Abantu Abahamba Ezinyathelweni ZikaJesu
“Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?”—2 KORINTE 12:18.
1. Kungani ngokuvamile kulula ukubona omunye woFakazi BakaJehova?
“NJENGEQEMBU, bamnene, bathembekile, futhi benza kahle esikoleni. Lokhu akunakushiwo ngamanye amaqembu.” Washo kanjalo uthisha-nhloko wesikole sabaqalayo eUnited States. Wayekhuluma ngobani? Ngabantwana boFakazi BakaJehova ababengabafundi esikoleni sakhe. Ngempela, abaningi baye baphawula ukuthi oFakazi BakaJehova, kuhlanganise nabantwana babo, bafana nabanye oFakazi ngezindlela ezithile. Phakathi neminyaka kuye kwaba sobala ngokwengeziwe ukuthi banobunye ngokuphawulekayo ngokuphathelene nezinkolelo nokuziphatha. Ngakho kulula ukubona oFakazi.
2. Iyiphi imfanelo eyayiyisici sebandla lakuqala lobuKristu, futhi yini uPawulu okwadingeka ayisho ngalokhu?
2 Ubunye boFakazi BakaJehova bungokuthile okungavamile kulelizwe elihlukene. Kodwa akunzima ukubuqonda uma sikhumbula ukuthi bonke balwela ukuhamba ezinyathelweni zikaJesu. (1 Petru 2:21) Ubunye obunjalo babuyisici esihlukanisa amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka. Ngesinye isikhathi, uPawulu waluleka ibandla laseKorinte: “Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume-zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.” (1 Korinte 1:10) UPawulu futhi wanikeza iseluleko esiphefumlelwe ngendlela yokusebenzelana nabantu abangathandi ukulondoloza ubunye bobuKristu.—Bheka abaseRoma 16:17; 2 Thesalonika 3:6.
3, 4. UPawulu wabuchaza kanjani ubunye phakathi kwakhe noThithu, futhi sasiyini isisekelo salobunye?
3 Cishe ngonyaka ka-55 C.E., uPawulu wathuma uThithu eKorinte ukuba ayosiza ekuqoqeni umnikelo wabazalwane abasweleyo eJudiya futhi ngokunokwenzeka abone nokuthi ibandla lalisabela kanjani eselulekweni sikaPawulu. Kamuva lapho ebhalela abaseKorinte, uPawulu wabhekisela ekuhambeleni kukaThithu kwamuva futhi wabuza: “UThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?” (2 Korinte 12:18) Wayesho ukuthini uPawulu ngokuhamba kwabo “ngamoya munye” “nangamkhondo munye na”?
4 Wayeveza ubunye obabukhona phakathi kwakhe noThithu. UThithu wayengumngane kaPawulu ayehamba naye ngezinye izikhathi, futhi ngokungangabazeki wafunda okuningi kuPawulu ngalendlela. Kodwa ubunye obabukhona phakathi kwalaba ababili babusekelwe kokuthile okuqine kakhulu kunalokho. Babusekelwe ebuhlotsheni babo obuhle noJehova naseqinisweni lokuthi bobabili babengabalandeli bezinyathelo zikaKristu. UThithu walingisa uPawulu njengoba nje noPawulu alingisa uKristu. (Luka 6:40; 1 Korinte 11:1) Ngakho babehamba ngomoya kaJesu nasezinyathelweni zakhe.
5. Yini engalindelwa ngabantu namuhla abalingisa uPawulu noThithu njengoba behamba “ngamoya munye” “nangamkhondo munye”?
5 Khona-ke, akumangalisi ukuthi amaKristu alelikhulu lama-20 leminyaka, ahamba “ngamoya munye” “nangomkhondo munye” njengoPawulu noThithu, ajabulela ubunye obungenakulinganiswa. Eqinisweni, ukwehlukana kwamaKristu okuzisholo kuwadalula njengamaKristu-mbumbulu, angahambi ezinyathelweni zomHoli azisholo ukuthi ayamlandela. (Luka 11:17) Lomehluko ophawulekayo phakathi kwamaKristu eqiniso nawokuzisholo ungaboniswa ngezindlela ezihlukahlukene. Ake siphawule ezine.
Ubungcwele Begazi
6, 7. (a) Yimuphi umbono oqondile ngegazi ohilelekile ekuhambeni ezinyathelweni zikaJesu? (b) Uyini umehluko phakathi koFakazi BakaJehova nabanye namuhla abenqaba ukumpontshelwa igazi?
