‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—KOLOSE 3:13.
1. (a) Lapho uPetru esikisela ukuba sithethelele abanye “kuze kube izikhathi eziyisikhombisa,” kungani kungenzeka wayecabanga ukuthi wayebonisa umusa omkhulu? (b) Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi kufanele sithethelele “kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa”?
“NKOSI, umfowethu kumelwe angone izikhathi ezingaki ngimthethelela? Kuze kube izikhathi eziyisikhombisa?” (Mathewu 18:21) Kungenzeka ukuthi uPetru wayecabanga ukuthi ukusikisela kwakhe kwakunomusa omkhulu. Ngaleso sikhathi, isiko laworabi lalithi umuntu akufanele athethelele icala elifanayo izikhathi ezingaphezu kwezintathu.a Cabanga-ke ngokumangala kukaPetru lapho uJesu ephendula: “Ngithi kuwe, hhayi Kuze kube izikhathi eziyisikhombisa, kodwa, Kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa”! (Mathewu 18:22) Lokhu kuphindwa kwesikhombisa kwakufana nokuthi “ngokunganqunyiwe.” Ngokombono kaJesu, akukho mkhawulo enanini lezikhathi umKristu okufanele athethelele ngazo abanye.
2, 3. (a) Yiziphi ezinye izimo okungase kubonakale kunzima kuzo ukuthethelela abanye? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi ukuthethelela abanye kuzuzisa thina?
2 Nokho, ukusebenzisa leso seluleko akulula ngaso sonke isikhathi. Ubani kithi ongakaze abuzwe ubuhlungu bokulinyazwa ngokungenabulungisa? Mhlawumbe othile owawumethemba wadalula imfihlo. (IzAga 11:13) Amazwi angacatshangwanga omngane oseduze kungenzeka ‘akuhlaba njengenkemba.’ (IzAga 12:18) Ukuxhashazwa umuntu owawumthanda noma owawumethemba kungenzeka kwakubangela amanxeba ajulile. Lapho kwenzeka izinto ezinjalo, ukusabela kwethu kwemvelo kungase kube ukuzizwa sithukuthele. Singase sithambekele ekuyekeni ukumkhulumisa umoni, simgweme ngokuphelele uma kwenzeka. Ukumthethelela kungase kubonakale kuwukumvumela asilimaze ngaphandle kokuthola isijeziso. Nokho, ngokufukamela ukucasuka, sigcina sizilimaze thina.
3 Ngakho-ke uJesu usifundisa ukuba sithethelele—“kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.” Ngokuqinisekile izimfundiso zakhe azisoze ziphumele ekusilimazeni. Konke ayekufundisa kwakusuka kuJehova, ‘osifundisa okusisizayo.’ (Isaya 48:17; Johane 7:16, 17) Ngokunengqondo, kumelwe ukuba kuzuzisa thina ukuthethelela abanye. Ngaphambi kokuba sixoxe ngokuthi kungani kufanele sithethelele nokuthi singakwenza kanjani, kungase kube usizo ukuqale sicacise ukuthi kuyini ukuthethelela nokuthi yini okungeyona. Indlela esiqonda ngayo ukuthethelela ingase ithonye ukukwazi kwethu ukuthethelela lapho abanye besona.
4. Ukuthethelela abanye akusho ukuthini, kodwa kuchazwa kanjani ukuthethelela?
4 Ukuthethelela abanye lapho besona akusho ukuthi siyakuvumela noma siyakululaza abakwenzile; futhi akusho ukuvumela abanye basizakale ngokungafanele ngathi. Kakade, lapho uJehova esithethelela, ngokuqinisekile akazilulazi izono zethu, futhi akasoze avumele abantu abanesono ukuba badlale ngesihe sakhe. (Heberu 10:29) Ngokwe-Insight on the Scriptures, ukuthethelela kuchazwa ‘njengesenzo sokuxolela umoni; ukuyeka ukuzizwa umcasukele ngenxa yesono sakhe nokuyeka konke ukufuna ukunxephezelwa.’ (Umqulu 1, ikhasi 861)b IBhayibheli lisinikeza izizathu ezinengqondo zokuthethelela abanye.
Kungani Kumelwe Sithethelele Abanye?
5. Yisiphi isizathu esibalulekile sokuthethelela abanye esiboniswe kwabase-Efesu 5:1?
5 Isizathu esibalulekile sokuthethelela abanye siboniswe kweyabase-Efesu 5:1: “Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” Yisiphi isici okufanele ‘sibe abalingisi bakaNkulunkulu’ kuso? Igama elithi “ngakho-ke” lihlanganisa lamazwi nevesi elandulelayo, elithi: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:32) Yebo, lapho kuziwa ekuthetheleleni, kufanele sibe abalingisi bakaNkulunkulu. Njengoba umfanyana ezama ukuba njengoyise, nathi, njengezingane uJehova azithanda kakhulu, kufanele sifune ukuba njengoBaba wethu wasezulwini othethelelayo. Yeka indlela okumelwe ukuba kuyijabulisa ngayo inhliziyo kaJehova ukubuka phansi esezulwini abone izingane zakhe zasemhlabeni zizama ukuba njengaye ngokuthethelelana!—Luka 6:35, 36; qhathanisa noMathewu 5:44-48.
6. Ukuthethelela kukaJehova kuhluke kakhulu ngayiphi indlela kokwethu?
6 Kuyavunywa, asinakukwazi ukuthethelela ngomqondo ophelele njengoba kwenza uJehova. Kodwa lokho kuyisizathu esengeziwe sokuba sithethelelane. Cabanga: Kunomehluko omkhulu phakathi kokuthethelela kukaJehova nokwethu. (Isaya 55:7-9) Lapho sithethelela labo abaye basona, ngokuvamile sisuke siqaphela ukuthi ngesinye isikhathi singase sidinge umusa ofanayo kubo wokuba basithethelele. Kubantu, kuhlale kuyindaba yezoni zithethelela izoni. Nokho, kuJehova, ukuthethelela kuqhamuka ohlangothini olulodwa njalo. Uyasithethelela, kodwa thina akusoze kudingeke simthethelele. Uma uJehova ongoni engasithethelela ngothando nangokuphelele kangaka, akufanele yini thina bantu abanesono sizame ukuthethelelana?—Mathewu 6:12.
7. Uma senqaba ukuthethelela abanye lapho kunesizathu sesihe, kungaba kanjani nomphumela omubi ebuhlotsheni bethu siqu noJehova?
7 Okubaluleke nakakhulu, uma senqaba ukuthethelela abanye lapho kunesisekelo sesihe, kungalimaza ubuhlobo bethu siqu noNkulunkulu. UJehova akasiceli nje ukuba sithethelelane; ulindele ukuba senze kanjalo. NgokwemiBhalo, ingxenye yesisusa sethu sokuthethelela iwukuba uJehova asithethelele noma iwukuthi uye wasithethelela. (Mathewu 6:14; Marku 11:25; Efesu 4:32; 1 Johane 4:11) Uma-ke singazimisele ukuthethelela abanye lapho kunesizathu esinengqondo sokwenza kanjalo, singakulindela ngempela yini ukuthethelelwa okunjalo kuJehova?—Mathewu 18:21-35.
8. Kungani ukuthethelela kuphumela ekuzuziseni thina?
8 UJehova ufundisa abantu bakhe “indlela enhle abayakuhamba ngayo.” (1 AmaKhosi 8:36) Lapho esiyala ukuba sithethelelane, singaqiniseka ukuthi ucabangela thina. Ngesizathu esihle iBhayibheli lisitshela ukuba ‘siqhelele ulaka.’ (Roma 12:19) Ukucasuka kuwumthwalo osindayo ongawuthwala ekuphileni. Lapho sikufukamela, kuyasidla engqondweni, kusiphuce ukuthula, futhi kusincishe injabulo. Ukuthukuthela isikhathi eside, njengomhawu, kungalimaza impilo yethu engokomzimba. (IzAga 14:30) Futhi kukho konke lokhu, isoni singase singazi nakancane ngokuhlupheka kwethu! UMdali wethu onothando uyazi ukuthi kudingeka sithethelele abanye obala ukuze kungazuzi bona nje kuphela kodwa nathi. Iseluleko seBhayibheli sokuthethelela, ngempela, ‘siyindlela enhle esiyakuhamba ngayo.’
“Qhubekani Nibekezelelana”
9, 10. (a) Luhlobo luni lwezimo olungadingi ngaso sonke isikhathi ukuthethelela ngokuhleliwe? (b) Yini esikiselwa amazwi athi “qhubekani nibekezelelana”?
