Xwayani Njalo Ugibe Lokuhaha
“Xwayani konke ukuhaha ngoba ngisho noma umuntu, ecebile, umcebo wakhe awumnikezi ukuphila.”—LUKA 12:15, The New English Bible.
1. Kungani isixwayiso sikaPawulu ngokumelene nokuhaha singesifanelekile kulesikhathi?
SIPHILA ezweni elikhulekela ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo. Izithakazelo zezentengiselwano zibangela njalo ukuba umuntu ahahele ukuceba. Impumelelo ngokuvamile ilinganiswa ngobungako bomholo. Ngakho-ke, izixwayiso eziningi zeBhayibheli ngokuhaha nemikhuba emibi ehlobene nenkanuko ziyafaneleka kulesisikhathi. (Kolose 3:5; 1 Thimothewu 6:10) Ngokwesichaza-mazwi, ukuhaha nenkanuko kunomqondo “wokuba noma wokubonisa isifiso esiqinile sokuba nokuthile futhi ikakhulukazi izinto ezibonakalayo.” Ukuhaha kungaba yinto engathi sína njengobufebe noma ukukhonza izithombe, ngoba uPawulu waxwayisa: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.”—1 Korinte 5:11; Efesu 5:3, 5.
2. Iziphi izixwayiso uJesu noJehova abasinikeza zona ngokuhaha?
2 UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Nixwaye ukuhaha konke.” (Luka 12:15) Futhi uJehova ngokwakhe wafaka umyalo omelene nalomkhuba omubi eMiyalweni Eyishumi: “Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”—Eksodusi 20:17; Roma 13:9.
Akekho Ongayekethisa
3. Ukuhaha kwamehlula kanjani uEva futhi kamuva amaIsrayeli?
3 Iqiniso liwukuthi, akekho ongase athambise ukuxwaya kwakhe ukuhaha nenkanuko. Lapho uEva ona ensimini yase-Edene, kwakungenxa yokuhaha: ‘Owesifazane wabona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi unxanelekile.’ (Genesise 3:6) Ngesinye isikhathi ehlane, amaIsrayeli abonisa ukuhaha okwenyanyekayo. Lapho, ephendula isikhalo sawo sokudla imana kuphela, uJehova walungiselela inqwaba yezigwaca, enza njengeziminzi futhi ajeziswa kabuhlungu.—Numeri 11:4-6, 31-33.
4. Iziphi ezinye izibonelo ezingokomlando ezibonisa izingozi zokuhaha?
4 Kamuva, empini yaseJeriko, kwakuwukubona okwashukumisela uAkani ukuba ebe isiliva elithile negolide kanye nengubo edulayo encithakalweni yomuzi. (Joshuwa 7:20, 21) Ukuhaha kwabangela uGehazi, inceku kaElisha, ukuba azame akuthola imali ngokusindisa okuyisimangaliso uNahamani ochokweni. (2 AmaKhosi 5:20-27) Inkosi uAhabi kwakungenye indoda eyayihaha. Wavumela uJezebeli, umkakhe oyiqaba, ukuba acebe ukufa kukaNaboti, umakhelwane wakhe, ukuze athole isivande sikaNaboti. (1 AmaKhosi 21:1-19) Owokugcina, uJuda Iskariyothe, ilungu labangane abaseduze bakaJesu, ngokuhaha wasebenzisa isikhundla sakhe ukuba ebe esikhwameni sabo semali. Futhi ukuhaha kwamholela ekubeni akhaphele uJesu ngezinhlamvu ezingama-30 zesiliva.—Mathewu 26:14-16; Johane 12:6.
5. Yini esiyifundayo kokuhlangenwe nakho kwezinhlobo ezihlukahlukene zabantu abawela ogibeni lokuhaha?
5 Bonke laba abahahayo bajeziswa. Kodwa ingabe uziphawulile izinhlobo ezihlukene zabantu abawela kulesisihibe sokuhaha? UEva wayengowesifazane ophelele ehlala ePharadesi. UAkani namaIsrayeli babezibonele izimangaliso zikaJehova. UAhabi wayeyinkosi, mhlawumbe indoda ecebe kakhulu ezweni. UGehazi noJuda babebusiswe ngokuba nabangane abacebile ngokomoya namalungelo aphakeme enkonzo. Kodwa bonke baba abahahayo. Kanjalo noma ubani—noma ocebile, noma onamalungelo aphakeme enkonzo, noma onokuhlangenwe nakho okukhulu—angawela kulolugibe. Akumangalisi ukuthi uJesu waxwayisa: “Nixwaye ukuhaha konke.”—Luka 12:15.