6 Cishe ngonyaka ka-49 C.E., indikimba ebusayo yebandla lekhulu lokuqala leminyaka yathumela incwadi eyayiphendula lombuzo: Ingabe kufanele yini ukuba amaKristu angemaJuda alalele uMthetho kaMose? Incwadi yathi: “Kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.” (IzEnzo 15:28, 29) Phawula ukuthi phakathi ‘kwezinto ezifunekayo’ kwakuwukuyeka igazi. Ukuhamba ezinyathelweni zikaJesu kwakuyosho ukungalifaki igazi emzimbeni kungaba ngomlomo noma nganoma iyiphi enye indlela.
7 Lesimiso siye saphulwa isidanasi kweLobukholwa ngomkhuba wokumpontshelwa igazi. Kuyiqiniso, eminyakeni yamuva abantu abaningi baye baqaphela izingozi ezingokwempilo zokumpontshelwa igazi futhi baye bakunqaba ngenxa yezizathu zezokwelapha. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi njengoba abaningi beye bathola ingculaza egazini abalimpontshelwe. Kodwa obani abamelela ubungcwele begazi ngenxa yokuhlonipha umthetho kaNkulunkulu, abenza kanjalo njengeqembu? Uma isiguli senqaba ukuba simpontshelwe igazi, ngokuzenzekelayo udokotela usicabangela ukuthi singubani? Akasho yini udokotela ngokuvamile ukuthi: ‘Kumelwe ukuba ungomunye woFakazi BakaJehova’?
8. UFakazi eItaly wabusiswa kanjani ngokuzimisela kwakhe ukugcina umthetho kaNkulunkulu kulendaba?
8 UAntonietta uhlala eItaly. Eminyakeni engaba yisishiyagalombili edlule wayegula kakhulu, futhi nesilinganiso segazi lakhe sasiphansi kakhulu kangangokuthi odokotela baphikelela ngokuthi kwakudingeka ukuba ampontshelwe igazi ukuze kusindiswe ukuphila kwakhe. Wenqaba futhi waphikiswa yikho kokubili odokotela nezihlobo. Ngisho nabafanyana bakhe ababili bamncenga: “Mama, uma usithanda ngempela, livume igazi.” Kodwa uAntonietta wayezimisele ukuhlala ethembekile, futhi ngokujabulisayo akazange afe. Nokho, isimo sakhe sasibucayi kangangokuthi udokotela wathi: “Asikwazi ukuchaza ukuthi kungani esaphila.” Kodwa lapho enikezwa uhlobo lokwelashwa olwamukelekayo, walulama ngokushesha okukhulu kangangokuthi omunye udokotela wathi: “Angikukholelwa lokhu—bekungenakwenzeka ukuba umane ululame ngesikhashana esifushane kangaka, ngisho noma ngabe besikumpompele igazi usuku lonke.” Njengamanje, uyiphayona elivamile, futhi amadodana akhe amabili, manje aneminyaka eyi-12 neyi-14 ubudala, athuthuka kahle eqinisweni. UAntonietta ngesibindi wayiqaphela ‘leyonto efunekayo,’ ubungcwele begazi. Bonke oFakazi BakaJehova banombono ofanayo njengoba behamba ezinyathelweni zikaJesu.
Ukuziphatha Okuhle
9. Iyini enye ‘into efunekayo’ ehilelekile ekulandeleni ezinyathelweni zikaJesu, futhi kwenzekani kulabo abahlulekayo ukukugcina lokhu?
9 Enye ‘into efunekayo’ eyaqokonyiswa kuleyoncwadi evela endikimbeni ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka ‘yayiwukuyeka . . . ubufebe.’ Encwadini yakhe yokuqala kwabaseKorinte, uPawulu wenaba kulokhu, ethi: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) AmaKristu asiza abantu abafisa ukukhonza uJehova ukuba bazihlanze kulemikhuba engcolile. Ngisho namalungu ebandla abanjwa yiyo ayasizwa ukuba azihlanze uma eguquka futhi ephenduka. (Jakobe 5:13-15) Kodwa uma noma yimuphi umKristu ewela emikhubeni enjalo engcolile futhi enqaba ukuphenduka, umthetho weBhayibheli oqondile uyasebenza. UPawulu waphefumlelwa ngokwaphezulu ukuba athi: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe. . . . Xoshani omubi phakathi kwenu.”—1 Korinte 5:11, 13.
