Thobisela Inhliziyo Yakho Ekuqondeni
“UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”—IZAGA 2:6.
1. Singayithobisela kanjani inhliziyo yethu ekuqondeni?
UJEHOVA unguMfundisi wethu Omkhulu Kakhulu. (Isaya 30:20, 21, NW) Kodwa yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ‘olwazini lukaNkulunkulu’ olwambulwe eZwini lakhe? Ngokwengxenye, kumelwe ‘sithobisele inhliziyo yethu ekuqondeni’—sibe nesifiso esisuka enhliziyweni sokuzuza nokubonisa lemfanelo. Ukuze lokhu kwenzeke, kumelwe sibheke kuNkulunkulu, ngoba indoda ehlakaniphile yathi: “UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.” (IzAga 2:1-6) Luyini ulwazi, ukuhlakanipha, nokuqonda?
2. (a) Luyini ulwazi? (b) Ungakuchaza kanjani ukuhlakanipha? (c) Kuyini ukuqonda?
2 Ulwazi luwukujwayelana namaqiniso atholakala ngokuba nokuhlangenwe nakho, ukuhlola, noma ukutadisha. Ukuhlakanipha kuyikhono lokusebenzisa ulwazi. (Mathewu 11:19) INkosi uSolomoni yabonisa ukuhlakanipha lapho abesifazane ababili bebanga ingane futhi yasebenzisa ulwazi lwayo lokuzinikela kukamama enganeni yakhe ukuze iqede lombango. (1 AmaKhosi 3:16-28) Ukuqonda “kuwukwahlulela ngokuhlakanipha.” “Kungamandla noma ikhono lengqondo lokuhlukanisa izinto.” (Webster’s Universal Dictionary) Uma sithobisela inhliziyo yethu ekuqondeni, uJehova uyosinika kona ngeNdodana yakhe. (2 Thimothewu 2:1, 7) Kodwa ukuqonda kungazithinta kanjani izici zokuphila ezihlukahlukene?
Ukuqonda Nenkulumo Yethu
3. Ungazichaza kanjani izAga 11:12, 13 nalokho okushiwo ‘ukuntula inhliziyo’?
3 Ukuqonda kusisiza ukuba siqaphele ukuthi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Lemfanelo yenza nokuba sikuqaphele esikushoyo. IzAga 11:12, 13 zithi: “Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha [“untula inhliziyo,” NW], kepha umuntu onengqondo [“onokuqonda okubanzi,” NW] uyazithulela. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.” Yebo, owesilisa noma owesifazane odelela omunye umuntu “untula inhliziyo.” Ngokomlobi wesichazamazwi uWilhelm Gesenius, umuntu onjalo “untula ukuqonda.” Untula ukwahlulela okuhle, futhi ukusetshenziswa kwegama elithi “inhliziyo” kubonisa ukuthi untula izimfanelo ezinhle zomuntu wangaphakathi. Uma umuntu ozibiza ngomKristu ecevuza kuze kube sezingeni lokunyundela noma ukuthuka, abadala abamisiwe kumelwe bathathe isinyathelo ukuze baqede lesi simo esingathandeki ebandleni.—Levitikusi 19:16; IHubo 101:5; 1 Korinte 5:11.
4. AmaKristu aqondayo nakholekile enzani ngokwaziswa okuyimfihlo?
4 Ngokungafani nalabo ‘abantula inhliziyo,’ abantu ‘abanokuqonda okubanzi’ bayathula lapho kufaneleka ukwenza kanjalo. Abadaluli izimfihlo. (IzAga 20:19) Bazi ukuthi inkulumo engalawuliwe ingalimaza, abaqondayo ‘bathembekile emoyeni.’ Bathembekile kwabakholwa nabo futhi abazidaluli izindaba eziyimfihlo ezingase zibafake engozini. Uma amaKristu aqondayo ethola noma yikuphi ukwaziswa okuyimfihlo okuphathelene nebandla, akugcina kuwo kuze kube yilapho inhlangano kaJehova ikubona kufaneleka ukukwenza kwaziwe ngendlela yayo.
Ukuqonda Nokuziphatha Kwethu
5. ‘Iziwula’ zikubheka kanjani ukuziphatha okuxekethile, futhi ngani?
