Incwadi YeBhayibheli Yama-38—UZakariya
Umlobi: UZakariya
Yalotshelwa: EJerusalema
Ukuloba Kwaphela: 518 B.C.E.
Isikhathi Esihlanganisiwe: 520–518 B.C.E.
1. Sasiyini isimo ngethempeli laseJerusalema lapho uZakariya eqala ukuprofetha?
UMILE! Leso kwakuyisimo somsebenzi wokwakha ethempelini likaJehova eJerusalema lapho uZakariya eqala ukuprofetha. Nakuba uSolomoni akha ithempeli lokuqala ngeminyaka engu-7 1/2 (1 AmaKh. 6:37, 38), amaJuda abuyiselwe ayeseneminyaka engu-17 ephindele eJerusalema kodwa ukwakha kwakusekude nokuphela. Ekugcineni umsebenzi wawusume ngokuphelele ngemva kokuvinjelwa uAritahishashita (uBardiya noma uGaumata). Kodwa manje, naphezu kwalokhu kuvinjelwa okungokomthetho, umsebenzi wawusuqhubeka futhi. UJehova wayesebenzisa uHagayi noZakariya ukuba bashukumise abantu ukuba bavuselele ukwakha futhi baqhubeke kuze kuphele.—Ezra 4:23, 24; 5:1, 2.
2. Kungani umsebenzi wabonakala ungangentaba, kodwa yikuphi lokho uZakariya adonsela ukunakekela kwabo kukho?
2 Umsebenzi owawuphambi kwabo wabonakala ungangentaba. (Zak. 4:6, 7) Babembalwa, abaphikisi bebaningi, futhi nakuba babenenkosana yohlu lukaDavide, uZerubabele, babengenankosi futhi babebuswa esinye isizwe. Yeka indlela okulula ngayo ukucwila esimweni sengqondo esibuthakathaka, sokuzikhathalela, lapho empeleni isikhathi sidinga ukholo oluqinile nomsebenzi wenkuthalo! UZakariya wasetshenziswa ukuba adonsele ukunakekela kwabo ezinjongweni zikaNkulunkulu zangalesosikhathi kanye nasezinjongweni ezinhle ngisho nangokwengeziwe zesikhathi esizayo, ngaleyondlela ebaqinisela umsebenzi okumelwe wenziwe. (8:9, 13) Kwakungesona isikhathi sokuba njengokhokho babo ababengenakwazisa.—1:5, 6.
3. (a) Uchazwa kanjani uZakariya, futhi kungani igama lakhe lifaneleka? (b) Sashiwo futhi salotshwa nini isiprofetho sikaZakariya?
3 Wayengubani uZakariya? Cishe kunabantu abahlukahlukene abangu-30 okukhulunywa ngabo eBhayibhelini abangoZakariya. Nokho, umlobi wencwadi eqanjwe ngaleligama uchazwa ngokuthi “uZakariya indodana kaBerekiya kaIdo, umprofethi.” (Zak. 1:1; Ezra 5:1; Neh. 12:12, 16) Igama lakhe (ngesiHeberu, Zekhar·yahʹ) lisho ukuthi “UJehova Ukhumbulile.” Incwadi kaZakariya ikwenza kube sobala kakhulu ukuthi “uJehova-Sebawoti” uyabakhumbula abantu baKhe, ukuze asebenzelane kahle nabo ngenxa yegama laKhe. (Zak. 1:3) Izinsuku okukhulunywe ngazo kulencwadi zenza ihlanganise okungenani iminyaka emibili. ‘Kwakungenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu’ (October/November 520 B.C.E.) lapho kuqaliswa futhi ukwakhiwa kwethempeli noZakariya eqala ukuprofetha. (1:1) Lencwadi futhi ikhuluma “ngolwesine lwenyanga [ye]sishiyagalolunye, ekaKhisilevi,” ‘ngonyaka wesine kaDariyu’ (cishe ngoDecember 1, 518 B.C.E.). (7:1) Ngakho-ke, akungabazeki ukuthi isiprofetho sikaZakariya sasiyokhulunywa futhi silotshwe phakathi neminyaka ka-520-518 B.C.E.—Ezra 4:24.