10, 11. (a) Obani okumelwe bathwale icala ngezindinganiso zokuziphatha eziphansi kweLobukholwa, futhi ngani? (b) Okuhlangenwe nakho kwendoda yasePhilippines kukubonisa kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova, njengeqembu, balondoloza izindinganiso zokuziphatha eziphakeme?
10 Naphezu kwalesifundiso esicacile, eLobukholwa ligcwele ukuziphatha okubi. Abefundisi abalulaza izindinganiso zaphezulu kumelwe basolwe ngalesisimo, ngokufanayo nalabo abakhuluma nje ngomlomo ngezindinganiso zeBhayibheli kodwa bahluleke ukuzigcizelela ngesibindi emabandleni abo. Noma kunjalo, nakulokhu futhi, oFakazi BakaJehova njengeqembu bahamba ezinyathelweni zikaJesu.
11 Cabanga ngoJose, wasePhilippines. Eneminyaka eyi-17 ubudala wayesaziwa njengesixhwanguxhwangu nomgembuli. Wayehlala edakiwe, ephila ukuphila kokuziphatha okubi, futhi ngokuphindaphindiwe eboshwa ejele ngenxa yokweba. Khona-ke wathintana noFakazi BakaJehova. “Isifundo seBhayibheli sakushintsha ngokuphelele ukuphila kwami,” esho. “Angisaphuzi futhi angisabhemi, futhi ngiye ngafunda ukulawula intukuthelo yami. Manje nginonembeza ohlanzekile, nginomfazi oyedwa nje kuphela. Futhi ngiye ngazuza ukuhlonishwa omakhelwane bami, ababevame ukungibiza ngokuthi ‘uJose, onedumela elibi,’ noma ‘uJose, umungcwi.’ Manje bangibiza ngokuthi ‘uJose, uFakazi KaJehova.’ Indodana yami nomshana wami bayizinceku ezikhonzayo ebandleni lapho ngikhonza khona njengomdala nephayona elivamile.” UJose nezigidi zabanye ofakazi bakaJehova abangamaKristu bahamba ezinyathelweni zikaJesu njengamaKristu aziphatha ngokuhlanzekile.
Ukungathathi-hlangothi
12. Yisiphi isimo sengqondo samaKristu eqiniso uJesu asiqokomisa emthandazweni wakhe obhalwe kuJohane isahluko 17?
12 Emthandazweni omude uJesu awenza ngobusuku bakhe bokugcina enabafundi bakhe, waphawula enye indlela abalandeli bakhe ‘ababeyohamba’ ngayo ‘ezinyathelweni zakhe.’ Ekhuluma ngabafundi bakhe, wathi: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Lokhu kusho ukuthi amaKristu awathathi-hlangothi. Kunokuba athathe uhlangothi kwezombangazwe noma emibangweni yobuzwe, atshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu, owukuphela kwekhambi lezinkinga zalelizwe.—Mathewu 6:9, 10; Johane 18:36.
13, 14. (a) ELobukholwa lihluke kanjani koFakazi BakaJehova endabeni yokungathathi-hlangothi? (b) Ukulondoloza ukungathathi-hlangothi kwezombangazwe kukaFakazi waseJapane kwabazuzisa kanjani bonke abazalwane?
13 Lesimiso sokungathathi-hlangothi amalungu amaningi eLobukholwa aye asikhohlwa, okukuwona indabuko yobuzwe ngokuvamile ingebaluleké kakhulu kunokuhlanganiswa inkolo. Umlobeli wamaphephandaba uMike Royko ubonisa ukuthi “amaKristu” awakaze “akuzonde ukulwa impi namanye amaKristu,” enezela uthi: “Ukuba ayekuzonda, eziningi zezimpi ezisabeka kakhulu eYurophu ngabe azizange zenzeke.” Ukuthi oFakazi BakaJehova balondoloza ukungathathi-hlangothi ngokuqinile ngezikhathi zempi kuyiqiniso elaziwayo. Kodwa njengabalandeli bezinyathelo zikaJesu, abathathi-hlangothi futhi ezindabeni zezenhlalo nezezombangazwe. Ngakho, akukho okuphazamisa ubunye babo obuphawulekayo bomhlaba wonke.—1 Petru 2:17.
