Ukuqonda Isizathu Sokuza KukaMesiya
“Simfumene uMesiya.”—JOHANE 1:41.
1. Isiphi isimemezelo esimangalisayo esilotshwe eBhayibhelini, futhi sashiwo nini?
UMJUDA ogama lakhe linguAndreya watshela umfowabo lamazwi amangalisayo angenhla eminyakeni engaphezu kwengu-1 950 edlule. Ingabe uyayizwa injabulo ekulamazwi akhe, abhalwa umphostoli ongumKristu uJohane? Lowonyaka ongenakukhohlakala wavezwa isazi-mlando esingumKristu, uLuka, ‘njengowunyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari.’ Unyaka we-15 kaTiberiyu, kusukela esikhathini amiswa ngaso ukuba abe umbusi waseRoma, waqala ngoSeptember 28 C.E. futhi waphela ngoSeptember 29 C.E.—Luka 3:1-3, 21, 22; Johane 1:32-35, 41.
2. Isiprofetho sikaDaniyeli sagxila kanjani onyakeni ka-29 C.E.?
2 Unyaka wokubonakala kukaMesiya wabikezelwa ngokunembile. Kwase kudlule iminyaka engu-483 ncimishí kusukela inkosi yasePheresiya uAritahishashita yakhipha umyalo wokwakha kabusha iJerusalema, onyakeni wama-20 wokubusa kwakhe, ngo-455 B.C.E.a (Nehemiya 2:1-8) Umprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi “kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba-ngamasonto ayisikhombisa, . . . [n]amasonto angamashumi ayisithupha nambili.” (Daniyeli 9:25) Kanjalo, inkathi yamasonto angokwesiprofetho angu-7 + 62 = 69 yayiyohlukanisa lezizenzakalo ezimbili ezibalulekile. Amasonto angamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye angokoqobo ayizinsuku ezingu-483. Ngokomthetho wesiprofetho wokuthi ‘usuku lube unyaka,’ uMesiya wayeyovela ngemva kweminyaka engu-483, ngo-29 C.E.—Hezekeli 4:6.
3. (a) Sisho ukuthini isiqu esithi “Mesiya”? (b) Iziphi iziprofetho uMesiya okwakumelwe azigcwalise?
3 Ngokufanelekile, ngonyaka ka-29 C.E., ‘abantu babebheke’ uMesiya. (Luka 3:1, 15) Isiqu esithi “Mesiya” sisho into efanayo nesithi “Kristu” ngesiGreki; zombili zisho ukuthi “oGcotshiwe.” (Johane 1:41) Umbuzo owawubalulekile phakathi kwamaJuda amaningi wawuwukuthi ‘Ubani uJehova uNkulunkulu ayeyomgcoba njengenkosi ukuba angabusi uIsrayeli kuphela kodwa sonke isintu?’ Ngesiprofetho, ukukhetha kwalinganiselwa enzalweni yendodana yomzukulu ka-Abrahama uJuda. Ngaphezu kwalokho, uMesiya kwakumelwe abe indlalifa yesihlalo sobukhosi senkosi yakwaJuda uDavide futhi azalwe emzini uDavide ayevela kuwo waseBetlehema.—Genesise 17:5, 6; 49:10; IHubo 132:11; Daniyeli 7:13, 14; Mika 5:2; Johane 7:42.
Uphawu Olucacile
4, 5. (a) Yini eyenzeka ngonyaka obalulekile ka-29 C.E.? (b) Iyiphi indlela ecacile owayekhethwe njengoMesiya aboniswa ngayo?
4 Ngalowonyaka obalulekile, ka-29 C.E., nakhu okwenzeka: “Kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube-ngukuthethelelwa kwezono.” (Luka 3:2, 3) Inkonzo kaJohane yalungiselela amaJuda aphendukayo ukuba amukele ukuza kukaMesiya okwakuseduze. Ngaphezu kwalokho, uJehova wanikeza uJohane isibonakaliso. Kwakumelwe abheke lowo ‘ayeyobona umoya wehlela kuye futhi uhlale phezu kwakhe.’—Johane 1:33.
5 Ngemva kokubhapathiza uJesu waseNazaretha, uJohane wakubona lokhu kugcotshwa okucacile. UJesu akagcotshwanga ngamafutha, njengokhokho wakhe wasemhlabeni uDavide, kodwa ngomoya ongcwele kaJehova uNkulunkulu. (1 Samuweli 16:13; IzEnzo 10:38) Ngesikhathi esifanayo, izwi likaNkulunkulu siqu lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:16, 17) Njengoba uJohane kamuva afakaza: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”—Johane 1:32, 34.
