Isahluko Sesine
Lowo Bonke Abaprofethi Abafakaza Ngaye
1. Amaqiniso aphathelene nokuphila kukaJesu engakabi umuntu abonisani ngobuhlobo bakhe noJehova?
“UYISE usondelene ngokomzwelo neNdodana futhi uyibonisa zonke izinto azenzayo yena ngokwakhe.” (Johane 5:20) Yeka ubuhlobo obufudumele iNdodana eyayibujabulela noYise, uJehova! Lobo buhlobo obuseduze baqala ngesikhathi idalwa, izinkulungwane eziningi zeminyaka ngaphambi kokuba izalwe njengomuntu. YayiyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, okuwukuphela kwayo uJehova ayidala ngokuqondile. Konke okunye ezulwini nasemhlabeni kwadalwa ngaleyo Ndodana ethandekayo eyizibulo. (Kolose 1:15, 16) Futhi yayinguLizwi, noma uMkhulumeli kaNkulunkulu, Lowo intando yaphezulu eyayidluliselwa ngaye kwabanye. Le Ndodana uNkulunkulu ayeyithanda ngokukhethekile yaba umuntu uJesu Kristu.—IzAga 8:22-30; Johane 1:14, 18; 12:49, 50.
2. Iziprofetho zeBhayibheli ziye zabhekisela kuJesu ngezinga elingakanani?
2 Ngaphambi kokuba iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo izalwe ngokuyisimangaliso njengomuntu, kwalotshwa iziprofetho eziningi eziphefumulelwe ngayo. Umphostoli uPetru wafakaza kuKorneliyu: “Bonke abaprofethi bafakaza [ngayo].” (IzEnzo 10:43) Indima kaJesu yaqokonyiswa kakhulu eBhayibhelini kangangokuba ingelosi yatshela umphostoli uJohane: “Ukufakaza ngoJesu yikho okuphefumulela ukuprofetha.” (IsAmbulo 19:10) Lezo ziprofetho zamveza ngokucacile njengoMesiya. Zagxila ezindimeni ezihlukahlukene ayeyozifeza ekugcwaliseni izinjongo zikaNkulunkulu. Konke lokhu kufanele kusithakazelise kakhulu namuhla.
Lokho Okwembulwa Yiziprofetho
3. (a) Esiprofethweni esikuGenesise 3:15, ubani omelelwa yinyoka, “owesifazane,” kanye ‘nenzalo yenyoka’? (b) Kungani izinceku zikaJehova zaziyokuthakazelela kakhulu ‘ukuchotshozwa kwekhanda lenyoka’?
3 Isiprofetho sokuqala esinjalo sashiwo ngemva kokuhlubuka kwase-Edene. UJehova watshela inyoka: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Leso siprofetho empeleni sasiqondiswe kuSathane, owayemelelwe yinyoka. “Owesifazane” yinhlangano kaJehova yasezulwini ethembekile, enjengomfazi othembekile kuye. ‘Inzalo yenyoka’ ihlanganisa zonke izingelosi nabantu ababonisa umoya kaSathane, labo abaphikisa uJehova nabantu baKhe. ‘Ukuchotshozwa kwekhanda lenyoka’ kusho ukuthi ekugcineni uyobhujiswa ngokuphelele uSathane oyisihlubuki, owanyundela uJehova futhi walethela isintu usizi olukhulu. Kodwa ingubani “inzalo” eyinhloko eyayizomchoboza? Lokho kwahlala ‘kuyimfihlo engcwele’ amakhulu eminyaka.—Roma 16:20, 25, 26.
4. Uhlu lozalo lukaJesu lwamveza kanjani ukuthi wayeyiNzalo ethenjisiwe?
4 Ngemva kweminyaka engaba ngu-2 000 yomlando womuntu, uJehova wanikeza imininingwane eyengeziwe. Wabonisa ukuthi iNzalo yayizovela ohlwini lozalo luka-Abrahama. (Genesise 22:15-18) Nokho, uhlu lozalo oluholela eNzalweni lwalungeke luxhomeke ekutheni nje umuntu uzalelwe kumuphi umndeni, kodwa uNkulunkulu nguyena owayezomkhetha. Nakuba u-Abrahama ayeyithanda indodana yakhe u-Ishmayeli, ayeyizalelwe uHagari, uJehova wathi: “Ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara.” (Genesise 17:18-21) Kamuva leso sivumelwano saqinisekiswa, hhayi endodaneni ka-Isaka eyizibulo, u-Esawu, kodwa kuJakobe, okwavela kuye izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. (Genesise 28:10-14) Ngokuhamba kwesikhathi, kwavezwa ukuthi iNzalo yayiyozalwa esizweni sakwaJuda, ohlwini lozalo lukaDavide.—Genesise 49:10; 1 IziKronike 17:3, 4, 11-14.
5. Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe yasemhlabeni, yini eyakwenza kwacaca ukuthi wayenguMesiya?
5 Yikuphi okunye ukukhanyiselwa okwanikezwa ngokuphathelene nokuthi ingubani iNzalo? Eminyakeni engaphezu kuka-700 ngaphambili, iBhayibheli lakhomba iBetlehema njengendawo iNzalo ethenjisiwe eyayiyozalelwa kuyo njengomuntu. Lembula nokuthi iNzalo yayisikhona kakade “kusukela endulo ezinsukwini zaphakade,” kusukela ngesikhathi eyadalwa ngaso ezulwini. (Mika 5:2) Ngomprofethi uDaniyeli, kwabikezelwa nesikhathi esinembile eyayizovela ngaso emhlabeni njengoMesiya. (Daniyeli 9:24-26) Futhi lapho uJesu egcotshwa ngomoya ongcwele, empeleni eba ngoGcotshiweyo kaJehova, uNkulunkulu uqobo ekhuluma esezulwini wamchaza ngokucacile ngokuthi uyiNdodana yaKhe. (Mathewu 3:16, 17) Yembulwa kanjalo-ke iNzalo! Ngakho, uFiliphu wayengasho ngokuqiniseka, athi: “Simtholile lowo uMose, eMthethweni, kanye nabaProfethi abaloba ngaye, uJesu.”—Johane 1:45.
6. (a) NgokukaLuka 24:27, yini abalandeli bakaJesu abayiqaphela? (b) Ubani oyingxenye eyinhloko ‘yenzalo yowesifazane,’ futhi kusho ukuthini ukuthi uyochoboza ikhanda lenyoka?
6 Kamuva, abalandeli bakaJesu baqaphela ukuthi kwakuneziprofetho eziningi ngempela eziphathelene naye ezaziyingxenye yemiBhalo ephefumulelwe. (Luka 24:27) Kwacaca nakakhulu ukuthi uJesu wayeyingxenye eyinhloko ‘yenzalo yowesifazane’ eyochoboza ikhanda lenyoka, iqothule uSathane ngokuphelele. NgoJesu, zonke izithembiso zikaNkulunkulu esintwini, zonke izinto esizilangazelela ngobuqotho, ziyogcwaliseka.—2 Korinte 1:20.
7. Ngaphandle kokuqaphela ukuthi ngubani Lowo okubhekiselwe kuye eziprofethweni, yini enye okuyinzuzo ukuba siyiqaphele?
7 Ukwazi lokhu kufanele kusithinte kanjani? IBhayibheli lisitshela ngomthenwa ongumTopiya owayefunde ezinye zalezi ziprofetho eziphathelene noMkhululi onguMesiya. Exakekile, wabuza umvangeli uFiliphu: “Lomprofethi ukusho mayelana nobani lokhu?” Kodwa akuzange kube ukuphela kwendaba lapho lo mthenwa ethola impendulo. Ngemva kokulalelisisa incazelo kaFiliphu, le ndoda yaqaphela ukuthi ukwazisa lesi siprofetho esasigcwalisekile kwakudinga ukuba ithathe isinyathelo. Yaqonda ukuthi kwakufanele ibhapathizwe. (IzEnzo 8:32-38; Isaya 53:3-9) Ingabe nathi sisabela ngendlela efanayo?
8. (a) Isenzo sika-Abrahama sokufuna ukunikela ngo-Isaka sasifuziselani? (b) Kungani uJehova atshela u-Abrahama ukuthi zonke izizwe zaziyobusiswa ngeNzalo, futhi lokhu kusithinta kanjani namuhla?