9 Ukulimala okungokomzimba kungase kuhlukahluke kusukela ekuklwebhekeni okungatheni kuya emanxebeni ajulile, futhi akudingi izinga elifanayo lokunakekelwa konke. Kungokufanayo nangemizwa elimele—amanye amanxeba ayajula kunamanye. Ingabe ngempela kuyadingeka ukuba senze impikiswano ngayo yonke imihuzuko engasho lutho esiyithola ebuhlotsheni bethu nabanye? Izinto ezincane ezicasulayo nokoniwa kuyingxenye yokuphila futhi akudingeki ukuba nakanjani kuthethelelwe ngoba sekuze kwaxoxwa ngakho. Uma sinedumela lokugwema abanye ngenxa yakho konke ukudunyazwa okuwubala bese siphikelela ngokuthi baxolise ngaphambi kokuba siphinde sibaphathe njengabantu, singase sibaphoqelele ukuba bangakhululeki lapho benathi—noma baqhele kithi!
10 Kunalokho, kungcono kakhulu ‘ukuba nedumela lokuba ocabangelayo.’ (Filipi 4:5, Phillips) Njengezidalwa ezingaphelele ezikhonza ngokubambisana, singakulindela ngokunengqondo ukuthi ngezinye izikhathi abafowethu bangase basinyathele amakhona, ngomqondo othile, futhi nathi singase senze okufanayo kubo. EyabaseKolose 3:13 iyaseluleka: “Qhubekani nibekezelelana.” Lawo mazwi asikisela ukubekezelela izinto esingazithandi kwabanye noma izici esingase sizithole zicasula. Ukubekezela okunjalo nonembe olunjalo kungasisiza ukuba sibhekane nemihuzuko nokuklwebheka okungasho lutho esikuthola ekusebenzelaneni kwethu nabanye—ngaphandle kokuphazamisa ukuthula kwebandla.—1 Korinte 16:14.
Lapho Amanxeba Ejulile
11. Lapho abanye besona, yini engasisiza ukuba sibathethelele?
11 Nokho, kuthiwani uma abanye besona, besihlaba inxeba elibonakalayo? Uma isono singesibi kakhulu, kungase kungabi lukhuni kithi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ‘sokuthethelelana ngokukhululekile.’ (Efesu 4:32) Ukulungela ukuthethelela okunjalo kuvumelana namazwi kaPetru aphefumulelwe: “Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.” (1 Petru 4:8) Ukukhumbula ukuthi nathi siyizoni kusenza sikwazi ukucabangela iziphambeko zabanye. Lapho sithethelela ngalendlela, sidedela ukucasuka kunokuba sikufukamele. Ngenxa yalokho, ubuhlobo bethu nomoni bungase bungalimali phakade, futhi sisiza nasekulondolozeni ukuthula kwebandla okuyigugu. (Roma 14:19) Ngokuhamba kwesikhathi, inkumbulo yalokho akwenza ingase inyamalale.
12. (a) Yisiphi isinyathelo okungase kudingeke sisithathe ukuze sithethelele othile oye wasilimaza ngokujulile? (b) Amazwi akweyabase-Efesu 4:26 abonisa kanjani ukuthi kufanele sixazulule izindaba ngokushesha?
12 Nokho, kuthiwani uma othile esona kabi impela, esilimaza ngokujulile? Ngokwesibonelo, umngane omethembayo kungenzeka uye wambula izimfihlo zakho owamthululela zona. Uzizwa ulimele ngokujulile, udumele, futhi ukhohlisiwe. Uye wazama ukukukhohlwa, kodwa akuhambi. Esimweni esinjalo, kungase kudingeke uthathe isinyathelo sokuxazulula inkinga, mhlawumbe ngokukhuluma nomoni. Kuwukuhlakanipha ukwenza lokhu ngaphambi kokuba indaba ithole ithuba lokuba ikhule. UPawulu wasinxusa: “Thukuthelani, kodwa nokho ningoni [okungukuthi, ngokufukamela intukuthelo noma ngokwenza ngokuqhutshwa yiyo]; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Okwenza amazwi kaPawulu aqondakale ngokwengeziwe yiqiniso lokuthi phakathi kwamaJuda, ukushona kwelanga kwakusho ukuphela kosuku nokuqala kolusha. Ngakho, iseluleko siwukuthi: Xazululani indaba ngokushesha!—Mathewu 5:23, 24.
13. Lapho siya kumuntu oye wasona, kufanele ube yini umgomo wethu, futhi yikuphi ukusikisela okungasisiza ukuba siwufinyelele?
