Khulekela UMdali, Hhayi Indalo
“Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.”—LUKA 4:8.
1. Lichazwa kanjani igama elithi “ukukhulekela,” futhi ukukhulekela kweqiniso kufanele kwenziwe kanjani?
IGAMA elithi “ukukhulekela,” lichazwa ngalendlela kusichazamazwi: “Ukucabangela ngenhlonipho, enkulu, ngisho neyeqile, udumo noma ukuzinikela.”a Ubani okufanele akhulekelwe kanjalo? UJesu Kristu wathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37) Futhi, lapho ethenjiswa yonke imibuso yezwe uma ayengenza ‘isenzo’ esisodwa nje ‘sokukhuleka’ kuSathane, uJesu wenqaba, ethi: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Luka 4:7, 8) Emazwini nasezenzweni zikaJesu, kusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu kuphela okumelwe akhulekelwe. Lokhu kukhulekelwa kuhlanganisa ‘nenkonzo,’ ngoba ‘ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.’—Jakobe 2:26.
2. Kungani kufanelekile ukukhulekela uMdali kuphela?
2 Ukukhulekela uJehova okunjalo kufanelekile ngoba unguMbusi oPhakeme wendawo yonke, uMdali wamazulu asabekayo nomhlaba nakho konke okuphila kuwo. Njengonjalo, uyena yedwa ofanelwe ukuqashelwa isintu “ngenhlonipho enkulu, ngisho neyeqile, udumo, noma ukuzinikela.” IBhayibheli lithi: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) Ngokuqinisekile, akukho-muntu ongelutho, akukho lutho oluphilayo noma olungaphili, olungafanelwa ‘inhlonipho, udumo, noma ukuzinikela’ okunjalo. UJehova kuphela ofanelwe ‘ukuzinikela okukhethekile.’—Eksodusi 20:3-6, NW.
Ukuphuthuma Okukhethekile
3. Kungani kunokuphuthuma okukhethekile ngathi ukuba sikhulekele uNkulunkulu?
3 Ngenxa yokuthi siphila enkathini yokwahlulela, manje kunokuphuthuma okukhethekile kokuba sikhulekele uNkulunkulu ngendlela efanelekile. Kunqunywa lokho okuyokwenzeka kubantu ngabanye phakade. IZwi likaNkulunkulu lesiprofetho lisitshela ukuthi ‘kulezinsuku zokugcina’ zesimiso sezinto samanje, uKristu Jesu ufikile esenkazimulweni yasezulwini “nezingelosi zakhe.” Ngayiphi injongo? UJesu ngokwakhe wayibikezela leyonjongo, ethi: “Kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.” Izimvu ziyokuya “ekuphileni okuphakade.” Izimbuzi ziyokuya “ekujezisweni okuphakade.”—2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 25:31, 32, 46.
4. (a) UPawulu ubachaza kanjani labo abayobhujiswa phakade ekupheleni kwalelizwe? (b) Yisiphi isimo esiboniswa yilabo abayozuza ukuphila okuphakade?
4 Umphostoli uPawulu wabhala ‘ngokwambulwa kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo, elangabini lomlilo iphindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.’ (2 Thesalonika 1:7-9) Kanjalo, ekubhujisweni kwaphakade yilapho kuya khona abantu abanenkani, abanjengezimbuzi abangafuni ukwazi ngezinjongo zikaNkulunkulu noma abenqabayo ukuthatha isinyathelo lapho benethuba. Kodwa “ekuphileni okuphakade” yilapho kuya khona abantu abathobekile, abanjengezimvu abafuna ukwazi ngoJehova, abalalela iziyalezo zakhe, nabathobela intando yakhe. IBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17; bheka futhi neyesi-2 Petru 2:12.
5, 6. (a) Yini umuntu okumelwe ayenze ukuze athole iqiniso ngoJehova nangezinjongo zakhe? (b) Kungani singaqiniseka ngokuthi abafuni beqiniso bayolithola iqiniso kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sabo ekuphileni?