14 Ngezinye izikhathi ukungathathi-hlangothi kwabo kuletha imiphumela engalindelekile. Ngokwesibonelo, esigodini saseTsugaru, enyakatho yeJapane, izindaba zokhetho zithathwa ngokungathi sína. Kodwa uToshio, iphini lomphathi eMnyango Wezezimali wehhovisi lendawo likahulumeni, wenqaba ngenxa kanembeza ukuba ahileleke emkhankasweni wokukhethwa komunye umphathi-dolobha. Lokhu kwaholela ekubeni ehliselwe esikhundleni esiphansi eMnyango Wokuchitha Indle. Nokho, ngemva konyaka umphathi-dolobha waboshwa futhi waphoqelelwa ukuba ashenxe esikhundleni ngenxa yemikhuba yokonakala. Kwakhethwa umphathi-dolobha omusha. Lapho ezwa ngokwehliswa kukaToshio, wambuyisela esikhundleni esiphakeme sobuqondisi, futhi lokhu kwaletha izibusiso kubafowabo bakaToshio abangamaKristu. Kanjani? UToshio uyachaza ukuthi kunzima kakhulu ukuthola imvume yokusebenzisela amahholo amakhulu imibuthano ngaphandle kweyokuwasebenzisela imidlalo yokugijima. Kodwa kulesikhundla sakhe samanje, “uJehova uye wakwazi ukungisebenzisa,”—kucashunwa amazwi kaToshio—“ukuze sithole imvume yokusebenzisa lamahholo amakhulu emihlanganweni emithathu yesigodi nemihlangano emine yesifunda.” Uphetha ngokuthi: “Uma kuphela sihlala sithembekile, uJehova uyovula izindlela ezingacabangeki ukuze asisebenzise.”
Ekhaya
15. UJesu wasishiya kanjani isibonelo sabalandela ezinyathelweni zakhe endabeni yobuhlobo bomkhaya?
15 Enye indawo amaKristu ‘alandela’ kuyo ‘ezinyathelweni zikaJesu’ kusekhaya. IBhayibheli limisa isibonelo sikaJesu njengesibonelo sobuhlobo bomkhaya lapho lithi: “Nithobelane ngokumesaba uKristu. Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla. . . . Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke. Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo.”—Efesu 5:21-25.
16, 17. (a) Yisiphi isimo esibi esikhona kweLobukholwa ngokuqondene nobuhlobo bomkhaya? (b) Ubuhlobo bomkhaya bungathuthukiswa kanjani kuphela, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho kombhangqwana oshadile eBrazil?
16 ELobukholwa namuhla ngokuvamile alisinaki leseluleko futhi ngenxa yalokho ligcwele imikhaya ewohlokile. Imikhaya ehlukene ingevamile, futhi izingxabano phakathi komzali nomntwana ngokuvamile zingezijulile. “Umkhaya uyahlukana,” kuphawula uprofesa wolwazi lwezengqondo eminyakeni ethile edlule. Izazi zengqondo yabantwana, abeluleki bemishado, nezazi zezifo zengqondo zinempumelelo encane kakhulu ekugcineni imikhaya esengozini ingahlukani. Kodwa oFakazi BakaJehova bazama kakhulu ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli futhi bayaziwa ngobuhlobo bomkhaya obungcono kakhulu kunobusesilinganisweni.
17 Ngokwesibonelo, uAldemar, wayengumholi wamaphoyisa ezempi eBrazil futhi enezinkinga zomkhaya. Umkakhe wamshiya futhi wafuna ukwehlukana okungokomthetho. Waqala ukuphuza kakhulu futhi wazama ngisho nokuzibulala. Kamuva, izihlobo zakhe, ezingoFakazi BakaJehova, zakhuluma naye ngeBhayibheli. Wakuthanda lokho akuzwa futhi waqala ukufunda. Efuna ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nokuma kokungathathi-hlangothi oFakazi BakaJehova abaziwa ngakho, wacela ukwesula empini. UAldemar nomkakhe bakuxazulula ukungezwani kwabo emshadweni ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli uAldemar ayezifunda. Namuhla, balandela ezinyathelweni zikaJesu, bekhonza uJehova ndawonye njengamaphayona avamile.
Ukulalela Ngenxa Yothando
18. (a) Kungani oFakazi BakaJehova bebusiswa ngokomoya namuhla? (b) UIsaya 2:2-4 ugcwaliseka kanjani manje?
