Ukuphindukuzalwa
Incazelo: Inkolelo yokuthi umuntu uphinde azalwe kokunye ukuphila okukodwa noma okungaphezulu okulandelanayo, okungase kube okomuntu noma isilwane. Ngokuvamile, “umphefumulo” ongenakuthintwa okukholelwa ukuthi uphinde uzalwe komunye umzimba. Akuyona imfundiso yeBhayibheli.
Ingabe umuzwa ongavamile wokujwayela abantu abasha ngokuphelele nezindawo ubonisa ukuthi ukuphindukuzalwa kuyiqiniso?
Kwake kwenzeka yini wafanisa indoda noma owesifazane ophilayo nomunye umuntu naye ophilayo? Baningi abaye bahlangabezana nalokho. Kungani? Ngenxa yokuthi abanye abantu bangase babe nezindlela ezifanayo zezenzo noma bangase babonakale becishe bafane. Ngakho umuzwa wokuthi uyamazi umuntu ngisho noma ungakaze uhlangane naye ngaphambili ngempela awufakazeli ukuthi wawazana naye ekuphileni kwangaphambili, akunjalo?
Kungani indlu noma idolobha kungase kubonakale kujwayelekile kuwe uma ungakaze ube lapho ngaphambili? Ingabe kungenxa yokuthi wawuhlala lapho ekuphileni kwangaphambili? Izindlu eziningi zakhiwa ngomklamo ofanayo. Ifenisha esetshenziswa emadolobheni ahlukene ngebanga ingase ivezwe emidwebweni efanayo. Futhi akulona yini iqiniso ukuthi izindawo ezindaweni ezihlukene ngokuphelele zingase zibonakale zifana? Ngakho-ke, ngaphandle kokuphendukela ekucabangeni ngokuphindukuzalwa, umuzwa wakho wokujwayela izinto uqondakala kahle.
Ingabe izinkumbulo zokuphila ngesinye isikhathi kwenye indawo, njengalapho ungaphansi kokuluthwa okuthile, zifakazela ukuphindukuzalwa?
Ngaphansi kokulutheka ukwaziswa okuningi okugcinwe engqondweni kungase kubuye. Abathwebuli badonsa inkumbulo esesimweni sokungaphili ngokuphelele. Kodwa lezozinkumbulo zangena kanjani? Mhlawumbe wafunda incwadi, wabona ibhayisikobho, noma wezwa ngabantu abathile kuthelevishini. Uma uzibeka endaweni yabantu owawuzwa ngabo, kungenzeka kwagxila kuwena, kwacishe kwaba sengathi kwakwenzeka kuwe siqu. Owakwenza ngokoqobo kungase kube okwesikhathi eside esidlule kangangokuthi sewakukhohlwa, kodwa ngaphansi kokuthwebuleka lokho okuhlangenwe nakho ungase ukukhumbule njengokungathi wawukhumbula “okunye ukuphila.” Nokho, ukuba lokho kwakuyiqiniso, bebengeke yini bonke abantu babe nezinkumbulo ezinjalo? Kodwa akubona bonke abanazo. Kungokuphawulekayo ukuthi izinkantolo ezinkulu ezandayo eUnited States azibamukeli ubufakazi obutholakale ngokuthwetshulwa. Ngo-1980 iNkantolo Enkulu yaseMinnesota yathi “ubufakazi bobungcweti obungcono kakhulu bubonisa ukuthi ayikho ingcweti enganquma noma inkumbulo etholakale ngokuthwebula, noma iyiphi ingxenye yaleyonkumbulo, iyiqiniso, amanga, noma ingxoxo—ukugcwaliswa kwezikhala ngezinto ezicatshangelwayo. Imiphumela enjalo ayithembeki njengeqondile ngokwesayensi.” (State v. Mack, 292 N.W.2d 764) Ithonya lokusikisela okwenziwa umthwebuli kulowo othwetshulwayo liyisici esibangela lokhu kungathembeki.
Ingabe iBhayibheli linabo ubufakazi bokukholelwa kulokhu kuphindukuzalwa?
