Yakha Umkhaya Wakho ‘Ngamazwi Ajabulisayo’
NJENGOBA isikhathi sasihamba, uDavid wayekhungatheka nangokwengeziwe. Njengoba ayelinde umkakhe emotweni, wayelokhu ebheka iwashi. Ekugcineni lapho umkakhe, uDiane, ephuma endlini, wahluleka ukuzibamba.
Wamemeza: “Kunini ngikulindile? Ushiywa yisikhathi njalo! Kungani ungeke nje uqede ngesikhathi?”
UDiane waphatheka kabi. Ekhala izinyembezi, wabuyela endlini. Ngalowo mzuzu, uDavid walibona iphutha lakhe. Ukuhluthuka kwakhe kwakwenze isimo saba sibi nakakhulu. Wayezokwenzenjani manje? Wacima imoto, wadonsa umoya, wayeselandela umkakhe.
Lo mfanekiso uveza isimo esenzeka ngokoqobo, akunjalo? Wake wafuna ukuwahoxisa amazwi akho? Uma sikhuluma singazange sicabange, sivame ukusho izinto esizisolayo ngazo kamuva. Ngesizathu esihle, iBhayibheli lithi: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.”—IzAga 15:28.
Kodwa kungaba nzima ukucabangisisa ngaphambi kokukhuluma, ikakhulukazi uma sithukuthele, sethukile, noma sizwe ubuhlungu. Ikakhulukazi uma sisebenzelana namalungu omkhaya aseduze, noma imiphi imizamo yokuveza imizwa yethu kalula nje ingaphenduka ukusola noma ukugxeka othile. Lokho-ke, kungase kubangele imizwa ebuhlungu noma kuvuse impikiswano.
Yini esingayenza ukuze sithole imiphumela emihle? Singakuvimbela kanjani ukunqotshwa yimizwelo yethu? Singathola iseluleko esiwusizo kumlobi weBhayibheli uSolomoni.
Cabanga Ngalokho Okufanele Ukusho Nendlela Ozokusho Ngayo
Njengoba uSolomoni, umlobi wencwadi yeBhayibheli yomShumayeli, embula ukuba yize kokuphila lapho ebhala le ncwadi esangulukisayo, kusobala ukuthi wayenemizwa enamandla ngendaba ayebhala ngayo. Uthi: “Ngakuzonda ukuphila.” Ngesinye isikhathi, wathi ukuphila “kuyize leze.” (UmShumayeli 2:17; 12:8, umbhalo waphansi we-NW) Kodwa incwadi yomShumayeli ayilona uhlu lwezinto ezazikhungathekisa uSolomoni. Wayengakubheki njengento efanelekile ukuziveza njengoba zinjalo. Lapho ephetha le ncwadi, uSolomoni wembula ukuthi “wafuna amazwi ajabulisayo nokuloba amazwi eqiniso okuyiwonawona.” (UmShumayeli 12:10) Enye inguqulo ithi “wazama ukuchaza lezi zinto ngendlela engcono nenembe kakhulu.”—Contemporary English Version.
Kusobala ukuthi uSolomoni waqaphela ukuthi kufanele alawule imizwa yakhe. Empeleni, wayelokhu ezibuza: ‘Ingabe lokho engihlela ukukusho kuyiqiniso futhi kunembile ngempela? Uma ngisebenzisa la mazwi, ingabe abanye bayowathola ejabulisa, amukeleka?’ Ngokufuna “amazwi ajabulisayo” eqiniso, wakwazi ukubamba imizwa yakhe ukuze ingaphazamisi ukucabanga kwakhe.
Umphumela awubanga nje incwadi elotshwe ngobuciko kuphela kodwa futhi nentilibathwa yokuhlakanipha okuphefumulelwe ngokwaphezulu ngokuphathelene nenjongo yokuphila. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ingabe indlela kaSolomoni yokuxoxa ngendaba ethinta umzwelo ingasisiza ukuba sikhulumisane kangcono nabathandekayo bethu? Cabangela isibonelo.
