Thokoza—Bonisa Umusa Kwabahluphekayo
“Odelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa uyathokoza obonisa umusa kwabahluphekayo.”—IZAGA 14:21, NW.
1, 2. Yini eyenzeka emikhayeni emithathu yasePhilippine, okusiholela ekucabangeleni miphi imibuzo?
LAPHO imikhaya emithathu yasePhilippine esifundazweni sasePangasinan isemhlanganweni wobuKristu, umlilo owathungeleka ngengozi washisa izindlu zayo zaba umlotha. Lapho ibuyela ekhaya, yazithola ingenakho ukudla noma indawo yokulala. AmaKristu akanye nayo, lapho ezwa ngenhlekelele, aphuthuma nokudla futhi alungisa izindawo zokulala nabanye ebandleni. Ngakusasa ekuseni, amaKristu afika noqalo nezinye izinto zokwakha. Loluthando lobuzalwane lwabahlaba umxhwele omakhelwane. Lemikhaya emithathu yathinteka kwaba futhi yinzuzo kuyo. Umlilo wabhubhisa izindlu zayo, kodwa ukholo lwayo nezinye izimfanelo zobuKristu lwasinda futhi lwakhula ngenxa yokusabela kothando.—Mathewu 6:33; qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:12-14.
2 Ingabe okuhlangenwe nakho okunjengalokhu akududuzi? Kwakha ukholo lwethu emseni womuntu futhi kunjalo ngisho nangokwengeziwe emandleni obuKristu beqiniso. (IzEnzo 28:2) Nokho, ingabe siyasiqaphela isisekelo esingokomBhalo ‘sokwenza kanjalo okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa’? (Galathiya 6:10) Futhi thina ngokomuntu siqu singakwenza kanjani okwengeziwe kulokhu?
Isibonelo Esihle Kakhulu Ngathi
3. Yini esingaqiniseka ngayo ngokuqondene nokusikhathalela kukaJehova?
3 Umfundi uJakobe uyasitshela: “Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu.” (Jakobe 1:17) Yeka ukuthi lokho kuyiqiniso kanjani, ngoba uJehova usinikeza inala ngenxa yenzuzo yethu engokomoya nengokwenyama! Nokho, ikuphi akubeka kuqala? Izinto ezingokomoya. Ngokwesibonelo, wasinikeza iBhayibheli ukuze sibe nesiqondiso esingokomoya sethemba. Lelothemba ligxiliswe esiphweni seNdodana yakhe, emhlatshelo wayo uyisisekelo sokuthethelelwa kwethu nokuba nethemba lokuphila okuphakade.—Johane 3:16; Mathewu 20:28.
4. Kubonakala ngani ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo futhi ezidingweni zethu ezingokwenyama?
4 UJehova unesithakazelo futhi kuyinhlala-kahle yethu engokwenyama. Umphostoli uPawulu wabonisana ngalokhu namadoda aseListra yasendulo. Nakuba ayengebona abakhulekeli beqiniso, ayengenakukuphika ukuthi uMdali ‘wayenze okuhle, wasinika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokuhle nangokujabula.’ (IzEnzo 14:15-17) Ngenxa yothando, uJehova ulungiselela izidingo zethu ezingokomoya futhi wenza ilungiselelo lokuphila kwethu okungokwenyama. Awucabangi yini ukuthi lokhu kuyanezela ekubeni kwakhe “uNkulunkulu othokozayo”?—1 Thimothewu 1:11, NW.
5. Yini esingayifunda ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu noIsrayeli wasendulo?
5 Ukusebenzelana kukaNkulunkulu no-Israyeli wasendulo kubonisa ukunakekela kwakhe okulinganiselwe kokubili izidingo zabakhulekeli bakhe ezingokomoya nesimo sabo esingokwenyama. Okokuqala, wenzela abantu bakhe uMthetho. Amakhosi akhe kwakumelwe azilungiselele ikhophi yawo siqu yoMthetho, futhi abantu babehlangana ngezikhathi ezithile ukuba bezwe uMthetho waKhe ufundwa. (Duteronomi 17:18; 31:9-13) UMthetho walungiselela itabernakele noma ithempeli nabapristi ukuba basingathe imihlatshelo ukuze abantu bathole umusa kaNkulunkulu. AmaIsrayeli ayehlangana njalo emadilini angokomoya, ayeyizici ezisemqoka ekukhulekeleni kwawo kwaminyaka yonke. (Duteronomi 16:1-17) Ngenxa yakho konke lokhu, amaIsrayeli ngamanye ayengaceba ngokomoya phambi kukaNkulunkulu.
