IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesithathu NeYesine YamaHubo
ETHANDAZA kuNkulunkulu, umhubi uyabuza: “Uyomenyezelwa yini umusa wakho emangcwabeni, ukuthembeka kwakho endaweni yokubhubha?” (IHubo 88:11) Lutho neze. Uma sifile, ngeke simdumise uJehova. Ukudumisa uJehova yisona sizathu sokuba siqhubeke siphila futhi ukuphila kufanele kusishukumisele ukuba simdumise.
INcwadi Yesithathu neYesine YamaHubo, ezihlanganisa amaHubo 73 kuya ku-106, zisinikeza izizathu eziningi zokudumisa uMdali nokutusa igama lakhe. Ukuzindla ngala mahubo kumelwe kujulise ukulazisa kwethu “izwi likaNkulunkulu” futhi kusishukumisele ukuba sandise futhi sithuthukise izindlela esimdumisa ngazo. (Hebheru 4:12) Okokuqala ake sihlole iNcwadi Yesithathu YamaHubo ngesithakazelo esijulile.
“UKUSONDELA KUNKULUNKULU KUHLE KIMI”
Amahubo okuqala angu-11 eqoqo lesithathu abhalwa u-Asafa noma amalungu endlu yakhe. Ingoma yokuqala ichaza okusindise u-Asafa ekudukisweni ukucabanga okungalungile. Uye wafinyelela esiphethweni esihle. Uyahlabelela: “Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.” (IHubo 73:28) Kube sekulandela ukulilela ukubhujiswa kweJerusalema kumaHubo 74. KumaHubo 75, 76 no-77 uJehova uchazwa njengoMahluleli olungileyo, uMsindisi wabamnene noMuzwi womthandazo. IHubo 78 libukeza umlando ka-Israyeli kusukela esikhathini sikaMose kuya kwesikaDavide. IHubo 79 liyisililo ngenxa yokubhujiswa kwethempeli. Kube sekulandela umthandazo wokubuyiselwa kwabantu bakaNkulunkulu. IHubo 81 likhuthaza ukulalela uJehova. AmaHubo 82 no-83 ayimithandazo ecela uNkulunkulu ukuba akhiphe isahlulelo kubahluleli abakhohlakele nasezitheni zakhe.
Ingoma emnandi yamadodana kaKhora ithi: “Umphefumulo wami ulangazelele amagceke kaJehova futhi usuphelile ukuwalubela.” (IHubo 84:2) IHubo 85 licelela labo ababuya ekudingisweni isibusiso sikaNkulunkulu. Leli hubo ligcizelela ukuthi izibusiso ezingokomoya ziyigugu kakhulu kunezibusiso ezingokwenyama. KumaHubo 86, uDavide ucela uNkulunkulu ukuba amvikele futhi amyale. IHubo 87 liyingoma ngeZiyoni nangalabo abazalelwe khona bese lilandelwa umthandazo kuJehova okumaHubo 88. IHubo 89 ligcizelela umusa wothando kaJehova njengoba uvezwa esivumelwaneni sikaDavide, futhi labhalwa u-Ethani, okungenzeka ukuthi wayengenye yamadoda amane ahlakaniphile angezinsuku zikaSolomoni.—1 AmaKhosi 4:31.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
73:9—Ababi ‘bawubeke kanjani umlomo wabo emazulwini uqobo, nolimi lwabo luhambahamba kanjani emhlabeni’? Njengoba ababi bengenandaba namuntu osezulwini noma osemhlabeni, abanqikazi ukuhlambalaza uNkulunkulu ngomlomo wabo. Banyundela nabanye abantu ngolimi lwabo.
74:13, 14—UJehova ‘wawephula nini amakhanda ezilo zasolwandle emanzini, futhi wawachoboza nini amakhanda kaLeviyathani aba yizicucu’? ‘UFaro, inkosi yaseGibhithe’ ubizwa ngokuthi ‘isilo esikhulu sasolwandle esinabalele phakathi kwemiselekazi yaso yeNayile.’ (Hezekeli 29:3) ULeviyathani angase afanekisele “abanamandla bakaFaro.” (IHubo 74:14, umbhalo waphansi we-New World Translation—With References) Ukuchotshozwa kwamakhanda abo kungenzeka kubhekisela ekunqotshweni kukaFaro nebutho lakhe ngesikhathi uJehova ekhulula ama-Israyeli ebugqilini eGibhithe.
