Basha, Ingabe Ukuziphatha OkungokweBhayibheli Kuyindlela Engcono Kakhulu?
“NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.
1. Kungani ubusha buyisikhathi esihle ekuphileni, kodwa isiphi isimo abanye abanaso?
“IZINSUKU zobusha bethu ziyizinsuku zodumo lwethu,” kwabhala imbongi. Abantu abaningi abasha bayavuma, ngoba ziyisikhathi sokujabula nokukhululeka emithwalweni enzima yobudala. Kodwa abantu abaningi abasha bafisa ukuhwaphuna yonke injabulo evulekele abasha nabadala. Isimo sabo singachazwa kanje ngamafuphi: ‘Akukho ukulinda; yebo, sifuna yonke injabulo manje.’
2. (a) Izibalo zamuva zibonisani ngabasha nangokuziphatha? (b) Ingabe unomuzwa wokuthi lezizimo zithonya nabasha ebandleni lobuKristu?
2 Phakathi nalobu“busha” igagasi elikhulu layo yonke injabulo liye laphumela ekubeni abantu abasha abaningi ngokwengeziwe bazitike ebuhlotsheni bobulili ngaphambi kokushada, okuthiwa ukuhlobonga, kunanoma isiphi esinye isikhathi emlandweni wanamuhla.a Leligagasi lokuziphatha okubi kobulili liye lathonya ngisho nabathile abasha ebandleni lobuKristu. NjengomKristu ungase ubuze, ‘Yini eyenza kube nzima kangaka ukuba umuntu omusha ahlale emsulwa, ikakhulukazi phakathi nalezi“nsuku zokugcina”?’—UmShumayeli 11:10; 2 Thimothewu 3:1-5.
UKUCINDEZELA KUNGAMANDLA!
3, 4. (a) Kungani kungelula ukuba umuntu omusha ahlale emsulwa? (b) Ukucindezela kontanga nesidingo sokuqondwa kuzidala kanjani izinkinga?
3 Phakathi neminyaka yokweva eshumini elinambili, kunoku‘khula’ kwesifiso sobulili. Lesisikhathi, esibizwa ngokuthi ‘ukuqhuma kobusha’ eBhayibhelini, ngokuvamile siletha ukukhangeka okunamandla ngowobulili obuhlukile. Ngakho akukhona okungavamile, uma njengomuntu omusha, uhlushwa izifiso zobulili. Nokho, lesifiso semvelo sibhebhezelwa ukuzijabulisa kwanamuhla nezindlela zokukhangisa, eziphakamisa ubulili.—1 Korinte 7:36.
4 Ukucindezela kwabanye abasha kungase kube namandla nakho, njengoba enye intombazane yesikole ewumKristu ichaza, ithi: “Kunzima ngempela ukuba ohlukile kulezinsuku. Amanye amantombazane esikoleni angibuza ukuthi ngake ngalala yini nomfana. Lapho ngiwatshela ukuthi cha, onke aqala ukuhleka. Ngempela kwathi angikhale ngithi ngake ngalala.” Ngokungaphezulu, abantu abancane banesidingo sothando nokuqondwa, futhi lokhu kungase kungeneliswa ekhaya. Bajabulela umfana noma intombazane obaphatha “ngokukhethekile” futhi olalela ngozwela. Ukusondelana okunjalo okungokwemizwelo kungase kuholele ekuhlobongeni. Abanye abasha bakhohliswa yiyo yonke lemizwa eminingi emisha. Bangase bamangale, ‘Ingabe into ejabulisa kanje ingaba engalungile? Ingabe ukuziphatha okuhle kweBhayibheli ngempela kuyindlela engcono kakhulu?’
INDLELA ENGCONO KAKHULU
5. (a) Yini uIsaya 48:17 asitshela yona ngoNkulunkulu? (b) Ngokweyo-1 Thesalonika 4:3-8, uNkulunkulu ufunani kithi ngokuziphatha?
