Okubangela Ukuba Izimangaliso Zizodwa Zingalwakhi Ukholo
NGIKHOLWA ngokubona. Abaningi banalowo mbono. Abanye bathi bangakholelwa kuNkulunkulu uma engase aziveze ngandlela-thile ngokuyisimangaliso. Mhlawumbe kunjalo, kodwa ingabe lokho kukholwa bekungaholela okholweni lwangempela?
Cabangela ama-Israyeli angoKora, uDathani no-Abiramu. IBhayibheli libonisa ukuthi azibonela ngawawo lezi zimangaliso ezesabekayo ezazivela kuNkulunkulu: izinhlupho eziyishumi zaseGibithe, ukuphunyula kwesizwe sakwa-Israyeli sidabula uLwandle Olubomvu, nokuqothulwa kukaFaro waseGibithe nebutho lakhe. (Eksodusi 7:19–11:10; 12:29-32; IHubo 136:15) UKora, uDathani no-Abiramu bezwa futhi uJehova ekhuluma esezulwini eNtabeni YaseSinayi. (Duteronomi 4:11, 12) Nokho, ngemva kwesikhashana zenzekile lezi zimangaliso, lamadoda amathathu agqugquzela ukuvukelwa kukaJehova nezinceku zakhe ezimisiwe.—Numeri 16:1-35; IHubo 106:16-18.
Eminyakeni engaba ngu-40 kamuva, umprofethi ogama lakhe linguBalami naye wasibona isimangaliso. Ngisho nokungenela kwengelosi akuzange kumvimbe ekuthatheni uhlangothi lwezitha zikaNkulunkulu, abakwaMowabi. Naphezu kwaleso simangaliso, uBalami waqhubeka nokumelana noJehova uNkulunkulu nabantu baKhe. (Numeri 22:1-35; 2 Petru 2:15, 16) Nokho, ukuntula kukaBalami ukholo kuyize uma kuqhathaniswa nokukaJuda Iskariyothe. Naphezu kokuba ayekade engumngane kaJesu oseduze futhi ezibonele ngawakhe izimangaliso eziningi ngokungavamile, uJuda wakhaphela uKristu ngezinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.—Mathewu 26:14-16, 47-50; 27:3-5.
Abaholi benkolo abangamaJuda nabo babezazi izimangaliso zikaJesu eziningi. Ngemva kokuba evuse uLazaru, baze bavuma: “Lomuntu wenza izibonakaliso eziningi.” Kodwa ingabe ukubona uLazaru owayesephila kwazithambisa izinhliziyo zabo futhi kwabenza baba nokholo? Lutho neze. Kunalokho, bakha uzungu lokubabulala bobabili uJesu noLazaru!—Johane 11:47-53; 12:10.
Ngisho nokungenela kukaNkulunkulu ngokuqondile akuzange kuveze ukholo kulabo bantu ababi. Ngesinye isikhathi lapho uJesu ayesemagcekeni ethempeli wathandaza ngokuzwakalayo: “Baba, khazimulisa igama lakho.” UJehova waphendula ngezwi elalivela ezulwini: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.” Nokho, lesi senzakalo esiyisimangaliso asizange siveze ukholo ezinhliziyweni zalabo ababekhona. IBhayibheli lithi: “Nakuba ayenze izibonakaliso eziningi kangaka phambi kwabo, babengalubeki ukholo kuye.”—Johane 12:28-30, 37; qhathanisa neyabase-Efesu 3:17.
Okwabangela Ukuba Izimangaliso Zingalwakhi Ukholo
Kungenzeka kanjani ukuntula ukholo okunjalo naphezu kwezimangaliso? Ukwenqatshwa kukaJesu abaholi benkolo abangamaJuda kubonakala kuxaka kakhulu uma ucabangela ukuthi lapho nje eqala inkonzo yakhe, amaJuda ewonke ‘ayelindele uKristu,’ noma uMesiya. (Luka 3:15) Nokho, inkinga yayikulokho okwakulindelwe. Umlobi wesichazamazwi uW. E. Vine ucaphuna isazi seBhayibheli esidumile lapho sithi amaJuda ayebuswa umqondo wokuthi uMesiya wayeyowanikeza “ukunqoba kwasemhlabeni” ‘nokuchuma ngokwezinto ezibonakalayo.’ Ngakho, ayengamlindele uJesu waseNazaretha ophansi, ongangeni kwezombangazwe, owabonakala phakathi kwabo njengoMesiya weqiniso ngo-29 C.E. Abaholi benkolo babesaba nokuthi izimfundiso zikaJesu zaziyodunga isimo esasikhona ngaleso sikhathi futhi zenze izikhundla zabo ezivelele zibe sengozini. (Johane 11:48) Lokho abase bezitshele khona kanye nobugovu babo kwabaphuphuthekisa bangakubona okwakushiwo izimangaliso zikaJesu.
