Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Isiyalo Sokuvalelisa Esiqhubekayo
UJESU nabaphostoli sebelungele ukulishiya ikamelo eliphezulu. Uyaqhubeka: “Lokho ngikukhulumé kini ukuba ningakhubeki.” Khona unikeza isixwayiso esingathi sína: “Bayakunikhipha emasinagogeni, yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.”
Ngokusobala lesixwayiso sibaphazamisa ngokujulile abaphostoli. Nakuba ekuqaleni uJesu ayeshilo ukuthi izwe lalizobazonda, wayengazange asho ukuthi babezobulawa. UJesu uyachaza: “Anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.” Nokho, yeka ukuthi kuhle kanjani ukubahlomisa ngalokhu kwaziswa ngaphambi kokuba amuke!
UJesu uyaqhubeka: “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: Uya ngaphi na?” Ekuqaleni kokuhlwa, babebuzé babuza ukuthi uya kuphi, kodwa manje kubethuse kakhulu lokho uJesu abatshele khona kangangokuthi bayahluleka ukuqhubeka bebuza ngalokhu. Njengoba uJesu esho: “Ngokuba ngikhulumé lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.” Abaphostoli balusizi hhayi kuphela ngoba beye bezwa ukuthi bazoshushiswa kanzima futhi babulawe kodwa ngenxa yokuthi iNkosi yabo iyabashiya.
Ngakho uJesu uyachaza: “Kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.” UJesu angaba sendaweni eyodwa kuphela ngesikhathi, kodwa uma esezulwini, angathumela umduduzi, umoya ongcwele kaNkulunkulu, kubalandeli bakhe noma kuphi lapho bengaba khona emhlabeni. Kanjalo ukumuka kukaJesu kuzoba okunenzuzo.
Umoya ongcwele, kusho uJesu, “[uyonikeza izwe ubufakazi obukholisayo, NW] ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.” Isono sezwe, ukwehluleka kwalo ukuba nokholo eNdodaneni kaNkulunkulu, sizodalulwa. Ngaphezu kwalokho, ubufakazi obukholisayo bokulunga kukaJesu buzobonakala ngokwenyukela kwakhe kuYise. Futhi ukwehluleka kukaSathane nezwe lakhe elibi ukwephula ubuqotho bukaJesu kuwubufakazi obukholisayo bokuthi umbusi wezwe wahlulelwe.
UJesu uyaqhubeka: “Ngisenokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.” Ngakho uJesu uthembisa ukuthi lapho ethulula umoya ongcwele, ongamandla ayisiphekupheku kaNkulunkulu, uzobaholela ekuqondeni lezizinto ngokuvumelana nekhono labo lokuqonda.
Abaphostoli behluleka ukuqonda ikakhulukazi ukuthi uJesu uzofa bese ebonakala kubo ngemva kokuvuswa kwakhe. Ngakho babuzana bodwa: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: Kuzakuba-yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube-yisikhashana ningibone, nokuthi: Ngokuba ngiya kuBaba, na?”
UJesu uyabona ukuthi bafuna ukumbuza, ngakho uyachaza: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba-lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphenduka lube-ngukuthokoza.” Ngentambama elandelayo, lapho uJesu ebulawa, abaholi bezwe benkolo bayathokoza, kodwa abafundi balusizi. Nokho, usizi lwabo luphenduka lube ukuthokoza lapho uJesu esevusiwe! Futhi ukuthokoza kwabo kuyaqhubeka lapho ebanika amandla ngePentekoste okuba babe ofakazi bakhe ngokuthulula umoya ongcwele kaNkulunkulu!
Eqhathanisa isimo sabaphostoli naleso sowesifazane ngesikhathi ezwa imihelo, uJesu uthi: “Owesifazane, nxa esebeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe.” Kepha njengoba engalukhumbuli usizi lwakhe nxa umntwana esezelwe, uJesu uyaphawula: “Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone [lapho sengivusiwe], inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.”
Kuze kube kulesikhathi, abaphostoli abakaze benze izicelo egameni likaJesu. Kepha manje uthi: “Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. . . . Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”
Amazwi kaJesu ayisikhuthazo esikhulu kubaphostoli. Bathi: “Ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”
UJesu uyabuza: “Seniyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa.” Nakuba kuzwakala kungakholeki, lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba kuse!
UJesu uyaphetha: “Lokho ngikukhulumé kini ukuba nibe-nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.” UJesu walinqoba izwe ngokufeza intando kaNkulunkulu ngokwethembeka naphezu kwakho konke uSathane nezwe lakhe ababezame ukukwenza ukuze bephule ubuqotho bukaJesu. Johane 16:1-33; 13:36.
▪ Yisiphi isixwayiso sikaJesu esiphazamisa abaphostoli bakhe?
▪ Kungani abaphostoli behlulekile ukubuza uJesu ukuthi uyaphi?
▪ Yini ikakhulukazi abaphostoli abahluleka ukuyiqonda?
▪ UJesu ukufanekisa kanjani ukuthi isimo sabaphostoli siyoshintsha ekubeni usizi sibe injabulo?
▪ Yini uJesu athi abaphostoli bazoyenza masinyane?
▪ UJesu ulinqoba kanjani izwe?