5 UBaba wethu wasezulwini wakhumbuza abantu bakhe abakhethileyo: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” (Isaya 48:17) Iyiphi ‘indlela esimelwe ukuhamba ngayo’ ngokuziphatha okuhle? “Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, [noma, akufunayo] . . . ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala ngokungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko . . . ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala.”—1 Thesalonika 4:3-8.
6. (a) Umphostoli uPawulu wawayala ngokuthini amaKristu agcotshiwe ngokuqondene nobufebe, futhi ngani? (b) Kungani lokhu kumelwe kubangele abasha ukuba bacabange ngenkambo yabo?
6 Intando kaNkulunkulu ngokuqondene nokuziphatha okuhle iyakhanya—‘thibani imizimba yenu,’ dedani ebufebeni nasemanyaleni. Nina basha eninikele ukuphila kwenu kuNkulunkulu niye nenza ukuhlangana okuseduze naye futhi niye naba ingxenye yenhlangano ehlanzekile. Yeka ukujabula uNkulunkulu anakho ngenkambo enjalo! Kodwa ngokungenela kwenu ubuhlobo bobulili ngaphambi komshado kuyofana nalapho omunye we“zitho [ezigcotshiwe] zikaKristu” “ohlangene neNkosi” eba “ohlangana nesifebe” ngokobulili. ‘Into enjalo mayingenzeki nakanye!’ kusho umphostoli uPawulu. Kungaba inhlamba enkulu kulobo buhlobo obuyigugu. Asikho esinye isono esifana naso impela, ngoba “owenza ubufebe wona owakhe umzimba.” Ngokuqinisekile, isono esinjalo singase sibulale ubuhlobo obungokomoya esinabo noNkulunkulu. Akumangalisi ukuthi uPawulu wanxusa, “balekelani ubufebe.” Yebo, ‘balekani’! Ungalindi ukuze ucabange noma uphikisane ngabo. Baleka ngejubane lonke—futhi ngokushesha! Kodwa kuthiwani uma umuntu ‘engabaleki’ ekuziphatheni okunjalo?—1 Korinte 6:15-18.
‘BAYAZONA’
7-9. (a) Yini u-2 Petru 2:9-13 ayishoyo ngokuqondene nalabo abangena ekuziphatheni okubi? (b) Abahileleka ekungcoleni baye ‘bazona’ kanjani?
7 Umphostoli uPetru wathi labo abasebandleni abahlambalaza “abenkazimulo” futhi abahileleka ekuziphatheni okubi baphetha ngokuzona “bamukele umvuzo wokungalungi.” (2 Petru 2:9-13) ‘Lemivuzo’ yokona ngokobulili ijule ngaphezu kwesifo sokubhajwa noma ukukhulelwa okungemthetho. Ibulala uthando, isithunzi nokuthula kwengqondo. Ngokwesibonelo, abanye abantu abasha baye “bahileleka ngokweqile,” bahlobonga, bavuma ngokudabuka:
“Kwakuwukudumazeka okukhulu. Kwakungekho muzwa wokuhle noma ukufudumala kothando njengoba kwakulindelekile. Kunalokho, ukubona ngokugcwele indlela isenzo esasisibi ngayo kwangihlaba.”
“Ngakhala bonke ubusuku.”
“Ngaba nomuzwa wokuba phansi njengenja. Kwakuwumuzwa ogulisayo wokuba yize. Ngalahlekelwa ukuzihlonipha ngokwami. Eqinisweni, ngazithola ngiyisola intombi yami ngokukuvumela ukuba kwenzeke.”
8 UBaba wethu wasezulwini usitshela ukuba singagwemi nje kuphela ubufebe kodwa futhi “amanyala.” (1 Thesalonika 4:7) Nakuba leligama lihlanganisa izinto eziningi, libhekisela ekuziphatheni okwenyanyekayo. Ngokwesibonelo, ukushaya indlwabu (ukuzingcolisa ngokobulili) kuwumkhuba ‘ongcolile’ abantu abaningi abasha abaye bangena kuwo. Ngokuqinisekile kuvusa “ukuhuheka” futhi kungase kubangele ububi obukhulu. Kwezinye izimo lapho umuntu engazange azame ukukunqoba, loluhlobo lokucabanga lwadala izinkinga ngemva komshado. Enye insizwa yamangala uma ithola ukuthi ngemva komshado indlela yayo ende yokuzanelisa ngokwayo siqu ngokobulili yayenza yangakwazi ukunikeza ‘okufaneleyo’ emshadweni. Izinyanga zosizi zalandela.—1 Korinte 7:3.
