Ungubani UJesu Kristu?
CABANGA indlela okumelwe ukuba wajabula ngayo umJuda osemusha ogama lakhe lingu-Andreya lapho ezwa okokuqala amazwi kaJesu waseNazaretha! IBhayibheli lithi u-Andreya wagijima waya kumfowabo wafike wathi: “Simtholile uMesiya [noma, uKristu].” (Johane 1:41) NgesiHebheru nangesiGreki, amagama avame ukuhunyushwa ngokuthi “uMesiya” nangokuthi “uKristu” asho “oGcotshiweyo.” UJesu wayengoGcotshiweyo, noma oKhethiweyo kaNkulunkulu—uMholi othenjisiwe. (Isaya 55:4) ImiBhalo yayineziprofetho ezikhuluma ngaye, futhi ngaleso sikhathi amaJuda ayemlindele.—Luka 3:15.
Sazi kanjani ukuthi ngempela uJesu wayengoKhethiweyo kaNkulunkulu? Cabanga ngalokho okwenzeka ngonyaka ka-29 C.E. lapho uJesu eneminyaka engu-30 ubudala. Waya kuJohane uMbhapathizi ukuze ambhapathize eMfuleni iJordani. IBhayibheli lithi: “Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe. Bheka! Kwaba khona nezwi livela emazulwini elathi: ‘Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.’” (Mathewu 3:16, 17) Ngemva kokuzwa lawo mazwi okumamukela, ingabe uJohane wayengangabaza ukuthi uJesu ungoKhethiweyo kaNkulunkulu? Ngokuthululela umoya waKhe ongcwele kuJesu, uJehova uNkulunkulu wayemgcoba, noma emmisa, ukuba abe iNkosi yoMbuso waKhe wangesikhathi esizayo. Ngakho, waba uJesu Kristu, noma uJesu oGcotshiweyo. Kodwa-ke kungani ayebizwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu? Wayevelaphi?
Isiqalo Sakhe “Sisukela Ezikhathini Zakuqala”
Ukuphila kukaJesu kungahlukaniswa kube izingxenye ezintathu. Eyokuqala yaqala kudala ngaphambi kokuba azalwe njengomuntu. Isiqalo sakhe “sisukela ezikhathini zakuqala, ezinsukwini zesikhathi esingaziwa,” kusho uMika 5:2. UJesu ngokwakhe wathi: “Mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu”—okungukuthi ezulwini. (Johane 8:23) Wayesezulwini njengomuntu womoya onamandla.
Njengoba zonke izinto ezidaliwe zinesiqalo, kunesikhathi lapho uNkulunkulu ayeyedwa khona. Nokho, eminyakeni eminingi kakhulu edlule, uNkulunkulu waqala ukudala. Ubani owaba yindalo yakhe yokuqala? Incwadi yokugcina eBhayibhelini ithi uJesu ‘uyisiqalo sendalo kaNkulunkulu.’ (IsAmbulo 3:14) UJesu ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ Lokhu kunjalo ‘ngoba kwadalwa ngaye zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali.’ (Kolose 1:15, 16) Yebo, uJesu nguye kuphela owadalwa ngokuqondile uNkulunkulu. Ngakho, ubizwa ngokuthi ‘iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Johane 3:16) Le Ndodana eyizibulo ibuye ibe nesiqu esithi “uLizwi.” (Johane 1:14) Kungani? Kungenxa yokuthi ngaphambi kokuba izalwe njengomuntu, yayisezulwini ingumkhulumeli kaNkulunkulu.
“ULizwi” wayenoJehova uNkulunkulu “ekuqaleni,” lapho kudalwa “amazulu nomhlaba.” UNkulunkulu wayekhuluma naye ngesikhathi ethi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” (Johane 1:1; Genesise 1:1, 26) INdodana kaJehova eyizibulo yayinoYise, isebenza naye ngenkuthalo. Encwadini yezAga 8:22-31 ithi: “Ngangiseceleni [koMdali] ngiyisisebenzi esiyingcweti, futhi wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.”