5 Izaga zeBhayibheli zisisiza ukuba sisebenzise ukuqonda futhi sigweme ukuziphatha okungafanele. Ngokwesibonelo, izAga 10:23 (NW) zithi: “Ukuqhuba ukuziphatha okuxekethile kunjengokudlala kuso isiwula, kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda.” Labo ukuziphatha okuxekethile ‘okunjengokudlala’ kubo ababuboni ububi benkambo yabo futhi abamgqizi qakala uNkulunkulu njengalowo bonke okumelwe balandise kuye. (Roma 14:12) ‘Iziwula’ ezinjalo ziyonakala ezingqondweni zazo zize zicabange ukuthi uNkulunkulu akabuboni ububi bazo. Ngezenzo zazo, empeleni zithi: “Akakho uNkulunkulu.” (IHubo 14:1-3; Isaya 29:15, 16) Njengoba zingaqondiswa izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu, zintula ukuqonda futhi azikwazi ukwahlulela izindaba kahle.—IzAga 28:5.
6. Kungani ukuziphatha okuxekethile kuwubuwula, futhi siyokubheka kanjani uma sinokuqonda?
6 ‘Umuntu onokuqonda’ uyaqaphela ukuthi ukuziphatha okuxekethile akukhona ‘ukudlala.’ Uyazi ukuthi akumjabulisi uNkulunkulu futhi kungonakalisa ubuhlobo bethu naye. Ukuziphatha okunjalo kuwubuwula ngoba kuphuca abantu ukuzihlonipha, kuchithe imishado, kulimaze kokubili ingqondo nomzimba, futhi kuholele ekulahlekelweni ingokomoya. Ngakho masithobisele inhliziyo yethu ekuqondeni futhi sigweme ukuziphatha okuxekethile noma ukuziphatha okubi kwanoma yiluphi uhlobo.—IzAga 5:1-23.
Ukuqonda Nomoya Wethu
7. Yimiphi eminye imiphumela intukuthelo eba nayo kithina?
7 Ukuthobisela inhliziyo yethu ekuqondeni kusisiza nokuba silawule umoya wethu. “Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,” kusho izAga 14:29, “kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.” Esinye isizathu esibangela ukuba umuntu onokuqonda azame ukugwema intukuthelo engalawuleki ukuthi inemiphumela emibi kithina. Ingakhuphula umfutho wegazi futhi ibangele inkinga yokuphefumula. Odokotela baye bakhomba intukuthelo nolaka njengemizwelo ekhuthaza noma ebangela ukugula okunjengesifuba somoya, isifo sesikhumba, izinkinga zokugayeka kokudla nezilonda.
8. Ukungabekezeli kungaholelaphi, kodwa ukuqonda kungasisiza kanjani kulokhu?
8 Akufanele sisebenzise ukuqonda ‘sephuze ukuthukuthela’ ukuze nje sigweme ukulimaza impilo yethu. Ukungabekezeli kungaholela ezenzweni zobuwula esiyozisola ngazo. Ukuqonda kusenza sicabangele okungaba umphumela wenkulumo engalawuliwe noma amawala futhi ngaleyo ndlela kusivimbe ‘ekuphakamiseni ubuwula’ ngokwenza okuthile okungenangqondo. Ukuqonda kusisiza ikakhulukazi ukuba siqaphele ukuthi ulaka lungaphazamisa indlela yethu yokucabanga, singabe sisakwazi ukwahlulela ngokunengqondo. Lokhu kungonakalisa ikhono lethu lokwenza intando yaphezulu nokuphila ngokuvumelana nezimiso zikaNkulunkulu zokulunga. Yebo, ukuvumela intukuthelo engalawuliwe kuyonakalisa ngokomoya. Eqinisweni, “isifuthefuthe sentukuthelo” siphakathi kwemisebenzi yenyama enyanyekayo engasivimbela ukuba sizuze uMbuso kaNkulunkulu njengefa. (Galathiya 5:19-21) Khona-ke, njengamaKristu anokuqonda, ‘masisheshe ngokuphathelene nokuzwa, sephuze ngokuphathelene nokukhuluma, sephuze ngokuphathelene nolaka.’—Jakobe 1:19.
