Intsha Enekusasa Elilondekile
“LALISHAQISA futhi lithukuthelisa njengoba kungaba njalo nganoma iliphi [icala lokudlwengula]”—leyo indlela ijaji elalengamele ukuqulwa kwecala kwamuva nje elalichaza ngayo lelo cala. Iqembu lentsha engu-8, eneminyaka esukela kwengu-14 kuya kwengu-18, laqamekela owesifazane owayebuka amazwe enkabeni yedolobha laseLondon, lamdlwengula ngokuphindaphindiwe, labe selimphonsa emseleni wamanzi owawuseduze nakuba asho ukuthi wayengakwazi ukubhukuda. Ngokuqondakalayo, unina womunye walentsha wathi wavele wagula lapho ebona umbiko wezindaba ze-TV walokho okwakwenziwe indodana yakhe.
Ngokudabukisayo, lesi senzakalo sibonisa lokho okwenzekayo emphakathini namuhla. Kuye kwavama ukuba nonya, kungakhathaliseki ukuthi kusezenzweni zobugebengu, ezingxabanweni zasekhaya noma ezingxabanweni zobuzwe zasemazweni aseBalkans, enkabeni kanye nasentshonalanga ye-Afrika nakwezinye izindawo. Intsha ikhulela phakathi kwezimo ezinjalo, noma ivame ukuzwa ngazo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi eningi iba lukhuni, ‘ingabi nakusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo,’ futhi ‘ingabi nakuzithiba.’—2 Thimothewu 3:3.
‘Inolaka’
Lapho umphostoli uPawulu ongumKristu ebhala incwadi yakhe yesibili eya kumdala ayekanye naye uThimothewu, iRoma yayiwumbuso wezwe ophethe. Unya nobudlova kwakudlangile ezinkundleni zemidlalo zaseRoma. Nokho, uPawulu waxwayisa ukuthi esikhathini esizayo, izikhathi kwakuyoba ‘nzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Ngokuthakazelisayo, igama lesiGreki elichaza lezi zikhathi ‘njengokunzima ukubhekana nazo’ lihlanganisa nomqondo wokuba kwazo ‘nolaka.’ Isenzakalo sangesikhathi senkonzo kaJesu yasemhlabeni, eminyakeni engaphezu kwengu-30 ngaphambi kwalokhu, sibonisa imbangela yobunye bobudlova bangesikhathi sakhe.
UJesu wayesanda kufika ngesikebhe ogwini olungasempumalanga yoLwandle LwaseGalile. Lapho ehla, amadoda amabili eza kuye. Isimo sawo sobudlova nokumemeza kwawo kwenza kwacaca ukuthi kwakukhona okungalungile ngempela kuwo. Eqinisweni, ‘ayenolaka ngokungajwayelekile,’ ekhwelwé amademoni.a Lokho ayekusho ngokuklabalasa kwakuvela emimoyeni emibi eyayilawula izenzo zawo zobudlova. Lamadoda aklabalasa ethi: “Sihlangene ngani nawe, Ndodana kaNkulunkulu? Ingabe uzé lapha ukuzosihlupha ngaphambi kwesikhathi esimisiwe?” Lemimoya emibi eyayikhwele laba ababili yayazi kahle ukuthi uNkulunkulu wayesesibekile kakade isikhathi sokukhipha isahlulelo emademonini. Lokho kuyosho ukubhujiswa kwawo phakade. Kodwa kuze kube yileso sikhathi ayezosebenzisa amandla awo angaphezu kwawabantu ukuze abangele ubudlova obukhulu. Kwaba isenzo sikaJesu esiyisimangaliso sokuxosha lawo mademoni kuphela esakhulula lamadoda amabili.—Mathewu 8:28-32; Jude 6.
Lapho abantu namuhla, kuhlanganise nentsha, beziphatha ngendlela yobuhlanya, senza kahle ukukhumbula leso senzakalo. Ngani? Ngoba kuleli khulu lama-20, sibhekene nengozi efanayo, njengoba incwadi yokugcina yeBhayibheli, IsAmbulo, ichaza: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” (IsAmbulo 12:12) Siza uphawule ukuthi lokhu kuthotshiswa kukaSathane kuhambisana ‘nentukuthelo enkulu’ ngoba uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane.
Iyahlaselwa
Njengoba kuvame ukushiwo kulomagazini, ngonyaka ka-1914 uKristu Jesu wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ezulwini. Ngokushesha uJesu wathatha isinyathelo ngokumelene nesitha sikaNkulunkulu esiyinhloko, uSathane. Ngakho, uDeveli namademoni akhe baye baxoshwa ezulwini futhi manje bagxilise ukunakekela kwabo kulomhlaba. (IsAmbulo 12:7-9) Njengoba indawo angasebenzisa kuyo ithonya lakhe ilinganiselwe kakhulu, uSathane ‘uhambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.’ (1 Petru 5:8) Obani abayizisulu zakhe ezingatholakala kalula? Akuqondakali yini ukuthi bekuyoba yilabo ngokukhethekile abantula okuhlangenwe nakho ekuphileni nasebuhlotsheni nabanye abantu? Ngakho namuhla intsha iye yaba izisulu zikaDeveli. Ngomculo wayo omningi nezokuzijabulisa ekuphishekelayo, idlalela esifeni salomxhaphazi oyiqili ongabonakali.—Efesu 6:11, 12.
