15 Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, +
Kodwa izwi elihlabayo libangela ulaka. +
2 Ulimi lwabahlakaniphile lulusebenzisa kahle ulwazi, +
Kodwa emlonyeni weziphukuphuku kuphuma ubuwula.
3 Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo,
Aqapha ababi nabahle. +
4 Ulimi oluzolile luyisihlahla sokuphila, +
Kodwa inkulumo engamanga ibangela ukudangala.
5 Isiwula siyasedelela isiyalo sikayise, +
Kodwa ohlakaniphile uyakwamukela ukulungiswa. +
6 Endlini yolungile kukhona ingcebo eningi,
Kodwa umkhiqizo womubi umlethela izinkathazo. +
7 Izindebe zabahlakaniphile zisabalalisa ulwazi, +
Kodwa inhliziyo yabayiziphukuphuku ayinjalo. +
8 Umhlatshelo wababi uyanengeka kuJehova, +
Kodwa umthandazo wabaqotho uyamjabulisa. +
9 UJehova uyayizonda indlela yomubi, +
Kodwa uyamthanda oshisekela ukulunga. +
10 Isiyalo sibonakala sisibi kulowo oyishiyayo indlela, +
Kodwa noma ubani ozonda ukusolwa uyokufa. +
11 IThuna nendawo yokubhubha kubonakala kahle kuJehova. +
Kangakanani-ke ngezinhliziyo zabantu! +
12 Umhleki wosulu akamthandi umuntu omlungisayo. +
Ngeke abuze kwabahlakaniphile. +
13 Inhliziyo ejabulayo yenza ubuso bube buhle,
Kodwa ubuhlungu benhliziyo buqeda amandla. +
14 Inhliziyo eqondayo ifuna ulwazi, +
Kodwa umlomo wabayiziphukuphuku uzondla ngobuwula. +
15 Zonke izinsuku zohluphekile zimbi, +
Kodwa onenhliziyo ejabulayo uhlale enedili. +
16 Kungcono okuncane okuhambisana nokwesaba uJehova +
Kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka. +
17 Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando +
Kunenkunzi ekhuluphele ehambisana nenzondo. +
18 Umuntu osheshe acasuke ubhebhezela ingxabano, +
Kodwa owephuza ukuthukuthela uyayiqeda ingxabano. +
19 Indlela yevila injengothango lwameva, +
Kodwa indlela yabaqotho injengomgwaqo owakhiwe kahle. +
20 Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +
Kodwa umuntu oyisiphukuphuku udelela unina. +
21 Ubuwula buyintokozo kumuntu ontula ukuhlakanipha, +
Kodwa umuntu onokuqonda uhamba endleleni efanele. +
22 Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana,
Kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi. +
23 Uyajabula umuntu ophendula ngendlela efanele, +
Nezwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele—yeka ukuthi lihle kanjani! +
24 Umuntu onokuqonda usendleleni yokuphila, indlela eholela phezulu, +
Uyayigwema indlela eya phansi eThuneni. +
25 UJehova uyoyidiliza indlu yabaqhoshayo, +
Kodwa uyowulonda umngcele womfelokazi. +
26 UJehova uyawenyanya amacebo omubi, +
Kodwa amazwi amnandi ahlanzekile kuye. +
27 Owenza inzuzo ngobuqili ulethela umndeni wakhe izinkinga, +
Kodwa ozonda ukufumbathiswa uyoqhubeka ephila. +
28 Inhliziyo yolungile iyazindla ngaphambi kokuphendula, +
Kodwa umlomo wababi ukhipha izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,
Kodwa uyawuzwa umthandazo wabalungile. +
30 Umuntu okubuka ngamehlo ajabulayo ukwenza ujabule;
Umbiko omuhle uvuselela amathambo. +
31 Umuntu olalela ukusolwa okuphilisayo
Uyajabula uma ephakathi kwabahlakaniphile. +
32 Noma ubani owenqaba isiyalo uzonda ukuphila kwakhe, +
Kodwa noma ubani olalela ukusolwa uzuza ukuqonda. +
33 Ukwesaba uJehova kufundisa umuntu ukuba enze ngokuhlakanipha, +
Ukuthobeka kwandulela ukukhazinyuliswa. +