4, 5. (a) Kungani uZakariya abikezela ukuwa kweTire esikhathini eside ngemva kokuba lowomuzi uvinjezelwe uNebukadinesari? (b) Ukugcwaliseka kwaziphi iziprofetho ngokukhethekile okukufakazela ngokungenakuphikwa ukuphefumlelwa kwalencwadi?
4 Abafundi bencwadi kaZakariya bayothola ubufakazi obanele bobuqiniso bayo. Cabangela iTire ngokwesibonelo. Kwakungemva kokuvinjezelwa iminyaka engu-13 lapho inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari ichitha iTire. Nokho, lokhu akuzange kuliqede ngokuphelele iTire. Eminyakeni eminingi kamuva, uZakariya wabikezela ukubhujiswa okuphelele kweTire. Kwakungumuzi waseTire osesiqhingini lowo uAlexander Omkhulu awugumbuqela ngesikhathi somsebenzi wakhe omkhulu owaziwayo wokwakha ibhuloho; wawushisa ngesihluku, ngaleyondlela egcwalisa isiprofetho sikaZakariya seminyaka engamakhulu amabili ngaphambili.a—Zak. 9:2-4.
5 Nokho, ubufakazi obungenakuphikwa bokuphefumlelwa kwaphezulu kwalencwadi butholakala ekugcwalisekeni kweziprofetho zayo eziphathelene noMesiya, uKristu Jesu, njengoba kubonakala ngokuqhathanisa uZakariya 9:9 noMathewu 21:4, 5 noJohane 12:14-16; uZakariya 12:10 noJohane 19:34-37; noZakariya 13:7 noMathewu 26:31 noMarku 14:27. Futhi, kunokufana okumelwe kuphawulwe phakathi kukaZakariya 8:16 nabase-Efesu 4:25; uZakariya 3:2 noJuda 9; noZakariya 14:5 noJuda 14. Ukuvumelana okutholakala eZwini likaNkulunkulu kuyamangalisa ngempela!
6. (a) Yini ebangela ukushintsha kwendlela yokuloba kusukela esahlukweni 9 sikaZakariya kuya phambili? (b) Yini okungenzeka ukuthi iyisizathu sokubhekisela kukaMathewu kuZakariya ngokuthi “uJeremiya”?
6 Kunabacusumbuli abathile beBhayibheli abathi ukushintsha kwendlela yokuloba okusukela esahlukweni 9 kuya phambili kubonisa ukuthi leyongxenye akunakwenzeka ukuthi yalotshwa uZakariya. Nokho, ngokuqinisekile loloshintsho luyahambisana nesizathu sokushintsha komongo wendaba ngokwayo. Lapho izahluko zokuqala eziyisishiyagalombili ziphathelene nezindaba ezazibaluleke kakhulu ngalesosikhathi kubantu bosuku lukaZakariya, ezahlukweni 9 kuya ku-14 umprofethi ubheka phambili esikhathini esizayo esisekude. Abanye baye babuza ukuthi kungani uMathewu ecaphuna uZakariya kodwa athi amazwi kaJeremiya. (Math. 27:9; Zak. 11:12) Kubonakala sengathi ngezinye izikhathi uJeremiya wayebhekwa njengowokuqala kubaProfethi Bakamuva (esikhundleni sikaIsaya, njengasemaBhayibhelini ethu anamuhla); ngakho-ke uMathewu, ekubhekiseleni kuZakariya ngokuthi “uJeremiya,” kungenzeka ukuthi wayelandela umkhuba wamaJuda wokuhlanganisa yonke ingxenye yemiBhalo ngaphansi kwegama lencwadi yokuqala kuleyongxenye. UJesu ngokwakhe wasebenzisa igama elithi “emaHutsheni” ukuze ahlanganise zonke izincwadi ezaziwa ngokuthi imiBhalo.—Luka 24:44.b
7. Ihlelwe kanjani incwadi kaZakariya?
7 Kuze kufike esahlukweni 6, ivesi 8, lencwadi iqukethe uchungechunge lwemibono eyisishiyagalombili, efana nekaDaniyeli nekaHezekeli, yonke ehlobene nokwakhiwa kabusha kwethempeli. Lena ilandelwa izimemezelo neziprofetho eziphathelene nokukhulekela okuqotho, ukubuyiselwa, nosuku lukaJehova lwempi.
OKUQUKETHWE INCWADI KAZAKARIYA
8. Yini umbono wezinkweli ezine zamahhashi oyibonisayo ngokuphathelene neJerusalema nabezizwe?
8 Umbono wokuqala: Izinkweli zamahhashi ezine (1:1-17). “Buyelani kimi, . . . ngiyakubuyela kini,” kusho uJehova, abese ebuza, “Amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo?” (1:3, 6) Abantu bayavuma ukuthi bakuthola okubafanele. Umbono kaZakariya wokuqala manje uyavela. Ebusuku izinkweli ezine zamahhashi zimi phakathi kwemithi eduze neJerusalema, sezibuyile ekuhloleni umhlaba wonke, eziwuthole uthule futhi uzinzile. Kodwa ingelosi kaJehova, ekhuluma nazo, ikhathazekile ngesimo seJerusalema. UJehova ngokwakhe umemezela intukuthelo yakhe enkulu ezizweni ezandisa okubi kweSiyoni, futhi uthi ‘uyobuyela eJerusalema ngomusa.’ Indlu yakhe iyokwakhiwa kulo, futhi imizi yakhe “isayakuchichima okuhle.”—1:16, 17.
9. UJehova uwuchaza kanjani umbono wezimpondo nabakhandi?
9 Umbono wesibili: Izimpondo ezine nabakhandi abane (1:18-21). UZakariya ubona izimpondo ezine ezahlakaza uJuda, uIsrayeli, neJerusalema. Khona-ke uJehova umbonisa abakhandi abane, echaza ukuthi laba bayowisa phansi izimpondo zabezizwe eziphikisa uJuda.
10. UJehova uhlangene ngani nokuchuma kweJerusalema?
10 Umbono wesithathu: Ukuchuma kweJerusalema (2:1-13). Kubonakala umuntu elinganisa iJerusalema. Umuzi uyobusiswa ngokwanda, futhi uJehova uyoba ugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo. Uyamemeza, “Heyi, zikhulule, uye eSiyoni,” futhi unezela isixwayiso, “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso [lami].” (2:7, 8) Njengoba uJehova ehlala kulo, iSiyoni liyothokoza, futhi izizwe eziningi ziyozihlanganisa noJehova. Yonke inyama iyalwa ukuba ithule phambi kukaJehova, “ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”—2:13.
11. UmPristi Omkhulu uJoshuwa ulwelwa kanjani, futhi iyiphi inkambo akhuthazwa kuyo?
11 Umbono wesine: Ukukhululwa kukaJoshuwa (3:1-10). UmPristi Omkhulu uJoshuwa uboniswa evivinywa, noSathane emphikisa nengelosi kaJehova ikhuza uSathane. UJoshuwa akasona yini “isikhuni esophulwé emlilweni”? (3:2) UJoshuwa kuthiwa uhlanzekile, futhi izingubo zakhe ezingcolileyo zishintshwa ‘ngezobukhosi.’ Ukhuthazwa ukuba ahambe ezindleleni zikaJehova, ‘oveza inceku yakhe, uHlumela’ nobeka phambi kukaJoshuwa itshe elinamehlo ayisikhombisa.—3:4, 8.
