Ukuphishekela Injongo KaNkulunkulu Namuhla
“[UKristu] wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona.” —2 KORINTE 5:15.
1. Landisa okuhlangenwe nakho esinye isithunywa sevangeli esaba nakho esabelweni saso.
“IMOTO yethu yaba eyokuqala kwezingezona ezamasosha ukungena emzaneni wase-Afrika ocezile ngemva kokuphela kwempi yombango,” kukhumbula isithunywa sevangeli okuthiwa u-Aaron.a “Yayinqamukile indlela yokuxhumana nebandla elincane elalilapho, futhi kwakudingeka siyosiza abafowethu ngezinto ababezidinga. Ngaphezu kokudla, izembatho nezincwadi zeBhayibheli, sabaphathela ne-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.b Kwathutheleka abantu abaningi abathakazelayo bezoyibuka ‘ebhayisikobho’ yendawo—indlu enkulu yotshani eyayinomshini we-video ne-TV—kangangokuthi kwadingeka siyibonise kabili. Ngazo zombili izikhathi kwaba nabaningi abacela izifundo zeBhayibheli. Kusobala ukuthi imizamo yethu ayibanga ize.”
2. (a) Kungani amaKristu enquma ukusebenzisa ukuphila kwawo enkonzweni kaNkulunkulu? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo manje?
2 Kungani u-Aaron nabangane bakhe bazikhandla ngale ndlela? Ngenxa yokuthi baye banikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu futhi bafuna ukukusebenzisa ngokuvumelana nenjongo yakhe, bebonisa ukubonga kwabo ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Njengabo, wonke amaKristu azinikezele aye anquma ‘ukungasaziphileli wona,’ kodwa ukwenza konke okusemandleni awo “ngenxa yezindaba ezinhle.” (2 Korinte 5:15; 1 Korinte 9:23) Ayazi ukuthi lapho isikhathi salesi simiso sezinto siphela, yonke imali nodumo ongakucabanga ngeke kube nanzuzo. Ngakho, uma nje esaphila nempilo iwavumela, afuna ukuphila ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu. (UmShumayeli 12:1) Singakwenza kanjani lokhu? Singasitholaphi isibindi namandla adingekayo okwenza kanjalo? Futhi imiphi imikhakha yenkonzo esivulekele?
Ukuthatha Izinyathelo Ezingokoqobo Eziqhubekayo
3. Iziphi izinyathelo eziyisisekelo ezihilelekile ekwenzeni intando kaNkulunkulu?
3 KumaKristu eqiniso, ukwenza intando kaNkulunkulu kuyinto yokuphila konke. Ngokuvamile kuqala ngezinyathelo eziyisisekelo ezinjengokubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokuthuthukela obhapathizweni. Njengoba sithuthuka, sicabanga ngamazwi omphostoli uPawulu: “Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thimothewu 4:15) Intuthuko enjalo asiyenzeli ukuzidumisa kodwa iyisibonakaliso sokuzimisela kwethu ukwenza intando kaNkulunkulu ngokungenabugovu. Ukuqala leyo nkambo kubonisa ukuthi sivumela uNkulunkulu ukuba aqondise izinyathelo zethu kuzo zonke izici zokuphila futhi uziqondisa kangcono kakhulu kunathi.—IHubo 32:8.
4. Singakunqoba kanjani ukwesaba okungadingekile?
4 Nokho, ukungabaza noma ukukhathazeka kakhulu ngathi ngokwethu kungasithiya ekwenzeni intuthuko enkonzweni yethu kuNkulunkulu. (UmShumayeli 11:4) Ngakho, ngaphambi kokuba sithole injabulo yangempela ngokukhonza uNkulunkulu nabanye, kungase kudingeke ukuba siqale sinqobe ukwesaba esinakho. Ngokwesibonelo, u-Erik wayecabanga ukuyokhonza nebandla lolunye ulimi. Kodwa wayekhathazekile: ‘Ngiyokwamukeleka yini? Ingabe ngiyobathanda abazalwane? Bayongithanda yini bona?’ Uyalandisa: “Ekugcineni ngabona ukuthi kwakudingeka ngikhathazeke kakhulu ngabazalwane kunokukhathazeka ngami. Nganquma ukuvele ngizinikele ngokungenabugovu nganoma iyiphi indlela ngiyeke ukukhathazeka. Ngathandazela usizo futhi ngaqhubeka nezinhlelo zami. Manje ngiyijabulela kakhulu inkonzo yami lapho.” (Roma 4:20) Yebo, siyothola injabulo nokwaneliseka, kuye ngezinga esikhonza ngalo uNkulunkulu nabanye ngokungenabugovu.