13 Kufanele umngene kanjani umoni? ‘Funa ukuthula futhi ukuphishekele,’ kusho eyoku-1 Petru 3:11. Khona-ke, umgomo wakho awukhona ukuveza intukuthelo kodwa ukubuyisana nomfowenu. Ukuze ufeze lokho, kungcono kakhulu ukugwema amazwi ahlabayo nokunyakaza komzimba kokhahlo; lokhu kungase kubangele ukusabela okufanayo komunye. (IzAga 15:18; 29:11) Ngaphezu kwalokho, gwema amazwi eqisayo anjengokuthi, “Njalo nje u-. . . !” noma, “Awulokothi . . . !” Amazwi anjalo eqisayo angase amane abangele ukuba azivikele. Kunalokho, izwi lakho nobuso bakho makubonise ukuthi ufuna ukuxazulula indaba eye yakulimaza ngokujulile. Yichaze ngokuqondile indlela ozizwa ngayo ngalokho okwenzekile. Nikeza okhuluma naye ithuba lokuchaza isizathu sezenzo zakhe. Kulalele akushoyo. (Jakobe 1:19) Kuyosiza ngani lokho? IzAga 19:11 ziyachaza: “Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.” Ukuqonda imizwa yomunye nezizathu zezenzo zakhe kungase kususe imicabango nemizwa engemihle ngaye. Lapho sisingatha isimo sinomgomo wokubuyisana futhi silondoloza leso simo sengqondo, cishe noma yikuphi ukungaqondani kuyoxazululeka, kuxoliswe ngokufanele, futhi kuthethelelwane.
14. Lapho sithethelela abanye, kufanele sikhohlwe ngamuphi umqondo?
14 Ingabe ukuthethelela abanye kusho ukuthi kumelwe sikukhohlwe ngokoqobo okwenzekile? Khumbula isibonelo sikaJehova uqobo kulokhu, njengoba kuxoxwe ngaso esihlokweni esandulele. Lapho iBhayibheli lithi uJehova uyazikhohlwa izono zethu, lokhu akusho ukuthi akakwazi ukuzikhumbula. (Isaya 43:25) Kunalokho, ukhohlwa ngomqondo wokuthi lapho nje esethethelele, akabe esasibalela lezo zono ngesikhathi esizayo. (Hezekeli 33:14-16) Ngokufanayo, ukuthethelela abantu esiphila nabo akusho ukuthi nakanjani ngeke sisakwazi ukukhumbula abakwenza. Nokho, singakhohlwa ngomqondo wokuthi asimbaleli kona umoni noma siphinde sikuvuse esikhathini esizayo. Lapho indaba isixazululwe ngalendlela, ngeke kufaneleke ukuhleba ngayo; ngeke futhi kube ukubonisa uthando ukugwema isoni ngokuphelele, sisiphathe njengokungathi sisusiwe ekuhlanganyeleni. (IzAga 17:9) Yiqiniso, kungase kuthathe isikhathi esithile ukuba ubuhlobo bethu naso buvuseleleke; singase singajabuleli ukusondelana okufanayo nakuqala. Kodwa sisamthanda njengomfowethu ongumKristu futhi senza konke esingakwenza ukuze silondoloze ubuhlobo obunokuthula.—Qhathanisa noLuka 17:3.
Lapho Kubonakala Kungenakwenzeka Ukuthethelela
15, 16. (a) Ingabe kuyimfuneko ukuba amaKristu athethelele isoni esingaphenduki? (b) Singasisebenzisa kanjani iseluleko seBhayibheli esitholakala kumaHubo 37:8?
15 Nokho, kuthiwani uma abanye besona ngendlela esidebeza inxeba elijule kakhulu, kodwa umoni angasivumi isono, angaphenduki, futhi angaxolisi? (IzAga 28:13) ImiBhalo ibonisa ngokucacile ukuthi uJehova akazithetheleli izoni ezingaphenduki nezilukhuni. (Heberu 6:4-6; 10:26, 27) Kuthiwani ngathi? I-Insight on the Scriptures ithi: “AmaKristu akudingeki ukuba athethelele labo abenza isono esihloselwe ukulimaza abanye ngamabomu futhi bengaphenduki. Abanjalo baba izitha zikaNkulunkulu.” (Umqulu 1, ikhasi 862) Akukho mKristu oye waba isisulu sokuphathwa ngendlela engenabo nakancane ubulungisa, oye waphathwa ngokunengekayo noma ngokwenyanyekayo, okufanele azizwe ephoqelekile ukuthethelela, noma ukuxolela isoni esingaphenduki.—IHubo 139:21, 22.