6. Yisiphi isibonelo esihle uAndreya noJohane abasibekela sona?
6 Ngalawomazwi, uJohane uMbhapathizi wethula abafundi bakhe ngokwethembeka kuJesu, embiza futhi nangokuthi “iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.” (Johane 1:29) Abafundi ababili bashesha ukusabela. Ngemva kosuku abaluchitha benoJesu, baqiniseka ngokugcwele. Igama lomunye kwakunguAndreya, owafuna umfowabo ngentshiseko, uSimoni Petru. Omunye umfundi kucatshangwa ukuthi kwakunguJohane indodana kaZebedewu, owaba umphostoli kaJesu othandekayo. Ngemva kokufakaza ngoMesiya iminyaka ecishe ibe ngu-70, loJohane washukunyiselwa ukuba abhale ukwaziswa okungenhla ukuze kuzuze thina. Ingabe isibonelo sakhe nesika-Andreya siyayithinta inhliziyo yakho? Ingabe umagange njengoba bona kanye nabanye “abaphostoli . . . beWundlu” babenjalo ekumemezeleni amaqiniso avusa amadlingozi ngoMesiya?—IsAmbulo 1:9; 21:14; Johane 1:35-41; IzEnzo 5:40-42.
Ukugcotshwa NjengeNkosi NomPristi Omkhulu
7. Kungani uJesu ayengenakukhonza njengompristi ethempelini laseJerusalema?
7 Ezalwe esizweni samaJuda, uJesu waba “phansi komthetho.” (Galathiya 4:4) Ngakho-ke, njengoba ayengowesizwe sakwaJuda, wayengenakukhonza njengompristi ethempelini likaJehova elingokomfanekiso, elibapristi balo babeyinzalo ka-Aroni wesizwe sakwaLevi. Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu ayekanye nawo: “INkosi yethu ivelé kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga-lutho ngaso ngobupristi.”—Heberu 7:14.
8. Ithempeli likaJehova lasemhlabeni lalifanekiselani?
8 Umphostoli uJohane wabhala: “Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.” (Johane 1:6-9) Ngokubhapathizwa kukaJesu, kwakunjengokungathi kwaba khona ithempeli elikhulu elingokomoya, futhi manje sekukhona umpristi omkhulu ongokomoya owayengasindisa isintu ebugqilini bezwe likaSathane lobumnyama obungokomoya.—Heberu 8:1-5; 9:24.
9, 10. (a) Yini eyayishiwo amazwi kaJesu athi, “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga” nathi, “Ungilungisele umzimba”? (b) UJesu wazizwa kanjani yena ngalokhu?
9 UJesu wayethandaza ngenkathi ebhapathizwa. IBhayibheli likhuluma ngamanye amazwi akhe abalulekile, njengoba kamuva ecashunwa umphostoli uPawulu: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga. Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza—emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami—ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.”—Heberu 10:5-7; Luka 3:21.
10 Kanjalo, uJesu wasisebenzisa kuye ngokwakhe isiprofetho esikumaHubo 40:6-8, esabikezela injongo kaJehova yokuqeda imihlatshelo yezilwane eyayinikelwa abapristi bohlu luka-Aroni ethempelini laseJerusalema. UJehova ‘akayijabulelanga’ leyominikelo, ngoba yayimane nje ifanekisela futhi ihluleka ukuhlawula izono zabantu ngokuphelele. Ngakho, uJehova walungiselela umzimba womuntu ophelele kaJesu ukuba ube umhlatshelo. UNkulunkulu wadlulisela ukuphila kweNdodana yakhe yasezulwini esibelethweni sentombi engumJuda. Kanjalo uJesu wazalwa engonakalisiwe isono sika-Adamu. WayeyiNdodana kaNkulunkulu engumuntu ephelele, ekuphila kwayo kwakungazihlawula izono zesintu. (Luka 1:30-35) Njengoba amaHubo 40:8 abikezela, kwakuyisifiso sikaJesu esisuka enhliziyweni ukwenza intando kaYise. “Ngaleyontando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.”—Heberu 10:10, 11.