5 Abantu abanjengezimvu bazimisele ukudela isikhathi, amandla, nezinto ezibonakalayo ukuze bafune iqiniso. Benza lokho izAga 2:1-5 ezikushoyo: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”
6 Ukuzimisela ukufuna uJehova yikhona okuhlukanisa abantu abanjengezimvu kwabanjengezimbuzi. “Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube-phakade.” (1 IziKronike 28:9) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi umuntu usizwe sini noma uluhlanga luni, ukuthi ufunde kangakanani, nokuthi ucebile noma umpofu, uma elifuna ngobuqotho iqiniso ngoNkulunkulu, uyolithola. Besendaweni yabo ephakeme yasezulwini, uKristu nezingelosi zakhe bayoqikelela ukuthi lowo olifunayo uyalithola iqiniso, kungakhathaliseki ukuthi lowomuntu uhlalaphi. Lokho kufuna kuyoba namvuzo muni? UJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3; bheka futhi uHezekeli 9:4.
Ukugwema Ukukhulekela Okudaliweyo
7, 8. (a) Iyiphi ingozi ekhona ekukhulekeleni abantu? (b) Chaza “inhlonipho eyeqile, udumo nokuzinikela” uMariya abhekwa ngakho.
7 Abantu abaningi emhlabeni wonke babheka abantu—abaphilayo noma abafile—“ngenhlonipho eyeqile, udumo, noma ukuzinikela.” Nakuba bengase babe nomuzwa wokuthi lokhu kuyingxenye yokukhulekela kwabo uNkulunkulu, eqinisweni kuyabachezukisa ekukhulekeleni kweqiniso. Lokhu kuvula indlela yokuba bakholelwe izimfundiso futhi benze imikhuba ephikisana nentando kaNkulunkulu. Isibonelo esivelele indlela uMariya, unina kaJesu, abhekwa ngayo izigidi zabantu kokubili emazweni obuKatolika baseRoma nawobuOrthodox baseMpumalanga.
8 Izithombe nemifanekiso kaMariya kukhothanyelwa ngendlela yokukhulekela, futhi emfundisweni yesonto engokomthetho, kubhekiselwa kuye ngokuthi “iNcasakazi UMariya Theotokos.” Igama elithi the·o·toʹkos lisho “ozala uNkulunkulu” noma “unina kaNkulunkulu.” INew Catholic Encyclopedia ithi: “UMariya ungunina kaNkulunkulu. . . . Uma uMariya engeyena ngempela unina kaNkulunkulu, khona-ke uKristu akayena uNkulunkulu weqiniso nomuntu weqiniso.” Kanjalo, njengengxenye yemfundiso yazo kaZiqu-zintathu, lezinkolo zifundisa ukuthi uJesu wayenguNkulunkulu uMninimandla onke esesimweni sokuba umuntu, zenza uMariya abe “unina kaNkulunkulu.” Incwadi efanayo inezela ngokuthi ukuzinikela kuMariya kuhlanganisa: “(1) ukuhlonipha, noma ukuqaphela ngokwesaba isithunzi seNcasakazi engcwele uNina kaNkulunkulu; (2) ukunxusa, noma ukucela eNkosazaneni yethu ukulamula kwayo kobumama nokobundlovukazi; . . . nemithandazo yangasase [kuMariya].”
9. Ingabe iBhayibheli liyakufundisa ukuthi uMariya ‘wayengunina kaNkulunkulu’?
9 Nokho, igama elithi the·o·toʹkos aliveli emiBhalweni ephefumlelwe. Futhi akukho lapho iBhayibheli lisho khona ukuthi uMariya ‘wayengunina kaNkulunkulu.’ UJesu akazange akufundise lokho, namaKristu ekhulu lokuqala awazange. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu uMninimandla onke osesimweni somuntu kodwa wayeyiNdodana kaNkulunkulu.b Ngempela, lapho uMariya aziswa ingelosi ukuthi wayezozala indodana, watshelwa: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 1:35) Ngakho uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu ngokwakhe osesimweni somuntu. Ngakho, uMariya wayengunina weNdodana kaNkulunkulu uJesu, hhayi unina kaNkulunkulu esesimweni somuntu. Yingakho uJesu nabafundi bakhe bengazange babize uMariya ngokuthi “unina kaNkulunkulu.”