5. Kungani kudingeka sihlele kahle lapho siphishekela injongo kaNkulunkulu? Bonisa.
5 Ukuze siphishekele injongo kaNkulunkulu ngokuphumelelayo kudingeka nokuba sizihlele kahle izinto zethu. Ngokuhlakanipha siyagwema ukwenza izikweletu ezinkulu ezingasenza izigqila zalesi simiso futhi zinciphise inkululeko yethu emsebenzini kaNkulunkulu. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Obolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo.” (IzAga 22:7) Ukuthembela kuJehova nokubeka izinto ezingokomoya kuqala kusisiza ukuba sigxile ezintweni ezibalulekile. Ngokwesibonelo, uGuoming nodadewabo ababili bahlala nonina endaweni enezindlu ezibizayo futhi kunzima ukuthola umsebenzi ongelona itoho. Ngokuyisebenzisa kahle imali nangokuhlanganyela izindleko, bayakwazi ukuthola izinto abazidingayo ngisho nalapho kungebona bonke abasebenzayo. UGuoming uthi: “Ngezinye izikhathi, kuba khona abangasebenzi. Noma kunjalo, siyakwazi ukuqhubeka nenkonzo yokuphayona futhi simnakekele kahle umama. Siyajabula ngokuthi umama akafuni siyeke ukuphishekela imigomo engokomoya ukuze simenze anethezeke.”—2 Korinte 12:14; Hebheru 13:5.
6. Isiphi isibonelo esibonisa indlela esingenza ngayo ukuphila kwethu kuvumelane nenjongo kaNkulunkulu?
6 Uma ungené shi eminakweni yezwe—ngokwezimali nangezinye izindlela—kungase kudingeke wenze izinguquko ezinkulu ukuze ubeke injongo kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakho. Ngokuvamile lezo zinguquko azinakwenziwa ngokuphazima kweso, futhi uma kuba namaphutha lapho usaqala ungaphethi ngokuthi kumelwe ushiye phansi. Cabanga ngoKoichi, owayenenkinga yokuchitha isikhathi esiningi ngokweqile ekuzilibaziseni. Wayeke wafunda iBhayibheli ngesikhathi eseyibhungu, kodwa kwase kuyiminyaka eminingi imidlalo yama-video ibusa ukuphila kwakhe. Ngolunye usuku wacabanga: ‘Ngenzani ngokuphila kwami? Sengineminyaka engaphezu kwengu-30 ubudala, futhi angenzi lutho olunengqondo!’ UKoichi wavuselela isifundo sakhe seBhayibheli futhi wamukela usizo lwebandla. Nakuba kwathatha isikhathi ukuba enze izinguquko, akazange adikile. Ngokuthandaza kaningi nangokusekelwa abanye ngothando, wagcina egqashulile emkhutsheni owawumbambile. (Luka 11:9) Manje uKoichi ukhonza njengenceku ekhonzayo ejabulayo.