6, 7. UJehova wakubonisa kanjani eMthethweni ukukhathalela kwakhe izidingo ezingokwenyama zamaIsrayeli?
6 Nokho, uMthetho wabonisa futhi indlela uNkulunkulu azinaka ngayo izimo ezingokwenyama zezinceku zakhe. Mhlawumbe engqondweni yakho kufika imithetho eyanikezwa uIsrayeli ephathelene nezempilo nezinyathelo ezazinciphisa ukwandiswa kwezifo ezithathelwanayo. (Duteronomi 14:11-21; 23:10-14) Nokho, akumelwe siwashaye indiva amalungiselelo akhethekile kaNkulunkulu enziwa ukuze kusizwe abampofu nabahluphekayo. Impilo ebuthakathaka noma inhlekelele enjengomlilo noma isikhukhula kwakungenza umIsrayeli abe mpofu. Khona kanye eMthethweni wakhe uJehova wavuma ukuthi babengeke balingane bonke ngokwezomnotho. (Duteronomi 15:11) Kodwa wenza okungaphezu kokumane adabukele ompofu nohluphekayo. Walungiselela usizo.
7 Ukudla kwakuyoba yisidingo esikhulu ngabanjalo. Ngakho uNkulunkulu waqondisa ukuba abampofu kwaIsrayeli bakhululeke ukukhothoza emasimini nasemivinini noma emithini yomnqumo. (Duteronomi 24:19-22; Levitikusi 19:9, 10; 23:22) Indlela kaJehova ayizange ikhuthaze abantu ukuba bavilaphe noma baphile ngokuphiwa lapho bengasebenza. Owayekhothoza kwaIsrayeli kwakumelwe, enze umzamo, mhlawumbe achithe amahora amaningi elangeni elishisayo ukuze aqoqe ukudla kosuku. Nokho, akumelwe singakunaki ukuthi ngalendlela uNkulunkulu wayelungiselela abampofu ngokucabangela.—Qhathanisa noRuthe 2:2-7; IHubo 69:33; 102:17.
8. (a) Yini amaJuda ngamanye anxuswa ukuba ayenzele abafowabo? (Qhathanisa noJeremiya 5:26, 28.) (b) Ungasiqhathanisa kanjani isimo uNkulunkulu asikhuthaza kumaJuda nalokho okuvamile namuhla?
8 UJehova wabuye wagcizelela isithakazelo sakhe ngohluphekayo ngamazwi anjengakuIsaya 58:6, 7. Ngesikhathi amanye amaIsrayeli ayezazisa ezila ngokuzenzisa, umprofethi kaNkulunkulu wathi: “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: . . . Ukukhulula abacindezelayo nokwaphula onke amajoka na? Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba-ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwabayinyama yakho, na?” Abanye abantu namuhla baqaphela lokho abangase bakubize ngokuthi ‘ingosi yabo yokunethezeka.’ Bazimisele ukusiza umuntu oswele kuphela uma kungenakusho noma ikuphi ukuzidela komuntu siqu noma ukunganethezeki ngabo. Yeka umoya ohlukile owagcizelelwa emazwini kaNkulunkulu ngoIsaya!—Bheka futhi uHezekeli 18:5-9.
