5 UNkulunkulu Wamukela Konke Ukukhulekela Okuqotho—Ingabe Lokho Kuyiqiniso?
Okungenzeka ukuthi wake wakuzwa: “Njengoba kunezindlela nemigwaqo eminingi eya endaweni eyodwa, ngokufanayo kunezindlela eziningi eziholela kuNkulunkulu. Umuntu ngamunye kumelwe azitholele eyakhe indlela eya kuNkulunkulu.”
Okufundiswa iBhayibheli: Kumelwe sibe qotho ekukhulekeleni kwethu, sigweme ukuzenzisa. UJesu watshela abaholi benkolo bangosuku lwakhe ukuthi kungani uNkulunkulu ayebalahlile: “U-Isaya waprofetha ngokufanele ngani bazenzisi, njengoba kulotshiwe ukuthi, ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa izinhliziyo zaso zikude nami.’” (Marku 7:6) Nokho, ukuba qotho kukodwa akuqinisekisi ukuthi uNkulunkulu uzokwamukela ukukhulekela kwethu.
UJesu wakwenza kwacaca lokhu ngokudalula iphutha elikhulu ekukhulekeleni kwalabo baholi benkolo nabalandeli babo. Wathi asebenza kubo la mazwi kaNkulunkulu: “Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.” (Marku 7:7) Ukukhulekela kwabo ‘kwakuyize,’ noma kungathí shu, ngoba babebeka amasiko angokwenkolo ngaphambi kwalokho okwakufunwa uNkulunkulu.
Kunokuba lisekele umbono wokuthi kunezindlela eziningi ezamukelekayo zokusondela kuNkulunkulu, iBhayibheli lifundisa ukuthi kunendlela eyodwa kuphela. UMathewu 7:13, 14 uthi: “Ngenani ngesango elincane; ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.”
Indlela ukwazi iqiniso okukusiza ngayo: Cabanga ukuthi ubuyozizwa kanjani uma wawuziqeqeshe izinyanga eziningi ukuze ungenele umncintiswano wabasubathi, futhi udle umhlanganiso, kodwa wephucwe indondo ngenxa yokwephula omunye wemithetho ungazi. Ubuyobona ukuthi umzamo wakho ube yize. Ingabe kungenzeka okufanayo ngokukhulekela kwethu uNkulunkulu?
Eqhathanisa ukukhulekela kwethu nomncintiswano wabasubathi, umphostoli uPawulu wabhala: “Uma umuntu esemncintiswaneni ngisho nasemidlalweni, akathweswa umqhele ngaphandle kokuba encintisene ngokuvumelana nemithetho.” (2 Thimothewu 2:5) UNkulunkulu usamukela uma simkhulekela “ngokuvumelana nemithetho,” okusho ukuthi ngendlela eyamukelwa nguye. Ngeke sazikhethela thina indlela yokukhonza uNkulunkulu, njengoba nje nomsubathi engeke agijime nomaphi lapho ethanda khona abese elindela ukuba kuthiwe unqobile.
Ukuze sijabulise uNkulunkulu, ukukhulekela kwethu akufanele kungcoliswe amanga avame ukushiwo ngaye. UJesu wathi: ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23) IZwi lakhe, iBhayibheli, lisifundisa indlela efanele yokumkhulekela.—Johane 17:17.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokukhulekela okwamukelwa uNkulunkulu, bheka isahluko 15 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
Ingabe zonke izinkolo zifundisa abantu ukuba bakhulekele uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo?