomeke ekulaleleni.
Ngemva kwamakhulu eminyaka, amaJuda aqala ukugcizelela kakhulu ukubaluleka kokutadisha uMthetho kunokubaluleka kokusebenzisa izimiso zawo. Encwadini yakhe ethi The Life and Times of Jesus the Messiah, u-Alfred Edersheim wabhala: “[Orabi]—‘abaholi benkolo,’ bakumisa kudala ukuthi ukutadisha kwakubaluleke kakhulu kunokwenza.”
Kuyiqiniso ukuthi ama-Israyeli asendulo ayeyalwe ukuba azitadishe ngenkuthalo izimfuneko zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ngokwakhe wathi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Kodwa ingabe kwake kwaba inhloso kaJehova ukuba ukutadishwa koMthetho kubaluleke ngaphezu kokuwugcina noma kokwenza ngokuvumelana nawo? Ake sibone.
Ukucubungula Njengezazi
Ukugcizelela kakhulu ukutadishwa koMthetho kwakungase kubonakale kunengqondo kuma-Israyeli, ngoba kwakunenkolelo yobuJuda eyayithi usuku ngalunye uNkulunkulu ngokwakhe uchitha amahora amathathu etadisha uMthetho. Ungabona ukuthi kungani amanye amaJuda ayengase acabange kanje, ‘Uma uNkulunkulu ewutadisha njalo uMthetho, akufanele yini izidalwa zakhe zasemhlabeni zenze okufanayo?’
Ngekhulu lokuqala C.E., ukushisekela korabi ngokweqile ukucubungula nokuchaza uMthetho kwase kukusonte ngokuphelele ukucabanga kwabo. UJesu wathi: “Ababhali nabaFarisi . . . bayakhuluma kodwa bangenzi. Babopha imithwalo esindayo bayibeke phezu kwamahlombe abantu, kodwa bona abathandi ukuyinyakazisa nangomunwe wabo.” (Mathewu 23:2-4) Labo baholi benkolo babethwesa abantu imithetho neziqondiso eziningi, kodwa ngokuzenzisa benza izintuba zokuba bona bangayigcini leyo mithetho. Ngaphezu kwalokho, lawo madoda ayegxile kakhulu ekufundeni izinto ezijulile zoMthetho, ‘awazinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.’—Mathewu 23:16-24.
Njengoba ababhali nabaFarisi babefuna ukuzenza babonakale belungile, kwenzeka okuphambene ngoba bagcina bephula wona kanye uMthetho ababethi bayawusekela! Zonke izimpikiswano ezaziba khona emakhulwini eminyaka ngamazwi nangemininingwane emincane yoMthetho azizange zibasondeze kuNkulunkulu. Umphumela walokho wafana nokuphambuka okwabangelwa yilokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “izinkulumo ezingenangqondo,” ‘ukuphikisana’ ‘nolwazi’ olungamanga. (1 Thimothewu 6:20, 21) Nokho, enye inkinga enkulu kwakuyithonya ukucwaninga okungapheli okwakuba nalo kubo. Abazange babe nokholo olwabashukumisela ekwenzeni okulungile.
Izingqondo Zazikhaliphile, Kodwa Izinhliziyo Zingenalukholo
Yeka ukuthi ukucabanga kwabaholi benkolo abangamaJuda kwakuhluke kanjani kokukaNkulunkulu! Ngaphambi nje kokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, uMose wawatshela: “Gxilisani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwakhuluma kini nginixwayisa namuhla, ukuze niyale abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.” (Duteronomi 32:46) Kusobala ukuthi abantu bakaNkulunkulu kwakungafanele nje babe abafundi abakhuthele boMthetho kodwa futhi kwakufanele babe abenzi bawo.
Nokho, ngokuphindaphindiwe isizwe sakwa-Israyeli asizange sithembeke kuJehova. Esikhundleni sokuba benze imisebenzi elungile, abantwana bakwa-Israyeli ‘abalubonisanga ukholo kuye futhi abalilalelanga izwi lakhe.’ (Duteronomi 9:23; AbaHluleli 2:15, 16; 2 IziKronike 24:18, 19; Jeremiya 25:4-7) Ekugcineni, amaJuda enza ukungathembeki okukhulu lapho enqaba uJesu njengoMesiya. (Johane 19:14-16) Ngenxa yalokho, uJehova uNkulunkulu wamlahla u-Israyeli futhi waphendukela kwezinye izizwe.—IzEnzo 13:46.