Ngisho noma intsha izama ukuphumelela ekuphileni, iyathikamezeka. Kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II, abantu emazweni amaningi ayehileleke empini baye bazama ukulungisa izimo ngokwenza imikhaya yabo iphile ngokunethezeka. Izinto ezibonakalayo, injabulo engenamingcele nezokuzijabulisa kuye kwaba imigomo eyinhloko. Ngenxa yalokho, abantu abaningi baye bahlupheka. UPawulu waxwayisa uThimothewu: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo . . . Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngokuvamile, sithola abantu bomphakathi wanamuhla ophishekela izinto ezibonakalayo bezigwaze ngobuhlungu obungokomnotho, bezezimali nobungokomzwelo. Phakathi kwabo kunentsha eningi, eyizisulu zaleli cebo lesitha sikaNkulunkulu esiyinhloko.
Nokho, kuyajabulisa ukuthi kunezindaba ezinhle. Futhi zimayelana nentsha, enekusasa elilondekile. Kungenzeka kanjani lokhu?
Funani Niyothola
Intsha eningi inezifiso ezinhle. Iyazenqaba izindinganiso eziwohlokayo ezivame kubantu abadala. Ishaqiswa ukungabi nabulungisa naluzwela kwezazi zezombangazwe nosomabhizinisi abashisekela ukubusa. Uma usemusha, mhlawumbe uzizwa ngalendlela.
Cabangela uCedric, ibhungu elicela eminyakeni engamashumi amabili, oye wabhekana nezimo ezifanayo nezenye intsha.b Lapho eseyingane, kuningi ayekwesaba, kuhlanganise nokwesaba ukufa. Wayezibuza ukuthi ukuphila kunayiphi injongo. Engazitholi izimpendulo zemibuzo yakhe, lapho eneminyaka engu-15, wazinikela ekucabangeni ngokuphila nenye intsha enezifiso ezingamaphupho. Uyakhumbula: “Sasibhema izidakamizwa futhi sixoxe amahora amaningi. Wawuba nomuzwa wokuthi wonke umuntu wayecabanga njengawe, kodwa wayengekho owayenezimpendulo.”
UCedric, njengentsha eningi, wayelangazelela injabulo. Ukubhema nje izidakamizwa akuzange kumanelise. Kungakabiphi, wahileleka ekwebeni nasekuthengiseni izidakamizwa. Waqhubeka efuna izinto ezintsha eziyinselele. Waqala ukweba ngokwezidingo zamakhasimende akhe. “Ngangikujabulela ukukwenza lokho,” uyavuma. “Kodwa ngangingakaze ngebe into yomuntu ovamile. Uma ngeba imoto, ngangiyishiya isesimweni esihle. Uma ngigqekeza endaweni yebhizinisi, ngangenza kanjalo kuphela lapho ngazi khona ukuthi inomshuwalense ozoyinxephezela. Lokho kwangisiza ukuba ngithethelele lokho engangikwenza.” Njengoba ungase ulindele, uCedric wagcina esejele.
UCedric uyakhumbula: “UMark, isiboshwa engangivalelwe naso, waxoxa nami. Eqaphela ukuthi nginesiphambano esikhulu esidwetshwe ngenhla nengalo yami, wangibuza ukuthi kungani nganginaleso siphambano. Wayecabanga ukuthi kumelwe ukuba sasibalulekile kimi ngokwenkolo.” Emasontweni ambalwa kamuva, uMark wanika uCedric ikhophi yencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.c “‘Ungaphila Phakade’—lawo mazwi ambalwa agxila ngokushesha kimi. Yilokho esasihlale sikhuluma ngakho, kodwa esingakwazanga ukufinyelela emnyombweni wako.” Ngemva kwezingxoxo eziningi nomunye woFakazi BakaJehova owayevakashela ejele, uCedric waqaphela ukuthi lokho ayekulangazelela kwakungatholakala—kodwa ngendlela kaNkulunkulu kuphela.
“Ngemva kokuhlukana nabangane bami bakuqala, ngathuthuka ngokushesha,” kuphawula uCedric. Akubanga lula ukuthuthuka ekuqondeni nasekutholeni injabulo. Uthi: “Ngisazama ukuthuthuka ngokwengeziwe. Kudingeka ngiqaphele indlela engicabanga ngayo.” Yebo, uCedric manje uyabona ukuthi ukuba nezifiso ezingamaphupho kwamholela ogibeni lukaDeveli, ecabanga ukuthi imigomo yakhe yayingafinyeleleka kuphela ngokuhileleka ezintweni ezigxile enjabulweni.