9. Yini eyayelulekwa uMthetho ngokuboleka imali, futhi isiphi isimo uNkulunkulu asikhuthaza?
9 Ukukhathalela abazalwane abampofu bakwaIsrayeli kungabonakala ekubolekaneni imali. UmIsrayeli wayengalindela ukukhokhelwa inzalo lapho eboleke imali omunye owayefuna ukuyisebenzisa ekuqaliseni noma ekwandiseni ibhizinisi. Nokho, uJehova wathi kwakungamelwe kufunwe inzalo emalini ebolekwe umzalwane ompofu, okuphundleka kwakhe kwakungase kumholele ekwenzeni okubi. (Eksodusi 22:25; Duteronomi 15:7, 8, 11; 23:19, 20; IzAga 6:30, 31) Isimo sengqondo sikaNkulunkulu ngakwabahluphekayo sasiyoba isibonelo kubantu bakhe. Siyathenjiswa: “Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.” (IzAga 19:17) Ake ucabange nje ngalokho—ukutsheleka uJehova, nesiqinisekiso sakhe sokukubuyisela insada!
10. Ngemva kokucabangela isibonelo sikaNkulunkulu, yini ongazibuza yona?
10 Ngakho sonke kumelwe sibuze: Ingabe umbono nokuphatha kukaNkulunkulu ohluphekileyo kusho ukuthini kimi? Ingabe bengifunda esibonelweni sakhe esiphelele futhi ngizama ukusilingisa? Ngingathuthukisa yini ngokuba umfanekiso kaNkulunkulu kulesici?—Genesise 1:26.
NjengoYise, NjengeNdodana
11. Ukukhathalela kukaJesu kwakufana kanjani nokukaYise? (2 Korinte 8:9)
11 UJesu Kristu ‘ungukubengezela kwenkazimulo [kaJehova], ufuze yena uqobo.’ (Heberu 1:3) Ngakho-ke, sasingamlindela ukuba abonise ukukhathalela kukaYise ngalabo abanesithakazelo ekukhulekeleni kweqiniso. Wakubonisa. UJesu wabonisa ukuthi ubumpofu obungokomoya buwubumpofu obudinga kakhulu ukuxazululwa: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.” (Mathewu 5:3; qhathanisa noLuka 6:20.) UKristu wathi futhi: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Ngokufanelekile, wayengaziwa ngokuyinhloko njengomenzi wezimangaliso noma umphulukisi kodwa njengoMfundisi. (Marku 10:17-21; 12:28-33) Kulokhu, phawula uMarku 6:30-34. Sifunda ngesikhathi lapho uJesu efuna ukuba yedwa ukuze aphumule. Khona-ke “wabona isixuku esikhulu . . . [esasi]njengezimvu ezingenamalusi.” Wasabela kanjani? “Waqala ukubafundisa okuningi.” Yebo, uJesu wahlangabezana nesidingo sabo esikhulu kakhulu: iqiniso ababeyophila ngalo phakade.—Johane 4:14; 6:51.
12. Yini esingayifunda ngemibono kaJesu ngokuqhathanisa uMarku 6:30-34 noMarku 6:35-44?
12 Nakuba uJesu agxila ezidingweni ezingokomoya zamaJuda ayethobekile, akazange angazinaki izidingo zawo ezingokwenyama. Ukulandisa kukaMarku kubonisa ukuthi uJesu wayesiqaphela isidingo sokudla okungokwenyama. Abaphostoli baqale basikisela ukuba isixuku sihanjiswe ‘siyozithengela ukudla.’ UJesu akazange avume. Khona-ke abaphostoli baletha umbono wokuthatha enye yemali ababeyiphethe futhi bayisebenzise ekuthengeni ukudla. Kunalokho, uJesu wakhetha ukwenza isimangaliso esaziwayo apha kuso amadoda ayizi-5 000; ngaphandle kwabesifazane nabantwana, ukudla okuyisisekelo kwesinkwa nenhlanzi. Abanye namuhla bangaba nomuzwa wokuthi kwakulula ngoJesu ukugcwalisa izidingo zesixuku ngokuyisimangaliso. Nalapha, akumelwe silishaye indiva iqiniso lokuthi wayenokukhathalela kwangempela, futhi wenza ngokuvumelana nalokho.—Marku 6:35-44; Mathewu 14:21.a
13. Ibuphi obunye ubufakazi uJesu abunikeza ngesithakazelo sakhe kuyinhlala-kahle yabantu?
13 Cishe uye wazifunda izindaba zamaVangeli ezifakazela ukuthi imizwelo kaJesu ngabahluphekayo ayigcinanga kwabampofu. Futhi wasiza abagulayo nabakhubazekile. (Luka 6:17-19; 17:12-19; Johane 5:2-9; 9:1-7) Futhi wayengaphulukisi nje kuphela labo ababeseduze kwakhe. Ngezinye izikhathi wayeya kogulayo ukuze amnikeze usizo.—Luka 8:41-55.