11. Isiphi isiprofetho ukufa kukaMesiya okwasigcwalisa, futhi kwenza kanjani ukuba ‘imihlatshelo ikhawuke’?
11 Umhlatshelo wokuphila kukaJesu kobuntu wasisusa phakade isidingo seminye iminikelo ethempelini elingokomfanekiso eJerusalema. Ngaphezu kwalokho, wafa ngePhasika lika-33 C.E. Lokho kwakungemva kweminyaka ecishe ibe mithathu nengxenye ebhapathiziwe. Iminyaka emithathu nengxenye yayingalingana nengxenye yesonto elingokwesiprofetho. (Numeri 14:34) Ngakho izinto zaba njengoba nje uDaniyeli ayebikezele ngokuqondene nokunqunywa kukaMesiya: “Imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto.” (Daniyeli 9:26, 27) Nakuba ubupristi obungokomfanekiso eJerusalema basebenza kwaze kwaba yilapho ithempeli libhujiswa ngo-70 C.E., imihlatshelo abapristi ababeyinikela phakathi naleyominyaka yayingasabalulekile, isithathelwe indawo umhlatshelo ophakeme kaJesu.—Mathewu 23:37, 38.
12. Kungayiphi indlela ubupristi bukaJesu bubukhulu kunobuka-Aroni?
12 UAroni wayengowokuqala ochungechungeni olude lwabapristi abakhulu bakwaIsrayeli. Ngemva kokuba egcotshwe ngamafutha angcwele, kwadingeka alinde etabernakele izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kokuba anikwe amandla okukhonza njengompristi omkhulu. (Levitikusi 8:12, 33) Ngokufanayo, uJesu kwadingeka alinde isikhathi esithile ngaphambi kokuba anikwe amandla okulamulela isintu. Leso kwakuyisikhathi esaqala kusukela ekugcotshweni kwakhe njengomPristi Omkhulu kuze kube sovukweni lwakhe. Ngokungafani noAroni, iNdodana kaNkulunkulu engenakufa ayibadingi abazoyilandela ebupristini, futhi ikhonza kokubili njengomPristi nanjengeNkosi “ngokokuma kukaMelkisedeki.”—IHubo 110:1-4; Genesise 14:18-20; Heberu 6:20; 7:1-3, 11-17, 23-25.
13. (a) Imuphi umthwalo wemfanelo onzima owawuphezu kwabapristi abakhulu kwaIsrayeli? (b) UJesu Kristu uye wawuthwala kanjani umthwalo wemfanelo omkhulu ngisho nangaphezulu?
13 KwaIsrayeli wasendulo, umthwalo wemfanelo oyinhloko wemfundiso engokwenkolo eqondile wawungowompristi omkhulu. (Levitikusi 10:8-11; Malaki 2:7) Ngokufanelekile uJesu wazisa ngezimfuneko zikaJehova zokulunga ngabo bonke abafuna ukudla ifa loMbuso nokuphila okuphakade. (Mathewu 6:9, 10, 33; 7:28, 29; 11:12; 25:34, 46) Lapho esesinagogeni eNazaretha, uJesu wafunda futhi wasisebenzisa kuye ngokwakhe isiprofetho esithi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli.” Khona-ke, ngemva kokuchitha isikhathi esithile eKapernawume, wathi: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli loMbuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” (Luka 4:18, 19; 43; Isaya 61:1, 2) UJesu futhi waqeqesha abangu-70 babalandeli bakhe ukuba bandise lomsebenzi wokushumayela ngoMbuso, futhi wabikezela ukuthi babeyokwenza imisebenzi emikhulu kunayenza yena ngokwakhe. (Luka 10:1-9; Johane 14:12) Lokhu kwababekela isisekelo somkhankaso wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke uJesu ayeyowuqondisa ‘ngenceku ethembekile neqondayo,’ eyakhiwa abalandeli bakhe abagcotshiwe.—Mathewu 24:45-47; 28:19, 20.
Umlweli Oyinhloko Wobukhosi BukaJehova
14. (a) Kungani umpristi omkhulu wakwaIsrayeli ayengena eNgcwelengcwele ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke? (b) Yini eyayifanekiselwa impepho enamakha?