12. Yisiphi isikhuthazo nesiqinisekiso esinikezwayo ngokuphathelene nokwakhiwa kwethempeli?
12 Umbono wesihlanu: Uthi lwezibani neminqumo (4:1-14). Ingelosi ivusa uZakariya ukuba abone uthi lwezibani lwegolide olunezibani eziyisikhombisa, luphahlwe yiminqumo emibili. Uzwa lelizwi likaJehova kuZerubabele: ‘Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya kaNkulunkulu.’ ‘Intaba enkulu’ iyokwenziwa ithafa phambi kukaZerubabele, futhi itshe eliyinhloko lethempeli liyokhishwa ngokumemeza: “Umusa, umusa mawube-kulo!” UZerubabele usezibekile izisekelo zethempeli, futhi uZerubabele uzowuqeda umsebenzi. Izibani eziyisikhombisa zingamehlo kaJehova “aqalaza emhlabeni wonke.” (4:6, 7, 10) Iminqumo emibili ingabagcotshiweyo ababili bakaJehova.
13-15. Yini ebonakala emibonweni yomqulu wencwadi ondizayo, owesilinganiso se-efa, nowezinqola ezine?
13 Umbono wesithupha: Umqulu wencwadi ondizayo (5:1-4). UZakariya ubona umqulu wencwadi ondizayo, cishe ongamamitha angu-9 ubude namamitha angu-4,5 ububanzi. Ingelosi ichaza ukuthi lesi isiqalekiso esiphuma ngenxa yabo bonke labo abebayo nabafunga amanga egameni likaJehova.
14 Umbono wesikhombisa: Isilinganiso se-efa (5:5-11). Isisibekelo siyaphakama esilinganisweni se-efa (cishe amalitha angu-22), kuvela owesifazane ogama lakhe kuthiwa “ubuBi.” Uphonswa phakathi kwe-efa, elibe seliphakanyiselwa ezulwini abesifazane ababili abanamaphiko, ukuba liyiswe eShineyari (eBabiloni) futhi “liyakubekwa khona endaweni yalo.”—5:8, 11.
15 Umbono wesishiyagalombili: Izinqola ezine (6:1-8). Bheka! Phakathi kwezintaba ezimbili zethusi, kuvela izinqola ezine, namahhashi anemibala ehlukahlukene. Ayimimoya yomine yezulu. Ngokuyala kwengelosi, ahambahamba emhlabeni.
16. Yini eprofethwayo ngokuphathelene ‘noHlumela’?
16 UHlumela; ukuzila okungeqotho (6:9–7:14). Manje uJehova uyala uZakariya ukuba abeke umqhele ekhanda lomPristi Omkhulu uJoshuwa. Ukhuluma ngokwesiprofetho ‘ngoHlumela,’ oyokwakha ithempeli likaJehova futhi abuse njengompristi esihlalweni sakhe sobukhosi.—6:12.
17. Mayelana nokukhulekela, yini uJehova ayifunayo, futhi uyoba yini umphumela kulabo abaphikisana namazwi akhe?
17 Eminyakeni emibili ngemva kokuba uZakariya eqale ukuprofetha, kufika izithunywa ezivela eBethele zizobuza abapristi basethempelini ukuthi kumelwe yini ziqhubeke zigcinwa izikhathi ezithile zokukhala nokuzila. NgoZakariya, uJehova ubuza abantu nabapristi ukuthi baqotho ngempela yini ekuzileni kwabo. UJehova ufuna ‘ukulalela, ukwahlulela ngeqiniso, umusa, nobubele.’ (7:7, 9) Ngoba bayawenqaba amazwi akhe angokwesiprofetho bephekula amahlombe futhi benezinhliziyo eziyidayimane, uyobahlakazela phakathi kwezizwe zonke.
18. Yiziphi izithembiso ezikhazimulayo zokubuyiselwa uJehova azenzayo?
18 Ukubuyiselwa; “amadoda ayishumi” (8:1-23). UJehova umemezela ukuthi uyobuyela eSiyoni futhi ahlale eJerusalema, eliyobizwa ngokuthi “uMuzi weQiniso.” Abantu abadala bayohlala ezitaladini zawo, futhi abantwana bayodlala khona. Lokhu akunzima kuJehova, uNkulunkulu weqiniso nokulunga! UJehova uthembisa imbewu yokuthula ensalini yabantu bakhe, ethi: “Ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.” (8:3, 13) Yilezi izinto okumelwe bazenze: Kumelwe bakhulume iqiniso, kube-yilowo nalowo nomfowabo futhi bahlulele ngeqiniso, izinhliziyo zabo zingacebi okubi futhi zifunge amanga. Phela, kuyofika isikhathi lapho abantu bemizi eminingi beyomemana ngempela ukuba bakhuphuke ngobuqotho beyofuna uJehova, futhi “amadoda ayishumi” avela kuzo zonke izilimi “ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda” futhi ahambe nabantu bakaNkulunkulu.—8:23.
