“Yimani Isibindi! Mina Ngilinqobile Izwe”
USUKU lokufa kukaJesu—usuku lwe-14 lwenyanga yamaJuda uNisani—lwaqala ekushoneni kwelanga ngoLwesine, ngo-March 31, 33 C.E. Ngalokho kuhlwa, uJesu nabaphostoli bakhe bahlangana ekamelweni eliphezulu endlini ethile eJerusalema ukuzogubha iPhasika. Njengoba ayelungiselela “ukuba ahambe kuleli zwe aye kuYise,” uJesu wabonisa ukuthi ubathanda kuze kube sekugcineni abaphostoli bakhe. (Johane 13:1) Kanjani? Ngokubafundisa izifundo ezinhle, ngaleyo ndlela ebalungiselela okwakuseza ngaphambili.
Njengoba ubusuku babuqhubeka, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Wayesho ukuthini ngala mazwi abonisa isibindi? Okunye ayekusho yilokhu: ‘Ububi obusezweni abungenzanga ngaba nenzondo ngafuna ukuphindisela. Angilivumelanga leli zwe ukuba lingilolonge ngifane nalo. Kungaba njalo nakini.’ Lokho uJesu akufundisa abaphostoli bakhe abathembekile ngalawo mahora okugcina okuphila kwakhe kwasemhlabeni kwakuzobasiza ukuba nabo balinqobe izwe.
Ubani ongaphika ukuthi izwe ligcwele ububi namuhla? Senzenjani lapho sibhekene nokungabi nabulungisa nezenzo zobudlova obungenangqondo? Ingabe lokhu kusenza sibe nenzondo noma kusilinge sifune ukuphindisela? Kusithonya kanjani ukuwohloka kwesimilo okusizungezile? Uma wenezela ukungapheleli kwethu kobuntu nokuthambekela esonweni, kusho ukuthi sibhekene nezimpi ezimbili: silwa nezwe elibi ngaphandle nanokuthambekela kwethu kokubi. Singanqoba ngempela yini ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu? Singaluthola kanjani usizo lwakhe? Iziphi izimfanelo okufanele sizihlakulele ukuze zisisize silwe nokuthambekela kwenyama? Ukuze sithole izimpendulo, ake sicabangele lokho uJesu akufundisa abafundi bakhe abathandekayo ngosuku lokugcina lokuphila kwakhe emhlabeni.
Nqoba Ukuziqhenya Ngokuzithoba
Ngokwesibonelo, cabanga ngenkinga yokuziqhenya, noma ukuzidla. Ngokuqondene nako, iBhayibheli lithi: “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.” (IzAga 16:18) ImiBhalo iyasiyala futhi: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho abe engelutho, ukhohlisa eyakhe ingqondo.” (Galathiya 6:3) Yebo, ukuziqhenya kuyalimaza futhi kuyakhohlisa. Siyobe senza ngokuhlakanipha uma sizonda “ukuziphakamisa nokuziqhenya.”—IzAga 8:13.
Ingabe abaphostoli bakaJesu babenayo inkinga yokuziphakamisa nokuziqhenya? Bake baphikisana okungenani kanye ngokuthi ubani phakathi kwabo omkhulu kunabo bonke. (Marku 9:33-37) Ngesinye isikhathi, uJakobe noJohane bacela izikhundla eziphakeme eMbusweni. (Marku 10:35-45) UJesu wafuna ukusiza abafundi bakhe ukuba bakuyeke lokhu kuthambekela. Ngakho lapho bedla isidlo sePhasika, wasukuma, wabhinca ithawula wayesegeza izinyawo zabafundi bakhe. Wakwenza kwacaca ukuthi isiphi isifundo ayefuna basifunde. Wathi: “Uma mina, nakuba ngiyiNkosi noMfundisi, nginigezé izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo.” (Johane 13:14) Ukuziqhenya kufanele kuthathelwe indawo imfanelo ephambene nako—ukuthobeka.
Nokho, akulula ukunqoba ukuziqhenya. Kamuva ngalobo busuku ngemva kokuba uJesu esexoshe uJuda Iskariyothe, owasezomkhaphela, kwasuka impikiswano eshubile phakathi kwabaphostoli abangu-11. Babebangani? Ukuthi ubani phakathi kwabo omkhulu kunabo bonke! Kunokuba abathethise, uJesu waphinda futhi wagcizelela ngesineke ukubaluleka kokukhonza abanye. Wathi: “Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, futhi labo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle. Nokho, nina akumelwe nibe njalo. Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, osebenza njengenduna abe njengokhonzayo.” Ebakhumbuza ngesibonelo sakhe, uyanezela: “Mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo.”—Luka 22:24-27.
