Ingabe Ungajabula Uma Unokuningi Okumelwe Ukwenze?
ININGI lethu liphila ukuphila okumatasa kakhulu, ngokuvamile okokuxakeka. Izinto ezicindezelayo ezihlala zikhona zokuphila kosuku lwanamuhla zenza kudingeke ukuba senze umzamo wasikhathi sonke ukuze nje siqhubeke siphila. Amadoda nobaba kumelwe bahlangabezane nezibopho ezibalulekile abanazo emikhayeni yabo, kubaqashi, nakwabanye. Abafazi nomama kumelwe banakekele izidingo zasendlini zemikhaya yabo futhi ngokuvamile kudingeka basebenze emisebenzini yokuziphilisa. Nabantu abasha bangaphansi kokucindezeleka kokuba baqhubeke bephila ngezibopho ezithile zasemkhayeni kuyilapho bethola imfundo eyobahlomisela indima enenzuzo emphakathini.
Kodwa kuthiwani ngathi thina esinikezele ukuphila kwethu kuJehova uNkulunkulu futhi esingoFakazi bakhe ababhapathiziwe? Ngaphezu kwazo zonke ezinye izinto ezilindelwe kithi, sinalesiyalo somphostoli uPawulu: “Bazalwane bami abathandekayo, yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.” (1 Korinte 15:58) Yebo, imithwalo eminingi yemfanelo eyengeziwe iyingxenye yezimfuneko zokukhulekela kweqiniso. Singazigcwalisa kanjani zonke lezibopho kodwa sibe nokuthula kwengqondo kanye nombono wenjabulo?
Ukufeza Okuthile Kuletha Injabulo
Injabulo—umuzwa wokuhlala kahle noma wokwaneliseka—ihlobene kakhulu nokuphumelela ekusingatheni imithwalo yemfanelo yokuphila. Uma sikwazi ukugcwalisa izibopho zethu zansuku zonke ngendlela ephumelela ngokusesilinganisweni, senze izinto ngesikhathi nangendlela ehlelekile, siba nomuzwa wokufeza okuthile kanye nokwaneliseka. Yileyondlela okufanele kube ngayo, futhi umphumela uba nengxenye enjabulweni yethu.
UJehova uNkulunkulu akazange akuhlose ukuba ukusingatha kwethu imithwalo yemfanelo kube umthwalo ocindezelayo. Kunalokho, bekulokhu kuyisifiso sakhe ukuba ‘sithokoze futhi sibone okuhle kuwo wonke umshikashika wethu.’ (UmShumayeli 3:12, 13) Lapho sijabulile emsebenzini wethu, sivama ukukhiqiza. Sisithatha kalula isiyalo futhi sihlalisane ngokuthula nabanye. Ngakolunye uhlangothi, uma singajabulile, umsebenzi wethu uba yisidina—okuthile okuyisicefe, okubangela isithukuthezi, kusikhandle ngisho nangokomzwelo. Lokhu kuholela emikhubeni yomsebenzi ongakhiqizi kanye nasesimweni sengqondo esiphambene. Ukuphila kuba umzabalazo wansuku zonke njengoba sizama ukwenza zonke izinto ezifunwa kithi. Nokho, uma singathola indlela yokuhlala sijabulile kulokho esikwenzayo, ngokunokwenzeka kakhulu siyojabulela indlela yokuphila enomvuzo neyanelisayo.
Yiba Ngolinganiselayo
Ukuze sijabule yize sinokuningi okumelwe sikwenze, sidinga ukuba ngabalinganiselayo. Kuyini-ke ukulinganisela? ‘Kuwukuzinza engqondweni nangokomzwelo.’ Umuntu olinganiselayo ulwela ukuhleleka emisebenzini yakhe. Uhlela kusengaphambili, ugwema ukuhlehlisa izinto angazenza, futhi uyalinganisela emikhubeni. Ubonisa ukuzithiba ekudleni, ophuzweni, ekuzilibaziseni, ezintweni azithandayo nasekuzijabuliseni. Eqinisweni, ubonisa ‘ukuzithiba ezintweni zonke’!—1 Korinte 9:24-27; qhathanisa noThithu 2:2.