75:4, 5, 10—Yini efanekiselwa igama elithi “uphondo”? Izimpondo zesilwane ziyisikhali esinamandla. Ngakho, igama elithi “uphondo” lifanekisela amandla. UJehova uvusa izimpondo zabantu bakhe, abaphakamise, kuyilapho ‘enquma izimpondo zababi.’ Siyaxwayiswa ukuba ‘singaluphakamiseli phezulu uphondo lwethu’ ngokuthi sibe nesimo sengqondo sokuqhosha nokuzazisa. Njengoba kunguJehova osiphakamisayo, izabelo eziwumthwalo wemfanelo esizithola ebandleni kufanele sizibheke njengezivela kuye.—IHubo 75:7.
76:10—“Ukufutheka komuntu” kungamdumisa kanjani uJehova? Lapho uNkulunkulu evumela abantu ukuba basiphathe ngendlela ebonisa ukuthi basithukuthelele ngenxa yokuthi siyizinceku zakhe, kungaba nomphumela omuhle. Noma ibuphi ubunzima esingase sibhekane nabo bungasiyala ngandlela-thile. UJehova uvumela ukuhlupheka kuphela ngezinga lokuba kusiqeqeshe. (1 Petru 5:10) ‘Ukufutheka komuntu okusele, uNkulunkulu uyakubhinca.’ Kuthiwani uma sihlupheka size sife? Nalokhu kungamdumisa uJehova ngoba labo abasibona sikhuthazela ngobuqotho bangase baqale ukukhazimulisa uNkulunkulu.
78:24, 25—Kungani imana libizwa ngokuthi “okusanhlamvu kwasezulwini” nangokuthi “isinkwa sabanamandla [izingelosi]”? Ayikho kulezi zinkulumo esho ukuthi imana kwakuwukudla kwezingelosi. Libizwa ngokuthi “okusanhlamvu kwasezulwini” ngoba lalivela ezulwini. (IHubo 105:40) Njengoba izingelosi, noma “abanamandla,” zihlala ezulwini, inkulumo ethi “isinkwa sabanamandla” ingase isho nje ukuthi lalilungiselelwe uNkulunkulu, ohlala ezulwini. (IHubo 11:4) Kungenzeka futhi ukuthi uJehova wasebenzisa nezingelosi ekulungiseleleni ama-Israyeli imana.
82:1, 6—Obani ababizwa ngokuthi “onkulunkulu” nangokuthi “amadodana oPhezukonke”? Zombili lezi zinkulumo zibhekisela kubahluleli bakwa-Israyeli abangabantu. Lokhu kuyafaneleka njengoba kwakumelwe bakhonze njengabakhulumeli bakaNkulunkulu nabameleli bakhe.—Johane 10:33-36.
83:2—Kusho ukuthini ‘ukuphakamisa komuntu ikhanda’? Lokhu kusho ukulungela ukuthatha isinyathelo noma ukubonisa amandla, ngokuvamile ukuze uphikise, ulwe, noma ucindezele.
Izifundo Esizitholayo:
73:2-5, 18-20, 25, 28. Akufanele sibe nomona ngokuchuma kwababi futhi akufanele samukele izindlela zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu. Ababi basemhlabathini oshelelayo. Ngokuqinisekile ‘bazowela ezincithakalweni.’ Ngaphezu kwalokho, njengoba ububi bungeke buqedwe kusabusa abantu abangaphelele, uma singazama ukubuqeda kuyoba yize. Njengo-Asafa, siyobe sibonisa ukuhlakanipha uma sibhekana nobubi ‘ngokusondela kuNkulunkulu’ nangokuba nobuhlobo obuseduze naye.
73:3, 6, 8, 27. Kumelwe siqaphe ukuba singaziqhayisi, sizidle, siklolode noma siphambe. Ukugwema lezi zinto kuyadingeka ngisho noma ukuzenza kungase kubonakale kunenzuzo.
73:15-17. Lapho sididekile, kufanele singayikhulumi nabanye leyo micabango yethu edidayo. Ukulandisa “indaba enjengaleyo” kungavele nje kubadumaze abanye. Kumelwe sizindle buthule ngezinto ezisikhathazayo bese sizixazulula sibe sihlanganyela nesikholwa nabo.—IzAga 18:1.