Funda Ukulinganisela
7. Kungani kudingeka silinganisele lapho senza umsebenzi kaNkulunkulu?
7 Ukuphishekela injongo kaNkulunkulu kuwufanele umzamo wethu womphefumulo wonke. Akufanele nanini sizonge noma sikuvilaphele ukukwenza. (Hebheru 6:11, 12) Noma kunjalo, uJehova akafuni sizikhandle ngokweqile—ngokomzimba, ngokwengqondo noma ngokomzwelo. Ukuvuma ngokuthobeka ukuthi asinakukwazi ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu ngamandla ethu kuyamkhazimulisa futhi kubonisa nokuthi singabantu abalinganiselayo. (1 Petru 4:11) UJehova uthembisa ukusinika amandla esiwadingayo ukuze senze intando yakhe, kodwa akumelwe sizikhandle ngokweqile, sizame ukwenza izinto angazilindele kithi. (2 Korinte 4:7) Ukuze siqhubeke sikhonza uNkulunkulu singakhathali, kudingeka siwasebenzise kahle amandla ethu.
8. Yini eyenzeka lapho omunye umKristu osemusha ezama ukwenza okusemandleni enkonzweni kaJehova nasezweni, futhi ikuphi ukulungisa akwenza?
8 Ngokwesibonelo, uJi Hye ohlala eMpumalanga Asia, wayeseneminyaka emibili esebenza emsebenzini odinga isikhathi esiningi kuyilapho ephayona. Uyalandisa: “Ngazama ukwenza okusemandleni ami enkonzweni kaJehova nasezweni, kodwa ngangilala amahora amahlanu kuphela ebusuku. Ekugcineni, ingqondo yami yayingasenamandla ezinto ezingokomoya, futhi yayisincane injabulo engangiyithola ezintweni ezingokomoya.” Ukuze akhonze uJehova ngayo ‘yonke inhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla’ akhe, uJi Hye wafuna umsebenzi owawungafuni isikhathi esiningi. (Marku 12:30) Uthi: “Naphezu kokucindezelwa abasekhaya ukuba ngigaye imali, ngalwela ukubeka injongo kaNkulunkulu kuqala ekuphileni. Imali engiyiholayo isakwazi ukwanelisa izidingo zami eziyisisekelo, njengezingubo ezihloniphekayo. Futhi kumnandi ukulala amahora athé xaxa! Ngithola injabulo enkonzweni yami futhi manje sengiqine ngokwengeziwe ngokomoya. Lokhu kungenxa yokuthi angisachayekile kangako ezintweni zaleli zwe ezikhangayo neziphazamisayo.”—UmShumayeli 4:6; Mathewu 6:24, 28-30.
9. Imizamo yethu ingase ibathinte kanjani abantu ensimini?
9 Akuyena wonke umuntu ongakhonza uNkulunkulu njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Uma ubhekene nezinkinga zokuguga, impilo ebuthaka, noma okunye ukulinganiselwa, khumbula ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu ukwethembeka kwakho nanoma iyiphi inkonzo yomphefumulo wonke okwazi ukuyenza. (Luka 21:2, 3) Ngakho-ke, akekho kithi okufanele abukele phansi ithonya imizamo yethu, ngisho noma imincane, engaba nalo kwabanye. Ngokwesibonelo, ake sithi siye sangena emizini embalwa futhi sangathola muntu obonakale enesithakazelo esigijimini sethu. Ngemva kokuba sihambile, abaninikhaya bangasale bexoxa ngathi amahora noma izinsuku eziningi, ngisho nalapho kungabanga namuntu osamukele! Asilindele ukuthi wonke umuntu ozwa izindaba ezinhle uyosabela kahle, kodwa abathile bayosabela. (Mathewu 13:19-23) Abanye bangase basabele kamuva lapho izimo zezwe noma ukuphila kwabo kushintsha. Kunoma yikuphi, senza umsebenzi kaNkulunkulu uma senza konke okusemandleni enkonzweni yasobala. “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.”—1 Korinte 3:9.
10. Imaphi amathuba avulekele bonke ebandleni?
10 Ngaphezu kwalokho, sonke singasiza amalungu emikhaya nabafowethu nodadewethu abangokomoya. (Galathiya 6:10) Ithonya lethu elihle kwabanye lingaba namandla futhi lihlale isikhathi eside. (UmShumayeli 11:1, 6) Lapho abadala nezinceku ezikhonzayo beyenza ngenkuthalo imisebenzi yabo, baba nengxenye ekwenzeni ibandla libe eliphilayo nelizinzile ngokomoya, bese lenza okwengeziwe emsebenzini wobuKristu. Siyaqinisekiswa ukuthi lapho ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi,’ umshikashika wethu “awulona ize.”—1 Korinte 15:58.