Ngokujabulisayo, uCedric kade aphuma ejele, futhi ujabulela ubudlelwane basikhathi sonke nabanye abaye bakuthola ababekufuna. Manje ungomunye woFakazi BakaJehova futhi unethemba abanalo lokuphila ePharadesi lapha emhlabeni. Naye ubheke phambili ekupheleni kwazo zonke izinhlobo zethonya likaSathane.
Yiqiniso, akuyona kuphela intsha enjengoCedric enekusasa elilondekile; enye iye yakhuliswa abazali abahlonipha uNkulunkulu, abaye bagxilisa uthando lweqiniso leBhayibheli ezinganeni zabo.
Ukuqeqesha Kokuhlonipha UNkulunkulu Kuyavuza
Inkosi ehlakaniphile yasendulo uSolomoni yabhala: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” (IzAga 22:6) Lokhu kuye kwaba iqiniso entsheni eningi eqotho eye yakhetha ukulandela indinganiso yeBhayibheli.
USheila, uGordon noSarah benza kanjalo. Bayakhumbula ukuthi abazali babo babekubheka njengokubaluleke kakhulu ukulalela umyalo kaKristu ‘wokuhamba bayokwenza abafundi’ ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) USheila uyakhumbula: “Kunoma isiphi isinqumo okwakudingeka senziwe, mina nomama sasivame ukuthi komunye nomunye, ‘Kuyowuthinta kanjani umsebenzi wokushumayela?’ Sadela imisebenzi eminingi ngenxa yokucabanga ngalendlela,” evuma, abese enezela, “kodwa yeka izibusiso esaba nazo!” Ngisho nangemva kwezinsuku ababesebenze ngazo isikhathi eside bevakashela amakhaya abantu ngezindaba ezinhle, uSheila nonina babezihudula bebuyela ekhaya behlabelela. Uthi: “Ngangichichima injabulo. Ngisayikhumbula namanje.”
UGordon ukhumbula ubusuku obuningi obujabulisayo bangeMigqibelo. UGordon uyakhumbula: “Ngangimenyelwa emakhaya abadala bebandla, lapho sasiba nemibuzo nezingxoxo ezizuzisayo. Sasikhuthazwa ukuba sibambe ngekhanda amavesi eBhayibheli, sikhulume ngokukhululeka ngezindaba ezingokomBhalo, silandise ngalokho esiye sabhekana nakho lapho sishumayela, futhi sifunde indlela umsebenzi woMbuso owawanda ngayo. Zonke lezi zinto zangisiza ukuba ngibeke isisekelo esihle futhi ngihlakulele uthando ngoJehova uNkulunkulu.”
USarah unezinkumbulo ezijabulisayo zobusuku ayebuchitha noFakazi ababesuke bevakashile. “Sasidla ndawonye. Bese siqedela usuku ngokudlala upiyano, sihambisane nabahlabelela izingoma zoMbuso kaNkulunkulu. Umculo wasisiza kakhulu impela, ikakhulukazi lapho sisafunda esikoleni, ngoba wawusinika ithuba lokwenza izinto ndawonye njengomkhaya.”
Yiqiniso, akuyona yonke intsha efuna ukujabulisa uJehova enezimo zomkhaya ezinhle. Nokho, ukuzihlanganisa neminye imikhaya yoFakazi ebandleni kuyinikeza ukulondeka nomuzwa wokuba ingxenye yawo.
Zibekelele Isisekelo Esilondekile Sekusasa
Intsha namuhla ingazikhethela. Ingaqhubeka nalelizwe elibi eliphulukundlelela embubhisweni ezayo ‘yosizi olukhulu’ olwabikezelwa uJesu. Noma ‘ingabeka ithemba layo kuNkulunkulu, igcine imiyalo yakhe,’ njengoba kwahlabelela umhubi ophefumulelwe u-Asafa. Ukulalela uNkulunkulu kuyoyivimbela ekubeni ibe “isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.”—Mathewu 24:21; IHubo 78:6-8.
Emabandleni angaphezu kuka-80 000 oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, uyothola intsha eningi ongayithanda. Iye yalalela iseluleko sikaPawulu kuThimothewu owayesemusha ‘sokusebenzela kokuhle, icebe emisebenzini emihle, ibe nesandla esivulekile, ilungele ukwabelana izinto nabanye, izibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo.’ Ngenxa yalokho, manje ‘ibambisise ukuphila kwangempela.’ (1 Thimothewu 6:18, 19) Thola okwengeziwe ngalamaKristu eqiniso ngokuya emihlanganweni yawo. Khona-ke nawe ungaba nethemba lekusasa elilondekile.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi ‘ulaka’ liwukuhunyushwa kwegama lesiGreki elifanayo nelisetshenziswe kuMathewu 8:28 nakweyesi-2 Thimothewu 3:1.
b Amagama ashintshiwe.
c Eyanyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 7]
Imimoya emibi yayilawula amadoda ‘ayenolaka ngokungajwayelekile’ aphulukiswa uJesu
[Isithombe ekhasini 8]
Ukwakha “isisekelo esihle sesikhathi esizayo”