6. Yini edingekayo ukuze sigweme ugibe lokuhaha?
6 Kodwa singakwenza kanjani lokho? Kuphela ngokuzithiba nangokuzihlolisisa njalo. Ukuhaha kuqala enhliziyweni. Ukuze sigweme isihibe sokuhaha, sidinga ukuhlela izinhliziyo zethu njalo ukuze sibone ukuthi zikhona yini izimpawu zokuhaha eziqalayo lapho. IBhayibheli liyasisiza ukuba senze lokho. Kanjani? Ngokwesibonelo, libika lokho uJesu nabafundi bakhe abakusho ngokuhaha. Uma sihlola lawomazwi, asikisela imibuzo ethile yokuzihlola okumelwe sizibuze yona ukuze sibone ukuthi simi kuphi endabeni yokuhaha.
Ukuhlola Izisusa Zethu
7. Impendulo kaJesu endodeni eyayihileleke engxabanweni yefa isisiza kanjani ukuba sizihlole?
7 Isixwayiso sikaJesu ngokuhaha sasishukunyiswa yisicelo somunye wezilaleli zakhe: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.” UJesu waphendula: “Mngane ubani ongimisé ngibe-ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?” (Luka 12:13, 14) Khona-ke waqhubeka waxwayisa ngokuhaha. UJesu akazange athande ukungenela engxabanweni yezinto ezibonakalayo, ngenxa yomsebenzi obalulekile ongokomoya ayezele ukuwufeza. (Johane 18:37) Kodwa lengxoxo isikisela imibuzo ehlolayo esingazibuza yona. Ake sithi besingenaso isidingo esikhethekile, kodwa sibe nomuzwa wokuthi sinelungelo endaweni ethile ebangwayo noma umcebo, noma ukubanga ifa. Besingalwa kangakanani ukuze siphumelele? Besingayidela kangakanani inkonzo yethu kuJehova noma ubuhlobo bethu nabazalwane bethu ukuze sithole lokho esikubheka njengamalungelo ethu?—IzAga 20:21; 1 Korinte 6:7.
8. Singakugwema kanjani ukuba njengababhali abashiwo uJesu kuLuka 20:46, 47?
8 Cabangela okunye likukhulumela kukaJesu. Waxwayisa abalandeli bakhe: “Xwayani ababhali . . . abadla izindlu zabafelokazi.” (Luka 20:46, 47) Yeka ukubonakaliswa okunonya kokuhaha! Yebo, amaKristu abophekile ukunakekela abafelokazi, hhayi ukusizakala ngabo. (Jakobe 1:27) Nokho, ake sithi wazi umfelokazi othile owayethole imali enkudlwana yomshuwalense, futhi udinga imali ngokushesha ngenxa yesimo esiphuthumayo. Ingabe ubuyoqala ngokucabanga ukuya kumfelokazi, unomuzwa wokuthi kuyoba lula ngaye ukumvumisa, noma ukuthi kumelwe akusize ngoba ‘unemali eningi’? Noma ake sithi usuyibolekile kakade imali, futhi manje unezinkinga ekuyikhokheni. Ingabe ubuyozizwa ukhululekile ukungamkhokheli umfelokazi, ngoba ‘akayikukudalela inkinga kakhulu,’ noma mhlawumbe ngoba ucabanga ukuthi ‘akayidingi ngempela imali’? Kumelwe siqaphele singavumeli ukucabanga kwethu ngezimiso kusonteke uma sibhekene nezinkinga zezimali.
9. Singawela kanjani ogibeni ‘lokutusa ubuso ngenxa yenzuzo’?
9 UJuda waxwayisa futhi ngendlela ethile ukuhaha okungasibamba ngayo. Wakhuluma ngabantu ababeye bangena ngokunyenya ebandleni lobuKristu futhi ababelonakalisa ngokuhaha kwabo nokuziphatha okubi, “bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.” (Juda 4) Futhi, ‘babetusa ubuso ngenxa yenzuzo.’ (Juda 16) Asithandi ukuba njalo. Kodwa cabanga: Ingabe sizithola sikhetha ukuchitha isikhathi namaKristu acebile futhi singabanaki kakhulu abampofu ebandleni? Uma kunjalo, ingabe akwenziwa ukuthi sithemba ukuzuza ngandlela-thile? (Qhathanisa nezEnzo 20:33; 1 Thesalonika 2:5.) Uma sibonisa umoya wokungenisa izihambi kwabanomthwalo wemfanelo enhlanganweni, ingabe senza kanjalo ngenxa yothando noma kungoba sibheke amalungelo athile ngenxa yalokho? Uma kunjalo, mhlawumbe nathi ‘situsa ubuso ngenxa yenzuzo yethu.’