9 Eminye imibhangqwana iye yahileleka ekuthintaneni izitho zokwazana zomzimba okuvusa inkanuko. Lokhu futhi kunga“manyala” futhi kungase kalula—futhi kuvamisile—ukuba kuholele ekuhlobongeni. Lomkhuba ungase uvuse kumuntu “ukuhuheka” kuze kube sezingeni lokucindezeleka okunamandla ngokwengqondo nemizwelo. Enye insizwa yavuma: “Uzibona unjengesilwane esinesifiso esibi kakhulu, esibulalayo ngokomzwelo.” Ukuziphatha okunjalo kuye kwaphumela ekuphulweni kwezithembiso zomshadob futhi ngokuvamile ezinkingeni kulabo abashadayo kamuva. “Senza cishe konke ngaphandle kokuhlobonga futhi saze sacishe sahlobonga ngaphambi kokuba sishade,” kwavuma omunye umbhangqwana osemusha. “Nakuba sathola usizo kwabadala, izinto azibange zisafana futhi. Kuye kwaba nzima ukuthola futhi ukuhlonipheka esasinakho.”
10. Kungani “amanyala” eyingozi emibhangqwaneni engashadile?
10 Uma umuntu ongashadile eqala ukuzifaka emikhubeni ethile yobulili ‘ethonyayo’ elungiselelwe umbhede womshado, angase awulazeke ukuba ashade nothile ongenazo izimfanelo ezidingekile zendoda enhle noma umfazi omuhle. Ubulili buthanda ukusibekela umehluko ongathi sína obuye uvele emva komshado futhi ubangele izinkinga. Akumangalisi ukuthi ukuhlola kwembula ukuthi emishadweni engama-265 lapho umakoti ayekhulelwe, ngemva kweminyaka emihlanu imibhangqwana eyi-15 kuphela eyayisahlala ndawonye! Okunye ukuhlola kwembula ukuthi uma umuntu engenela ubulili ngaphambi kokushada, kunokwenzeka ngokuphindwe kabili kunabanye ukuba aphinge. Ngakho bafowethu nodadewethu abancane, ningakhohliswa “ngamazwi ayize” abantu abathi ukuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado kuphumela emshadweni ojabulisa kakhudlwana. (Efesu 5:6) Abanye baze bathi uyogula uma ungahlobongi ngemva kokufinyelela isikhathi sokuthomba. Lokhu kungamanga. Akukho kugula okwake kwahlanganisa odokotela nokuziphatha okuhle! Okudabukisayo, abanye abantu abaye baphilela inkanuko kunothando, baye bazisola ngalokhu ekuphileni kwabo konke!
11, 12. (a) UJehova usehlisa kanjani isijeziso sokuziphatha okubi kobulili? (b) Yini uJobe ayishoyo ngalabo ababonisa inkani ngokumelene noNkulunkulu? (c) Imuphi umbuzo manje esizowuhlola?