Ingabe abaphostoli balithola iphuzu? Kubonakala kanjalo. Eminyakeni ethile kamuva umphostoli uPetru wabhala wathi: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni.” (1 Petru 3:8) Akuve kubalulekile ukuba nathi sinqobe ukuziqhenya ngokuzithoba! Kuwukuhlakanipha ukugwema ukubanjwa ukufuna udumo, amandla, nesikhundla. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.” (Jakobe 4:6) Isaga sasendulo sisho okufanayo: “Umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova yingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.
Nqoba Inzondo—Kanjani?
Cabangela esinye isici esivamile ezweni—inzondo. Kubonakala inzondo ikuyo yonke indawo, kungakhathaliseki ukuthi ibangelwa ukwesaba, ukungazi, ubandlululo, ukucindezelwa, ukungabi nabulungisa, ubuzwe, noma ubuhlanga. (2 Thimothewu 3:1-4) Inzondo yayivamile nasosukwini lukaJesu. Abathelisi babeyizilahlwa ezizondwayo emphakathini wamaJuda. AmaJuda ayengadlelani namaSamariya. (Johane 4:9) AbeZizwe, noma abangewona amaJuda, babedelelwa amaJuda. Nokho indlela yokukhulekela eyamiswa uJesu yayizogcina ihlanganise abantu bazo zonke izizwe. (IzEnzo 10:34, 35; Galathiya 3:28) Ngakho, ngothando wanika abafundi bakhe into entsha.
UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane.” Kwakuzodingeka bakufunde ukubonisa lolu thando, ngoba waqhubeka wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:34, 35) Lo myalo wawumusha ngokuthi wawudinga badlulele ngale kokuthanda “omunye umuntu njengoba uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Kanjani? UJesu wayicacisa le ndaba ngokuba athi: “Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile. Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Johane 15:12, 13) Kwakuzodingeka bazimisele ukufelana bona bodwa nokufela abanye.
Abantu bangayiqeda kanjani inzondo embi ekuphileni kwabo? Ngokuba esikhundleni sayo babe nothando lokuzidela. Izigidi zabantu abavela kuzo izizwe, izinhlanga, izinkolo namaqembu ezombusazwe zenza khona lokho kanye. Manje ziyahlanganiswa ziba umphakathi owodwa onobunye, ongenanzondo—abazalwane bomhlaba wonke abangoFakazi BakaJehova. Zilalela amazwi aphefumulelwe omphostoli uJohane: “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.” (1 Johane 3:15) Akukona nje kuphela ukuthi amaKristu eqiniso ayenqaba ukuhlanganyela ezimpini kodwa futhi alwela ukubonisana uthando.
Nokho, kufanele sibabheke kanjani labo abangakholwa kanye nathi nalabo abangase basizonde? Ngesikhathi elenga esigxotsheni, uJesu wathandazela labo ababembulala, wathi: “Baba, bathethelele, ngoba abakwazi abakwenzayo.” (Luka 23:34) Lapho amadoda anenzondo ebulala uStefanu ngokumkhanda ngamatshe, amazwi akhe okugcina ayethi: “Jehova, ungababaleli lesi sono.” (IzEnzo 7:60) UJesu noStefanu babebafisela okuhle labo ababebazonda. Babengenanzondo ezinhliziyweni zabo. IBhayibheli lisiyala lithi: “Masenze okuhle kubo bonke.”—Galathiya 6:10.
‘Umsizi Waphakade’
Njengoba ayehlangene nabaphostoli bakhe abangu-11 abathembekile, uJesu wabatshela ukuthi ngokushesha wayengeke esaba nabo ngokoqobo. (Johane 14:28; 16:28) Kodwa wabaqinisekisa wathi: “Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade.” (Johane 14:16) Lowo msizi ayebathembisa yena kwakuwumoya ongcwele kaNkulunkulu. Wawuzobafundisa izinto ezijulile zemiBhalo futhi ubakhumbuze lokho uJesu ayebafundise kona phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni.—Johane 14:26.
Umoya ongcwele ungasisiza kanjani thina namuhla? IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Amadoda asetshenziswa ukuba aprofethe nokuba abhale iBhayibheli ‘ayeqhutshwa umoya ongcwele.’ (2 Petru 1:20, 21; 2 Thimothewu 3:16) Ukutadisha imiBhalo nokusebenzisa lokho esikufundayo kusinika ulwazi, ukuhlakanipha, ukuqonda nekhono lokucabanga. Lokho akusenzi yini sikuhlomele kangcono ukubhekana nezingcindezi zaleli zwe elibi?