14 Isizathu esibaluleke kakhulu sokuba iNdodana kaNkulunkulu ize emhlabeni kwakungekhona ukusindisa isintu. Kunalokho, sasiwukuxazulula impikiswano yokunyundela eyaphakanyiswa uSathane ngokuqondene nobukhosi bukaJehova. Singakuqonda lokhu ngokucabanga ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke lwakwaIsrayeli, lapho umpristi omkhulu ongokomfanekiso kwakumelwe angene eNgcwelengcwele izikhathi eziningi. Okokuqala wayengena nempepho enamakha, eyayithelwa emcengezini wempepho onamalahle avuthayo. (Levitikusi 16:12-16) Lokhu kwakumelela kahle okwakuzokwenziwa emhlabeni umPristi Omkhulu ongokoqobo ngaphambi kokuba akhuphukele ezulwini ukuze avele phambi kukaJehova nenani lomhlatshelo wakhe wobuntu.b (Heberu 9:24) Njengoba kwaboniswa ukusetshenziswa kwempepho, inkambo kaJesu yokwethembeka yayigcwele imithandazo yobuqotho, intshiseko evuthayo yokukhulekela okumsulwa, nothando olujulile ngoJehova. (IHubo 141:2; Marku 1:35; Johane 2:13-17; 12:27, 28; 14:30, 31; Heberu 5:7) UJesu waphumelela ekugcineni ubuqotho obungenabala lapho ebhekene nakho konke ukulingwa okungumshoshaphansi, ukuhlekwa usulu, noshushiso olunobudlova olwalunqwatshelwaniswa phezu kwakhe uSathane namanxusa akhe.—IzAga 27:11; Mathewu 22:15-18; Marku 14:60-65; 15:16-32; Luka 4:13, 29; Johane 8:44, 59.
15. Singakubonisa kanjani ukubonga kwethu kuJehova ngokusilungiselela umpristi omkhulu omuhle kanjalo? (Heberu 10:21-26)
15 Ngenxa yokulwela ubukhosi bukaJehova, uJesu wavuzwa ngokuvuselwa ekuphileni okungenakufa ezulwini. Yeka ukuthi kufanele sibonge kanjani kuJehova ngokuthi usilungiselele umPristi Omkhulu omuhle kanjalo! “Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.” (Heberu 4:14) Ingabe kuyisifiso sakho esiqotho ukulandela isibonelo sikaJesu sobuqotho, kungakhathaliseki ukuthi uDeveli angenzani? Uma kunjalo, ungalulindela usizo, futhi ungaphumelela. Lokho kungenxa yokuthi usizo olungcono kakhulu luyatholakala. “Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono. Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.”—Heberu 4:15, 16; 5:7-10; Filipi 4:13; 1 Johane 2:1, 2.
Isidingo Sokulungisa
16. Imaphi amathemba abafundi bokuqala bakaMesiya ababenawo ngokuqondene nokubusa koMbuso wakhe?
16 UAndreya noJohane bashesha ukumbona uMesiya weqiniso, kodwa bona kanye nabanye abafundi bokuqala babenokuningi okwakumelwe bakufunde. (Johane 16:12, 13) NjengamaJuda amaningi ayethanda inkolo ngalesosikhathi, babethemba ukuthi uMbuso wobuMesiya wawuyoqala ukubusa emuva ngalesosikhathi nokuthi wawuyokhulula isizwe samaIsrayeli nenhloko-dolobha yaso, iJerusalema, ekubusweni abeZizwe. (Luka 2:38; 3:15; 19:11; 23:51; 24:21) Nokho, iyiphi inzuzo ehlala njalo lokho okwakuyoyilethela isintu esinesono?
17, 18. Kungani uJesu enza umfanekiso ‘ngomuntu othile wohlanga olukhulu’?
17 Ukuze kususwe isono nokufa ezikhonzini zoMbuso wakhe zesikhathi esizayo, kwakubalulekile ukuba uMesiya aqale anqunywe njengewundlu lomhlatshelo. (Johane 1:29; Isaya 53:7, 12) Lapho uJesu ebikezela indlela lokhu okwakuyokwenzeka ngayo nendlela ayeyovuswa ngayo, uPetru waphendula: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” (Mathewu 16:21, 22) Nokho, uJesu wayazi ukuthi abafundi bakhe ‘babengakuzwisisi lokho ayekusho.’—Marku 9:31, 32; qhathanisa noMathewu 17:22, 23.
18 Ohambweni lwakhe lokugcina lokuya eJerusalema, uJesu wacacisa ngisho nangokwengeziwe. (Mathewu 20:18, 19) Wabonisa nenzuzo enkulu eyayiyolethwa ukufa kwakhe, ethi: ‘INdodana yomuntu yezela ukunikela ukuphila kwayo kube isihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Amathemba angafanele avimbela abafundi bakhe ukuba bakuqonde lokhu. ULuka uyabhala: “Eseduze neJerusalema nangokuba babethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.” Ukuze alungise ukucabanga kwabo, uJesu wenza umfanekiso azifanisa kuwo ‘nomuntu othile wohlanga olukhulu’ okokuqala okwadingeka ahambe aye “ezweni elikude eyozithathela umbuso.” (Luka 19:11, 12) ‘Lelozwe’ lalibhekisela ezulwini, uJesu akhuphukela kulo ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe.