11 Ningalokothi nikhohlwe ukuthi “iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho [ubufebe namanyala].” (1 Thesalonika 4:6) Lokhu kuphindisela kungaba unembeza obuhlungu, isiyalo esivela kubadala bebandla, noma ukuvuna imiphumela yalokho okutshalile. Ngempela, uma siphendukile uJehova usithethelela ngomusa futhi uzisibekela ngokuphelele izono zethu. Kodwa abanye banenkani bayenqaba ukulandela imithetho kaNkulunkulu. UJobe wabuza, “Ngubani oziqinisile [onenkani] kuye [uNkulunkulu] waphumelela?” (Jobe 9:4) Akekho noyedwa! Kubuhlungu kuJehova ukubona ‘inkani’ enjalo. Kuyahlaba kwabadala abaye babona abaningi abasha bethu behlushwa ilezizinto eziphawuliwe. Lababonisi bayaqaphela ukuthi akekho umuntu ongamelana nemithetho kaNkulunkulu nezimiso futhi ahambe ‘ngokuphumelela.’ Njengoba omunye omusha ongumKristu owaphenduka ekuziphatheni okubi atshela abadala bebandla lakhe: “Ngifisa sengathi ngingatshela bonke abasha abaseQinisweni, ‘Ningakwenzi!’ UJehova angase akuthethelele amaphutha akho kodwa wena ungase ungazithetheleli. Izinkumbulo ezimbi ziyokudla. Azikhohlakali.” Abadala bahlangana noJehova ekuncengeni: “Sengathi nga ulalela imiyalo yami?”—Isaya 48:18.
12 Kodwa umKristu osemusha angayilandela kanjani imiyalo kaJehova futhi agweme izihibe eziningi nokuyenga kobuqili kokuziphatha okubi ngokobulili?
THULULA INHLIZIYO YAKHO KUBAZALI
13. Abantu abasha abanabazali abesaba uNkulunkulu bangazisebenzisa kanjani izAga 23:26, futhi kunamiphi imiphumela?
13 “Ndodana yami ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho anamele izindlela zami.” (IzAga 23:26) Lesisicelo sidinga okungaphezu nje kokulalela kwemvelo. Umuntu omusha kumelwe angafihli, athembele kubazali. Nokho, njengomusha, ungase ube nomuzwa wokuthi uYihlo noma uNyoko ongumKristu abayiqondi imizwa yakho. Enye intombazane engumKristu eyayinenkinga ngokushaya indlwabu futhi eyayidinga usizo yaba nomuzwa onjalo. Yenqena ukukhuluma nonina. Wayezosabela kanjani? Ingabe wayezoqonda? “Nokho, lapho ngikhuluma naye ngakho, walalela futhi akangidumazanga,” kusho oseve eminyakeni eyishumi. “Wangigaxa ngengalo, wangitshela ukuthi uyangithanda futhi uzongisiza ukuba nginqobe lenkinga. Sakhuluma ngayo ngomusa futhi lapho sesiqedile wangigona sathandaza ndawonye. Kusukela kulesosikhathi ngingakhuluma noma yini kuye.”
14. Intsha engamaKristu kumelwe iyibheke kanjani imithetho yabazali bayo abesaba uNkulunkulu?
14 Yebo, abasha bathola usizo oselulungisiwe ngokukhipha okusenhliziyweni kubazali babo abangamaKristu. Bayeza ukuba bathole ‘ukwenama’ ezindleleni zabazali babo abesaba uNkulunkulu futhi babheka imithetho nezimiso zabo njengo“mgexo” oyigugu kunokuba ‘iketango’ lonya elibavimbele ‘esikhathini sokuzijabulisa.’ (IzAga 1:8, 9) Ingabe uthembeke ngempela kubazali bakho? Noma unjengomunye omusha owathi: “Uma nginabazali bami ngiyilokho abafuna ukuba ngibe yikho, kodwa uma ngingenabo, ngiba yilokho engifuna ukuba yikho”? Ngokusondela eduze kubazali abesaba uNkulunkulu, ungase usizwe ukuba ugweme ubuhlungu obungadingekile. Labo abangenabo abazali abangamaKristu bangase baye kumaKristu avuthiwe—kokubili abesilisa nabesifazane—nabadala ebandleni. Funani usizo lwabo lokuzithandela.—Thithu 2:3, 4; Jakobe 5:14, 15.
YENZA UMZIMBA ISIGQILA
15. Umphostoli uPawulu uyichaza kanjani inkambo yakhe kweyo-1 Korinte 9:27, futhi omusha angenza kanjani ngendlela efanayo?