Yeka ukuthi kumelwe ukuba bazana kahle kangakanani uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe ezelwe yodwa njengoba babesebenza ndawonye! Lokho kusondelana eduze noJehova iminyaka engaziwa kwayithinta ngokujulile iNdodana kaNkulunkulu. Le Ndodana elalelayo yafana ncamashí noYise, uJehova. Empeleni, eyabaseKolose 1:15 ibiza uJesu ngokuthi “umfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.” Lesi esinye sezizathu esenza kubaluleke ukuthola ulwazi ngoJesu ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya nesifiso sethu esingokwemvelo sokwazi uNkulunkulu. Yonke into uJesu ayenza ngesikhathi elapha emhlabeni iyilokho kanye uJehova ayelindele ukuba akwenze. Ngakho, ngokwazi uJesu, sandisa nolwazi lwethu ngoJehova. (Johane 8:28; 14:8-10) Kodwa uJesu weza kanjani emhlabeni?
Ukuphila Kwakhe Njengomuntu
Ingxenye yesibili yokuphila kukaJesu yaqala lapho uNkulunkulu ethumela iNdodana yakhe emhlabeni. UJehova wakwenza lokhu ngokudlulisela ngokuyisimangaliso ukuphila kukaJesu kusuka ezulwini kuya esibelethweni sentombi ethembekile engumJuda egama layo linguMariya. UJesu akakutholanga ukungapheleli ngoba wayengenaye uyise ongumuntu. Umoya ongcwele kaJehova, noma amandla asebenzayo, wehlela phezu kukaMariya, futhi amandla akhe ‘amsibekela,’ emenza akhulelwe ngokuyisimangaliso. (Luka 1:34, 35) Ngakho uMariya wabeletha umntwana ophelele. Njengoba ayeyindodana yokutholwa kaJosefa umbazi, wakhuliswa emzini ophansi futhi wayeyizibulo elanywa abantwana abaningana.—Isaya 7:14; Mathewu 1:22, 23; Marku 6:3.
Kuncane okwaziwayo ngokuphila kukaJesu ngesikhathi esengumntwana, kodwa kunesenzakalo esisodwa esiphawulekayo. Lapho uJesu eneminyaka engu-12 ubudala, abazali bakhe bahamba naye beya eJerusalema beyogubha iPhasika laminyaka yonke. Ngesikhathi belapho, wachitha isikhathi esiningi ethempelini, “ehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.” Ngaphezu kwalokho, “bonke ababemlalele babelokhu bemangele ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” Yebo, ngesikhathi uJesu esemncane wayengabuzi nje kuphela imibuzo eshukumisa ingqondo nephathelene nezinto ezingokomoya, kodwa wayenikeza nezimpendulo ezihlakaniphile ezabamangaza abanye. (Luka 2:41-50) Njengoba ayekhula emzini waseNazaretha, wafunda ukubaza, okungangabazeki ukuthi wakufunda kusingayise, uJosefa.—Mathewu 13:55.
UJesu wahlala eNazaretha waze waba neminyaka engu-30 ubudala. Wabe eseya kuJohane ukuze ambhapathize. Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wayiqala ngentshiseko inkonzo yakhe. Iminyaka emithathu nengxenye, walidabula lonke izwe lakubo ememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Wafakazela ukuthi wayethunywe nguNkulunkulu. Kanjani? Ngokwenza izimangaliso eziningi—imisebenzi yamandla okwakungekho muntu ongayenza.—Mathewu 4:17; Luka 19:37, 38.
UJesu wayengumuntu onanesihawu futhi onozwela. Isihawu sakhe sasibonakala ngokukhethekile endleleni ayebheka futhi ephatha ngayo abanye. Ngenxa yokuthi uJesu wayengeneka futhi enomusa, abantu babedonseleka kuye. Ngisho nezingane zazikhululeka lapho zinaye. (Marku 10:13-16) UJesu wayephatha abesifazane ngenhlonipho, ngisho noma abanye ababephila ngesikhathi sakhe babebabukela phansi. (Johane 4:9, 27) Wasiza abampofu nabacindezelwe ukuba ‘batholele imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:28-30) Indlela ayefundisa ngayo yayicacile, ilula futhi lokho ayekufundisa kwakuwusizo. Nalokho ayekufundisa kwabonisa ukuthi wayenesifiso esisuka enhliziyweni sokwazisa izilaleli zakhe ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Johane 17:6-8.