Funda Ukulawula Imizwa Yakho
Ngokwesibonelo, ake sithi umfana ufika ekhaya ephethe umbiko wesikole futhi ubonakala edangele. Ubaba ubuka uhlu lwezifundo, abone ukuthi kunesifundo esithile angaphumelelanga kuso. Ngokushesha uyathukuthela, ecabanga ngezikhathi eziningi lapho indodana beyingawenzi ngesikhathi umsebenzi wesikole. Ufisa sengathi angayithethisa: “Uyivila! Uma uqhubeka kanje, uyoba yisehluleki!”
Ngaphambi kokuba avumele intukuthelo ilawule indlela asabela ngayo, ubaba wenza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe lokho engikucabangayo kuyiqiniso ngempela noma kunembile?’ Lo mbuzo ungamsiza ukuba ahlukanise imizwa yakhe neqiniso. (IzAga 17:27) Ingabe ngempela indodana izoba yisehluleki ngenxa nje yokuhlulwa isifundo esisodwa? Ingabe iyivila, noma ingabe ayiwenzi ngokushesha umsebenzi wesikole ngoba inenkinga ekuqondeni isifundo esithile? IBhayibheli likugcizelela ngokuphindaphindiwe ukubaluleka kokuba nombono olinganiselayo nongokoqobo ngezinto. (Thithu 3:2; Jakobe 3:17) Ukuze ayakhe ingane, umzali kudingeka akhulume “amazwi eqiniso okuyiwonawona.”
Funa Amazwi Afanele
Lapho ubaba esenqumile ukuthi uzothini, angase azibuze, ‘Ngizokusho kanjani ngamazwi indodana ezowathola ejabulisa, amukeleka?’ Kuyiqiniso ukuthi akulula ukuthola amazwi afanele. Kodwa abazali kufanele bakhumbule ukuthi intsha ivame ukungacabangi ngendlela enokulinganisela. Ingase yenze ihaba ngokuhluleka kanye noma ngobuthakathaka obuthile, bese lokho kuthonya indlela ezibheka ngayo. Uma umzali eqisa, angase afakazele le mizwa engemihle yengane yakhe. EyabaseKolose 3:21 ithi: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”
Amagama anjengokuthi “njalo” nokuthi “awusoze” ngokuvamile ayihaba. Uma umzali ethi enganeni, “Awusoze waba utho,” lingakanani ithuba lokuba ilondoloze ukuzihlonipha? Uma izimo eziningi ekuphileni zisingathwa ngaleyo ndlela, ingane ingase iqale ukuzibona iyisehluleki ngempela. Lokho akubangeli ukudumazeka kuphela kodwa futhi akulona iqiniso.
Ngokuvamile kungcono kakhulu ukugxila ezicini ezinhle kunoma isiphi isimo. Ubaba esikhulume ngaye emfanekisweni wethu angase asho okuthile okunjengalokhu: “Ndodana, ngiyabona ukuthi awuphathekile kahle ngenxa yokungaphumeleli kulesi sifundo. Kodwa ngiyazi ukuthi ngokuvamile uyazikhandla ekwenzeni umsebenzi wakho wesikole. Ake sixoxe ngalesi sifundo sithole indlela yokunqoba izinkinga okungenzeka ubhekene nazo.” Ukuze athole indlela engcono kakhulu yokusiza indodana yakhe, ubaba angase abuze nemibuzo ethile ukuze athole ukuthi zikhona yini izinkinga eziyimbangela.
Ukusingatha isimo ngale ndlela enomusa necatshangelwe kahle cishe kuyophumelela kangcono kunokuthetha. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Amazwi amnandi . . . amnandi emphefumulweni futhi angukuphulukiswa emathanjeni.” (IzAga 16:24) Izingane—empeleni, wonke amalungu omkhaya—zikhula kahle esimweni esinokuthula nothando.
“Ngokuchichima Kwenhliziyo”
Ake ucabange ngendoda okukhulunywe ngayo emfanekisweni osekuqaleni. Bekungeke yini kube ngcono ukube ibizinike isikhathi sokufuna “amazwi ajabulisayo” eqiniso kunokuthethisa umkayo? Indoda ekuleso simo iyokwenza kahle ukuzibuza: ‘Ngisho noma umkami kufanele asebenzele ukugcina isikhathi, ingabe kuyiqiniso ngempela ukuthi ushiywa yisikhathi njalo? Ingabe lesi isikhathi esifanele sokuxoxa ngalolu daba? Ingabe amazwi entukuthelo, agxekayo ayomshukumisela ukuba athuthukise isimo?’ Ukuzinika isikhathi sokuzibuza imibuzo enjalo kungasisiza ukuba sigweme ukulimaza esibathandayo singahlosile.—IzAga 29:11.