9. Ukuqonda nothando lobuzalwane kungasisiza kanjani ukuba silungise ukungezwani?
9 Uma sithukuthela, ukuqonda kungabonisa ukuthi kufanele sithule ukuze sigweme ingxabano. IzAga 17:27 zithi: “Obamba amazwi akhe unokwazi; [umuntu onokuqonda unomoya opholile, NW].” Ukuqonda nothando lobuzalwane kuyosisiza ukuba sibone isidingo sokulawula umuzwa wokuphahluka ngamazwi alimazayo. Uma intukuthelo isiye yaqhuma kakade, uthando nokuthobeka kuyosishukumisela ukuba sixolise futhi silungise isimo. Kodwa ake sithi othile usikhubekisile. Khona-ke masikhulume naye eyedwa ngomusa nangokuthobeka ngomgomo wokukhuthaza ukuthula.—Mathewu 5:23, 24; 18:15-17.
Ukuqonda Nomkhaya Wethu
10. Ukuhlakanipha nokuqonda kufeza yiphi indima ekuphileni komkhaya?
10 Amalungu omkhaya kudingeka abonise ukuhlakanipha nokuqonda, ngoba lezi zimfanelo ziyowakha umkhaya. IzAga 24:3, 4 zithi: “Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda. Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.” Ukuhlakanipha nokuqonda kunjengezitini ezinhle zokwakha ukuphila komkhaya okuphumelelayo. Ukuqonda kusiza abazali abangamaKristu ukuba benze izingane zabo ziveze imizwa nokukhathazeka kwazo. Umuntu onokuqonda uyakwazi ukukhulumisana nomngane wakhe womshado, alalele futhi aqonde imizwa nemicabango yakhe.—IzAga 20:5.
11. Owesifazane oshadile onokuqonda ‘angayakha kanjani indlu yakhe’?
11 Ngokungangabazeki ukuhlakanipha nokuqonda kubalulekile ukuze ukuphila komkhaya kujabulise. Ngokwesibonelo, izAga 14:1 zithi: “Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.” Owesifazane oshadile ohlakaniphile nonokuqonda futhi ozithoba ngokufanele kumyeni wakhe uyozikhandla ngokwenzuzo yomkhaya ngaleyo ndlela asize ekwakheni umkhaya wakhe. Enye into ‘eyokwakha indlu yakhe’ ukuba ngaso sonke isikhathi akhulume kahle ngomyeni wakhe ngaleyo ndlela akhulise inhlonipho yabanye ngomyeni wakhe. Futhi inkosikazi ekhuthele nenokuqonda futhi eyesaba uJehova ngenhlonipho, izizuzela udumo.—IzAga 12:4; 31:28, 30.
Ukuqonda Nenkambo Yethu Ekuphileni
12. Labo ‘abantula inhliziyo’ babubheka kanjani ubuwula, futhi ngani?
12 Ukuqonda kusisiza ukuba silondoloze inkambo efanele kuzo zonke izindaba zethu. Lokhu kuboniswe kuzAga 15:21, ezithi: “Ubuwula buyintokozo kongenangqondo [“kontula inhliziyo,” NW] kepha umuntu oqondileyo [“onokuqonda,” NW] uyaqondisa ukuhamba kwakhe.” Kufanele sisiqonde kanjani lesi saga? Inkambo yobuwula, noma ubuphukuphuku, iyajabulisa kwabesilisa, abesifazane nentsha engenangqondo. ‘Bantula inhliziyo,’ isisusa esihle, futhi abahlakaniphile ngoba bajatshuliswa ubuwula.
