Yini UJehova Ayilindele Kithi?
“Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—MIKA 6:8.
1, 2. Kungani ezinye izinceku zikaJehova zingase zidumale, kodwa yini okufanele isize?
UVERA ungumKristu othembekile oneminyaka engaba ngu-75 ubudala futhi impilo yakhe ayiyinhle. Uthi: “Ngezinye izikhathi ngiye ngibuke ngefasitela abafowethu nodadewethu abangamaKristu beshumayela endlini ngendlu. Kungilethela izinyembezi ngoba ngifuna ukuba kanye nabo, kodwa ukugula kuyayikhinyabeza inkonzo yami kuJehova.”
2 Wena wake wazizwa kanjalo? Yebo, bonke abathanda uJehova bafuna ukuhamba ngegama lakhe futhi bahlangabezane nezimfuneko zakhe. Nokho, kuthiwani uma impilo ingasavumi, iminyaka isihambile, noma sinemithwalo yemfanelo yomkhaya? Singase sidumale ngoba izimo ezinjalo zingase zisenze singakwazi ukwenza konke okufunwa inhliziyo yethu enkonzweni kaNkulunkulu. Uma sikulesi simo, cishe kuzosikhuthaza kakhulu ukuhlola izahluko 6 no-7 zikaMika. Lezi zahluko zibonisa ukuthi izimfuneko zikaJehova zinokucabangela futhi ziyafinyeleleka.
Indlela UNkulunkulu Abaphatha Ngayo Abantu Bakhe
3. UJehova uwaphatha kanjani ama-Israyeli avukelayo?
3 Ake siqale sibheke uMika 6:3-5, siphawule indlela uJehova abaphatha ngayo abantu bakhe. Khumbula ukuthi ngesikhathi sikaMika ama-Israyeli ayavukela. Yize kunjalo, ngesihawu uJehova uthi kuwo, “O bantu bami.” Uyancenga: “O bantu bami, ngicela nikhumbule.” Kunokuba abagxeke ngokhahlo, uzama ukubafinyelela inhliziyo ngokubuza, “Ngenzeni kini?” Uze abakhuthaze nokuba ‘bafakaze ngokumelene’ naye.
4. Isibonelo sikaNkulunkulu sesihawu kufanele sisithonye kanjani?
4 Yeka isibonelo uNkulunkulu asibekela sona thina sonke! Ngesihawu wabiza ngisho nabantu abavukelayo bakwa-Israyeli noJuda osukwini lukaMika ngokuthi “bantu bami,” wasebenzisa nenkulumo ethi ‘ngiyacela.’ Ngakho, kufanele impela sibaphathe ngesihawu nomusa labo abayingxenye yebandla. Yiqiniso, abanye kungase kungabi lula ukuzwana nabo, noma kungenzeka babuthaka ngokomoya. Nokho, uma bemthanda uJehova, sifuna ukubasiza nokubabonisa isihawu.
5. Iliphi iphuzu eliyisisekelo elivezwa kuMika 6:6, 7?
5 Manje ake sibheke uMika 6:6, 7. UMika ubuza imibuzo eminingana, ethi: “Ngiyoya ngiphetheni kuJehova? Ngiyokhothama ngiphetheni kuNkulunkulu wami phezulu? Ngiye ngiphethe iminikelo yokushiswa ephelele, namathole amnyaka munye? Ingabe uJehova uyojatshuliswa yizinkulungwane zezinqama, amashumi ezinkulungwane zezifufula zamafutha? Ingabe kufanele nginikele ngezibulo lami ngenxa yokuvukela kwami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono somphefumulo wami?” Cha, akunakwenzeka ukujabulisa uJehova ‘ngezinkulungwane zezinqama, amashumi ezinkulungwane zezifufula zamafutha.’ Kodwa kukhona okuyomjabulisa. Kuyini?
Kumelwe Sibonise Ubulungisa
6. Iziphi izimfuneko zikaNkulunkulu ezintathu ezikuMika 6:8?
6 KuMika 6:8, sithola lokho uJehova akulindele kithi. UMika uyabuza: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?” Lezi zimfuneko ezintathu zihilela indlela esizizwa ngayo, esicabanga ngayo, nesenza ngayo. Kumelwe sithande ukubonisa lezi zimfanelo, sicabange ukuthi singazibonisa kanjani, futhi sithathe isinyathelo sokuzibonisa. Ake sihlole ngayinye yalezi zimfuneko.
