Isahluko 68
Ukuqhubeka Nokufundisa Ngosuku Lwesikhombisa
USUKU lokugcina loMkhosi wamaDokodo, okuwusuku lwesikhombisa, lusaqhubeka. UJesu ufundisa engxenyeni yethempeli ebizwa ngokuthi ‘umphongolo weminikelo.’ Lengxenye ngokusobala isendaweni ebizwa ngokuthi iGceke Labesifazane lapho kukhona amabhokisi abantu abafaka kuwo iminikelo yabo.
Njalo kusihlwa phakathi nomkhosi, kunezibani zokukhanyisa ezikhethekile kulendawo yethempeli. Kumiswe izinti zezibani ezine ezinkulu, ngalunye lunezitsha ezinkulu ezine ezigcwele amafutha. Ukukhanya okuphuma kulezibani, ezishisa amafutha ezitsheni ezingu-16, kunamandla anele ukuba kukhanyise indawo ezungezile kuze kube sebangeni elide ebusuku. Lokho uJesu akushoyo manje kungase kukhumbuze izilaleli zakhe ngalokhu kukhanya. “Mina ngingukukhanya kwezwe,” kusho uJesu. “Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba-nokukhanya kokuphila.”
AbaFarisi bayaphikisa: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho abuqinisile.”
Ephendula uJesu uthi: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.” Uyanezela: “Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”
“Uphi uyihlo na?” abaFarisi bafuna ukwazi.
“Anazi nami naBaba,” kuphendula uJesu. “Uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” Ngisho nakuba abaFarisi besafuna uJesu ebanjiwe, akekho omthintayo.
“Ngiyamuka mina,” kuphinda uJesu. “Lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”
Kulokhu amaJuda aqala ukuzibuza: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: Lapho ngiya khona mina, ningeze nina na?”
“Nina ningabaphansi,” kuchaza uJesu. “Mina ngingowaphezulu; nina ningabalelizwe, mina angingowalelizwe.” Khona-ke uyanezela: “Uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
Yebo, uJesu ubhekisela ekuphileni kwakhe engakabi umuntu nasekubeni kwakhe uMesiya othenjisiwe, noma uKristu. Nokho, bayabuza, ngokungangabazeki ngokweyisa okukhulu: “Wena ungubani na?”
Nakuba bemenqaba, uJesu uyaphendula: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.” Kodwa uyaqhubeka ethi: “Ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.” UJesu uyaqhubeka: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”
Lapho uJesu esho lezizinto, abaningi bayakholwa nguye. Kulaba uthi: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
“Siyinzalo ka-Abrahama thina” kugaxela abamphikisayo, “asibonange sibe-yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: Nizakuba-ngabakhululekileyo na?”
Nakuba amaJuda ngokuvamile ebelokhu ebuswa amanye amazwe, awabheki noma yimuphi umcindezeli njengenkosi. Ayenqaba ukubizwa ngokuthi ayizigqila. Kodwa uJesu uveza ukuthi ngempela ayizigqila. Ngayiphi indlela? “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini,” kusho uJesu, “yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
Ukwenqaba ukuvuma ukuba kwawo yizigqila zesono kubeka amaJuda esimweni esiyingozi. “Isigqila kambe asihlali phakade endlini,” kuchaza uJesu. “Indodana ihlala phakade.” Njengoba isigqila singenamalungelo okudla ifa, singase sibe sengozini yokuxoshwa noma nini. Kuphela yindodana ezelwe ngempela noma etholiwe kulowomkhaya ehlala “phakade,” okuwukuthi, uma nje isaphila.
“Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula,” kuqhubeka uJesu, “niyakuba-ngabakhululekileyo impela.” Ngakho-ke, iqiniso elikhulula abantu yiqiniso eliphathelene neNdodana, uJesu Kristu. Umuntu angakhululwa esonweni esibulalayo kuphela ngomhlatshelo wokuphila kwakhe okuphelele kobuntu. Johane 8:12-36.
▪ UJesu ufundisaphi ngosuku lwesikhombisa? Yini eyenzekayo lapho kusihlwa, futhi lokhu kuhlangene kanjani nemfundiso kaJesu?
▪ UJesu uthini ngemvelaphi yakhe, futhi lokhu kumelwe kwembuleni ngokuthi ungubani?
▪ AmaJuda ayizigqila ngayiphi indlela, kodwa iliphi iqiniso eliyowakhulula?