Umthandazo unendima ebalulekile ekulondolozeni ukulinganisela kobuKristu. Inceku kaJehova ingathandazela umoya ongcwele kaNkulunkulu kanye nosizo lukaYise wasezulwini ekuhlakuleleni izithelo zawo, kuhlanganise nokuzithiba. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) UmKristu kufanele aye kuJehova ngomthandazo ikakhulukazi lapho ehlaselwa izilingo ezisongela ukuphazamisa ukulinganisela kwakhe. “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza,” kusho umhubi uDavide. (IHubo 37:5) Ngezinye izikhathi kungase kudingeke sithandaze njengoba kwenza uDavide lapho enxusa: “Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.” (IHubo 70:5) Masingalokothi sikhohlwe ukuthi ngomthandazo kungenzeka ukuba silondoloze ukulinganisela futhi sijabulele ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke futhi silondoloze izinhliziyo nemicabango yethu.’—Filipi 4:6, 7.
Ngenxa yokuthi uncike kuJehova futhi ujabulela ukuthula kukaNkulunkulu, umKristu olinganiselayo uhluzekile engqondweni. (Thithu 2:11, 12, qhathanisa neNW.) Lokhu kubangelwa ukuziqonda kahle izimiso zeBhayibheli nokuzisebenzisa ekuphileni kwakhe. Umuntu onjalo akazenzisi, futhi akasheshi ukwahlulela. Ukulinganisela kumenza angabi ngoncika ngokweqile emibonweni yakhe siqu noma onenkani. Ulondoloza umbono olinganiselwe ngaye siqu nangamakhono akhe, futhi lokhu kumenza akwazi ukubambisana nabanye. (Mika 6:8) Ngokuthakazelisayo, izici ezisiza umuntu ukuba abe ngolinganiselayo ziphakathi futhi kwezimfanelo ezidingekayo kulabo abamiswayo ukuze bakhonze njengababonisi ebandleni lobuKristu.—1 Thimothewu 3:2, 3.
Singanezela kakhulu enjabulweni yethu ngokulwela ukuba ngabalinganisela ngokwengeziwe emisebenzini yethu yansuku zonke. Ngokubonisa izimfanelo ezihlobene nokulinganisela okuhle, singenza izinto ezidingekile ngaphandle kokucindezeleka okukhulu emzimbeni noma ngokomzwelo. Indlela yethu yokuphila iyobonisa ukuzinza okukhudlwana, futhi siyofeza okwengeziwe. Abanye bayothola injabulo eyengeziwe uma benathi, futhi siyojabulela ukwaneliseka okukhudlwana kanye nenjabulo. Kodwa yiziphi ezinye izindlela ezisebenzisekayo zokulondoloza ukulinganisela?
Izindlela Ezisebenzisekayo Zokulondoloza Ukulinganisela
Ukuze silondoloze ukulinganisela, kufanele sizame ukuba sisheshe futhi sihleleke lapho sisingatha izinto zethu siqu. Sidinga ukuhlela kusengaphambili, sinakekele izinto ngendlela ehlelekile nengokwesimiso. Labo abantula ukuhleleka okuhle nabathambekele ekuhlehliseni izinto abangazenza benza ukuphila kwabo kube nzima kube namazinga aphakeme okucindezeleka nokukhathazeka. Ukuphumelela kulendawo ekuphileni kuyosisiza ukuba sibe nomuzwa wokuthi siyakwazi ukulawula izimo esikhundleni sokuba nomuzwa wokuthi siyizisulu zazo ezingenakuzisiza.
Akufanele sizame ukuzenzela zonke izinto ngokwethu. Labo abangazimisele ukwamukela usizo oluvela kwabanye ngokuvamile bavuna kabuhlungu ngokukhathala nangokukhungatheka. Kunemisebenzi ehlukahlukene enganakekelwa ngabanye. Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukusebenzisa ngokugcwele amakhono alabo abazimisele ukusiza. Ngaphandle kokuwenza lula umthwalo wethu siqu, lokhu kungase kubakhuthaze labo abafisa ukusondela kithi.
Akukhona ukuhlakanipha ukuziqhathanisa nalabo abangase bakwazi ukwenza okwengeziwe. Ukuzama ukuzifanisa nalabo ababonakala befinyelela okungaphezu kwesikufinyelelayo kuyadumaza, kusenza sizizwe sibancane futhi singelutho. Ukucabanga okunjalo kuyonakalisa, kwenza buthaka ukuzimisela nokuzethemba kwethu. UPawulu wabhala: “Makube-yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba-nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye.” (Galathiya 6:4) Khumbula ukuthi isisebenzi esaziswa kakhulu yileso esilandela iziyalo, esizinzile nesinokwethenjelwa, futhi esenza umsebenzi osezingeni elihle. Uma nathi sinjalo, izinkonzo zethu ziyokwaziswa futhi zidingeke.—IzAga 22:29.