7, 8. (a) Kusho ukuthini ‘ukubonisa ubulungisa’? (b) Ikuphi ukungabi nabulungisa okwandile osukwini lukaMika?
7 ‘Ukubonisa ubulungisa’ kusho ukwenza okulungile. Indlela kaNkulunkulu yokwenza izinto iyindinganiso yobulungisa. Nokho, abantu besikhathi sikaMika ababonisi ubulungisa, babonisa ukungabi nabulungisa. Ngaziphi izindlela? Cabanga ngoMika 6:10. Ekugcineni kwalelo vesi, kuthiwa abathengisi basebenzisa ‘i-efa elincishisiwe,’ okusho elincane kakhulu. Ivesi 11 linezela ukuthi basebenzisa ‘izisindo zamatshe ezikhohlisayo.’ Futhi ngokwevesi 12, ‘ulimi lwabo luyakhohlisa.’ Ngakho, izilinganiso zamanga, izisindo zamanga, nenkulumo engamanga kwandile kwezentengiselwano zosuku lukaMika.
8 Izenzo zokungabi nabulungisa azigcini ezimakethe. Zandile nasezinkantolo. UMika 7:3 ubonisa ukuthi “isikhulu sicela okuthile, owahlulelayo wahlulela ngomvuzo.” Abahluleli bayafumbathiswa ukuze banike abantu abangenacala izigwebo ezingenabulungisa. “Omkhulu,” noma isakhamuzi esinethonya, uzibandakanya kulobu bugebengu. Eqinisweni, uMika uthi isikhulu, umahluleli, nomuntu omkhulu ‘bayazeluka,’ noma bazihlela ngokubambisana, izenzo zabo ezimbi.
9. Ukungabi nabulungisa okwenziwa ababi kumthinta kanjani uJuda no-Israyeli?
9 Ukungabi nabulungisa okwenziwa abaholi ababi kuthinta wonke uJuda no-Israyeli. UMika 7:5 uthi ukuntuleka kobulungisa sekubangele ukungathembani phakathi kwabangane, abangane abayisifuba, ngisho nabantu abashadene. Ivesi 6 libonisa ukuthi lokhu sekwakhe isimo lapho abantu abahlobene eduze njengamadodana noyise, amadodakazi nonina, bedelelana.
10. Kulesi simo sanamuhla sokungabi nabulungisa, amaKristu aziphatha kanjani?
10 Kuthiwani namuhla? Asikuboni yini okufanayo? NjengoMika, sizungezwe ukuntuleka kobulungisa, isimo sokungathembani, nokuwohloka kokuphila komphakathi nokomkhaya. Nokho, njengezinceku zikaNkulunkulu kuleli zwe elingalungile, asiwuvumeli umoya wezenzo ezingenabulungisa zaleli zwe ukuba ungene ebandleni lobuKristu. Kunalokho, sizama ukugcina izimiso zokwethembeka nobuqotho, sizibonise kulokho esikwenzayo nsuku zonke ekuphileni. Yebo, ‘siziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’ (Hebheru 13:18) Awuvumi yini ukuthi ngokubonisa ubulungisa sijabulela izibusiso ezicebile ngenxa yobuzalwane obubonisa ukwethembana kwangempela?
Abantu Balizwa Kanjani “Izwi LikaJehova”?
11. UMika 7:12 ugcwaliseka kanjani?
11 UMika uprofetha ukuthi naphezu kwezimo ezingenabulungisa, ubulungisa buyofinyelela zonke izinhlobo zabantu. Lo mprofethi ubikezela ukuthi abantu bayobuthwa “olwandle kuze kuyofika olwandle, nasentabeni kuze kuyofika entabeni” ukuze bazoba abakhulekeli bakaJehova. (Mika 7:12) Namuhla, ekugcwalisekeni kokugcina kwalesi siprofetho abantu bazo zonke izizwe, hhayi isizwe esithile esisodwa, bayazuza ebulungiseni bukaNkulunkulu obungakhethi. (Isaya 42:1) Kwenzeka kanjani lokhu?
12. “Izwi likaJehova” lizwiwa kanjani namuhla?