Umoya ongcwele ungumsizi ngenye futhi indlela. Umoya ongcwele kaNkulunkulu uyithonya elinamandla lokuhle, wenza labo abanawo babonise izimfanelo ezinjengezikaNkulunkulu. IBhayibheli lithi, “izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” Lezi akuzona kanye yini izimfanelo esizidingayo ukuze sinqobe ukuthambekela kwenyama ekuziphatheni okubi, ekulweni, emoneni, olakeni, nakokunye okunjalo?—Galathiya 5:19-23.
Ngokuthembela emoyeni kaNkulunkulu, singathola ‘namandla angaphezu kwavamile’ okubhekana nanoma iyiphi inkinga noma ukucindezeleka. (2 Korinte 4:7) Nakuba umoya ongcwele ungeke ukususe ukuvivinywa noma izilingo, nakanjani ungasisiza sizikhuthazelele. (1 Korinte 10:13) Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) UNkulunkulu usinika lawo mandla ngomoya wakhe ongcwele. Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngalo moya ongcwele! Uthenjiswa labo ‘abathanda uJesu futhi bagcine imiyalo yakhe.’—Johane 14:15.
“Hlalani Othandweni Lwami”
Ngobusuku bakhe bokugcina engumuntu, uJesu wabuye wathi kubaphostoli bakhe: “Lowo onemiyalo yami futhi oyigcinayo, lowo nguye ongithandayo. Futhi lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba.” (Johane 14:21) Wabakhuthaza wathi: “Hlalani othandweni lwami.” (Johane 15:9) Ukuhlala othandweni lukaYise nolweNdodana kusisiza kanjani ekulweni nokuthambekela esonweni okukithi nasekulweni nezwe elibi ngaphandle?
Singayinqoba ngempela yini imikhuba emibi uma singenaso isisusa esinamandla sokwenza kanjalo? Yini engaba isisusa esikhulu ukwedlula isifiso sokuba nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe? U-Ernesto,a insizwa eyalwa kanzima nendlela yokuphila kokuziphatha okubi eyayiphile ngayo kusukela isanda kweva eshumini elinambili, uyachaza: “Ngangifuna ukujabulisa uNkulunkulu, futhi ngafunda eBhayibhelini ukuthi wayengayamukeli indlela engangiphila ngayo. Ngakho nganquma ukuba ngumuntu ohlukile, ukuba ngilandele iziqondiso zikaNkulunkulu. Nsuku zonke kwakudingeka ngilwe nemicabango emibi, engcolile, eyayisalokhu ifika engqondweni yami. Kodwa ngangizimisele ukuyinqoba le mpi, ngakho ngaphikelela ngithandazela usizo lukaNkulunkulu. Ngemva kweminyaka emibili ngase ngikunqobile okunzima kakhulu, nakuba namanje ngisazilawula ngesandla esiqinile.”
Mayelana nokulwa nezwe ngaphandle, cabanga ngomthandazo kaJesu wokuphetha ngaphambi kokuba baphume kulelo kamelo eliphezulu eJerusalema. Wathandaza wanxusela abafundi bakhe kuYise wathi: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:15, 16) Akuve kuqinisekisa! UJehova uyababheka labo abathandayo futhi abaqinise njengoba bezigcina behlukile ezweni.
“Bonisani Ukholo”
Ngempela ukugcina imiyalo kaJesu kungasisiza sinqobe ekulweni kwethu nezwe elibi nanokuthambekela kwethu esonweni. Nokho, nakuba lokho kunqoba kubalulekile, ngeke kulisuse izwe nesono esasizuza. Kodwa akudingeki siphelelwe ithemba.
IBhayibheli lithi, “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze asindise ‘wonke umuntu obonisa ukholo kuye’ esonweni nasekufeni. (Johane 3:16) Ngakho, njengoba ulwazi lwethu ngentando kaNkulunkulu nezinjongo zakhe lukhula, masilalele umyalo kaJesu othi: “Bonisani ukholo kuNkulunkulu, nibonise ukholo nakimi.”—Johane 14:1.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe elinye igama.
[Isithombe ekhasini 6, 7]
UJesu wakhuthaza abaphostoli bakhe wathi, “hlalani othandweni lwami”
[Isithombe ekhasini 7]
Ngokushesha isintu sizokhululeka esonweni nasemiphumeleni yaso