19. Yiziphi iziprofetho ezinzima ezilandelayo, kodwa yini eshiwoyo ngokuphathelene nenkosi yaseJerusalema?
19 Iziprofetho ngezizwe, abelusi bamanga (9:1–11:17). Engxenyeni yesibili yalencwadi, izahluko 9 kuya ku-14, uZakariya uyayishiya imibono engokomfanekiso futhi uphendukela endleleni ejwayelekile yokuprofetha. Uqala ngesiprofetho esinzima ngemizi ehlukahlukene, kuhlanganise nomuzi waseTire osesiqhingini esinamadwala. IJerusalema litshelwa ukuba lijabule nokujabula, ngoba, “Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo.” (9:9) Inquma izinqola zempi nomnsalo, lena iyokhuluma ukuthula kwabezizwe futhi iyobusa kuze kufike emajukujukwini omhlaba. UJehova uyobalwela abantu bakhe eJavani (iGreece), futhi uyobasindisa. “Ngoba yeka ubukhulu bobuhle bakhe, futhi yeka ubukhulu bokubukeka kwakhe!” (9:17, NW) UJehova, uMniki-Mvula, ulahla ababhuli nabelusi bamanga. Uyokwenza indlu yakwaJuda iqine futhi abakwaEfrayimi babe njengamaqhawe. Abahlengiweyo, “inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova . . . bahambe egameni lakhe.”—10:7, 12.
20. Yiziphi izifanekiselo ezilingiswayo ngentonga “uMusa” kanye “noZibopho”?
20 Manje uZakariya wabelwa ukuba eluse izimvu, ezithengiselwe ekuhlatshweni abelusi abangahawukeli abathi: “Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo.” (11:5) Umprofethi uthatha izintonga ezimbili futhi uziqamba ngokuthi “uMusa” nokuthi “uZibopho.” (11:7) Ngokunqamula “uMusa,” ufanekisela isivumelwano esaphuliwe. Khona-ke ufuna inkokhelo yakhe, bese bemkhokhela izinhlamvu ezingu-30 zesiliva. UJehova uyala uZakariya ukuba aziphonse kumbumbi, futhi ngokubhinqa okukhulu, uthi, “inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo.” (11:13) Manje intonga “uZibopho” iyanqanyulwa, kwaphulwa ubuzalwane bukaJuda noIsrayeli. Kuyokwehla inkemba phezu kwabelusi bamanga abangazinakanga izimvu zikaJehova.
21. (a) Siyini isahlulelo sikaJehova kulabo abalwa neJerusalema? (b) Yikuphi ukuhlakazeka nokucwengisiswa okubikezelwayo?
21 UJehova uyalwa, uba yinkosi (12:1–14:21). Kuqala esinye isiprofetho. UJehova uyokwenza iJerusalema libe yisitsha esenza abantu bantengezele netshe elisindayo elisika labo abalithwalayo. Uyochitha zonke izizwe ezimelana neJerusalema. UJehova uyothulula umoya womusa nowokunxusa phezu kwendlu kaDavide futhi abantu bayobheka lowo abamgwazileyo, bamlilele “njengokulilela ozelwe yedwa.” (12:10) UJehova-Sebawoti ubikezela ukunqunywa kwazo zonke izithombe nabaprofethi bamanga; bona kanye abazali bomuntu onjalo kumelwe bamlimaze ukuze ngenxa yamahloni akhumule ingubo yakhe yomprofethi. Umalusi ongumngane kaJehova uyoshaywa futhi izimvu zihlakazeke, kodwa uJehova uyocwengisisa “inxenye yesithathu” ukuba ibize igama lakhe. UJehova uyothi: “Bangabantu bami,” futhi iyophendula: “UJehova unguNkulunkulu wami.”—13:9.