12 Ukuze uthole impendulo, bheka amazwi uMika awasho ngaphambili. UMika 6:9 uthi: “Izwi likaJehova limemeza umuzi, futhi umuntu onokuhlakanipha okusebenzayo uyolesaba igama lakho.” Abantu bazo zonke izizwe balizwa kanjani “izwi likaJehova,” futhi lokhu kuhlobana kanjani nokubonisa kwethu ubulungisa? Yiqiniso, abantu namuhla abalizwa ngokoqobo izwi likaNkulunkulu. Nokho, ngomsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke, izwi likaJehova lizwiwa abantu bazo zonke izinhlanga nezizinda. Ngenxa yalokho, labo abalalelayo ‘bayalesaba igama likaNkulunkulu,’ balihloniphe. Impela kuyisenzo sobulungisa nothando ukukhonza kwethu njengabamemezeli boMbuso abashisekayo. Ngokwenza igama likaNkulunkulu laziwe yiwo wonke umuntu ngokungakhethi, ‘sibonisa ubulungisa.’
Kumelwe Sithande Ubulungisa
13. Umusa wothando uhluke kanjani othandweni?
13 Manje, ake sixoxe ngemfuneko yesibili eshiwo kuMika 6:8. UJehova ulindele ukuba ‘sithande umusa.’ Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “umusa” lihunyushwa nangokuthi “umusa wothando,” noma “uthando oluqotho.” Umusa wothando uwukunaka abanye ngokuzimisela, ukubakhathalela ngesihawu. Umusa wothando uhlukile othandweni. Kanjani? Uthando lubanzi, lungase luboniswe ngisho nasezintweni nasemiqondweni ethile. Ngokwesibonelo, imiBhalo ikhuluma ngomuntu “othanda iwayini namafutha” nangomuntu “othanda ukuhlakanipha.” (IzAga 21:17; 29:3) Ngakolunye uhlangothi, umusa wothando uhilela abantu njalo, ikakhulu labo abakhonza uNkulunkulu. Ngakho, uMika 7:20 ukhuluma ‘ngomusa wothando owanikwa u-Abrahama’—indoda eyayikhonza uJehova uNkulunkulu.
14, 15. Uboniswa kanjani umusa wothando, futhi ibuphi ubufakazi bawo obulandisiwe?
14 NgokukaMika 7:18, umprofethi uthi uNkulunkulu “ujabula ngomusa wothando.” KuMika 6:8, akuthiwa masiwubonise nje kuphela umusa wothando kodwa kuthiwa masiyithande leyo mfanelo. Sifundani kule miBhalo? Umusa wothando uboniswa ngokuzithandela nangokukhululekile ngoba sifuna ukuwubonisa. NjengoJehova, siyakujabulela ukubonisa umusa wothando kwabaswele.
15 Namuhla, umusa wothando onjalo uwuphawu lwabantu bakaNkulunkulu. Cabanga ngesibonelo esisodwa nje. Ngo-June 2001, imvula enesivunguvungu yadala izikhukhula ezinkulu eTexas, e-U.S.A., zacekela phansi izinkulungwane zemizi, phakathi kwayo okwakukhona amakhulu emizi yoFakazi BakaJehova. Ukuze basize abafowabo abangamaKristu abaswele, oFakazi abangaba ngu-10 000 banikela ngesikhathi namandla abo ngokuzithandela mahhala. Isikhathi esingaphezu kwengxenye yonyaka, amavolontiya asebenza engaphezi, esebenzisa isikhathi sawo sasemini, sasebusuku, nesangempelasonto ekwakheleni kabusha abafowabo abangamaKristu amaHholo OMbuso angu-8 nemizi engaphezu kuka-700. Labo ababengenakuwenza umsebenzi onjalo banikela ngokudla, imali, nokunye. Kungani zonke lezi zinkulungwane zoFakazi zafuna ukusiza abafowabo? Yingoba ‘ziyawuthanda umusa.’ Futhi yeka indlela okuthinta inhliziyo ngayo ukwazi ukuthi izenzo ezinjalo zomusa wothando ziboniswa abafowethu emhlabeni wonke! Yebo, ukuhlangabezana nemfuneko ‘yokuthanda umusa’ akuwona umthwalo, kuyinjabulo!