Abaholi benkolo abangamaJuda nabanye, kamuva babenqaba ubufakazi obuyisimangaliso bokuthi abalandeli bakaJesu babenokwamukelwa kwaphezulu. Ngokwesibonelo, lapho abaphostoli bakhe bephulukisa indoda eyazalwa ilunyonga, amalungu athukuthele enkantolo ephakeme yamaJuda abuza: “Sizokwenzani ngalababantu? Ngoba, ngempela, kwenzeke isibonakaliso esiphawulekayo ngabo, esibonakalayo kubo bonke abakhileyo eJerusalema; futhi asinakusiphika. Noma kunjalo, ukuze singasakazeki ngokuqhubekayo phakathi kwabantu, masibatsheleni ngokubasongela ukuba bangabe besakhuluma neze ngesisekelo saleligama kunoma imuphi umuntu.” (IzEnzo 3:1-8; 4:13-17) Kuyacaca ukuthi lesi simangaliso esiphawulekayo asizange sakhe noma siveze ukholo ezinhliziyweni zalabo bantu.
Ukuhahela udumo, ukuqhosha nobugovu yizici eziye zashukumisela abaningi ukuba benze izinhliziyo zabo zibe lukhuni. Kubonakala sengathi kwakwenzeke lokho koKora, uDathani no-Abiramu, okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Abanye baye bathiywa umhawu, ukwesaba nezinye izimo zengqondo eziningi ezilimazayo. Sikhumbula nezingelosi ezingalaleli, amademoni, ezazikade zinelungelo lokubona ubuso bukaNkulunkulu uqobo. (Mathewu 18:10) Azikungabazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Empeleni, “amademoni ayakholelwa aqhaqhazele.” (Jakobe 2:19) Nokho, awanalo ukholo kuNkulunkulu.
Okushiwo Ukholo Lweqiniso
Ukholo lungaphezu nje kokukholelwa okuthile. Futhi lungaphezu kokusabela okungokomzwelo kwesikhashana esimangalisweni esithile. EyamaHeberu 11:1 ithi: “Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” Umuntu onokholo uyaqiniseka enhliziyweni yakhe ukuthi konke uJehova uNkulunkulu akuthembisayo kufana nosekugcwalisekile. Ngaphezu kwalokho, ubufakazi obungenakuphikwa bezinto ezingokoqobo ezingabonakali bunamandla kangangokuthi ukholo ngokwalo kuthiwa lulingana nalobo bufakazi. Yebo, ukholo lusekelwe ebufakazini. Futhi ezikhathini ezidlule, izimangaliso zazinendima ethile ekwakheni ukholo. Izimangaliso ezazenziwa uJesu zaqinisekisa abanye ukuthi wayenguMesiya othenjisiwe. (Mathewu 8:16, 17; Heberu 2:2-4) Ngendlela efanayo, izipho ezinjalo zomoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla asebenzayo, ezinjengokwelapha ngokuyisimangaliso nokukhuluma ngezilimi zabonisa ukuthi amaJuda ayengasenakho ukwamukelwa nguJehova kodwa manje wayamukela ibandla lobuKristu, elalimiswe yiNdodana yakhe, uJesu Kristu.—1 Korinte 12:7-11.
Phakathi kwezipho eziyisimangaliso zomoya kwakunekhono lokuprofetha. Lapho abangakholwa bebona lesi simangaliso, abanye babeshukumiseleka ukuba bakhulekele uJehova, bethi: “UNkulunkulu ngempela uphakathi kwenu.” (1 Korinte 14:22-25) Nokho, uJehova uNkulunkulu wayengahlosile ukuba izimangaliso zibe isici esihlala njalo sokukhulekela kobuKristu. Ngokuvumelana nalokho, umphostoli uPawulu wabhala: “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi, ziyokhawuka.” (1 Korinte 13:8) Ngokusobala lezi zipho zakhawuka lapho kufa abaphostoli nalabo ababethole lezi zipho ngabo.