19. (a) Iliphi ithemba elingafanele abafundi bakaJesu abakhuluma ngalo ngemva kokuvuswa kwakhe? (b) Iluphi ushintsho ebuhlotsheni bukaNkulunkulu nabantu olwenzeka ngePentekoste lika-33 C.E.? (Heberu 8:7-9, 13)
19 Nokho, ngaphambi nje kokuba uJesu akhuphuke, abafundi babuza: “Nkosi, usawubuyisela umbuso kuIsrayeli ngalesisikhathi na?” (IzEnzo 1:6) Ingabe uJesu wabalahla ngenxa yokubuza lokhu? Cha, wachaza ukuthi kwakungakabi isikhathi nokuthi kwakumelwe bazigcine bematasa ngomsebenzi obalulekile wokufakaza ngoMesiya weqiniso. (IzEnzo 1:7, 8) Kwase kuseduze ukuba buphele ubuhlobo bukaNkulunkulu besivumelwano noIsrayeli ongokwemvelo. Ngakho-ke, uMbuso wobuMesiya wesikhathi esizayo wawungeke ubuyiselwe kulesosizwe sasemhlabeni esingathembekile. UJesu watshela abaphikisi bakhe abangamaJuda: “Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.” (Mathewu 21:43) Ezinsukwini eziyishumi ngemva kokuba uJesu ekhuphukele ezulwini, lesosizwe sazalwa. Umoya ongcwele wathululelwa phezu kwabangu-120 babafundi bakaJesu, futhi kanjalo bagcotshwa ukuba babe “abangcwele” bakaNkulunkulu ‘nezindlalifa kanye noKristu’ eMbusweni ozayo wobuMesiya.—Daniyeli 7:13, 14, 18; Roma 1:7; 8:1, 16, 17; IzEnzo 2:1-4; Galathiya 6:15, 16.
20. Naphezu kokuba namathemba angafanele, yini amaKristu athembekile ekhulu lokuqala leminyaka ayenza?
20 Ngisho nangemva kokugcotshwa kwawo, lawomaKristu ekhulu lokuqala leminyaka ayesenamathemba ayiphutha. (2 Thesalonika 2:1, 2) Kodwa esikhundleni sokuba ayeke ngenxa yokucasuka, akwamukela ngokuzithoba ukulungiswa. Enikwe amandla umoya ongcwele kaNkulunkulu, asamukela ngenjabulo isabelo sokufakaza “[nokwenza] izizwe zonke abafundi.”—Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:8; Kolose 1:23.
21. Imiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni sethu esilandelayo?
21 Kuthiwani ngekhulu lethu lama-20 leminyaka? Ingabe izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla zazikuqaphela ukumiswa koMbuso kaJehova wobuMesiya? Futhi njengababefana nabo ekhulwini lokuqala leminyaka, ingabe kuye kwadingeka kulungiswe amathemba abo ngandlela-thile?
[Imibhalo yaphansi]
a Kokubili iEncyclopedia Americana neGreat Soviet Encyclopedia ziyavuma ukuthi ukubusa kuka-Aritahishashita kwaphela ngo-424 B.C.E. Kwaqala nini? Ngo-474 B.C.E. Ekusekeleni lokhu, umbhalo oqoshiwe ovubukuliwe ubonisa ukuthi wabhalwa ngonyaka wama-50 ka-Aritahishashita; omunye ubonisa ukuthi walandelwa esikhundleni ngonyaka wakhe wama-51. Uma sibuyela emuva ngeminyaka engu-50 kusukela ku-424 B.C.E., sithola ukuthi waqala ukubusa ngo-474 B.C.E. Ngakho-ke, unyaka wama-20 ka-Aritahishashita, lapho kunikezwa umyalo, kwakuyoba iminyaka engu-19 egcwele yokubusa kwakhe, okungukuthi, ngo-455 B.C.E. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 616, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Bheka INqabayokulinda kaSeptember 15, 1974, ikhasi 429.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Sisho ukuthini isiqu esithi “Mesiya”?
◻ Isiphi isenzakalo esibalulekile esenzeka ngonyaka ka-29 C.E.?
◻ UMesiya wakwenza kanjani ukuba “imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto”?
◻ Kusukela ekugcotshweni kwakhe, yimuphi umthwalo wemfanelo uJesu aye wawuthwala?
◻ Yayiyini injongo eyinhloko yokuza kukaMesiya okokuqala, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
[Isithombe ekhasini 13]
Ukungena kokuqala kompristi omkhulu eNgcwelengcwele kwafanekisela okuthile okubaluleke ngaphezu kokusindiswa kwesintu