Yiba Nesizotha Ekuhambeni NoNkulunkulu
16. Imuphi umfanekiso ogcizelela isidingo sokuba nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu?
16 Imfuneko yesithathu etholakala kuMika 6:8 iwukuba “nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho.” Lokhu kusho ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu nokuncika kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo: Ake ucabange ngentombazanyana enkonkoshele isandla sikayise njengoba behamba esivunguvungwini. Le ntombazanyana yazi kahle ukuthi amandla ayo alinganiselwe, kodwa imthembile uyise. Nathi kumelwe sikwazi ukulinganiselwa kwethu kodwa sithembele kuBaba wethu osezulwini. Singenza kanjani ukuze sihlale sithembele kuye? Enye yezindlela iwukuzikhumbuza njalo ukuthi kungani kuhlakaniphile ukuhlala siseduze noNkulunkulu. UMika usikhumbuza izizathu ezintathu: uJehova unguMkhululi wethu, uMqondisi wethu, noMvikeli wethu.
17. UJehova wabakhulula, wabaqondisa, futhi wabavikela kanjani abantu bakhe basendulo?
17 NgokukaMika 6:4, 5, uNkulunkulu uthi: “Nganikhuphula nganikhipha ezweni laseGibhithe.” Yebo, uJehova waba uMkhululi ka-Israyeli. UJehova uqhubeka athi: “Ngathumela phambi kwenu uMose, u-Aroni noMiriyamu.” UMose no-Aroni basetshenziswa ekuqondiseni isizwe, futhi uMiriyamu wayehola abesifazane bakwa-Israyeli emdansweni wokunqoba. (Eksodusi 7:1, 2; 15:1, 19-21; Duteronomi 34:10) UJehova wanikeza isiqondiso ngezinceku zakhe. Evesini 5, uJehova ukhumbuza isizwe sakwa-Israyeli ukuthi wasivikela kuBhalaki noBhalami nokuthi wawavikela ama-Israyeli engxenyeni yokugcina yohambo lwawo olusuka eShithimi kwaMowabi luya eGiligali eZweni Lesithembiso.
18. UJehova uba kanjani uMkhululi, uMqondisi, noMvikeli wethu namuhla?
18 Njengoba sihamba noNkulunkulu, uyasikhulula ezweni likaSathane, asiqondise ngeZwi lakhe nenhlangano yakhe, futhi asivikele njengeqembu lapho sihlaselwa abaphikisi. Ngakho sinesizathu esanele sokusibamba sisiqinise isandla sikaBaba wethu osezulwini njengoba sihamba naye engxenyeni yokugcina enezivunguvungu yohambo lwethu oluya endaweni engcono kakhulu kuneZwe Lesithembiso lasendulo—izwe elisha lokulunga likaNkulunkulu.
19. Ukuba nesizotha kuhlobene kanjani nokulinganiselwa kwethu?
19 Ukuba nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu kusisiza sizibone ngombono osangulukile izimo zethu. Lokho kungenxa yokuthi ukubonisa isizotha kuhilela ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu. Ukuhamba kweminyaka noma impilo engeyinhle kungase kusibekele imigoqo kulokho esikwazi ukukwenza enkonzweni kaJehova. Nokho, kunokuba sikuvumele kusidikibalise lokhu, kuhle ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu wamukela imizamo nemihlatshelo yethu ‘ngokwalokho esinakho, hhayi ngokwalokho esingenakho.’ (2 Korinte 8:12) Ngempela, uJehova ulindele ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke, senze noma yini izimo zethu eziyivumelayo. (Kolose 3:23) Lapho senza konke ngenkuthalo nangentshiseko enkonzweni yakhe, uNkulunkulu usibusisa kakhulu.—IzAga 10:22.
Isimo Sengqondo Sokulinda Siletha Izibusiso
20. Ukuqaphela ini okufanele kusisize sibonise isimo sengqondo sokulinda esinjengesikaMika?
20 Ukuthola isibusiso sikaJehova kusenza silingise umoya kaMika. Uthi: “Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.” (Mika 7:7) La mazwi ahlobene kanjani nokuhamba kwethu noNkulunkulu ngesizotha? Ukuba nesimo sengqondo sokulinda, noma ukubekezela, kusisiza sigweme ukudangaliswa ukuthi usuku lukaJehova alukafiki. (IzAga 13:12) Empeleni, sonke siyakulangazelela ukuphela kwaleli zwe elibi. Nokho, isonto ngalinye kuba nezinkulungwane zabantu okuyimá ziqala ukuhamba noNkulunkulu. Ukwazi lokho kusinika isizathu sokubonisa isimo sengqondo sokulinda. Othile osenesikhathi eside enguFakazi wathi ngalokhu: “Uma ngicabanga le minyaka engu-55 ngenza umsebenzi wokushumayela, ngiyaqiniseka ukuthi angilahlekelwanga yilutho ngokulinda uJehova. Kunokulahlekelwa, ngiye ngasinda ezintweni eziningi ezibuhlungu.” Ingabe kungokufanayo nakuwe?
