Amaphuzu Avelele EBhayibheli AmaHubo 107 kuya ku-150
UNkulunkulu Ojabulayo, Abantu Abajabulayo!
Ukujabula kuwumgomo abantu abaningi abangasoze bawufinyeIela. Nokho, ngeqenjana elithile labanye, injabulo iyindlela yokuphila. Siyini isihluthulelo sabo kuyo? Uku khulekela kweqiniso! AmaHubo asiqinisekisa ngokuthi uJehova unguNkulunkulu ojabulayo, futhi ngalokho singajabula ngokumkhulekela. Ukuze sithole ubufakazi balokhu, ake sibheke iNcwadi Yesihlanu yamaHubo, okungukuthi, amaHubo 107 kuya ku-150.
UJehova UMkhululi
Siza ufunde amaHubo 107 kuya ku-119. Umthandazo wamajuda wokukhululwa ekuthunjweni kwaseBabiloni uyaphendulwa, futhi “abahlengiweyo bakaJehova” bagubha ukubuya ngehubo. (IHubo 107) Lapho ekhululwa ngaphambili uDavide ‘wabonga’ uNkulunkulu futhi wamemezela ubuhle baKhe nothando. (IHubo 108, 109) Ngamandla avela kuJehova, iNkosi kaDavide, enguJesu Kristu, yayizonqoba izitha zikaNkulunkulu. (IHubo 110) Ngaphezu kokusindisa abantu baKhe, uJehova ubusisa umuntu olungile omesabayo. (AmaHubo 111, 112) Ngemva kokukhululwa kwawo eBabiloni, amajuda ahlabelela amaHubo Okudumisa ngemikhosi emikhulu yaminyaka yonke. (AmaHubo 113–118) IHubo le-119 yilo elide kunawo wonke, futhi ngaphandle kwamavesi ama-2 kwayi-176 wonke abhekisela ezwini noma emthethweni kaNkulunkulu.
◆ 107:27—‘Ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa kanjani’?
Njengamatilosi athola isiphepho esibulalayo, ukuhlakanipha kwamaJuda kwabonakala kuyize phakathi nokuthunjelwa kwawo eBabiloni; zonke izindlela zabantu zokuwakhulula zazehlulekile. Kodwa ngokuphendukela kuJehova kulesimo esinjengesiphepho, ukukhululwa kwase kufikile. Wabangela ukuba isiphepho esingokomfanekiso sibehlise futhi wabaholela “ethekwini” elilondekile—izwe lakwaJuda.—IHubo 107:30.
◆ 110:3—Kusho ukuthini ukuba ‘nabasha njengamazolo’?
Amazolo ahlangene nesibusiso, umkhiqizo, nenala. (Genesise 27:28) Futhi amazolo mahle, ayaqabula, asekela ukuphila, futhi maningi. Ngosuku lwempi yeNkosi enguMesiya, izikhonzi zayo zizinikela ngokushesha, nangenjabulo ngezibalo ezinkulu kangangokuthi zingalinganiswa namazolo. Njengamazolo aqabulayo, kuyo yonke inhlangano kaJehova namuhla izinsizwa nezintombi eziningi zinikela inkonzo kuNkulunkulu nakubakhulekeli abakanye nazo.
◆ 116:3—Ziyini “izintambo zokufa”?
Kwabonakala sengathi ukufa kwase kubophe umhubi ngezintambo ezingenakugqashulwa kangangokuthi wayengenakuphunyuka. Izintambo eziboshwe ngokuqinile emilenzeni zazibangela ubuhlungu obukhulu, noma iminjunju, futhi inguqulo yeSeptuagint yesiGreki ihumusha igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “izintambo” ngokuthi “iminjunju.” Ngakho-ke, lapho uJesu Kristu efa, wayesezibophweni eziqeda amandla, noma iminjunju, zokufa. Ngakho-ke, lapho uJehova evusa uJesu, ‘wayethukulula iminjunju yokufa.’—IzEnzo 2:24.
◆ 119:83—Kukanjani umhubi ‘ayenjengemvaba’?
Lapho esalindele ukuba uJehova amduduze, umhubi wayenjengemvaba eyayizolengiswa lapho ingasetshenziswa. Ngenxa yomusi etendeni noma endlini engenashimula, kancane kancane loluhlobo lwemvaba lwaluyobamnyama, lome, futhi lushwabane. Ngamanye amazwi, yilokho okwenzeka kumhubi lapho eyisisulu sabashushisi. (Ivesi 84) Ngokunokwenzeka isimo sakhe sokucindezeleka sasisobala ekubonakaleni kwakhe okulusizi nobuso obunyukubele, futhi kungenzeka ukuthi wonke umzimba wakhe wawuthinteke kakhulu kangangokuthi wawusuwomile. (Qhathanisa neHubo 32:4.) Ngakho kungenzeka ukuthi wayezibona eyize njengemvaba egugile abanye ababeyilahla njengengakufanelekele ukuphatha izinto eziwuketshezi. Nokho ‘wayengazikhohliwe izimiso zikaJehova.’