Njengoba ayesebenzisa umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuze enze izimangaliso, ngesihawu uJesu waphulukisa abagulayo nabakhubazekile. (Mathewu 15:30, 31) Ngokwesibonelo, umuntu onochoko weza kuye wathi: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” Wenzani uJesu? Welula isandla sakhe futhi wathinta le ndoda, wathi kuyo: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” Nangempela le ndoda eyayinochoko yaphulukiswa!—Mathewu 8:2-4.
Cabanga futhi ngesenzakalo lapho isixuku esasize kuJesu sahlala naye izinsuku ezintathu singenakudla. Wabahawukela laba bantu futhi ngokuyisimangaliso wapha ukudla “amadoda ayizinkulungwane ezine, ngaphandle kwabesifazane nabantwana.” (Mathewu 15:32-38) Kwesinye isenzakalo, uJesu wathulisa isiphepho esasisongela ukuphepha kwabangane bakhe. (Marku 4:37-39) Wavusa, noma wabuyisela ekuphileni, labo ababefile.a (Luka 7:22; Johane 11:43, 44) Ngokuzithandela uJesu wanikela nangokuphila kwakhe okuphelele kobuntu ukuze isintu esingaphelele sibe nethemba lesikhathi esizayo. Yeka uthando olukhulu uJesu ayenalo ngabantu!
Ukuphi UJesu Namuhla?
UJesu wafela esigxotsheni sokuhlushwa eneminyaka engu-33 nengxenye.b Kodwa ukufa kwakungekhona ukuphela kokuphila kwakhe. Ingxenye yesithathu yokuphila kwakhe yaqala ngemva kwezinsuku ezintathu lapho uJehova uNkulunkulu emvusa njengomuntu womoya. Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wabonakala kubantu abangamakhulu ababephila ngekhulu lokuqala C.E. (1 Korinte 15:3-8) Ngemva kwalokho, “wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu” walindela ukunikwa ubukhosi. (Hebheru 10:12, 13) Lapho leso sikhathi sifika, uJesu waqala ukubusa njengeNkosi. Ngakho kufanele simbheke kanjani uJesu namuhla? Ingabe kufanele sicabange ukuthi usezinhlungwini zokufa? Noma ingabe kufanele simbheke njengomuntu okufanele akhulekelwe? Namuhla, uJesu akayena umuntu noma uNkulunkulu uMninimandla onke. Kunalokho, uyisidalwa somoya esinamandla, iNkosi ebusayo. Maduze, uzokwenza kubonakale ukuthi uyabusa kulo mhlaba wethu ogcwele izinkathazo.
Sisebenzisa ulimi olungokomfanekiso, isAmbulo 19:11-16 sichaza uJesu Kristu njengenkosi egibele ihhashi elimhlophe, izokwahlulela futhi ilwe impi yokulunga. ‘Unenkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe.’ Yebo, uJesu uzosebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze abhubhise abantu ababi. Kuzokwenzekani kulabo abalwela ukulingisa isibonelo asibeka ngesikhathi elapha emhlabeni? (1 Petru 2:21) UJesu noYise bazobavikela ‘empini ezayo yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’—ngokuvamile ebizwa ngokuthi i-Armagedoni—ukuze baphile phakade njengezikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.—IsAmbulo 7:9, 14; 16:14, 16; 21:3, 4.