21, 22. UMika 7:14 ugcwaliseka kanjani osukwini lwethu?
21 Akungabazeki ukuthi ukuhamba noJehova kuyasizuzisa. Njengoba sifunda uMika 7:14, uMika ufanisa abantu bakaNkulunkulu nezimvu ezihlala nomalusi wazo ngokulondeka. Ekugcwalisekeni okukhulu kwalesi siprofetho namuhla, insali ka-Israyeli ongokomoya kanye “nezinye izimvu” bathola ukulondeka bendawonye noMalusi wabo othembekile, uJehova. Bahlala ‘bodwa ehlathini—phakathi kwengadi yezithelo,’ behlukene ngokomoya naleli zwe eliya lijula ezinkingeni futhi liba yingozi nakakhulu.—Johane 10:16; Duteronomi 33:28; Jeremiya 49:31; Galathiya 6:16.
22 Abantu bakaJehova bajabulela ukuchuma, njengoba noMika 7:14 abikezela. Ekhuluma ngezimvu zikaNkulunkulu, noma abantu baKhe, uMika uthi: “Mabaklabe eBhashani naseGileyadi.” Njengoba nje izimvu eBhashani naseGileyadi zazidla emadlelweni anothile futhi zichuma, nabantu bakaNkulunkulu namuhla bajabulela ukuchuma okungokomoya—okungesinye futhi isibusiso salabo abahamba noNkulunkulu ngesizotha.—Numeri 32:1; Duteronomi 32:14.
23. Isiphi isifundo esingasithola kuMika 7:18, 19?
23 KuMika 7:18, 19, umprofethi uqokomisa isifiso sikaJehova sokuthethelela labo abaphendukayo. Ivesi 18 lithi uJehova ‘uxolela isiphambeko’ futhi ‘udlulisa iseqo.’ Ngokwevesi 19, “uyoziphonsa ekujuleni kolwandle zonke izono zabo.” Isiphi isifundo esingasithola kulokhu? Singase sizibuze ukuthi siyamlingisa yini uJehova kulesi sici? Siyabathethelela yini abanye amaphutha abawenza kithi? Lapho bephenduka futhi befuna ukulungisa izinto, ngokuqinisekile siyofuna ukulingisa ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela ngokuphelele futhi unomphela.
24. Uzuze kanjani esiprofethweni sikaMika?
24 Kusizuzise kanjani ukuhlola isiprofetho sikaMika? Kusikhumbuze ukuthi uJehova ubanika ithemba langempela labo abasondela kuye. (Mika 2:1-13) Sikhuthazwe ukuba senze konke esingakwenza ukuze sithuthukise ukukhulekela kweqiniso ukuze sikwazi ukuhamba ngegama likaNkulunkulu phakade. (Mika 4:1-4) Futhi siqinisekisiwe ukuthi noma ngabe zinjani izimo zethu, singahlangabezana nezimfuneko zikaJehova. Yebo, isiprofetho sikaMika siyasiqinisa ngempela ukuze sihambe ngegama likaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• NgokukaMika 6:8, yini uJehova ayifunayo kithi?
• Yini edingekayo ukuze ‘sibonise ubulungisa’?
• Singabonisa kanjani ukuthi ‘siyawuthanda umusa’?
• Yini ehilelekile ‘ekubeni nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu’?
[Izithombe ekhasini 21]
Naphezu kwezimo ezimbi zosuku lwakhe, uMika waphila ngokuvumelana nezimfuneko zikaJehova. Nawe ungenza kanjalo
[Isithombe ekhasini 23]
Bonisa ubulungisa ngokushumayela kubantu bazo zonke izizinda
[Izithombe ekhasini 23]
Bonisa ukuthi uyawuthanda umusa ngokuhlangabezana nezidingo zabanye
[Isithombe ekhasini 23]
Yenza ongakwenza ube ukuqaphela ngesizotha ukulinganiselwa kwakho