14, 15. (a) Kungani singaqiniseka ngokuthi uJesu wayelindele ukuba abalandeli bakhe babonise ukukhathalela okunjengokwakhe? (b) Yini esenza kahle ukuzibuza yona?
14 Nokho, ingabe izidingo zabafundi (noma abafuni beqiniso) abampofu nabahluphekayo zazikhathalelwa kuphela yilabo ababenganikeza usizo ngokwenza izimangaliso? Cha. Bonke abafundi bakaJesu kwakumelwe bazikhathaze futhi benze ngokufanelekile. Ngokwesibonelo, wakhuthaza indoda ecebile eyayifuna ukuphila okuphakade: “Thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini.” (Luka 18:18-22) UJesu futhi weluleka: “Uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”—Luka 14:13, 14.
15 UmKristu ungumlandeli kaKristu, ngakho ngamunye wethu angabuza: Ngisilingisa ngaliphi izinga isimo sengqondo sikaJesu nezenzo ngakwabampofu, abaswele nabahluphekayo? Ingabe ngingasho ngokwethembeka, njengoba umphostoli uPawulu asho: “Yibani-ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu”?—1 Korinte 11:1.
UPawulu—Isibonelo Esihle
16. Yini eyayiyisithakazelo esikhethekile kumphostoli uPawulu?
16 Kufanelekile ukucabanga ngoPawulu kulokhu, ngoba naye wayeyisibonelo sokulingiswa. Njengoba singalindela, wayegxile kakhulu ezidingweni zabanye ezingokomoya. ‘Wayeyinxusa likaKristu, encenga abanye, Buyisanani noNkulunkulu.’ (2 Korinte 5:20) Isabelo esikhethekile sikaPawulu kwakuwukushumayela nokwakha amabandla phakathi kwababengemaJuda. Wabhala: “Ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo.”—Galathiya 2:7.
17. Sazi kanjani ukuthi uPawulu wanikeza ukunakekela nasekukhathaleleni okungokwenyama?
17 Kodwa njengoba uPawulu athi wayelingisa uKristu, ingabe yena (njengoJehova noJesu) wakunakekela ukuhlupheka okungokomzimba noma izinkinga zabakhulekeli ababekanye naye? UPawulu makaziphendulele. KwabaseGalathiya 2:9, waqhubeka: ‘UJakobe noKhefase [uPetru] noJohane banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe.’ Khona-ke khona kanye evesini elilandelayo uPawulu wanezela: “Kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.” (Galathiya 2:10) Ngakho uPawulu wayekuqaphela ukuthi, ngisho nakuba ayengumphostoli owayeyisithunywa sevangeli esinemithwalo yemfanelo emabandleni amaningi, wayengenakuba matasa kakhulu ukuba angabi nasithakazelo kuyinhlala-kahle engokomzimba yabazalwane bakhe nodade.
18. Cishe uPawulu wayebhekisele kubaphi “abampofu” kwabaseGalathiya 2:10, futhi kungani kwakumelwe banakekelwe?
18 Cishe, “abampofu” akhuluma ngabo kwabaseGalathiya 2:10 ngokuyinhloko babengamaKristu angamaJuda aseJerusalema naseJudiya. Ngaphambili kwakukade ‘kunokukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabiweni kokudla kwemihla ngemihla.’ (IzEnzo 6:1) Ngakho, lapho ekhuluma ngokuba kwakhe umphostoli kwabezizwe, uPawulu wakwenza kwakhanya ukuthi abekho ayengabanaki ebuzalwaneni bobuKristu. (Roma 11:13) Waqaphela ukuba ukunakekela okungokomzimba kwabazalwane kwakuhlanganisiwe kulamazwi: “Kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso.”—1 Korinte 12:25, 26.
19. Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uPawulu nabanye benza ngokuvumelana nokukhathalela kwabo abampofu?
19 Lapho amaKristu aseJerusalema naseJudiya ehlupheka ngenxa yobumpofu, indlala, noma ukushushiswa, amanye amabandla akude ayesabela. Yebo, ayeyobe ekade ebakhumbula abazalwane babo ekuthandazeleni ukusekela nenduduzo kaNkulunkulu. Kodwa awagcinanga lapho. UPawulu wabhala ukuthi “kwaba-kuhle kwabaseMakedoniya nabaseAkhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.” (Roma 15:26, 27) Labo ababenza iminikelo enjalo engokwezimali kubazalwane babo abahluphekayo ‘babecetshiswa ezintweni zonke kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.’ (2 Korinte 9:1-13) Ingabe lokho kwakungenakuba yini isizathu sokuthokoza ngabo?
20. Babengajabula kanjani abazalwane ababenikela ekusizeni “abampofu”?
20 Abazalwane ababehlanganyela izimali zabo ‘nabampofu kwabangcwele baseJerusalema’ babenesisekelo esengeziwe sokuthokoza. Ukunakekela kwabo abahluphekayo kwakuyosiza abanikelayo ukuba babe nokuvunyelwa uNkulunkulu. Isizathu singasibona ngokuphawula ukuthi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umnikelo” kwabaseRoma 15:26 nakweyesi-2 Korinte 9:13 ngokweNW liqukethe umqondo, ‘wesibonakaliso sobungane, ubufakazi bobunye bobuzalwane, ngisho nesipho.’ Lisetshenziswe kumaHeberu 13:16, athi: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.”
Ingabe Siyothokoza?
21. Yini esingaphetha ngokuthi iyonikeza isisekelo sokuzuza kwethu intokozo?
21 Kulengxoxo, siye sahlola ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, nomphostoli uPawulu babanakekela abahluphekayo. Siye saphawula ukuthi bonke babeqaphela ukuthi izidingo ezingokomoya kumelwe zinakekelwe kuqala. Kodwa futhi kuyiqiniso ukuthi bonke basibonisa ngezindlela ezingokoqobo ngempela isithakazelo sabo kwabampofu, abagulayo, nalabo abahluphekayo. Babengathola intokozo ekunikezeni usizo olungokoqobo. Ingabe akumelwe yini kube njalo ngathi? Umphostoli uPawulu wasinxusa ukuba “[si]khumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: Kubusisekile [“kunenjabulo enkulu,” NW] ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.
22. Yiziphi izici zalendaba ezisadinga ukunakekela kwakho?
22 Nokho, ungase ubuze: Yini mina engingayenza? Ngingazi kanjani ukuthi obani abaswele ngempela? Ngingalunikeza kanjani usizo ngendlela engakhuthazi ubuvila, yomusa nengokoqobo, yokucabangela imizwa yabanye, nelinganiselayo emsebenzini wami wobuKristu wokusakaza izindaba ezinhle? Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngezici zalendaba, sibeka isisekelo sokuba uthole intokozo eyengeziwe.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuthakazelisayo, uJesu ngokwakhe akazange abe namahloni noma aqhoshe kakhulu ukuba emukele usizo olungokwenyama kwabanye.—Luka 5:29; 7:36, 37; 8:3.
Uphawulile?
◻ UNkulunkulu ubunikeza kanjani ubufakazi besithakazelo sakhe ezidingweni zethu ezingokomoya nasezidingweni zethu ezingokwenyama?
◻ Yini ebonisa ukuthi uJesu wayekhathalele okungaphezu kokusiza abantu ngokubafundisa iqiniso?
◻ Luhlobo luni lwesibonelo uPawulu asibeka ngokuqondene nabampofu?
◻ Isidingo sokwenzani osibonayo, ngemva kokucabangela isibonelo sikaJehova, uJesu, nomphostoli uPawulu?
[Isithombe ekhasini 13]
Abadala abangamaKristu nabanye kumelwe basebenzise iseluleko sikaJesu esikuLuka 14:13, 14