Ukuphishekela Injongo KaNkulunkulu Ukuphila Konke
11. Ngaphandle kokusebenza nebandla esikulo, yimaphi amanye amathuba angase asivulekele?
11 NjengamaKristu, siyakujabulela ukuphila, futhi sifisa ukukhazimulisa uNkulunkulu kukho konke esikwenzayo. (1 Korinte 10:31) Lapho sizikhandla ngokwethembeka ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso nasekufundiseni abanye ukuba bagcine zonke izinto uJesu ayala ngazo, siyovulekelwa imikhakha eminingi yenkonzo evuzayo. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngaphandle nje kokusebenza nebandla esikulo, singase sibe namathuba okuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona, kungaba kwenye insimu, ibandla lolunye ulimi noma izwe. Abazalwane abafanelekayo abangabadala nezinceku ezikhonzayo abangakashadi bangase bamenyelwe eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, kamuva bakhonze emabandleni adinga usizo lwamaKristu avuthiwe, emazweni akubo noma kwamanye. Imibhangqwana eshadile esenkonzweni yesikhathi esigcwele ingase ifanelekele ukuqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli eGileyadi bese ikhonza ezabelweni zakwamanye amazwe. Kuhlale kunesidingo sezisebenzi zokuzithandela ezizokwenza imisebenzi ehlukahlukene eBethel, ekwakheni nasekulungiseni izindawo zokukhulekela namahhovisi egatsha.
12, 13. (a) Unganquma kanjani ukuthi yimiphi imikhakha yenkonzo ongayiphishekela? (b) Bonisa indlela ulwazi oluzuzwe kwesinye isabelo olungaba ngayo usizo kwezinye.
12 Imiphi imikhakha yenkonzo okufanele uyiphishekele? Njengenceku kaJehova ezinikezele, funa njalo isiqondiso sakhe nesenhlangano yakhe. ‘Umoya wakhe omuhle’ uyokusiza ukuba wenze isinqumo esifanele. (Nehemiya 9:20) Ngokuvamile, esinye isabelo siholela kwesinye, futhi okuhlangenwe nakho namakhono owafunda ohlotsheni oluthile lwenkonzo kungase kube usizo nakwesinye isabelo.
13 Ngokwesibonelo, uDennis nomkakhe uJenny bawusekela njalo umsebenzi wokwakha amaHholo OMbuso. Ngemva kokugadla kweSiphepho uKatrina eningizimu ye-United States, bazinikela ngokuzithandela emsebenzini wokusiza. UDennis uyabika: “Siye sathola injabulo enkulu lapho sisebenzisa amakhono esawafunda emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso ukuze sisize abafowethu. Ukwazisa okwaboniswa yilabo esiye sabasiza kuthinta inhliziyo ngempela. Iningi lamanye amaqembu asizayo alizange liphumelele kangako kulo msebenzi wokwakha kabusha. OFakazi BakaJehova sebelungise noma bakha imizi engaphezu kuka-5 300 namaHholo OMbuso amaningi. Abantu bayakubona lokhu futhi manje babonisa isithakazelo ngokwengeziwe esigijimini sethu.”
14. Yini ongayenza uma ufisa ukuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele?
14 Ungakwazi yini ukuphishekela injongo kaNkulunkulu ngokukhetha ukwenza inkonzo yesikhathi esigcwele ukuphila kwakho konke? Uma kunjalo, nakanjani uyothola izibusiso eziningi. Uma izimo zakho zamanje zingakuvumeli, mhlawumbe ungase wenze ushintsho oluthile. Thandaza njengoba kwenza uNehemiya lapho efisa ukuqala umsebenzi obalulekile: “Awu, Jehova, ngiyacela, . . . siza unike inceku yakho . . . impumelelo.” (Nehemiya 1:11) Uthembelé ‘kuMuzwi womthandazo,’ yibe sewenza ngokuvumelana nesicelo sakho. (IHubo 65:2) Ukuze uJehova abusise imizamo yakho eyengeziwe yokumkhonza ngokugcwele, kudingeka wenze leyo mizamo kuqala. Uma usunqume ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, namathela esinqumweni sakho. Njengoba isikhathi sihamba, ulwazi lwakho luyokhula nenjabulo yakho yande.