10, 11. (a) Yiziphi izibonelo ezibonisa indlela uJesu ayebheka ngayo unina? (b) Abaphostoli kanye nabafundi bakaJesu bambheka kanjani unina?
10 Indlela uJesu ayebheka ngayo unina ibonisa isikhundla sakhe esilinganiselwe. Edilini lomshado eKhana, ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: “Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini. UJesu wathi kuye: Mame, ungené ngani kokwami na?” Lapha iNguqulo yeBhayibheli iDouay yamaRoma Katolika ifundeka kanje: “Sifazane, kusihlanganisa ngani lokho mina nawe?” (Johane 2:3, 4) Ngesinye isikhathi, othile wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Lelo kwakuyithuba elihle kakhulu ngoJesu lokuba anikeze unina udumo olukhethekile nokuba abonise abanye ukuthi kufanele benze okufanayo. Esikhundleni salokho, uJesu wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”—Luka 11:27, 28.
11 Ukubhekisela okunjalo kuyabonisa ukuthi uJesu waqaphela ukuba anganikezi uMariya ukuzinikela noma udumo olungafanele noma ukumbiza ngesiqu esithile esikhethekile. Akabuvumelanga ubuhlobo babo ukuba bumthonye. Futhi abaphostoli nabafundi balandela isibonelo sakhe, ngoba akukho emiBhalweni yabo ephefumlelwe lapho uMariya enikezwa khona noma yiluphi udumo olungafanele, isiqu, noma isithunzi. Nakuba babemhlonipha njengonina kaJesu, abadlulelanga ngalé kwalokho. Ngokuqinisekile abakaze babhekisele kuye ngokuthi, “unina kaNkulunkulu.” Babazi ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu uMninimandla onke esesimweni somuntu nokuthi ngenxa yalokho, kwakungenakwenzeka ukuba uMariya abe ngunina kaNkulunkulu, okuyisikhundla esikude kakhulu naleso iZwi likaNkulunkulu elisinikeza uMariya.
Inkolo KaNkulunkulukazi OnguMama
12. Umqondo wokuthi uMariya ‘wayengunina kaNkulunkulu’ wavelaphi futhi nini?
12 Khona-ke, lomqondo wavelaphi? Wangena kancane kancane kweLobukholwa elihlubukayo ekhulwini lesithathu nelesine lesiKhathi sethu Esivamile. Lokhu kwakunjalo ikakhulukazi ngemva konyaka ka-325 C.E. lapho umkhandlu waseNicaea wamukela imfundiso engekho ngokombhalo yokuthi uKristu ulingana noNkulunkulu. Lapho lomqondo oyiphutha sewamukelwe, kwaba lula ukufundisa ukuthi uMariya ‘ungunina kaNkulunkulu.’ Ngokuqondene nalokhu, iNew Encyclopædia Britannica ithi: “Lesisiqu [‘unina kaNkulunkulu’] sibonakala savela ekusetshenzisweni kokuzinikela, cishe eAlexandria, esikhathini esithile ekhulwini lesithathu noma lesine . . . Ekupheleni kwekhulu leminyaka lesine, iTheotokos yayisizizinzise ngokuphumelelayo ezingxenyeni ezihlukahlukene zesonto.” INew Catholic Encyclopedia iphawula ukuthi lemfundiso yamukelwa ngokomthetho “kusukela eMkhandlwini wase-Efesu ngo-431.”
13. Yini okungenzeka ukuthi yathonya uMkhandlu Wase-Efesu ngo-431 C.E. ukuba umemezele ngokomthetho ukuthi uMariya “ungunina kaNkulunkulu”?