18 Kusobala ukuthi oFakazi BakaJehova ngobunye bahamba emoyeni nasezinyathelweni zikaKristu Jesu. Njengabantu ngabanye nanjengeqembu, bayabusiswa ngokomoya ngokwenza kanjalo. (IHubo 133:1-3) Ubufakazi obusobala besibusiso saphezulu kubo buye bashukumisa izixuku zabantu abanhliziyo ziqotho ukuba benze ngokuvumelana nesiprofetho sikaIsaya 2:2-4. Eminyakeni eyisihlanu nje edlule, abayizi-987-828 baye bathatha izinyathelo ezidingekile zokuzinikezela futhi baziletha ukuba babhapathizwe emanzini. Ngothando, uJehova akazange abeke mngcele ongujuqu wokuthi bangaki abantu abangenza lokhu ngaphambi kokuba ‘usizi olukhulu’ lugadle!—IsAmbulo 7:9, 14.
19. (a) Yiziphi izinzuzo ezibonakalayo ezingaba umphumela wokukhonza uJehova, futhi kufanele zibhekwe kanjani? (b) Siyini isizathu sethu esisemqoka sokulalela imiyalo kaJehova?
19 Njengoba okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa, izibusiso ezingokomoya ezijatshulelwa abantu bakaNkulunkulu ngokuvamile zihambisana nezinzuzo ezibonakalayo. Ngokwesibonelo, ngokugwema ukubhema, ngokuphila ukuphila kokuziphatha okuhlanzekile, nangokuhlonipha ubungcwele begazi, bangase bagweme ukuba yizisulu zezifo ezithile. Noma ngenxa yokuphila ngokuvumelana neqiniso, bangase bazuze ngokwezomnotho, ezenhlalo, noma ezokuhlalisana kwasekhaya. Noma yiziphi izinzuzo ezinjalo ezibonakalayo zibhekwa njengesibusiso esivela kuJehova, futhi zifakazela ukuba usizo kwemithetho kaJehova. Kodwa ithuba lokuzuza izinzuzo ezinjalo eziwusizo alisona isizathu esisemqoka sokulalela imithetho kaNkulunkulu. AmaKristu eqiniso alalela uJehova ngoba emthanda, ngoba ekufanelekela ukuba amkhulekele, nangenxa yokuthi ukwenza intando yakhe kuwukuphela kwento efanelekile. (1 Johane 5:2, 3; IsAmbulo 4:11) USathane ogomela ngokuthi abantu bakhonza uNkulunkulu ngenxa yezinzuzo zobugovu kuphela.—Bheka uJobe 1:9-11; 2:4, 5.
20. OFakazi BakaJehova banamuhla bahamba kanjani ngamoya munye njengofakazi abathathu abathembekile bamaHeberu bezikhathi zasendulo?
20 Ofakazi bakaJehova banamuhla bahamba ngamoya munye njengofakazi abathathu abasha abangamaHeberu abathembekile bosuku lukaDaniyeli. Lapho besongelwa ngokuthi babezophonswa esithandweni somlilo esivuthayo, laba bathi: “Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo [okusho ukuthi, ngisho noma engavumela ukuba sife], makwazeke kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.” (Daniyeli 3:17, 18) Kungakhathaliseki izinzuzo ezibonakalayo zangalesosikhathi noma imiphumela, oFakazi BakaJehova bayoqhubeka belandela eduze ezinyathelweni zikaJesu, bazi ukuthi ukuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu kuqinisekile! Njengabantu abanobunye, bayoqhubeka behamba “ngamoya munye” “nangamkhondo munye,” kungakhathaliseki ukuthi kuvelani!
Ingabe Ungachaza Ukuthi:
◻ Kungani oFakazi BakaJehova benobunye?
◻ OFakazi BakaJehova bahluke ngaziphi izici kumaKristu okuzisholo?
◻ Yisiphi isizathu esisemqoka sokuba amaKristu eqiniso akhonze uJehova?
◻ Abantu bakaNkulunkulu bazibheka kanjani izinzuzo eziwumphumela wokulalela uJehova?
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho isiguli senqaba ukumpontshelwa igazi, ngokuvamile kucatshangwa ukuthi singomunye woFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 18]
Abaningi abathi bangamaKristu abazange bakuzonde ukulwa nabanye empini—ebusiswe abefundisi babo