Ukuphila Okuzuzisa Ngempela
15. (a) Sizuza kanjani ngokuxoxa nangokufunda ngezinceku zikaNkulunkulu ezingomakad’ ebona? (b) Landisa indaba yokuphila eye yakukhuthaza ngokukhethekile.
15 Imiphi imiphumela ongayilindela ngokuphishekela injongo kaNkulunkulu? Khuluma nezinceku zikaJehova ezingomakad’ ebona, ikakhulukazi lezo esezineminyaka eminingi zisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Yeka ukuthi ziye zajabulela ukuphila okucebile nokunenjongo kanjani! (IzAga 10:22) Zizokutshela ukuthi uJehova akakaze ahluleke ukuzisiza ngisho nasezimweni ezinzima ukuba zithole lokho ezikudinga ngempela nokunye okwengeziwe. (Filipi 4:11-13) INqabayokulinda yesiNgisi ka-1955 kuya ku-1961, yayiba nochungechunge oluthi “Ukuphishekela Injongo Yami Ekuphileni” olwalukhuluma ngezindaba zokuphila zezinceku ezithembekile. Kuye kwanyatheliswa ezinye izindaba zokuphila eziningi kusukela ngaleso sikhathi. Indaba ngayinye ibonisa umoya wentshiseko nenjabulo osikhumbuza lowo osencwadini yeBhayibheli yezEnzo. Ukufunda ngokulandisa okunjalo okukhuthazayo kuyokushukumisela ukuba uthi, ‘Ngifuna lolu hlobo lokuphila!’
16. Yini eyenza ukuphila komKristu kube nenjongo futhi kujabulise?
16 U-Aaron, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyakhumbula: “E-Afrika, ngangivame ukubona abantu abasha ezweni lonke behla benyuka befunana nenjongo ekuphileni. Eningi ayizange iyithole. Kodwa thina sasiphishekela injongo kaNkulunkulu ngokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso, futhi saba nokuphila okuthakazelisayo nokunenjongo. Sizibonele ngokwethu ukuthi kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
17. Kungani kumelwe siphishekele injongo kaNkulunkulu kwamanje?
17 Kuthiwani ngawe? Iyiphi injongo oyiphishekelayo? Uma ungenawo umgomo ongokomoya ocacile, ezinye izinto zizongena masinyane zidle isikhathi sakho. Ungakuchithelani nje ukuphila kwakho okuyigugu ezweni lamaphupho lesimiso sikaSathane? Maduze, lapho kugadla “usizi olukhulu,” ingcebo nezikhundla zezwe kuyoba yize. Okuyodingeka ngaleso sikhathi wubuhlobo bethu noJehova. Yeka indlela esiyobonga ngayo ngokuthi siye sakhonza uNkulunkulu nabanye nangokuthi siye sayiphishekela ngokugcwele injongo kaNkulunkulu ekuphileni kwethu!—Mathewu 24:21; IsAmbulo 7:14, 15.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
Ungachaza?
• UJehova uzizwa kanjani ngenkonzo yethu kuye?
• Ukuthatha izinyathelo ezingokoqobo nokulinganisela kusisiza kanjani ekukhonzeni uNkulunkulu nabanye?
• Imaphi amathuba enkonzo asivulekele?
• Singaba kanjani nokuphila okunenjongo ngempela kwamanje?
[Izithombe ekhasini 23]
Kudingeka silinganisele ukuze siqhubeke sikhonza uJehova ngomphefumulo wonke
[Izithombe ekhasini 24]
Inkonzo engcwele inemikhakha eminingi