Kudingeka siyinakekele kahle impilo yethu. Ingenye yezinto esinazo eziyigugu kakhulu, ngoba ngaphandle kwayo kuncane kakhulu esingakwazi ukukwenza. Ngakho, kufanele sizame ukulondoloza indlela yokudla enempilo ngokudla ukudla okunomsoco. Kumelwe sithole ukuphumula esikudingayo, silale ngesikhathi esifanele ebusuku. Lapho sikhathele kakhulu noma sizizwa singenwa ukugula okuthile, akufanele siziphoqe; singase sivune kabuhlungu kakhulu.
Kubalulekile ukuba siqaphele ukuba singabi nomoya wokukhononda. Uma singakuqapheli ukucabanga okuphambene, singathola okuthile okuyiphutha cishe kunoma yini noma kunoma ngubani. Lena indlela eqinisekile eyosiphuca injabulo thina kanye nabanye. Esikhundleni sokuhleba noma sokukhononda ngalokho esinomuzwa wokuthi akulungile, kufanele sazise labo abanomthwalo wemfanelo wokusingatha leyondaba futhi sikushiyele kubo ukuba balungise izinto. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:10-12.) Siyobe senza ngokuhlakanipha uma silondoloza umbono oqondile, njalo sifuna futhi silindela ukuthola okuhle kwabanye nasezenzakalweni ezilolonga ukuphila kwethu.—Qhathanisa noJuda 3, 4, 16.
Lapho sihlela imisebenzi yethu, kufanele sikhumbule ukuthi ukujaha kakhulu kungase kuqophe imilando, kodwa akuvamile ukuba kuhlale isikhathi eside. Ukuzikhandla ngokweqile okuqhubekayo akuholeli kuphela ekukhathaleni kodwa futhi kungaletha ukudumazeka okungakwenza buthaka ukuzimisela kwethu ukuqhubeka. Ngakho, masizibekele isivinini esingasilondoloza ngokuqhubekayo. Ngokwesibonelo, kuhle ukumisa isimiso esisebenzisekayo sokuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nakwezinye izici zenkonzo yobuKristu. Kudingeka sizinike isikhathi sokuphumula nokuzilibazisa okwakhayo. Futhi siyokuthola kunenzuzo ukukhuluma nabantu abadala abanamashumi eminyaka yokuhlangenwe nakho, ngoba kungenzeka ukuthi baye bathola indlela yokwenza izinto ezidingekile ngaphandle kokuzikhandla emzimbeni nangokomzwelo.
Sebenzisa Ukwahlulela Okuhle
Kungokufanelekile ukuba nomuzwa wokuthi sinesibopho kanye nesifiso sokufeza yonke imithwalo yethu yemfanelo esiyabelwe, kuhlanganise neyasebandleni labantu bakaJehova. UNkulunkulu uyazithanda izisebenzi ezikhuthele nezinokwethenjelwa. (Qhathanisa noMathewu 25:21; Thithu 2:11-14.) Kodwa imiBhalo iyanxusa: ‘Gcina ukuhlakanipha namasu.’ (IzAga 3:21) Ukusebenzisa ukuhlakanipha kweBhayibheli kuyosizuzisa, futhi kudingeka sisebenzise izingqondo zethu kanye nokwahlulela okuhle, senze amacebo ngokucophelela futhi sihlale njalo senza okusemandleni ethu.
Isiyalo sokuba sibe nokuningi okumelwe sikwenze njalo emsebenzini weNkosi kumelwe silinganiswe nokuqapha okutuswe kumShumayeli 9:4. Lapho siyafunda: “Inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.” Yebo, inja ephilayo, nakuba idelelwa ngabanye, ingcono kakhulu kunengonyama efile, isilwane abaningi abasibheka njengesiyinkosi. Uma sisebenzisa ukulinganisela futhi siyinakekela ngokufanele impilo yethu, siyophila futhi siqhubeke senza izinto. Abafile abasenangxenye kunoma imuphi umsebenzi. Ukwahlulela okuhle kungasisiza ukuba sithole ukulinganisela okufanele okusivumela ukuba sifeze izinto ezidingekayo ngaphandle kokulahlekelwa injabulo yethu.
Khona-ke, ukuba nokuningi okumelwe sikwenze akusho ukuthi ngeke sijabule. Abantu abamatasa kunabo bonke bangatholakala phakathi kwabantu abajabule kunabo bonke uma belinganisela, belondoloza umbono omuhle, futhi besebenzisa ukwahlulela okuhle ukuze bahlale belinganisela kahle. Singaba nenjabulo enkulu kunazo zonke ezingaba khona uma sibonisa ukuhlakanipha, senza imisebenzi emihle, futhi sibeka ithemba lethu kuJehova uNkulunkulu.—1 Thimothewu 6:17-19.