Kudingeka siqaphe ngempela ukuze singaweli ogibeni olufanayo—sicabange ukuthi singamkhonza uNkulunkulu ngezingqondo ezikhaliphile kodwa sibe sinezinhliziyo ezingenalukholo. Ngamanye amazwi, ukutadisha kwethu iBhayibheli kudingeka kube ngaphezu kokungenisa ulwazi. Ulwazi olunembile kumelwe lufinyelele izinhliziyo zethu ukuze luthonye ukuphila kwethu. Kungaba nenzuzo yini ukufunda ngokutshala imifino kodwa ungalokothi utshale imbewu? Yiqiniso, singaluthola ulwazi oluthile ngendlela yokutshala nokunakekela ingadi, kodwa ngeke sivune lutho uma singakaze sitshale! Ngokufanayo, abantu abafunda ngezimfuneko zikaNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli kumelwe bavumele imbewu yeqiniso ibafinyelele izinhliziyo ukuze leyo mbewu ihlume futhi ibashukumisele esenzweni.—Mathewu 13:3-9, 19-23.
“Yibani Abenzi Bezwi”
Umphostoli uPawulu wathi “ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) Lokhu kulandelana kwezinto, kusukela ekuzweni iZwi likaNkulunkulu kuya ekubeni nokholo eNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, kusinika ithemba lokuphila phakade. Yebo, kudingeka okungaphezu kokumane nje uthi, ‘Ngiyakholelwa kuNkulunkulu nakuKristu.’
UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba babe nokholo olwaluyobashukumisela esenzweni: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami.” (Johane 15:8) Kamuva, uJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye wabhala: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela.” (Jakobe 1:22) Nokho, singakuthola kanjani lokho okufanele sikwenze? UJesu wabonisa ngezwi nangesibonelo lokho okudingekayo ukuze sijabulise uNkulunkulu.
Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wasebenza kanzima ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso futhi akhazimulise igama likaYise. (Johane 17:4-8) Ngayiphi indlela? Abantu abaningi bangazikhumbula izimangaliso zikaJesu lapho aphulukisa khona abagulayo nabakhubazekile. Kodwa iVangeli likaMathewu liyicacisa kahle indlela eyinhloko akwenza ngayo lokhu: “UJesu wathatha uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana, efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso.” Kuyaphawuleka ukuthi uJesu akazange agcine nje ngokuxoxa ngokwethukela nabangane bakhe abambalwa nalabo ayebajwayele noma komakhelwane ayehlangana nabo. Kodwa wazikhandla, esebenzisa zonke izindlela ezazikhona ukuze afinyelele abantu kulo “lonke elaseGalile.”—Mathewu 4:23, 24; 9:35.
UJesu wayala nabalandeli bakhe ukuba bahlanganyele kulo msebenzi wokwenza abafundi. Ngempela, wababekela isibonelo esiphelele sokulingiswa. (1 Petru 2:21) UJesu watshela abafundi bakhe abathembekile: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.
Kuyavunywa, ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela kuyinselele ngempela. UJesu ngokwakhe wathi: “Bhekani! Nginithuma njengamawundlu phakathi kwezimpisi.” (Luka 10:3) Lapho sibhekene nokuphikiswa, ngokwemvelo sithambekela ekuhlehleni ukuze sigweme usizi noma ukukhathazeka okungadingekile. Yilokho okwenzeka ngobusuku uJesu aboshwa ngabo. Ngenxa yokwesaba, abaphostoli babaleka. Kamuva ngabo lobo busuku, uPetru waphika uJesu kathathu.—Mathewu 26:56, 69-75.
Ngaphezu kwalokho, ungase umangale uma uzwa ukuthi ngisho nomphostoli uPawulu wathi kwakuwumshikashika kuye ukushumayela izindaba ezinhle. Wabhalela ibandla laseThesalonika: “[Saqunga] isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.”—1 Thesalonika 2:1, 2.
UPawulu nabaphostoli ayekanye nabo bakwazi ukunqoba konke ukwesaba kokukhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi nawe ungakunqoba. Kanjani? Isinyathelo esibaluleke kunazo zonke ukuncika kuJehova. Uma siba nokholo olugcwele kuJehova, lolo kholo luyosishukumisela esenzweni, futhi siyokwazi ukwenza intando yakhe.—IzEnzo 4:17-20; 5:18, 27-29.