22. Yini eyokwenzeka ezizweni naseJerusalema ‘ngosuku lukaJehova’?
22 “Bheka, luyeza usuku lukaJehova.” Zonke izizwe ziyohlasela iJerusalema, futhi ingxenye yomuzi iyokuya ekuthunjweni, ishiye abaseleyo ngemuva. Khona-ke uJehova uyophuma ayokulwa nalabo bezizwe, “njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.” (14:1, 3) Intaba yeminqumo, empumalanga yeJerusalema, iyoqhekezeka kusukela empumalanga kuya entshonalanga, yenze isigodi sesiphephelo. Ngalolosuku amanzi aphilayo ayogelezela empumalanga nasentshonalanga esuka eJerusalema, ehlobo nasebusika, futhi “uJehova uyakuba-yiNkosi emhlabeni wonke.” (14:9) Lapho iJerusalema lijabulela ukulondeka, uJehova uyoshaya labo abalwa nalo. Njengoba bemile, inyama, amehlo, nolimi lwabo kuyodleka. Bayofikelwa ukukhungatheka okukhulu. Isandla salowo nalowo siyovukela esikamakhelwane wakhe. Labo abasele bephila bazo zonke izizwe kuyomelwe “bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova-Sebawoti.”—14:16.
ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
23. Umbhalo ogciniwe kaZakariya uluqinisa kanjani ukholo?
23 Bonke abatadisha futhi bazindle ngesiprofetho sikaZakariya bayozuza ngokuba nolwazi oluqinisa ukholo. Izikhathi ezingaphezu kuka-50 uZakariya udonsela ukunakekela ‘kuJehova-Sebawoti’ njengaLowo olwela futhi avikele abantu baKhe, ebafaka amandla ngokwesidingo sabo. Lapho ukuphikisa okunjengentaba kusongela ukuqedwa kokwakhiwa kwethempeli, uZakariya wathi: “Lokhu kuyizwi likaJehova [ku]Zerubabele lokuthi: Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti. Ungubani wena-ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba-yithafa.” Ithempeli laqedwa ngosizo lomoya kaJehova. Ngokufanayo namuhla, izithiyo ziyoncibilika uma kubhekwana nazo ngokholo kuJehova. Kunjengoba nje uJesu atshela abafundi bakhe: “Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kulentaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.”—Zak. 4:6, 7; Math. 17:20.
24. Yimuphi umfanekiso wokwethembeka onikezwa esahlukweni 13 sikaZakariya?
24 Esahlukweni 13, amavesi 2 kuya ku-6, uZakariya ufanekisa ukwethembeka okubonakalisa inhlangano kaJehova kuze kube namuhla. Lokhu kumelwe kwedlule noma yibuphi ubuhlobo babantu, njengobezihlobo eziseduze zenyama negazi. Uma isihlobo esiseduze siprofetha amanga egameni likaJehova, okungukuthi, sikhuluma ngokuphambene nesigijimi soMbuso futhi sizame ukuthonya abanye kabi ebandleni labantu bakaNkulunkulu, amalungu omkhaya waso kumelwe asekele ngokwethembeka noma yisiphi isinyathelo sokwahlulela esithathwa yibandla. Kumelwe kunanyathelwe esimweni esifanayo ngokuphathelene nanoma yimuphi umngane oseduze oprofetha amanga, ukuze abe namahloni futhi alimale enhliziyweni ngenxa yesenzo sakhe esibi.
25. Isiprofetho sikaZakariya sihlangana kanjani neminye imibhalo ekubonakaliseni uMesiya, “uHlumela,” nesikhundla sakhe njengomPristi Omkhulu neNkosi engaphansi kukaJehova?