15 Umphostoli uPawulu wathi: “Kepha ngiyawutuba [‘ngiyawudovadova’c] umzimba wami, ngiwenza isigqila [hhayi ukuthi, ‘ungenza isigqila’], ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.” (1 Korinte 9:27) UPawulu wazenza ‘waqina.’ Ngakho-ke, kunokuba nivumele izifiso zenu zomzimba zinibuse, bonani kusengaphambili izimo eziyonivusa imizwa ngokobulili futhi ngokuhlakanipha nizigweme. Ngokwesibonelo, uyazi ukuthi kuyokwenzekani ezifisweni zomzimba wakho uma ufunda izincwadi futhi ubuka izinhlelo zeTV namabhayisikobho aphakamisa ubulili. Ngakho-ke, kugweme njengesifo esibhubhisayo! Ukuphola (lapho kuvumeleke khona) uma ungakakulungeli ukushada, izinhlobo ezithile zokudansa, amadili angenakho ukuqondiswa okuhle nalapho imibhangqwana ingase ibe ngayodwa, konke lokho kuvusa ‘inkanuko.’ Ngakho kugwemeni futhi “bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, ukungcola nokuhuheka.”—Kolose 3:5.
16. Iziphi izixwayiso zokulondeka umbhangqwana ongamaKristu okumelwe uzithathe lapho uphola futhi ulungiselela ukushada?
16 Ikakhulukazi uma umbhangqwana uphola futhi ulungiselela ukushada udinga ukuqaphela izimo zawo. Ukuba nodwa emotweni, ekamelweni (mhlawumbe kumuntu ohlala yedwa kude nekhaya), noma ezindaweni ezingenamuntu ngaphandle kungase kwenze imibhangqwana yeqise ekwazaneni. Omunye oneminyaka eyi-17 ubudala wathi ngomusa: “Noma ubani angase athi, ‘siyazi uma sekumelwe sime.’ Iqiniso, umuntu angase azi ukuthi kunini, kodwa bangaki abangakwenza? Kungcono ukusigwema isimo. Yibani nabanye kuleyondawo.” Yebo, umbheki angase aninikeze amandla engeziwe okubusa ngokuphelele izifiso ezingokobulili emizimbeni yenu lapho nindawonye. Futhi “bekani imigoqo” yokuthi amazwi enu okuthophana afinyelela kuphi. Ninamathele kuyo.
17. Ingabe kubalulekile ukuqaphela ubudlelwano bethu? Ngani?
17 Uma umzimba ushisekela ukuba phakathi kwalabo abaziphatha ngokuxekethile, ‘wubalekise’ kwabanjalo. “Dedisela kude naye [owesifazane oziphatha kabi] indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,” kuyala iBhayibheli. (IzAga 5:8) Iqiniso, uma besesikoleni, abantu abasha bacwile phakathi kwabantu abaningi abaziphatha kabi. Kodwa ingabe niyadlelana nabo? Enye intombazane eneminyaka eyi-18 ubudala yavumelana nokushiwo abaningi lapho ithi: “Ubudlelwano bakho nabo bunethonya elikhulu ekuziphatheni kwakho okuhle. Ngemva kokulalela izingxoxo zabo zobulili ulangazelela ukwazi. Uyamangala ukuthi ingabe ubulili bufana nani. Ingabe buhle njengoba besho? Ngiyakwazi lokho ukuthi kuyiqiniso ngoba nami nginomntwana ngenxa yokwenza lokho.”—IzAga 13:20.