Ingabe uMathewu 17:12, 13 uveza inkolelo ethile kulokhu kuphindukuzalwa?
Math. 17:12, 13: “[UJesu wathi:] UEliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.”
Ingabe lokhu kwakusho ukuthi uJohane uMbhapathizi wayenguEliya ophindukuzalwa? Lapho abapristi bamaJuda bebuza uJohane, “UnguEliya na?” wathi, “Angisiye.” (Joh. 1:21) Wayesho ukuthini-ke uJesu? Njengoba ingelosi kaJehova yayibikezele, uJohane wahamba phambi kukaMesiya kaJehova “emoyeni nasemandleni kaEliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” (Luka 1:17) Ngakho uJohane uMbhapathizi wayegcwalisa isiprofetho ngokwenza umsebenzi onjengalowo womprofethi uEliya.—Mal. 4:5, 6.
Ingabe ukwaziswa okukuJohane 9:1, 2 kubonisa ukuphindukuzalwa?
Joh. 9:1, 2: “Wathi edlula [uJesu], wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”
Kungenzeka yini ukuthi labafundi babethonywe inkolelo yabaFarisi bamaJuda, ababethi “imiphefumulo yabantu abalungile kuphela egudlulelwa kweminye imizimba”? (Wars of the Jews, Josephus, iNcwadi II, isahl. VIII, isig. 14) Akunakwenzeka kube njalo, njengoba umbuzo wabo awusikiseli ukuthi babecabanga ukuthi ‘wayengumuntu olungileyo.’ Kungenzeka ukuthi njengabafundi bakaJesu babekholelwa yimiBhalo futhi bazi ukuthi umphefumulo uyafa. Nokho, njengoba ngisho nomntwana esizalweni uyaphila futhi akhulelwa esonweni, kungenzeka baxakeka noma umntwana onjalo ongakazalwa wayengona yini, kuphumele ekubeni abe yimpumputhe. Nokho, impendulo kaJesu ayizange isekele ukuphindukuzalwa noma umqondo wokuthi umntwana ongakazalwa esizalweni sikanina uyona ngaphambi kokuzalwa. UJesu ngokwakhe waphendula: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe.” (Joh. 9:3) UJesu wayazi ukuthi, ngenxa yokuthi siyinzalo ka-Adamu, kukhona ukuzuza ngefa izici nokungapheleli kobuntu. Esebenzisa lesimo ekudumiseni uNkulunkulu, uJesu waphulukisa leyondoda eyimpumputhe.
Ingabe ukufundisa kweBhayibheli ngomphefumulo nokufa kuvumela ukuphindukuzalwa?
UGenesise 2:7 uthi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” Phawula ukuthi umuntu ngokwakhe wayengumphefumulo; umphefumulo wawungeyona into engabonakali, ehlukile nehlukene nomzimba. “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hez. 18:4, 20) Futhi umuntu ofile kubhekiselwa kuye ngokuthi “umphefumulo ofileyo.” (Numeri 6:6, NW) Lapho efa, “umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (IHu. 146:4) Ngakho uma umuntu efa, kusuke kufe wonke lowomuntu; akukho lutho olusala luphila olungase ludlulele komunye umzimba. (Ngemininingwane eyengeziwe, bheka izihloko ezinkulu esithi “Umphefumulo” nesithi “Ukufa.”)
UmSh. 3:19: “Okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu.” (Njengoba kunjalo kubantu, akukho lutho olusindayo uma kufa isilwane. Akukho lutho olungase luthole ukuphindukuzalwa komunye umzimba.)
UmSh. 9:10: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (Abafileyo abayi komunye umzimba kodwa endaweni yabafileyo, ithuna elivamile lesintu.)
Ungakanani umehluko okhona phakathi kokuphindukuzalwa nethemba elinikezwa iBhayibheli?