10. Kungaziphi izindlela okungenzeka ngazo ukwenza inzuzo engokwezimali ekukhulekeleni kwethu uJehova? Uma senza lokhu, silandela isibonelo sobani?
10 Okunye ukubonakaliswa kokuhaha okwacasula kakhulu uJesu kwakuyilapho ‘efumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali.’ Ukushisekela indlu kaJehova kwamenza wakhipha lababantu ethempelini futhi wathi: “Ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” (Johane 2:13-17) Ingabe sinayo intshiseko efanayo? Khona-ke kuyoba kuhle ukuzibuza: Ingabe ngingazixoxa izindaba zebhizinisi eHholo LoMbuso? Ingabe ngithuthukisa ukusungula ibhizinisi phakathi kwamanye amaKristu ngoba ukuba kwawo abazalwane abangokomoya kwenza kube nzima ngabo ukwala? Ingabe ngisebenzisa abangane abaningi enginabo enhlanganweni ukuze ngandise ibhizinisi lami? Ngokuqinisekile akumelwe ngokuhaha sizenzele inzuzo engokwemali ngokusebenzisa kabi ubuhlobo bethu nabafowethu.
11. Iziphi izimiso zobuKristu ezisisiza ukuba silondoloze umbono ofanele uma amaKristu enza ibhizinisi ndawonye?
11 Ingabe lokho kusho ukuthi amaKristu awanakulenza ibhizinisi ndawonye? Cha. Kusho nje ukuthi kunesikhathi nendawo yebhizinisi, futhi kunesikhathi nendawo yokukhulekela. (UmShumayeli 3:1) Nokho, uma amaKristu enobuhlobo bebhizinisi, akumelwe akhohlwe yizimiso zeBhayibheli. Uma umKristu enza isivumelwano sebhizinisi, akumelwe afune izikhala zomthetho ukuze aphunyule ezibophweni zakhe ezifanele. (Mathewu 5:37) Futhi akanakuba ononya noma ophindisayo uma ibhizinisi ibhuntsha futhi ilahlekelwa yimali. Umphostoli uPawulu wabhalela abaseKorinte: “Ngempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?” (1 Korinte 6:7) Ingabe, ngenxa yebandla, ungakhetha ukuphangwa kunokuya enkantolo?
12. Iziphi izimiso zeBhayibheli eziyosiza labo abahileleke ebhizinisi ukuba bagweme ugibe lokuhaha?
12 Noma imuphi umKristu ohileleke ebhizinisini udinga ukuqaphela kakhulu. Namuhla imikhuba eminingi yezebhizinisi ingeyobugebengu, kodwa umKristu akanakwenza kanjalo. Akumelwe neze akhohlwe ukuthi ungumfundi kaKristu. Akalifuni idumela lokuba ongathembekile noma lokuguqukela emikhubeni yokungathembeki. (Qhathanisa nezAga 20:14; Isaya 33:15.) Futhi akumelwe akhohlwe isixwayiso sikaJesu ngokwenza umcebo unkulunkulu, noma isixwayiso sikaJohane ngokumelene “nenkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila.” (1 Johane 2:16; Mathewu 6:24) Njengosomabhizinisi ongumKristu, ingabe ungamelana nesilingo sokudala ukuhaha kwabanye ukuze wandise ukuthengisa? Noma ungasebenzisa ukuqhosha kwabo noma ukuziqhenya ukuze uthuthukise ibhizinisi lakho? Ingabe uphatha umsebenzi wakho wokuziphilisa ngendlela yokuthi awunamahloni okukhuluma ngawo kuJehova emithandazweni yakho?—Mathewu 6:11; Filipi 4:6, 7.
13, 14. (a) Ikuphi ukulinganisela amaKristu anothile okumelwe akugcine? Nalawo angacebile? (b) Umthandazo okuzAga 30:8 usisiza kanjani ukuba sifunde ukuba nomqondo ohluzekile endabeni yomcebo?
13 Okokugcina, uPawulu wabhalela uThimothewu: “Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” (1 Thimothewu 6:9) Ukuceba akusona isono, nakuba umcebo uletha izinkinga zawo nezilingo. (Mathewu 19:24-26) Ingozi ‘iwukuzimisela ukuceba.’ Ngokwesibonelo, omunye umdala wathi: “Inkinga ngokuvamile iphakama uma umuntu ebheka umzalwane wakhe ongumKristu ocebile bese ethi: ‘Kungani ngingabi njengaye?’”