73:21-24. Ukuba nenhliziyo ‘emuncu,’ noma ebuhlungu, ngenxa yokuthi ababi babonakala bechuma kufaniswa nokwenza njengezilwane ezingenangqondo. Lokhu kuwukungacabangi okushukunyiswa imizwelo. Kunalokho, kufanele siholwe iseluleko sikaJehova, siqiniseka ngokugcwele ukuthi ‘uyobamba isandla sethu sokunene’ asisekele. Ngaphezu kwalokho, uJehova ‘uzosiyisa enkazimulweni,’ ewukuba nobuhlobo obuseduze naye.
77:6. Ukubonisa ukuwakhathalela ngokusuka enhliziyweni amaqiniso angokomoya nokuwahlola ngokucophelela kudinga sibe nesikhathi sokutadisha nokuzindla. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sibekele eceleni isikhathi ekuphileni kwethu ukuze sibe sodwa!
79:9. UJehova uyayilalela imithandazo yethu, ikakhulu lapho iphathelene nokungcweliswa kwegama lakhe.
81:13, 16. Ukulalela izwi likaJehova nokuhamba ezindleleni zakhe kuholela ezibusisweni ezicebile.—IzAga 10:22.
82:2, 5. Ukungabi nabulungisa kuntengantengisa “izisekelo zomhlaba.” Izenzo zokungabi nabulungisa ziphazamisa ukuzinza komphakathi wesintu.
84:1-4, 10-12. Ukwazisa kwabahubi indawo kaJehova yokukhulekela nokwaneliseka kwabo ngamalungelo enkonzo ababenawo kuyisibonelo kithi.
86:5. Yeka ukuthi simbonga kanjani uJehova ngokuthi “ukulungele ukuthethelela”! Ucinga noma ibuphi ubufakazi obungamenza ukuba abonise umusa kumenzi wobubi ophendukayo.
87:5, 6. Ingabe labo abayophila ePharadesi emhlabeni bayoke bawazi amagama alabo abavuselwa ezulwini? La mavesi abonisa ukuthi kungenzeka ukuthi bayowazi.
88:13, 14. Ukwephuza ukuthola impendulo yemithandazo yethu ngenkinga ethile kungase kusho ukuthi uJehova ufuna sibonise ukuthi ukuzinikela kwethu kuye kuqotho kangakanani.
“MBONGENI, NITUSE IGAMA LAKHE”
Cabanga ngezizathu ezihlukahlukene zokudumisa uJehova ezishiwo eqoqweni lesine lamahubo. KumaHubo 90, uMose uqhathanisa ukuba khona ‘kweNkosi engunaphakade’ nesikhathi sokuphila komuntu okudlula ngokushesha. (1 Thimothewu 1:17) NgokweHubo 91:2 uMose ubhekisela kuJehova ‘njengesiphephelo sakhe nenqaba yakhe’—uMthombo wakhe wokulondeka. Amahubo ambalwa alandelayo akhuluma ngezimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu, imicabango yakhe ephakeme nemisebenzi yakhe emangalisayo. Izingoma ezintathu ziqala ngamazwi athi “uJehova ngokwakhe usebé yinkosi.” (IHubo 93:1; 97:1; 99:1) Ekhuluma ngoJehova njengoMenzi wethu, umhubi uyasimema ukuba ‘simbonge, situse igama lakhe.’—IHubo 100:4.
Umbusi owesaba uJehova kufanele abuse kanjani? IHubo 101 elabhalwa iNkosi uDavide linikeza impendulo. Ihubo elilandelayo lisitshela ukuthi uJehova “ngokuqinisekile uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke, angawudeleli umthandazo wabo.” (IHubo 102:17) IHubo 103 ligcizelela isihe nomusa wothando kaJehova. Ebhekisela ezintweni eziningi ezenziwe uNkulunkulu emhlabeni, umhubi uyababaza: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha.” (IHubo 104:24) Izingoma ezimbili zokugcina eNcwadini Yesine zidumisa uJehova ngemisebenzi yakhe emangalisayo.—IHubo 105:2, 5; 106:7, 22.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
91:1, 2—Iyini ‘indawo esithekile yoPhezukonke,’ futhi ‘singahlala’ kanjani kuyo? Lena indawo engokomfanekiso yokuphepha nokulondeka ngokomoya—isimo sokuvikelwa ekulimaleni ngokomoya. Le ndawo isithekile ngoba labo abangathembeli kuNkulunkulu abayazi. Senza uJehova abe indawo yethu yokuhlala ngokuthembela kuye ukuze abe isiphephelo sethu nenqaba yethu, ngokumtusa njengoMbusi Ophakeme wendawo yonke nangokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Sizizwa silondekile ngokomoya ngoba siyazi ukuthi uJehova uhlale ekulungele ukusisiza.—IHubo 90:1.