13. Yini uSolomoni ayiqonda ngokuhleka nenjabulo?
13 INkosi yakwa-Israyeli eqondayo uSolomoni yafunda ukuthi injabulo ayisho lutho. Yavuma: “Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje. Kepha nalokho kwakuyize. Ngathi ngokuhleka: Ngubuhlanya; nangentokozo: Yenzani na?” (UmShumayeli 2:1, 2) Njengendoda enokuqonda, uSolomoni wathola ukuthi injabulo nokuhleka kukodwa akwanelisi, ngoba akuvezi injabulo yangempela nehlala njalo. Ukuhleka kungasisiza ukuba sizikhohlwe izinkinga zethu okwesikhashana, kodwa kamuva zingabuya sezizinkulu. USolomoni wayengase asho ngokufanele ukuthi ukuhleka ‘kungubuhlanya.’ Ngani? Ngoba ukuhleka okungenangqondo kuthiya ukwahlulela okunengqondo. Kungasenza sizithathe kalula izindaba ezingathi sína. Injabulo ehlangene namazwi kanye nezenzo zomuntu wamancoko akunakuthiwa iveza okuthile okufanelekayo. Ukuqonda ukubaluleka kokuhlola kukaSolomoni ukuhleka nenjabulo kusisiza ukuba sigweme ukuba “abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1, 4.
14. Umuntu onokuqonda “uqondisa ukuhamba kwakhe” ngayiphi indlela?
14 Kwenzeka kanjani ukuba umuntu onokuqonda ‘aqondise ukuhamba kwakhe’? Ukuqonda okungokomoya nokusebenzisa izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu kuhola abantu enkambweni yobuqotho, eqondile. Inguqulo kaByington ikubeka ngokungagwegwesi: “Ubuwula buyinjabulo enkulu kumuntu ongenangqondo, kodwa umuntu ohlakaniphile uyohamba aqonde.” “Umuntu onokuqonda” wenzela izinyawo zakhe izindlela eziqondile futhi uyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile ngenxa yokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni.—Heberu 5:14; 12:12, 13.
Njalo Bheka KuJehova Ukuze Uthole Ukuqonda
15. Sifundani kuzAga 2:6-9?
15 Ukuze silandele inkambo eqotho ekuphileni, sonke kudingeka sivume ukungapheleli kwethu futhi sibheke kuJehova ukuze sithole ukuqonda okungokomoya. IzAga 2:6-9 zithi: “UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.”—Qhathanisa noJakobe 4:6.
16. Kungani kungekho ukuhlakanipha, ukuqonda, noma iseluleko esingamelana noJehova?
16 Njengoba sivuma ukuthi sincike kuJehova, ngokuthobeka masifune ukuqonda intando yakhe ngokumba sijule eZwini lakhe. Unokuhlakanipha ngomqondo ophelele, futhi iseluleko sakhe siyazuzisa ngaso sonke isikhathi. (Isaya 40:13; Roma 11:34) Eqinisweni, noma yisiphi iseluleko esimelene naye siyize. IzAga 21:30 zithi: “Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.” (Qhathanisa nezAga 19:21.) Ukuqonda okungokomoya kuphela, okuhlakulelwa ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngosizo lwezincwadi ezilungiselelwa “isigqila esikholekile nesiqondayo,” okuyosisiza ukuba siphishekele inkambo efanelekile ekuphileni. (Mathewu 24:45-47) Ngakho-ke masivumelanise indlela yethu yokuphila neseluleko sikaJehova, sazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi esinye iseluleko singabonakala sinengqondo kangakanani, asinakulingana neZwi lakhe.
17. Yini engaba umphumela uma kunikezwa iseluleko esingaqondile?
17 AmaKristu anokuqonda anikeza iseluleko ayaqaphela ukuthi kufanele sisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu nokuthi kudingeka ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngaphambi kokuphendula umbuzo. (IzAga 15:28) Uma imibuzo ngezindaba ezingathi sína iphendulwa ngendlela engaqondile, kungaphumela ekulimaleni okukhulu. Ngakho, abadala abangamaKristu badinga ukuqonda okungokomoya futhi kufanele bathandazele isiqondiso sikaJehova lapho bezama ukunikeza usizo olungokomoya kwabakholwa nabo.
Gcwalani Ukuqonda Okungokomoya
18. Uma kuphakama inkinga ebandleni, ukuqonda kungasisiza kanjani ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu okungokomoya?