Kodwa kuthiwani uma izingxoxo zethu njengomkhaya zigcina seziyizingxabano njalo? Kungase kudingeke ukuba sihlolisise isimo, sicabangele ukuthi esikukhulumayo kushukunyiswa yini. Esikushoyo, ikakhulukazi lapho sicindezelekile, kungase kwembule lukhulu ngalokho esiyikho ngempela ngaphakathi. UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Ngamanye amazwi, esikushoyo ngokuvamile kuveza imicabango esekujuleni, izifiso nesimo sethu sengqondo.
Ingabe indlela esibheka ngayo ukuphila inengqondo nethemba? Khona-ke indlela esikhuluma ngayo nesikushoyo cishe kuyobonisa lokho. Ingabe sivame ukuqina, silahle ithemba, noma sigxeke? Uma kunjalo, singase sibadumaze abanye ngalokho esikushoyo noma ngendlela esikusho ngayo. Singase singaqapheli ukuthi isiyimbi kangakanani indlela esicabanga noma sikhulume ngayo. Singaze sicabange nokuthi indlela esibheka ngayo izinto ilungile. Kodwa kumelwe siqaphele ukuba singazikhohlisi.—IzAga 14:12.
Siyabonga ngokuthi sineZwi likaNkulunkulu. IBhayibheli lingasisiza ukuba sihlole imicabango yethu sibone ukuthi imiphi elungile futhi imiphi okufanele siyishintshe. (Hebheru 4:12; Jakobe 1:25) Kungakhathaliseki ukuthi sifuze bani noma sakhuliswa kanjani, sonke singakhetha ukushintsha indlela esicabanga futhi senze ngayo uma sifuna ngempela.—Efesu 4:23, 24.
Ngaphandle nje kokusebenzisa iBhayibheli, kukhona esingakwenza ukuze sihlaziye ikhono lethu lokukhulumisana nabanye. Mane ubuze abanye. Ngokwesibonelo, cela umuntu oshade naye noma ingane yakho ikutshele ngaphandle kokugwegwesa indlela owenza ngayo kulesi sici. Xoxa nomngane ovuthiwe okwazi kahle. Kuyodingeka ukuba uthobeke ukuze wamukele lokho abakushoyo futhi wenze ushintsho oludingekayo.
Cabanga Ngaphambi Kokukhuluma!
Ekugcineni, uma sifuna ngempela ukugwema ukulimaza abanye ngamazwi ethu, kumelwe senze lokho izAga 16:23 ezikushoyo: “Abantu abahlakaniphile bayacabanga ngaphambi kokuba bakhulume; khona-ke lokho abakushoyo kuyashukumisa.” (Today’s English Version) Kungase kungabi lula njalo ukulawula imizwa yethu. Kodwa uma silwela ukubaqonda abanye kunokuba sibasole noma sibajivaze, khona-ke ukuthola amazwi afanele esingawasho kuyozenzekela.
Kuyiqiniso ukuthi akekho kithina ophelele. (Jakobe 3:2) Ngezinye izikhathi, sonke sikhuluma ngaphandle kokucabanga. (IzAga 12:18) Kodwa ngosizo lweZwi likaNkulunkulu, singafunda ukucabanga ngaphambi kokukhuluma nokucabangela kuqala imizwa nezithakazelo zabanye ngaphambi kwezethu. (Filipi 2:4) Masizimisele ukufuna “amazwi ajabulisayo” eqiniso, ikakhulukazi lapho sikhuluma namalungu omkhaya. Kanjalo inkulumo yethu ngeke ilimaze futhi ibhidlize, kodwa iyobaphilisa futhi ibakhe esibathandayo.—Roma 14:19.
[Isithombe ekhasini 12]
Ungakugwema kanjani ukusho okuthile ozozisola ngakho kamuva?