◆ 119:119, NW—UNkulunkulu ubalahla kanjani ababi “njengamanyela”?
Amanyela akheka ngensimbi encibilikile noma emlilweni wokuncibilikisa awanamsebenzi, angokuthile okumelwe kulahlwe. Ngakho umhlanzi uhlukanisa izinto ezinjengegolide noma isiliva ‘emanyeleni.’ Ngokufanayo, uJehova ubheka ababi njengabafaneiwe kuphela ukwenziwa inqwaba yamanyela futhi uyabalahla, ebahlukanisa kulabo abafanelekayo abanomusa wakhe.—Qhathanisa noHezekeli 22:17-22.
Isifundo Esisitholayo: Njengamajuda asendulo, oFakazi BakaJehova namuhla balindele ukukhululwamanje ngesiphepho seArmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, lesimiso sezinto siyokhukhulwa yilempi enkulu. Labo abangabheki insindiso kuJehova bayo ba yindiva ngokuphelele njengoba bekhungathekiswa amaza alembubhiso enkulu. Nokho, abasindayo ‘bayobonga uJehova ngomusa wakhe.’ Ngakho-ke, kulezinsuku zokugcina, kokubili abalandeli bakaJesu abagcotshiwe “nesixuku esikhulu” bangabeka ithemba labo eligcwele kuJehova.—IHubo 107:31; IsAmbulo 7:9.
‘Izingoma Zokukhuphuka’
Funda AmaHubo 120 kuya ku-134. Lamahubo ayi-15 abizwa ngokuthi izingoma “zokukhuphuka (of the ascents).” Izazi ziyaphikisana ngencazelo ethe ngqó yelithi “ascents,” kodwa mhlawumbe lamahubo ahlatshelelwa amaIsrayeli lapho enyukela, noma ekhuphukela, emzini ophakeme waseJerusalema ngenjongo yemikhosi yawo emithathu yaminyaka yonke.—IHubo 122:1.
◆ 120:4, qhathanisa neNW—Yayiyini “Iemicibisholo ebukhali” “namalahle omlilo”?
Ulimi olunyundelayo lungabhubhisa njengesikhali noma umlilo. (IzAga 12:18; Jakobe 3:6) Ekuphindiseleni, uJehova uyaqikelela ukuthi ulimi olunyundelayo luyathuliswa njengokungathi ngemicibisholo yeqhawe. Ngokuthakazelisayo, amalahle enziwe ngomuthi webroom avutha kakhulu, abonisa ukuba nzima kwesahlulelo saphezulu “olimini lwenkohliso.”—IHubo 120:2, 3.
◆ 131:2—Umphefumulo uba kanjani “njengolumulekileyo”?
Ngaphambi kokuba lulunyulwe, usana lulangazeiela ukuba unina anelise isifiso salo sokondliwa. Futhi olunyuliweyo ezingalweni zikanina uthola ukwaneliseka, ukulondeka, nenduduzo. Aneliswe ukuphishekela inkambo yokuthobeka (ivesi 1). umhubi wazizwa ‘eduduzekile futhi ethulisiwe,’ njengolunyuliweyo ezingalweni zikanina. Ukulindela uJehova ngokuthobeka nokwenza intando yakhe kuletha ukulondeka nezibusiso ezicebile.
Isifundo Esisitholayo: Nakuba uJehova engabakhulula abantu bakhe osizini, akabakhuseli kulo lonke usizi. Ngempela, usizi lwashukumisela izimbongi ukuba zisho lamahubo. Nokho, uNkulunkulu ‘akayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu’ kodwa ‘uyakunenzela indlela yokuphepha.’ (1 Korinte 10:13) UJehova uyasivikela ekuIimaleni ngokomoya. Angalungisa izimo ukuze anciphise usizi noma asiqinise ukuze simelane nokucindezeleka. Ngakho, ubunye esibujabulela emihlanganweni yethu yobuKristu buyaduduza futhi bunenzuzo kakhulu.—IHubo 133:1-3.
UNkulunkulu Obongekayo
Funda AmaHubo 135 kuya ku-145. Ngokuphambene nezithombe abenzi bazo abafana nazo, uJehova unguNkulunkulu noMkhululi obongekayo. (AmaHubo 135, 136) Ngisho nalapho abantu bakhe beseBabiloni, abazange bawakhohlwe “amagama aseSiyoni.” (IHubo 137) UDavide uthi ‘amakhosi ayakubonga uJehova’ futhi ujabulela indlela enziwe ngayo ngokumangalisayo. (AmaHubo 138, 139) Uthandazela isivikelo sikaNkulunkulu futhi udumisa ubuhle baKhe, azi ukuthi ubuhlobo obuhle kuphela noJehova obuletha injabulo yeqiniso.—AmaHubo 140–145.
◆ 138:2—UNkulunkulu waliphakamisa kanjani izwi lakhe ngaphezu kwegama lakhe?
