Eyesibili KwabaseThesalonika
3 Ekugcineni, bazalwane, qhubekani nisithandazela, + ukuba izwi likaJehova* liqhubeke lisakazeka ngokushesha + futhi likhazinyuliswa njengoba nje nilikhazimulisa, 2 nokuba sikhululwe kubantu abalimazayo nababi, + ngoba ukholo alulona olwabo bonke abantu. + 3 Kodwa iNkosi ithembekile, iyoniqinisa futhi inivikele komubi. 4 Ngaphezu kwalokho, njengabalandeli beNkosi siyaqiniseka ukuthi niyazenza futhi niyoqhubeka nizenza izinto esiniyala ngazo. 5 Kwangathi iNkosi ingaqhubeka iziqondisa ngempumelelo izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu + nasekukhuthazeleni + ngenxa kaKristu.
6 Manje siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba niqhele kulowo nalowo mzalwane ohamba ngokungahlelekile + futhi engahambi ngokwesiko* enalamukela* kithi. + 7 Ngoba nina ngokwenu niyayazi indlela okufanele nisilingise ngayo, + ngoba asiziphathanga ngokungahlelekile phakathi kwenu 8 futhi asidlanga kudla kwamuntu mahhala. *+ Kunalokho, sasisebenza ubusuku nemini ngokushikashikeka nokukhandleka ukuze singathwesi muntu kini umthwalo oyizindleko ezinkulu. + 9 Akukhona ukuthi asinalo igunya, + kodwa sasifuna ukuzinikela kini njengesibonelo sokuba nisilingise. + 10 Eqinisweni, ngesikhathi sinani, sasivame ukuniyala kanje: “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.” + 11 Ngoba siyezwa ukuthi abathile bahamba ngokungahlelekile phakathi kwenu, + bengasebenzi nhlobo kodwa bezigaxa kokungabathinti. + 12 Abantu abanjalo siyabayala futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze bethule futhi badle ukudla abazizuzela kona. +
13 Nina, bazalwane, ningayeki ukwenza okufanele. 14 Kodwa uma noma ubani engalilaleli izwi lethu eliza ngale ncwadi, mgcineni ephawuliwe lowo, niyeke ukuzihlanganisa naye, + ukuze abe namahloni. 15 Nokho ningambheki njengesitha, kodwa niqhubeke nimyala + njengomfowenu.
16 Kwangathi iNkosi yokuthula uqobo inganinika ukuthula ngazo zonke izindlela. + INkosi mayibe nani nonke.
17 Nanku umkhonzo wami, mina Pawulu, ngesandla sami siqu, + okuwuphawu kuzo zonke izincwadi; yile ndlela engibhala ngayo.
18 Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani nonke.