13 Okuthakazelisayo indawo lowomkhandlu owahlangana kuyo nesizathu sokuhlangana kwawo. Incwadi ethi The Cult of the Mother-Goddess, kaE. O. James, ithi: “UMkhandlu wase-Efesu wahlangana esontweni likaNina KaNkulunkulu ngo-431. Kuleyondawo, emzini owawudume kabi kangako ngokuzinikela kwawo kuArthemis, noma uDiyana njengoba amaRoma ayembiza kanjalo, lapho kwakuthiwa isithombe sakhe sawela khona sivela ezulwini, ngaphansi komthunzi wethempeli elikhulu elalinikelwe kuMagna Mater [UMama Omkhulu] kusukela ngo-330 B.C. futhi, ngokusho kwesiko, linendawo kaMariya yokuhlala yesikhashana, isiqu esithi ‘ozala uNkulunkulu’ sasingeke singaphakanyiswa.”
14. Umlando ukuqinisekisa kanjani ukuthi lemfundiso ivela ebuqabeni?
14 Ngakho njengoZiqu-zintathu, imfundiso ‘kanina kaNkulunkulu’ iyimfundiso yobuqaba ezishaya inkolelo yobuKristu. Yayivelele ezinkolweni zobuqaba emakhulwini eminyaka amaningi ngaphambi kukaKristu. Ngaphansi kwesihloko esithi “unkulunkulukazi onguMama” iNew Encyclopædia Britannica ithi: “Noma yiluphi lwezinhlobo ezihlukahlukene zonkulunkulu besifazane nezimpawu zesifazane zokudala, ukuzala, inzalo, ukuhlangana kobulili, ukondla, nomjikelezo wokukhula. Leligama liye lasetshenziswa futhi eziqwini ezihlukene kakhulu njengoVenus besiKhathi Samatshe neNcasakazi uMariya. . . . Akukho-siko elingazange lisebenzise ukufanekisa okuthile ngowesifazane ekuchazeni onkulunkulu balo. . . . Ungumvikeli nomondli womntwana waphezulu naso sonke isintu.” Ngakho, umfundisi ongumKatolika uAndrew Greely uthi encwadini yakhe iMaking of the Popes 1978: “Uphawu lukaMariya luxhumanisa ubuKristu ngokuqonde ngqó nezinkolo [zobuqaba] zasendulo zonkulunkulukazi abangomama.”
Ukukhulekela Okungafanele
15. (a) Yini eyasunguleka kweLobukholwa ngokuqondene noMariya? (b) NgokweBhayibheli, ubani kuphela ongasilamulela kuNkulunkulu?
15 Ukuthi uMariya ‘wayengunina kaNkulunkulu’ kumphakamisela esikhundleni esibangela ukuba abantu bathambekele ekumkhulekeleni, futhi yilokho okuye kwenzeka amakhulu eminyaka. Amakhulu ezigidi zabantu emazweni amaningi aye athandaza kuye noma ngegama lakhe futhi azinikela ngendlela yokukhulekela ezithombeni nasemifanekisweni yakhe. Nakuba izazi zenkolo zingase zizame ukukuthethelela lokhu ngokuthi ukuhlonipha uMariya okunjalo kumane nje kuyindlela engaqondile yokukhulekela uNkulunkulu, leyo akuyona indlela uNkulunkulu akubheka ngayo. IZwi lakhe lithi: “Munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.” (1 Thimothewu 2:5; 1 Johane 2:1, 2) UJesu ngokwakhe wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”—Johane 14:6.
16. OPetru noJohane bakwenza kanjani kwacaca ukuthi uJehova kuphela okumelwe akhulekelwe?
16 Ukuzinikela kuMariya ngokuqondile noma ngokungaqondile, ukuthandaza kuye, ukukhothamela imifanekiso yakhe, kuwukukhulekela indalo kunokukhulekela uMdali. Kuwukukhonza izithombe, futhi amaKristu ayalwa ukuba ‘abalekele ukukhonza izithombe.’ (1 Korinte 10:14) Lapho uKorneliyu ongoweZizwe ekhothamela umphostoli uPetru ngendlela yokumhlonipha, phawula lokho okwenzeka: “Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka. Kepha uPetru wamvusa wathi: Sukuma, nami ngingumuntu nje.” (IzEnzo 10:25, 26) Ukukhothamela umuntu ngendlela yokumkhulekela kwakungafanele, futhi uPetru wayengeke akwamukele. Futhi, ngemva kokwamukela umbono engelosini, umphostoli uJohane uyabika: “Ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezozinto. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi alencwadi; khuleka kuNkulunkulu.” (IsAmbulo 22:8, 9) Uma ngisho nengelosi kaNkulunkulu ingenakukhulekelwa, kakhulu kangakanani abantu noma imifanekiso yabo.