Lapho uJehova esho okuthile ngesisekelo segama lakhe, silindela okuningi ngokugcwaliseka kwakho. Nokho, ngaso sonke isikhathi uyadlula kulokho esikulindele, enza lokho okungokoqobo kukudlule kakhulu ebesikulindele. UNkulunkulu uphakamisa “izwi” lakhe ngokwenza ukugcwaliseka kwalo kube kuhle kakhulu kunalokho esi kulindele.
◆ 139:9—Asho ukuthini “amaphiko okusa”?
Lesisho sifane ki sela ukukhanya kokusa, njengokungathi kunamaphiko, okugcwala ngokushesha esibhakabhakeni kusuka empumalanga kuya entshonalanga. Ukuba uDavide ‘wayeyothabatha amaphiko okusa’ futhi afinyelele engxenyeni ekude kakhuiu yentshonalanga, nalapho wayesayoba ngaphansi kokunakekela nokulawula kukaJehova.—IHubo 139:10; qhathanisa noAmose 9:2, 3.
◆ 141:3—Kungani uDavide ayefuna ukuba ‘ugcinwe umnyango wezindebe zakhe’?
UDavide wayekwazi ukulimala okungenziwa ulimi nendlela abantu abangaphelele abalingelwa ngayo ukuba bakhulume ngonya, ikakhulukazi lapho becasukile. UMose wayeyindoda ethobeke kunawo wonke emhlabeni, nokho wona ngolimi lwakhe emanzini aseMeriba. (Numeri 12:3; 20:9-13) Khona-ke, ukulawula izindebe kudingekile ukuze kugwenywe inkulumo elimazayo futhi kulondolozwe inhliziyo enhle.—Jakobe 3:5-12.
◆ 142:7—Kungani uDavide acabanga ukuthi umphefumulo wakhe ‘wawusetilongweni’?
Wazi zwa eshiywe yedwa nezinkinga zakhe, njengokungathi usetilongweni elimnyama, eliyingozi, engekho omqondayo futhi ehlukaniswe nabo bonke abantu. Lapho sinemizwa enjalo futhi sicabanga ukuthi akekho oqaphe “ngakwesokunene” sethu, singakhala ngesibindi kuJehova sicele usizo.—IHubo 142:3-7.
Isifundo Esisitholayo: KumaHubo 139, uDavide wabonisa ukujabulela ikhono likaNkulunkulu ‘lokumhlola’ futhi ‘amazi’ yena nezindiela zakhe. Kunokuba afune ukucasha, uDavide wafuna ukuziletha ngokugcwele ngokwengeziwe ekuqondiseni nasekulawuleni kukaJehova.Wayaziukuthingaso sonke isikhathi uNkulunkulu wayembhekile. Lolulwazi aluvimbeli nje kuphela umuntu ekwenzeni okubi kodwa futhi lumnikeza induduzo enkulu. Iqiniso lokuthi uJehova uyazibona izenzo zethu, uyaziqonda izinkinga zethu, futhi uhlala ekulungele ukusisiza liveza umuzwa ojulile woku londeka nokuthula, odingekile ukuze sijabule.
Dumisani UJehova!
Funda AmaHubo 146 kuya ku-150. Lamahubo aveza isihloko sayo yonke iNcwadi yamaHubo—“Dumisani uJah, nina bantu!, NW” Ngalinye lawo Iiqala futhi liphethe ngalawomazwi amahle. Umsindo wakho konke lokhu ukhula kahle kakhulu kuyiHubo 150, elimema yonke indalo ukuba ‘idumise uJah’!
◆ 146:3—Kungani kungamelwe sibeke ithemba kubaholi abangabantu?
Abaholi abangabantu bayafa. Abanakuzisindisa bona noma labo abathemba kubo. Ngakho, ukuthembela ekuholeni komuntu kululazwa ukugcina kwakhe ngokufa. Kodwa “ubusisiwe yena . . . othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.” (IHubo 146:5, 6) Umhubi wasibona isidingo sokuqondisa okungaphezu kwalokho okunganikezwa abantu ngokwabo.
◆ 148:4—Ayini “amanzi aphezu kwezulu”?
Ngokusobala umhubi wayebhekisele emafwini athwele amanzi aphezu komhlaba awakhipha ngezikhathi ezithile eseyimvula, lawo ekugcineni aphindela olwandle. Lomjikelezo ubalulekile ekuphileni, futhi khona kanye ukuba khona kwawo kunikeza udumo kuMdali. Njengoba umkhakha womkhathi phakathi komhlaba namafu kungabhekiselwa kuwo njengamazulu, umhubi wabhekisela emafwini ‘njengamanzi aphezu kwamazulu.’
Nanti iqiniso amaHubo alenza libe sobala: Ukuze sijabule ngempela, sidinga ubuhlobo obuhle noJehova. Ngakho, wonke umgomo wabantu bakaNkulunkulu nenjongo yokuba khona kwethu kungafushaniswa esimemweni somhubi sokuphetha: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”—IHubo 150:6.