16 Ngokuqondakalayo, labo abaye baba izisulu zokuhlukunyezwa okunonya bangase bazizwe belimele futhi bethukuthele. Nokho, khumbula ukuthi ukuhlala nentukuthelo nokucasuka kungase kusilimaze kakhulu. Lapho silindele ukuvunywa kwecala noma ukuxolisa okungafiki, singase simane sithukuthele ngokwengeziwe. Ukukhathazeka ngokweqile ngokungabi nabulungisa kungase kugcine intukuthelo ibila ngaphakathi kithi, konakalise impilo yethu engokomoya, engokomzwelo nengokomzimba. Empeleni, sivumela umuntu osilimazile ukuba aqhubeke esilimaza. Ngokuhlakanipha, iBhayibheli liyeluleka: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki.” (IHubo 37:8) Ngakho-ke, amanye amaKristu aye athola ukuthi ngokuhamba kwesikhathi akwazi ukwenza isinqumo sokuthethelela ngomqondo wokuyeka ukubamba igqubu—engakululazi okwenzeka kuwo, kodwa enqaba ukudliwa yintukuthelo. Eshiyela indaba ezandleni zikaNkulunkulu wobulungisa ngokuphelele, aye athola impumuzo enkulu futhi akwazi ukuqhubeka nokuphila kwawo.—IHubo 37:28.
17. Yisiphi isiqinisekiso esiduduzayo esinikezwa yisithembiso sikaJehova esilotshwe kusAmbulo 21:4?
17 Lapho inxeba lijule kakhulu, singase singakwazi ukulisusa ngokuphelele ezingqondweni zethu, okungenani hhayi kulesi simiso sezinto. Kodwa uJehova uthembisa izwe elisha ‘ayosula kulo zonke izinyembezi emehlweni abantu, futhi ukufa kungabe kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungabe kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ (IsAmbulo 21:4) Noma yini esingase siyikhumbule ngaleso sikhathi ngeke isibangele ubuhlungu obujulile obungase businde izinhliziyo zethu njengamanje.—Isaya 65:17, 18.
18. (a) Kungani kunesidingo sokuba abathethelelayo ekusebenzelaneni kwethu nabafowethu nodadewethu? (b) Lapho abanye besona, kufanele sithethelele futhi sikhohlwe ngamuphi umqondo? (c) Kusizuzisa kanjani lokhu?
18 Okwamanje, kumelwe siphile futhi sisebenze ndawonye njengabazalwane nodadewethu abangabantu abangaphelele nabanesono. Sonke siyawenza amaphutha. Ngezinye izikhathi siyadumazana futhi silimazane nokulimazana. Wayazi kahle uJesu ukuthi kuyodingeka sithethelele abanye “hhayi Kuze kube izikhathi eziyisikhombisa, kodwa, Kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa”! (Mathewu 18:22) Yiqiniso, asinakuthethelela ngokuphelele njengoba kwenza uJehova. Nokho, ezimweni eziningi lapho abafowethu besona, singathethelela ngomqondo wokunqoba ukucasuka, futhi singakhohlwa ngomqondo wokungababambeli igqubu elingapheli esikhathini esizayo. Lapho sithethelela futhi sikhohlwa ngalendlela, sisiza ekulondolozeni hhayi nje ukuthula kwebandla kuphela, kodwa nokuthula kwezingqondo nezinhliziyo zethu. Ngaphezu kwakho konke, siyojabulela ukuthula okunguNkulunkulu wethu onothando kuphela, uJehova, ongakunikeza.—Filipi 4:7.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwe-Talmud yaseBabiloni, elinye isiko laworabi lalithi: “Uma umuntu enza isiphambeko, okokuqala, okwesibili nokwesithathu, uyathethelelwa, okwesine akathethelelwa.” (Yoma 86b) Ngokwengxenye lokhu kwakusekelwe ekuqondweni okunephutha kwemibhalo enjengo-Amose 1:3; 2:6; noJobe 33:29.
b Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kungani kufanele sizimisele ukuthethelela abanye?
◻ Luhlobo luni lwezimo oludinga ukuba ‘siqhubeke sibekezelelana’?
◻ Lapho izono zabanye ziye zasilimaza ngokujulile, yini esingayenza ukuze sixazulule indaba ngokuthula?
◻ Lapho sithethelela abanye, kufanele sikhohlwe ngamuphi umqondo?
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho sifukamela ukucasuka, kungenzeka isoni asazi ngokuhlupheka kwethu
[Isithombe ekhasini 17]
Lapho uya kwabanye ukuze nibuyisane, ukungaqondani kungase kuxazululwe kalula