Ukuqondisisa Izindaba
Ukuvimbela Ubudlova
Ubonisa ukwanda okuphikilelayo kobudlova phakathi kwentsha, umagazini iAmerican Health ubika ukuthi “izimpi ezilwiwa nabangane, nabafunda nabo nomakhelwane zingumbulali wokuQala wabeve eshumini nambili basemadolobheni nombulali wesiBili wabo bonke abeve eshumini nambili eMelika.”
Njengomzamo wokuvimbela ukuthambekela kobudlova, isikhungo sokweluleka saseBoston sinikeza izifundo ezenza ukuba abafundi baso badlale amadrama amafushane abonisa izimo ezingokoqobo zobudlova. Ngalendlela, ‘baqala ukuqaphela ukuthambekela okuhlobene nobudlova,’ futhi ngokuchaza komqondisi wohlelo, bayakwazi “ukubona lokho kuthambekela kwentukuthelo kubona ngokwabo.”
Abafundi bafunda ngokusabela komzimba entukuthelweni, ngezinga eliphakeme lokugeleza kweadrenaline enqoba ukuzithiba, nangokubaluleka kokukhulumisana ekudambiseni intukuthelo “ngaphambi kokuba umzimba usabele ngamakhemikhali.” Bafunda ukuthi ngokubuza imibuzo nangokukhuluma ngesizotha nangokucophelela, ingxabano enokufutheka ingagwenywa.
Sekuyisikhathi eside abafundi beBhayibheli baqaphela ukuthi ubudlova buzala ubudlova nokuthi, “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1) IBhayibheli liseluleka ukuba sibaleke, zisuka nje, lapho sihileleka engxabanweni engase ibangele ukubambana ngezihluthu. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.”—IzAga 17:14.
Indawo Yonke Eklanyiwe
Ekupheleni kukaMay izazi zesayensi yemvelo ezingaba ngama-200, kuhlanganise nabaningana abazuza umklomelo kaNobel, zahlangana eBlois, eFrance. Kulomhlangano wazo owathatha isonto kwakuzogujwa iminyaka engama-25 kutholwe i“CP violation,” lokho okubonakala kuwukuphazanyiswa kwemithetho okucatshangwa ukuthi kwakha ukulingana okuphelele phakathi kwezakhi eziphikisanayo.
Kodwa lombono ocatshangelwe udala izinkinga ezingangalezo ozixazululayo. Icaphuna uProfesa waseSoviet uAndrei Linde, i-International Herald Tribune yabika ukuthi wathi: “Indida iwukuthi lokhu kungafani kwakhiqiza indawo yonke ehlelekile.” Lapho sibuzwa ukuthi i“CP violation” ibonisa injongo endaweni yonke yini, isazi sesayensi yendawo yonke esingumFulentshi uJean Audouze sathi: “Ngezinye izinsuku ngicabanga ukuthi kunjalo, ngezinye ngicabanga ukuthi akunjalo. Indawo yonke ayilandeli umklamo othile. Kodwa indawo yonke iklanyiwe. Futhi lezizinto ezimbili ziyamangaza. Indawo yonke ayikhona okuthile okwazivelela ngengozi.”
Indawo yonke ayibanga khona ngengozi. UGenesise 1:1 uthi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” Indawo yonke ihlelekile ngoba uJehova, uMdali ‘akasiye uNkulunkulu wesiyaluyalu,’ kodwa uyiLowo omisebenzi yakhe “iphelele.”—1 Korinte 14:33; Duteronomi 32:4; qhathanisa noIsaya 40:26; 42:5.
Ubungqingili NamaKatolika
Upapa uye washo ngokuphindaphindiwe ukuthi isimo sesonto lamaKatolika esingokomthetho ngokuziphatha kobungqingili siwukuthi kuwukuziphatha okungalungile. Njengoba echaza, “umphakathi wokuqala wamaKristu ngokuqinisekile wawungayekeleli.” Akubona bonke ababhishobhi nabapristi bamaKatolika abavumayo.
Ekuqaleni kuka-1989, umbhishobhi ongumFulentshi uJacques Gaillot wathi wayemane nje enanela amazwi kaJesu lapho ebhala ukuthi “ongqingili bangena phambi kwethu embusweni kaNkulunkulu.”
Nokho, lokho umBhishobhi uGaillot ahluleka ukukusho ukuthi uJesu wayebhekisele ezifebeni eziphendukayo—hhayi ezifebeni ezaziqhubeka nemikhuba yazo—ukuthi zaziyongena eMbusweni kaNkulunkulu ngaphambi kwabaholi bamaJuda abanenkani bosuku lwakhe.—Mathewu 21:28-32.
Ngokufanayo, umfundisi waseSpain uJosé Ramón Carrasco muva nje ubhale ephephandabeni laseMadrid iEl País ukuthi “uJesu Kristu akazange nanini abalahle ongqingili. . . . Lapho ekhuluma ngothando, wayekhuluma ngothando lukamakhelwane futhi akazange abalule ukuthi lowomakhelwane kumelwe kube indoda noma owesifazane, noma isimo, noma indlela athanda ngayo.”
Nokho, ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi uJesu wayengabhekisele ebudlelwaneni bobungqingili. Emfanekisweni womSamariya Olungileyo, wachaza ukuthi uthando lukamakhelwane lusho ukuthini ngempela, okungukuthi, ukubonisa isithakazelo esingenabugovu enhlala-kahleni yabanye.—Luka 10:29-37.
IBhayibheli lisho lokhu ngongqingili: “Ningakhohliswa; abaziphethe kabi, noma abakhonza izithombe izifebe, noma ongqingili, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9-11, Revised Standard Version, uhlelo lwamaKatolika.