17. Yini iencyclopedia yamaKatolika evuma ukuthi ingaba umphumela wokuhlonipha uMariya?
17 Ukuthi ukuzinikela okunjalo kuMariya kungase kuphumele ekukhulekeleni okungafanele kuvunywa iCatholic Encyclopedia. Uhlelo lwangaphambili lwalencwadi lwathi: “Akunakwenzeka ukuphika ukuthi ukuzinikela eNcasakazini Ebusisiwe ngokuvamile kwakuhambisana nokweqisa nokonakala.”
18. Imfundiso enjalo engekho ngokombhalo ingavela kumuphi umthombo?
18 Imfundiso enjalo engekho ngokombhalo ingavela kumuphi umthombo? Kumelwe ukuthi umthombo oyisisekelo yiSitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli. (Johane 8:44) Kungani ayengathuthukisa imfundiso enjalo? Ukuze ehlise futhi alulaze iNkosi enguMbusi uJehova, ukuze aphakamise abantu, nokuba adale ukudideka. Ichezukisa abantu ekukhulekeleni kweqiniso futhi ibabangela ukuba babheke ezidalweni ukuze bathole insindiso. Emakhulwini amaningi eminyaka iye futhi yandisa amandla abefundisi phezu kwabantu abaphansi, abafundiswa ukuthi kumelwe babathobele ngokuphelele abaholi babo benkolo ngoba abefundisi kuphela abanolwazi lwemfundiso yenkolo eyinkimbinkimbi kanjalo.
19, 20. (a) Kungani singaqiniseka ngokuthi ngaphambi kokuba kukhishwe izahlulelo zikaNkulunkulu, abantu abanjengezimvu bayolithola iqiniso? (b) Imiphi imibuzo okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
19 Nokho, uJesu wabikezela: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Futhi uJehova uthembisa ukuthi ngokushunyayelwa koMbuso, uyobutha bonke abantu abanjengezimvu ukuze ‘abafundise izindlela zakhe, bahambe emikhondweni yakhe.’ (Isaya 2:2-4) Ngenxa yokuthi bahlanganiselwe ekukhulekelweni kukaJehova kweqiniso, uJesu wathi ngabo: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Ngakho labo abalifunayo iqiniso bayolithola futhi bayokhululwa ezimfundisweni zenkolo ezingamanga ezivimbela abantu ukuba benze intando yoMdali.
20 Kunezinye izimfundiso zenkolo nemikhuba okwamukelwa ngokuvamile okuchezukise abantu ekukhulekelweni kweqiniso koMdali, bazinikela endalweni. Ziyini ezinye zalezimfundiso, futhi uye waba yini umphumela wazo? Ukukhulekela kweqiniso kuhilelani? Isihloko esilandelayo sizohlola lemibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a IWebster’s Ninth New Collegiate Dictionary, ka-1986.
b Bheka INqabayokulinda kaJune 1, 1988, amakhasi 10 kuya ku-20
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UJesu wabonisa kanjani ngokucacile ukuthi uJehova kuphela okumelwe akhulekelwe?
◻ Kungani manje kunokuphuthuma okukhethekile ekukhulekeleni ngendlela efanele?
◻ Kungani uMariya kungafanele anikezwe inhlonipho engafanele?
◻ Wavelaphi umqondo wokuthi uMariya “ungunina kaNkulunkulu”?
◻ Abaphostoli uPetru noJohane bakugcizelela kanjani ukuthi uJehova kuphela okumelwe akhulekelwe?