Uzothola Umvuzo Ngomsebenzi Wakho
UJehova uyazi kahle imizamo esiyenzayo ukuze simkhonze. Ngokwesibonelo, uyazi lapho sigula noma sikhathele. Uyakuqaphela ukungazethembi kwethu. Lapho imithwalo engokwezimali isikhathaza noma lapho impilo yethu noma imizwelo yethu kubonakala kusidumaza, uJehova uhlale esiqonda isimo sethu.—2 IziKronike 16:9; 1 Petru 3:12.
Yeka indlela okumelwe ukuba ujabula ngayo uJehova lapho ukholo lwethu lusishukumisela esenzweni, naphezu kokungapheleli kwethu kanye nobunzima esibhekana nabo! Isisa uJehova anaso ngezinceku zakhe ezithembekile asiwona nje umuzwa ongacacile—usibonisa ngokuzinikeza isithembiso. Ephefumulelwe uNkulunkulu, umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Hebheru 6:10.
Ungakwethemba lokho okushiwo iBhayibheli ngoJehova lapho limchaza ngokuthi “uNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye,” nangokuthi “umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Duteronomi 32:4; Hebheru 11:6) Ngokwesibonelo, owesifazane eCalifornia, e-U.S.A., uyakhumbula: “Ubaba waba isikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba aqale ukuba nabantwana. Ngangizijabulela izindaba ayengixoxela zona ngendlela uJehova ayemsekela ngayo enkonzweni. Isikhathi esiningi wayesebenzisa imali yakhe yokugcina ekutheleni uphethiloli ukuze aye enkonzweni yasensimini. Lapho efika ekhaya evela enkonzweni, ngokuvamile wayethola ukudla ayengakulindele kusemnyango.”
Ngaphezu kokusisekela ngezinto ezibonakalayo, “uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke” usisekela ngokomzwelo nangokomoya. (2 Korinte 1:3) Omunye uFakazi oseneminyaka ekhuthazelela ukulingwa okuningi, wathi: “Ukuncika kuJehova kunikeza umuzwa wokwaneliseka. Kukunika ithuba lokuthembela kuJehova nokubona indlela akusiza ngayo.” Ngokuthobeka ungathandaza ‘kuMuzwi womthandazo,’ uqiniseka ukuthi uzozilalela izinkathazo zakho.—IHubo 65:2.
Ziningi izibusiso nemivuzo etholwa abavuni abangokomoya. (Mathewu 9:37, 38) Ukuhlanganyela enkonzweni yasobala kulethele abaningi izinzuzo zempilo, futhi nakuwe kungenzeka okufanayo. Nokho, okubaluleke kakhulu, ukushumayela kwabanye kusisiza ukuba siqinise ubuhlobo bethu noNkulunkulu.—Jakobe 2:23.
Qhubeka Wenza Okuhle
Kungaba iphutha uma enye yezinceku zikaNkulunkulu ingaphetha ngokuthi uJehova uyadumala uma ngandlela-thile ukugula noma ukuguga kuyivimbela ukuba yenze konke ebingafisa ukukwenza enkonzweni. Kuyinto efanayo nangalabo abafeza okuncane enkonzweni ngenxa yempilo ebuthaka, imithwalo yemfanelo yomkhaya noma ezinye izimo.
Khumbula ukuthi ngesikhathi umphostoli uPawulu ezibona ekhinyabezekile ngenxa yokugula noma isithiyo, ‘wayincenga kathathu iNkosi ukuba sisuke kuye.’ Kunokuba uJehova amphulukise uPawulu ukuze afeze okwengeziwe enkonzweni yaKhe, uNkulunkulu wathi: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” (2 Korinte 12:7-10) Ngakho-ke, qiniseka ukuthi naphezu kwanoma yibuphi ubunzima okungenzeka ukuthi uyabukhuthazelela, uYihlo osezulwini uyakwazisa konke okwazi ukukwenza ukuze uqhubeke wenza intando yakhe.—Hebheru 13:15, 16.
UMdali wethu onothando akafuni okungaphezu kwamandla ethu. Akufunayo nje ukuba sibe nokholo olusishukumisela esenzweni.
[Isithombe ekhasini 26]
Ingabe ukutadisha uMthetho kwakwanele?
[Izithombe ekhasini 29]
Ukholo lwethu kudingeka lusekelwe imisebenzi