14 IBhayibheli liyakhuthaza: “Ukwenza kwenu makungabi-ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya.” (Heberu 13:5) Uma ucebile, ingabe ukubheka lokho njengesipho, okuthile ongakusebenzisa enkonzweni kaJehova? Ngesinye isikhathi, uJesu watshela insizwa ecebile ukuthi uma yayifuna ukumlandela, kwakumelwe ithengise ngawo wonke umcebo wayo. Uma uJesu wayengasho lokho kuwe, ingabe wawuyokhetha ukugcina umcebo wakho, noma ukulandela uJesu? (Mathewu 19:20-23) Uma ungacebile, ingabe unganeliswa yilokho? Ingabe ungalugwema ugibe lokuhaha? Ingabe uzimisele ukuthemba esithembisweni sikaJehova: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya?”—Bheka futhi izAga 30:8.
Yiba Ngocebile KuNkulunkulu
15, 16. (a) Imuphi umfanekiso uJesu awusebenzisa ekuqiniseni iseluleko sakhe ngokuhaha? (b) Yayiyini inkinga eyisisekelo yendoda yomfanekiso kaJesu?
15 Lapho uJesu eluleka izilaleli zakhe ukuba ‘zixwaye konke ukuhaha,’ waqhubeka walandisa ngomlimi othile omasimu akhe athela ngokuvelele kakhulu. Lomuntu “wazindla phakathi kwakhe, wathi: Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na? Wayesethi: Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. Besengithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka eminingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.” Ngakho, ngalobobusuku, lendoda yafa. Wonke lowomcebo eyayiwuqongelele awuyisizanga nakancane. UJesu waphetha: “Kunjalo kozibekela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”—Luka 12:16-21.
16 Ingabe lowomuntu wayenze isono esithile esisobala, njengokuphanga noma ukweba? Umfanekiso awusho njalo. Kodwa, wayenenkinga. Wathembela emnothweni wakhe ngekusasa elilondekile futhi wakhohlwa okuthile okubaluleke kakhulu: ‘Ukuba onothile kuNkulunkulu.’ Kufanelekile ngoba amaKristu eqiniso enza ubuhlobo bawo noNkulunkulu into ebaluleke kakhulu ekuphileni kwawo ukuze akwazi ukugwema ugibe lokuhaha futhi kanjalo awayona ingxenye yezwe.—Johane 17:16.
17. UmKristu olinganiselayo uyibheka kanjani inkinga yokusebenzela ukuphila?
17 UJesu wake waluleka: “Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: Siyakudlani? noma: Siyakuphuzani? noma: Siyakwembathani na? Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa.” (Mathewu 6:31, 32) Kuyiqiniso, sonke sibhekana nezinkinga ezifanayo “abezizwe” ababhekana nazo. Iningi lethu kumelwe lisebenze kanzima ngenxa yokuziphilisa ukuze lithenge izinto ezidingekayo zokudliwa, okokuphuza, nokokwembatha. (2 Thesalonika 3:10-12) Kodwa siyenqaba ukuvumela ukukhathalela okunjalo kuvalele ukuba kwethu ‘abanothile kuNkulunkulu.’
18. Ukwethembela kuJehova kuyosisiza kanjani ukuba sigweme isihibe sokuhaha?
18 UJehova ungumthombo wayo yonke ingcebo. (IzEnzo 14:15, 17) Uye wathembisa ukunakekela ngokukhethekile izinceku zakhe. UJesu wathi: “Ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:32, 33; IHubo 37:25) Ingabe uyasikholelwa lesosithembiso? Ingabe uyaqiniseka ukuthi uJehova uyosigcina? Ingabe uyokweneliseka ngamalungiselele uJehova awenzayo? Uma kunjalo, uyokwazi ukugwema isihibe sokuhaha. (Kolose 3:5) Inkonzo yakho kuJehova nobuhlobo bakho naye ngaso sonke isikhathi kuyoba nendawo yokuqala, futhi yonke indlela yakho yokuphila iyoba ukubonakaliswa kokholo lwakho kuye.
Ungakhumbula?
◻ Hlobo luni lwabantu abakhathazwa ukuhaha?
◻ Singakugwema kanjani ukuhaha?
◻ Ukuhaha kuzibonakalisa kanjani ngezinye izikhathi?
◻ Imiphi imibuzo esisiza ukuba sibone ukuthi siyasigwema yini isihibe sokuhaha noma cha?
◻ Isiphi isivikelo esikhulu ekuhaheni?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Uma enza ibhizinisi ndawonye, amaKristu kumelwe angakhohlwa neze izimiso zeBhayibheli