25 Njengoba izigaba zethu zokuqala zibonisile, ukungena kukaJesu eJerusalema njengenkosi, ‘ethobekile, ekhwele imbongolo,’ ukukhashelwa kwakhe ‘ngezinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu,’ ukuhlakazeka kwabafundi bakhe ngalesosikhathi, nokugwazwa kwakhe esesigxotsheni ngomkhonto wesosha konke kwakubikezelwe uZakariya ngemininingwane enembile. (Zak. 9:9; 11:12; 13:7; 12:10) Isiprofetho futhi sibiza “uHlumela” njengomakhi wethempeli likaJehova. Ukuqhathanisa noIsaya 11:1-10; uJeremiya 23:5; noLuka 1:32, 33 kubonisa lona enguJesu Kristu, ‘oyakuba-yiNkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade.’ UZakariya uchaza “uHlumela” ngokuthi “umpristi esihlalweni sakhe sobukhosi,” okuhlanganayo namazwi omphostoli uPawulu athi: “UJesu . . . sewaba-ngumpristi omkhulu kuze kube-phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,” futhi, “Sewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini.” (Zak. 6:12, 13; Heb. 6:20; 8:1) Ngakho isiprofetho sikhomba “uHlumela” njengomPristi Omkhulu neNkosi engakwesokunene sikaNkulunkulu emazulwini, kuyilapho ngesikhathi esifanayo simemezela uJehova njengoMbusi oyiNkosi phezu kwakho konke: “UJehova uyakuba-yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolosuku uJehova uyakuba-munye, negama lakhe libe-linye.”—Zak. 14:9.
26. Yiluphi “usuku” olukhazimulayo uZakariya abhekisela kulo ngokuphindaphindiwe?
26 Ebhekisela kulesosikhathi, umprofethi uphinda izwi elithi “ngalolosuku” cishe izikhathi ezingu-20, futhi liphetha ngisho nesiprofetho sakhe. Ukuhlolwa kokuvela kwalo kaningi kubonisa ukuthi luwusuku uJehova anquma ngalo amagama ezithombe futhi asuse abaprofethi bamanga. (13:2, 4) Luwusuku uJehova alwa ngalo nezizwe ezivukelayo futhi akhungathekise abantu bazo njengoba ebachitha futhi elungiselela ‘isigodi sezintaba zakhe’ njengesiphephelo sabantu bakhe. (14:1-5, 13; 12:8, 9) Yebo, “uJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolosuku njengomhlambi wabantu bakhe,” futhi bayobizana kube yilowo nalowo ngaphansi komvini nomkhiwane. (Zak. 9:16; 3:10; Mika 4:4) Kuwusuku olukhazimulayo lapho uJehova-Sebawoti ‘eyohlala phakathi’ kwabantu bakhe nalapho ‘amanzi aphilayo eyophuma eJerusalema.’ Lamazwi kaZakariya aveza izenzakalo ‘zangalolosuku’ njengezifanekiselo kusengaphambili ‘zezulu elisha nomhlaba omusha’ kwesithembiso soMbuso.—Zak. 2:11; 14:8; IsAm. 21:1-3; 22:1.
27. Isiprofetho sikaZakariya sikugxilisa kanjani ukunakekela ekungcwelisweni kwegama likaJehova?
27 “Ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane?” kubuza uJehova. Bheka! Lokhu kuchuma kuyogcwala umhlaba wonke: ‘Abantu abaningi nezizwe ezinamandla ziyokuza zifuna uJehova-Sebawoti eJerusalema, amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi nezizwe ayobamba umphetho womuntu wakwaJuda, ethi: Siyohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ “Ngalolosuku” ngisho nezikhencezo zehhashi ziyoba namagama athi “Ubungcwele bungobukaJehova!” Kunenzuzo enkulu ukucabangela leziprofetho ezithokozisa inhliziyo, ngoba zibonisa ukuthi ngempela igama likaJehova liyongcweliswa ngeMbewu yakhe yoMbuso.—Zak. 4:10; 8:22, 23; 14:20, NW.
[Imibhalo yaphansi]
a Insight on the Scriptures, Umq. 2, amakhasi 531, 1136.
b Encyclopaedia Judaica, 1973, Umq. 4, uhlu 828; Insight on the Scriptures, Umq. 1, amakhasi 1080-1.