Lapho esebusa ngokuthula, yeka ukuthi ziningi kangakanani izimangaliso uJesu ayozenzela sonke isintu! (Isaya 9:6, 7; 11:1-10) Uyokwelapha ukugula futhi aqede ukufa. UNkulunkulu uyosebenzisa uJesu ekuvuseni izigidigidi, ezinika ithuba lokuphila phakade emhlabeni. (Johane 5:28, 29) Asikwazi ngisho nokuyicabanga indlela ukuphila kwethu okuyobe kumnandi ngayo lapho sekubusa uMbuso. Ngakho, kubalulekile ukuba siqhubeke singenisa ulwazi lweBhayibheli futhi simazi kangcono uJesu Kristu!
[Imibhalo yaphansi]
a Izimangaliso ezenziwa uJesu zazaziwa kabanzi. Ngisho nezitha zakhe zavuma ukuthi “wenza izibonakaliso eziningi.”—Johane 11:47, 48.
b Ukuze uthole incazelo yokuthi uKristu wafela esigxotsheni noma esiphambanweni, bheka amakhasi 149-151 encwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 7]
INGABE UJESU UNGUNKULUNKULU UMNINIMANDLA ONKE?
Abantu abaningi abakholwayo bathi uJesu unguNkulunkulu. Abanye bathi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Ngokwale mfundiso, “uYise unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu noMoya oNgcwele unguNkulunkulu, kodwa kunoNkulunkulu oyedwa hhayi abathathu.” Kunenkolelo yokuthi laba abathathu “bangabaphakade futhi bayalingana.” (The Catholic Encyclopedia) Ingabe leyo mibono iyiqiniso?
UJehova uNkulunkulu unguMdali. (IsAmbulo 4:11) Akanasiqalo noma isiphetho, futhi unguMninimandla onke. (IHubo 90:2) Ngakolunye uhlangothi, uJesu waba nesiqalo. (Kolose 1:15, 16) Ebhekisela kuNkulunkulu njengoYise, uJesu wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) UJesu wachaza nokuthi kwakunezinto ezithile yena noma izingelosi ezazingazazi kodwa ezazaziwa uYise kuphela.—Marku 13:32.
Ngaphezu kwalokho, uJesu wathandaza kuYise: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) UJesu wayethandaza kubani uma ayengathandazi kuMuntu ophakeme kunaye? Ngaphezu kwalokho, uJesu wavuswa uNkulunkulu kwabafileyo, akazivusanga yena. (IzEnzo 2:32) Kusobala ukuthi ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni noma ngesikhathi elapha emhlabeni, wayengalingani noYise. Kuthiwani ngemva kokuvuswa kukaJesu nokwenyukela kwakhe ezulwini? Eyoku-1 Korinte 11:3 ithi: ‘Inhloko kaKristu nguNkulunkulu.’ Empeleni, iNdodana iyohlale izithoba kuNkulunkulu. (1 Korinte 15:28) Ngakho imiBhalo ibonisa ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla onke. Kunalokho, uyiNdodana kaNkulunkulu.
Lokho okubizwa ngokuthi umuntu wesithathu kuZiqu-zintathu—umoya ongcwele—akuyena umuntu. Ethandaza kuNkulunkulu, umhubi wathi: “Uma uthumela umoya wakho, ziyadalwa.” (IHubo 104:30) Umoya awuyena uNkulunkulu; ungamandla asebenzayo athunyelwa uNkulunkulu noma awasebenzisayo ukuze afeze noma yini ayithandayo. Ngawo, uNkulunkulu wadala amazulu, umhlaba nazo zonke izinto eziphilayo. (Genesise 1:2; IHubo 33:6) UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze aphefumulele amadoda abhala iBhayibheli. (2 Petru 1:20, 21) Ngakho, uZiqu-zintathu awuyona imfundiso engokomBhalo.c IBhayibheli lithi: “UJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.”—Duteronomi 6:4.
[Umbhalo waphansi]
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? ekhishwa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 5]
Ngesikhathi ebhapathizwa, uJesu waba oGcotshiweyo kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu wanikela ngamandla akhe emsebenzini ayewunikwe uNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 7]
Namuhla, uJesu uyiNkosi enamandla