92:12—Kungayiphi indlela abalungileyo ‘beqhakaza njengomuthi wesundu’? Umuthi wesundu uyaphawuleka ngokuthela kwawo. Umuntu olungileyo unjengomuthi wesundu ngenxa yokuthi uqotho emehlweni kaJehova futhi uyaqhubeka ethela “izithelo ezinhle,” eziyimisebenzi emihle.—Mathewu 7:17-20.
Izifundo Esizitholayo:
90:7, 8, 13, 14. Njalo uma senza okubi silimaza ubuhlobo bethu noNkulunkulu weqiniso. Izono ezifihliwe zisobala kuye. Nokho, uma siphenduka ngempela bese siyishiya inkambo embi, uJehova uzosibuyisela emseni wakhe, ‘asanelise ngomusa wakhe wothando.’
90:10, 12. Njengoba ukuphila kukufushane, kufanele ‘sibale izinsuku zethu.’ Kanjani? Ngokungenisa “inhliziyo enokuhlakanipha,” noma ngokubonisa ukuhlakanipha ukuze singazisebenzisi kabi izinsuku zethu ezisele, kodwa sizisebenzise ngendlela ejabulisa uJehova. Lokhu kufuna ukuba sibeke izinto ezingokomoya kuqala futhi sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha.—Efesu 5:15, 16; Filipi 1:10.
90:17. Kufanelekile ukuthandazela ukuba uJehova ‘awumise uqine umsebenzi wezandla zethu’ futhi abusise imizamo yethu enkonzweni.
92:14, 15. Ngokuba abafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu nangokuhlangana njalo nabantu bakaJehova, abakhulile bayaqhubeka “bekhuluphele bencwaba”—benamandla ngokomoya—futhi bayigugu ebandleni.
94:19. Kungakhathaliseki ukuthi ‘imicabango yethu esincisha ukuthula’ ibangelwa yini, ukufunda nokuzindla ‘ngenduduzo’ etholakala eBhayibhelini kuyosiduduza.
95:7, 8. Ukulalela iseluleko esingokomBhalo, ukusinakisisa nokusisebenzisa ngokushesha kuyosisiza ukuba singabi nezinhliziyo ezilukhuni.—Hebheru 3:7, 8.
106:36, 37. La mavesi ahlobanisa ukukhulekela izithombe nokwenzela amademoni imihlatshelo. Lokhu kubonisa ukuthi umuntu osebenzisa izithombe angaba ngaphansi kwethonya lamademoni. IBhayibheli liyasinxusa: “Ziqapheni ezithombeni.”—1 Johane 5:21.
“Dumisani UJah!”
Izingoma zokugcina ezintathu zeNcwadi Yesine YamaHubo ziphetha ngalo myalo: “Dumisani uJah!” Ihubo lokugcina liqala ngawo la mazwi. (IHubo 104:35; 105:45; 106:1, 48) Empeleni, inkulumo ethi “Dumisani uJah!” ivela kaningi eNcwadini Yesine yamahubo.
Ngokuqinisekile sinezizathu eziningi zokudumisa uJehova. AmaHubo 73 kuya ku-106 aye asinikeza okuningi esingazindla ngakho, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokumbonga uBaba wethu wasezulwini. Lapho sicabanga ngakho konke asenzele khona kakade nasazosenzela khona esikhathini esizayo, asishukunyiswa yini ukuba ‘simdumise uJah’ ngawo wonke amandla ethu?
[Isithombe ekhasini 10]
Njengo-Asafa, singamelana nobubi ‘ngokusondela kuNkulunkulu’
[Isithombe ekhasini 11]
UFaro uyanqotshwa oLwandle Olubomvu
[Isithombe ekhasini 11]
Uyazi ukuthi kungani imana libizwa ngokuthi “isinkwa sabanamandla”?
[Isithombe ekhasini 13]
Yini esisiza ukuba sixoshe ‘imicabango yethu esincisha ukuthula’?