8 Cabanga nangokulandisa okuthinta inhliziyo okuphathelene nokufuna kuka-Abrahama ukunikela ngo-Isaka, ukuphela kwendodana ayeyizalelwe nguSara. (Genesise 22:1-18) Lokho kwakufuzisela lokho uJehova ayezokwenza—ukunikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Lokhu kusinikeza isiqinisekiso sokuthi njengoba nje uJehova anikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuze afeze injongo yaKhe, uyophinda ‘asinike ngomusa zonke ezinye izinto.’ (Roma 8:32) Yini edingekayo kithi? Njengoba kulotshwe kuGenesise 22:18, uJehova watshela u-Abrahama ukuthi zonke izizwe zaziyobusiswa ngeNzalo, ‘ngokuba u-Abrahama wayelalele izwi likaNkulunkulu.’ Nathi kufanele silalele uJehova neNdodana yakhe: “Lowo obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okumi phakade; lowo ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila, kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.”—Johane 3:36.
9. Uma silazisa ithemba lokuphila okuphakade esilithole ngomhlatshelo kaJesu, yini esiyoyenza?
9 Uma silazisa ithemba lokuphila okuphakade esilithole ngomhlatshelo kaJesu, siyofuna ukwenza izinto uJehova asitshele zona ngoJesu. Lezi zinto zithinta uthando lwethu ngoNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:37-39) UJesu wabonisa ukuthi ukuthanda kwethu uJehova kwakuyosishukumisela ukuba sifundise abanye “ukugcina zonke izinto [uJesu asiyale] ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Futhi sifuna ukuhlanganyela lolo thando nezinye izinceku zikaJehova ‘ngokubuthana ndawonye’ nazo njalo. (Heberu 10:25; Galathiya 6:10) Futhi, lapho silalela uNkulunkulu neNdodana yakhe, akufanele sicabange ukuthi bafuna ukuphelela kithi. AmaHeberu 4:15 athi uJesu, ongumPristi wethu Ophakeme, ‘angazwelana nobuthakathaka bethu.’ Yeka indlela okududuza ngayo lokho, ikakhulukazi lapho sisondela kuNkulunkulu ngomthandazo ngoKristu sicela usizo lokunqoba ubuthakathaka bethu!—Mathewu 6:12.
Bonisa Ukholo KuKristu
10. Kungani ingekho insindiso ngaphandle kukaJesu Kristu?
10 Ngemva kokuchazela inkantolo ephakeme yamaJuda eJerusalema ukuthi isiprofetho seBhayibheli sasigcwaliseke kuJesu, umphostoli uPetru wenza isiphetho esinamandla, ethi: “Ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” (IzEnzo 4:12) Njengoba yonke inzalo ka-Adamu iyizoni, ukufa kwayo akunalo inani elingasetshenziswa njengesihlengo sanoma ubani. Kodwa uJesu wayephelele, futhi ukuphila kwakhe kwakunenani lomhlatshelo. (IHubo 49:6-9; Heberu 2:9) Wanikela kuNkulunkulu isihlengo esasinenani elihambelana ncamashí nokuphila okuphelele okwalahlwa ngu-Adamu. (1 Thimothewu 2:5, 6) Lokhu kwasivulela ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu.
11. Chaza indlela umhlatshelo kaJesu ongasizuzisa kakhulu ngayo.
11 Isihlengo sasivulela nethuba lokuba sithole ezinye izinzuzo, ngisho kwamanje. Ngokwesibonelo, nakuba siyizoni, umhlatshelo kaJesu usinika ithuba lokuba nonembeza ohlanzekile ngenxa yokuthethelelwa izono. Lokhu kungaphezulu kakhulu kwalokho okwafinyelelwa ama-Israyeli ngemihlatshelo yezilwane eyayifunwa uMthetho KaMose. (IzEnzo 13:38, 39; Heberu 9:13, 14; 10:22) Nokho, ukuze sithole le ntethelelo kudingeka siqaphele ngobuqotho indlela esiwudinga ngayo umhlatshelo kaKristu: “Uma sithi: ‘Asinaso isono,’ sizidukisa ngokwethu futhi iqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, yena ukholekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi.”—1 Johane 1:8, 9.
12. Kungani ukucwiliswa emanzini kuyisici esibalulekile sokuzuza unembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu?