Ukuphindukuzalwa: Ngokwalenkolelo, uma umuntu efa, umphefumulo, “umuntu woqobo,” udlulela ekuphileni okungcono uma lowomuntu eye waphila ukuphila okulungileyo nokufanelekile, kodwa kungenzeka adlulele ekuphileni njengesilwane uma umbhalo wakhe ugcwele kakhulu okubi kunokuhle. Kukholelwa ukuthi, ukuzalwa futhi ngakunye, kubuyisela lowomuntu kuso lesimiso sezinto, lapho eyobhekana khona nokuhlupheka ngokuqhubekayo agcine ngokufa. Lomjikelezo wokuzalwa njalo ubhekwa njengongapheli. Ingabe ngempela ulindelwe ikusasa elinjalo? Abanye bakholelwa ukuthi okuwukuphela kwendlela yokubalekela lokhu iwukucisha sonke isifiso sezinto ezijabulisa imizwa. Babalekela kukuphi? Kulokho abanye abakuchaza njengokuphila kokungezwa.
IBhayibheli: NgokweBhayibheli, umphefumulo ungumuntu ngokwakhe. Ngisho noma umuntu kungenzeka wenza izinto ezimbi esikhathini esidlule, uma ephenduka ashintshe izindlela zakhe, uJehova uNkulunkulu uyamthethelela. (IHu. 103:12, 13) Uma umuntu efa, akukho lutho olusindayo. Ukufa kunjengokulala okujulile, okungenamaphupho. Kuyoba khona ukuvuka kwabafileyo. Lokhu akukhona ukuphindukuzalwa kodwa kuwukubuyiselwa ekuphileni kwalowomuntu nobuntu bakhe. (IzE. 24:15) Kubantu abaningi, ukuvuswa kuyoba ukuvuselwa ekuphileni emhlabeni. Kuyokwenzeka ngemva kokuba uNkulunkulu elethé lesimiso samanje esibi ekupheleni kwaso. Ukugula, ukuhlupheka, ngisho nesidingo sokufa, kuyoba izinto zesikhathi esidlule. (Dan. 2:44; IsAm. 21:3, 4) Ingabe ithemba elinjalo lizwakala njengokuthile ongathanda ukufunda okwengeziwe ngakho, ukuhlola izizathu zokuthembela kukho?
Uma Umuntu Ethi—
‘Ngikholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa’
Ungase uphendule: ‘Unethemba lokuthi ekugcineni kuyophumela ekuphileni okungcono, akunjalo? . . . Ake ungitshele, ubungathanda ukuphila ezweni elinjengaleli elichazwe lapha kusAmbulo 21:1-5?’
Noma ungase uthi: ‘Ngiyakubonga ngokungitshela lokho. Ngicela ukubuza, Ingabe lokhu kungokuthile obulokhu ukukholelwa njalo? . . . Yini eyakubangela ukuba uziyeke izinkolelo zakho zangaphambili?’ (Khona-ke mhlawumbe ungasebenzisa amaphuzu angaphansi kwalesihloko ekhasini 322.)
Okunye ongakusho: ‘Ngiye ngaba nezingxoxo ezijabulisayo nabanye abanaleyonkolelo. Ake ngibuze, Kungani unomuzwa wokuthi ukuphindukuzalwa kuyadingeka?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ingabe uyayikhumbula yonke imininingwane yokuphila kwangaphambili okholelwa ukuthi wake wakuphila? . . . Kodwa lokho bekuyodingeka ukuze umuntu akwazi ukulungisa amaphutha akhe angaphambili futhi athuthuke, akunjalo?’ (2) Uma umuntu ethi kuwumusa ukuba sikhohlwe, ungase ubuze: ‘Kodwa ingabe ukukhohlwa ukubheka njengento enhle kumuntu ekuphileni kwansuku zonke? Khona-ke, ngokukhohlwa njalo ngemva kweminyaka engama-70 konke esiye sakufunda, besiyosizakala yini ukuba senze ngcono isimo sethu?’ (3) Uma umuntu ethi abantu abangcono kuphela abazalwa njengabantu futhi, ungase ubuze: ‘Kungani pho izimo zezwe ziye zaqhubeka ziba zimbi? . . . IBhayibheli libonisa indlela intuthuko yangempela eyokwenziwa ngayo osukwini lwethu. (Dan. 2:44)’