18 Ukuze sijabulise uJehova, sidinga “ukuqonda ezintweni zonke.” (2 Thimothewu 2:7) Ukutadisha iBhayibheli ngenkuthalo nokuthobela isiqondiso somoya nenhlangano kaNkulunkulu kuyosisiza ukuba siqonde okufanele sikwenze lapho sibhekana nezimo ezingasiholela enkambweni engalungile. Ngokwesibonelo, ake sithi okuthile ebandleni akusingathwa ngendlela esicabanga ukuthi kufanele kusingathwe ngayo. Ukuqonda okungokomoya kuyosisiza ukuba sibone ukuthi lokhu akusona isizathu sokuyeka ukuhlanganyela nabantu bakaJehova nokuyeka ukukhonza uNkulunkulu. Cabanga ngelungelo lethu lokukhonza uJehova, inkululeko engokomoya esiyijabulelayo, injabulo esingayithola enkonzweni yethu njengabamemezeli boMbuso. Ukuqonda okungokomoya kusenza sibe nombono ofanele futhi siqaphele ukuthi sizinikezele kuNkulunkulu futhi kufanele sibazise ubuhlobo bethu naye, kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani. Uma ingekho indlela engokwasezulwini esingasingatha ngayo inkinga, kudingeka silindele uJehova ngesineke ukuba alungise isimo. Kunokuba sidube noma siphelelwe ithemba, ‘masethembe uNkulunkulu.’—IHubo 42:5, 11.
19. (a) Wawuyini umongo womthandazo kaPawulu awenzela abaseFilipi? (b) Ukuqonda kungasisiza kanjani uma kunokuthile esingakuqondi ngokugcwele?
19 Ukuqonda okungokomoya kusisiza ukuba sihlale sithembekile kuNkulunkulu nakubantu bakhe. UPawulu watshela amaKristu eFilipi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuba uthando lwenu luvame nakakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele; ukuba niqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe, ukuze ningabi nasici futhi ningakhubekisi abanye kuze kube usuku lukaKristu.” (Filipi 1:9, 10) Ukuze sicabange ngendlela efanele, sidinga “ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele.” Lapha, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuqonda” lisho “ukuqonda kokuziphatha okubukhali.” Lapho sifunda okuthile, sifuna ukuqonda ukuhlobana kwako noNkulunkulu kanye noKristu futhi sizindle ngendlela okuphakamisa ngayo ubuntu bukaJehova namalungiselelo akhe. Lokhu kukhulisa ukuqonda nokwazisa kwethu ngalokho uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzele kona. Uma kunokuthile esingakuqondi ngokugcwele, ukuqonda kuyosisiza ukuba siqaphele ukuthi akumelwe silahle ukholo lwethu kuzo zonke izinto ezibalulekile esiye sazifunda ngoNkulunkulu, uKristu nenjongo yaphezulu.
20. Singagcwala kanjani ukuqonda okungokomoya?
20 Siyogcwala ukuqonda okungokomoya uma ngaso sonke isikhathi imicabango nezenzo zethu sikuvumelanisa neZwi likaNkulunkulu. (2 Korinte 13:5) Ukwenza lokhu ngendlela eyakhayo kusisiza ukuba sithobeke, singanamatheli emibonweni yethu futhi sigxeke abanye. Ukuqonda kuyosisiza ukuba sizuze ekuqondisweni futhi siqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe. (IzAga 3:7) Khona-ke, sínesifiso sokujabulisa uJehova, masifune ukugcwala ulwazi olunembile lweZwi lakhe. Lokhu kuyosisiza ukuba siqonde okulungile nokungalungile, sibone okubaluleke ngempela, futhi sibambelele ngokwethembeka ebuhlotsheni bethu obuyigugu noJehova. Konke lokhu kungenzeka uma sithobisela inhliziyo yethu ekuqondeni. Kodwa kunokunye okudingekayo. Kumelwe sivumele ukuqonda kusilonde.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kufanele sithobisele inhliziyo yethu ekuqondeni?
◻ Ukuqonda kungayithinta kanjani inkulumo nokuziphatha kwethu?
◻ Ukuqonda kungaba namuphi umphumela emoyeni wethu?
◻ Kungani ngaso sonke isikhathi kufanele sibheke kuJehova ukuze sithole ukuqonda?
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuqonda kusisiza ukuba silawule umoya wethu
[Isithombe ekhasini 15]
INkosi uSolomoni enokuqonda yaqaphela ukuthi injabulo ayanelisi ngempela