Ingabe abantu base bezosala bengenaso isisekelo sokholo? Cha, ngoba uPawulu wathi: ‘[UNkulunkulu] akazishiyanga engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa kakhulu izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.’ (IzEnzo 14:17) Ngempela, kubantu abanhliziyo-ziqotho abazimisele ukwamukela ngezingqondo nezinhliziyo zabo ubufakazi obusizungezile, “izimfanelo [zikaJehova uNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi [labo abaphika uNkulunkulu] abanazaba.”—Roma 1:20.
Kudingeka okungaphezu kokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. UPawulu wanxusa: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Lokhu kungase kwenziwe ngokutadisha imiBhalo ngenkuthalo ngosizo lwezincwadi zobuKristu, ezinjengalomagazini. Ukholo olusekelwe olwazini olunembile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, alubuthakathaka futhi alukhi phezulu. Labo abaye bayiqonda intando kaNkulunkulu futhi abayenza ngokholo banikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu.—Roma 12:1.
Ukukholwa Nakuba Ungabonanga
Umphostoli uTomase waba nenkinga yokuba nokholo ekuvusweni kukaJesu kwabafileyo. “Ngaphandle kokuba ngibone ezandleni zayo izibazi zezipikili futhi ngifake umunwe wami kulezozibazi zezipikili, ngifake nesandla sami ohlangothini lwayo, ngokuqinisekile ngeke ngikholwe,” kusho uTomase. Lapho kamuva uJesu eveza umzimba owawunamanxeba okubethelwa kwakhe, uTomase wasabela kahle kulesi simangaliso. Nokho, uJesu wathi: “Bayajabula labo abangaboni kodwa nokho bakholwe.”—Johane 20:25-29.
Namuhla, izigidi zoFakazi BakaJehova ‘zihamba ngokholo, hhayi ngokubona.’ (2 Korinte 5:7) Nakuba zingazibonanga izimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini, zikholelwa ngokuqinile ukuthi zenzeka. OFakazi banokholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Ngosizo lomoya wakhe, bayakwazi ukuqonda izimfundiso zeBhayibheli nesihloko salo esivelele—ukulwelwa kobukhosi bukaJehova uNkulunkulu ngoMbuso wakhe wasezulwini. (Mathewu 6:9, 10; 2 Thimothewu 3:16, 17) LamaKristu eqiniso asebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile ekuphileni, kube yinzuzo enkulu kuwo. (IHubo 119:105; Isaya 48:17, 18) Amukela ubufakazi obungenakuchithwa bokuthi iziprofetho zeBhayibheli ziphawula isikhathi sethu ‘njengesiyizinsuku zokugcina,’ futhi anokholo ekutheni izwe elisha uNkulunkulu alithembisile liseduze. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-14; 2 Petru 3:13) Bayakujabulela ukuhlanganyela nabanye ulwazi ngoNkulunkulu. (IzAga 2:1-5) Bayazi ukuthi labo abafuna uNkulunkulu bangamthola ngempela kuphela ngokutadisha imiBhalo.—IzEnzo 17:26, 27.
Usamkhumbula u-Albert, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele? Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuba umthandazo wakhe wokucela isimangaliso ungaphendulwanga, wavakashelwa omunye woFakazi BakaJehova, owesifazane osekhulile owamshiyela izincwadi ezithile ezisekelwe eBhayibhelini. Ngemva kwalokho u-Albert wamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Lapho ejwayelana kangcono nesigijimi seBhayibheli, ukudumazeka kwakhe kwaphenduka kwaba injabulo. Waqala ukuqaphela ukuthi kanti wayesemtholile uNkulunkulu.
ImiBhalo iyanxusa: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.” (Isaya 55:6) Lokhu ungakwenza ngokuthola ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, hhayi ngokulindela isimangaliso sosuku lwanamuhla esivela kuye. Lokhu kudingekile, ngoba izimangaliso zizodwa azilwakhi ukholo.
[Isithombe ekhasini 5]
Ngisho nokuvuswa kukaLazaru ngokuyisimangaliso akuzange kuzishukumise izitha zikaJesu ukuba zibe nokholo
[Izithombe ekhasini 7]
Ukholo kumelwe lusekelwe olwazini olunembile lweBhayibheli