12 Izoni zingalubonisa kanjani ukholo kuKristu nasemhlatshelweni wakhe? Ekhulwini lokuqala, lapho abantu beba amakholwa, babekubonisa obala lokho. Kanjani? Babebhapathizwa. Ngani? Ngoba uJesu wayala ukuba bonke abafundi bakhe babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 8:12; 18:8) Umuntu ngeke azigodle uma inhliziyo yakhe ishukunyiswa ngempela yilungiselelo lothando uJehova alenza ngoJesu. Uyokwenza noma iluphi ushintsho oludingekayo ekuphileni kwakhe, azinikezele kuNkulunkulu ngomthandazo, abese ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe ngokucwiliswa emanzini. Ngokubonisa ukholo ngale ndlela wenza ‘isicelo kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle.’—1 Petru 3:21.
13. Uma siqaphela ukuthi senzé isono, yini okufanele siyenze, futhi ngani?
13 Kodwa ngisho nangemva kwalokhu, izici zesono ziyozibonakalisa. Kuthiwani-ke esimweni esinjalo? Umphostoli uJohane wathi: “Nginilobela lezizinto ukuze ningasenzi isono. Kodwa nokho, uma-ke noma ubani esenza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Futhi ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 2:1, 2) Ingabe lokhu kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi senzani, uma sithandaza kuNkulunkulu sicela intethelelo, siyoyithola? Cha. Isihluthulelo sokuzuza intethelelo ukuphenduka ngobuqotho. Umuntu angase adinge nosizo lwabantu abadala, abanolwazi oluthé xaxa ebandleni lobuKristu. Kumelwe siqaphele ububi balokho esikwenzile futhi sizisole ngobuqotho ukuze senze umzamo wokuzimisela wokugwema ukukuphinda. (IzEnzo 3:19; Jakobe 5:13-16) Uma senza lokhu, singaqiniseka ngosizo lukaJesu nokulondoloza umusa kaJehova.
14. (a) Chaza indlela ebalulekile esiye sazuza ngayo emhlatshelweni kaJesu. (b) Uma sinokholo ngempela, yini esiyoyenza?
14 Umhlatshelo kaJesu uye wavulela “umhlambi omncane,” oyingxenye yesibili yenzalo kaGenesise 3:15, ithuba lokuphila okuphakade ezulwini. (Luka 12:32; Galathiya 3:26-29) Uye wavulela nabanye abantu abayizigidi ithuba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:29; IsAmbulo 20:11, 12; 21:3, 4) Ukuphila okuphakade ‘kuyisipho uNkulunkulu asinikezayo ngoKristu Jesu iNkosi yethu.’ (Roma 6:23; Efesu 2:8-10) Uma sinokholo kuleso sipho futhi siyazisa indlela esenziwa satholakala ngayo, siyokubonisa lokhu. Uma siqonda indlela uJehova aye wamsebenzisa ngayo ngokumangalisayo uJesu ekufezeni intando yaKhe nendlela okubaluleke ngayo ukuba sonke silandele eduze ezinyathelweni zikaJesu, siyokwenza inkonzo yobuKristu ibe omunye wemisebenzi ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Ukholo lwethu luyobonakala ngendlela esiqiniseka ngayo lapho sitshela abanye ngalesi sipho esihle kakhulu esivela kuNkulunkulu.—IzEnzo 20:24.
15. Kungayiphi indlela ukholo kuJesu Kristu lunomphumela oletha ubunye?
15 Yeka ukuthi ukholo olunjalo lunomphumela omuhle futhi oletha ubunye kangakanani! Ngalo, sisondela eduze kuJehova, iNdodana yakhe nakomunye nomunye ebandleni lobuKristu. (1 Johane 3:23, 24) Kuyasijabulisa ukuthi uJehova uye wanika iNdodana yakhe “igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama [ngaphandle kwegama likaNkulunkulu], ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi, nokuba zonke izindimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.”—Filipi 2:9-11.
Ingxoxo Yokubukeza
• Lapho uMesiya evela, kungani labo ababelikholelwa ngempela iZwi likaNkulunkulu bamazi ngokucacile?
• Yiziphi ezinye zezinto okufanele sizenze ukuze sibonise ukwazisa ngomhlatshelo kaJesu?
• Umhlatshelo kaJesu ususizuzise kanjani kakade? Lokhu kusisiza kanjani lapho sithandazela intethelelo yezono kuJehova?
[Isithombe ekhasini 36]
UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi kufanele bafundise abanye ukugcina imiyalo kaNkulunkulu