18. Uma ehlekwa usulu ngoba emsulwa, imiphi imibuzo umKristu osemusha okumelwe acabange ngayo?
18 ImiBhalo ibonisa ukuthi abanye abantu abaziphatha kabi babeyongena ngokunyelela ebandleni lobuKristu. Ngakho-ke, qaphelani. Uma kukhona abathile okholwa ukuthi bayiloluhlobo, tshela abadala ukuze bathole usizo olungokomBhalo. Kanjalo uyobe ubabonisa uthando oluqotho mhlawumbe futhi uvikela abanye ebandleni. Kuyiqiniso, abanye abantu bezwe abaziphatha kabi bangase bakuhleke usulu ngenxa yokuma kwakho okuhle. Kodwa, ake ucabange: Ingabe kumelwe uvumele abantu abayi“zigqila zokubhubha”—yebo, izigqila zezinkanuko zabo siqu—bakwenze ube nomuzwa wokukhungatheka? (2 Petru 2:19) Ubani onamandla amakhulu—owesifazane (noma owesilisa) oziphatha kabi, ondindayo ‘olandela izithandwa zakhe,’ noma intombi emsulwa engathi ngamandla ayo okuziphatha okuhle, “Ngilugange”? (IsiHlabelelo 8:10, qhathanisa noHoseya 2:7.) Ubani kini othambekele kakhulu ukulahla ukuzihlonipha futhi ‘anike abanye udumo lwakhe’?—IzAga 5:9; Juda 4, 8-13.
19. (a) Obani ‘abenza umzimba isigqila’—umbhangqwana ochazwe esiHlabelelweni Sezihlabelelo noma uAmnoni? (b) Yaba yini imiphumela?
19 Ngokubamba umzimba wakho, uwubuse, uyokwazi ukubheka emuva ngaphandle kokuzisola. Cabanga ngenjabulo yentombi yomShulamiti nesithandwa sayo esingumalusi lapho ekugcineni behlanganiswa emshadweni. Ngosizo lwabanye, nangemizamo yabo siqu, basinqoba isifiso somzimba wabo futhi bahlala bemsulwa. Nakuba babekhuluma amazwi okuthophana, abazange baziphathe kabi ngaphambi kokushada, kanjalo benciphisa injabulo ababeyoyithola ngemva kokuzifanelanisa emshadweni. Yeka ukuthi kwehluke kanjani kuAmnoni owayenenkanuko ongazange alinde futhi owenziwa umzimba ‘isigqila’ sokuziphatha okubi!—IsiHlabelelo 2:16; 4:16; 5:1; 2 Samuweli 13:1, 2, 10-16.
YAKHA UBUHLOBO BAKHO NONKULUNKULU
20. (a) Yini engenzeka uma umuntu engenabo ubuhlobo bakhe siqu noNkulunkulu? (b) Yini eyayintulwa abantu ababeziphethe kabi abachazwe uPawulu kwabaseRoma isahluko sokuqala?
20 “Angizange ngakhe ubuhlobo bami siqu noJehova,” kuvuma owesifazane oneminyaka engama-22 ubudala owakhuliswa ekhaya lobuKristu kusukela ebuntwaneni. “UNkulunkulu wayengeyena umuntu ongokoqobo kimi. Ngiyabona kungakho ngingakhathazekanga neze lapho ngiziphatha kabi.” Isimo sayo sifana nesabantu abaziphatha kabi abachazwa uPawulu. Laba ba“bemazi uNkulunkulu”; “besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu,” kodwa bentula ‘ulwazi oluqondile.’d (Roma 1:21, 28, 32) Lolu“lwazi lokwazana okujulile futhi okukhulu,”e ulwazi lomuntu siqu, okwakumelwe ukuba luthuthukiswe, lwaluntuleka. Ingabe, njengomuntu omncane, unalo ‘lolulwazi oluqondile,’ lomuntu siqu? Udinga ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokwakho siqu futhi njalo ukuze wazise izimfanelo zikaNkulunkulu. Khumbula indlela ‘ulwazi oluqondile’ olwaqinisa ngayo amaKristu okuqala. (Bheka ikhasi le-5.) Kodwa udinga okungaphezulu kunokufunda incwadi.
21, 22. Yini eyokwakha ubuhlobo bomuntu siqu, obuqinile noNkulunkulu?
21 Imithandazo eqotho yakha ukuba seduze noNkulunkulu. Enye intombazane engumKristu, eyahileleka ekuziphatheni okubi kodwa kamuva yaphunyula, yathi:
“Indlela okuyiyona kuphela yokulondoloza lobo buhlobo bomuntu siqu iwumthandazo, hhayi lena ephindwaphindwayo kodwa esuka enhliziyweni. Uma ngitshela uJehova lokho enginomuzwa wakho ngaphakathi futhi nginalokhu kuxhumana okuqhubekayo, ngiyaqaphela ukuthi unguMuntu ongokoqobo futhi onesithakazelo ekuphileni kwami. Ubuhlobo bami naye buyinto ebaluleke kunazo zonke emhlabeni.”
22 Ingabe imithandazo yakho inamandla? Ingabe wenza ngokuvumelana nayo? Futhi, ngokuba ‘isisebenzi kanye noNkulunkulu,’ uhileleka emsebenzini wokushumayela, izithakazelo nezinjongo zakho ziyoba njengezikaNkulunkulu. Lokho ngempela kuyokwakha ukuba seduze noJehova. Khumbula, uwe kuphela ongase wakhe lobobuhlobo bakho siqu noNkulunkulu.—1 Korinte 3:9.
23. (a) Ingabe ukulwa nokuziphatha okubi kuyoqhubeka phakade? (b) Kungani kumelwe sifise ukwenza noma imuphi umzamo wokujabulisa uJehova?
23 Kuyiqiniso ukucindezela kukwabasha namuhla. Ukuba othembekile kuyimpi yansuku zonke. Nokho, uma nje usudlule ‘esikhathini sokukhula,’ impi ingase ibe lula kakhulu. Futhi, impi ayinakuqhubeka phakade. Ngokushesha uSathane, umbangeli oyinhloko waleligagasi lokuziphatha okubi, uzobhujiswa. Ohlelweni olusha lukaNkulunkulu oluseduze, kuyoba khona isimo sokulunga esiyokwenza inkambo yethu ibe lula kakhulu. Cabanga ngezibusiso zalolohlelo olusha. Ngokuqinisekile uyavumelana nokwashiwo omunye wesifazane osemusha, owathi: “Ngicabanga ngazo zonke izinto uJehova angenzela zona nangethembise zona. Akazange angilahle. Uye wangibusisa ngezindlela eziningi. Ngiyazi ungifisela okuhle kodwa, futhi ngifuna ukumthokozisa. Ukuphila okuphakade kuwufanele noma imuphi umzamo owenzelwa uJehova.”—Roma 16:20; 2 Petru 3:13.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esisekhasini le-3 esinezibalo ezithusayo.
b Ukuthintana okungumkhuba izitho zomzimba zokwazana okuvusa inkanuko kuye kwachazwa, izazi ezithile, njengokunye kwezimbangela eziyinhloko zokwephulwa kwezithembiso zomshado. Ukuhlola kubonisa ukuthi cishe esisodwa kulezo nalezo zithembiso zomshado ezintathu asigcini ngomshado.
c The Expositor’s Greek Testament.
d Rom 1 Evesini lama-21 uPawulu usebenzisa igama lesiGreki ugnoʹsis, kanti Rom 1 evesini lama-28 usebenzisa elithi e·piʹgno·sis, eliyigama elinesimo esishubile. Libonisa ulwazi olujule kakhudlwana noloqobo ngempela.
e Isazi esingumGreki uDr. Richard C. Trench kuSynonyms of the New Testament.
Ekubukezeni, uyakwazi ukuphendula lemibuzo?
◼ Iyini intando kaNkulunkulu ngamaKristu ngokuqondene nokuziphatha okuhle kobulili?
◼ Kungani “amanyala” obulili eyingozi emibhangqwaneni engashadile?
◼ Intsha engamaKristu kumelwe ilubheke kanjani usizo olusekelwe eBhayibhelini olunikezwa abazali bayo abesaba uNkulunkulu?
◼ Umbhangqwana ongamaKristu kumelwe uthathe ziphi izixwayiso zokulondeka uma ulungiselela ukushada?
◼ Ubuhlobo bomuntu siqu obuqinile noJehova uNkulunkunlu bungakhiwa kanjani?
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuziphatha okubi kuyalimaza ngenxa kanembeza owonakalisiwe nokulahlekelwa isithunzi
UKUZIPHATHA OKUBI
UKULAHLEKELWA UKUHLONIPHEKA
[Isithombe ekhasini 13]
Ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu, obakhiwa ngomthandazo, bunjengesivikelo