ISAHLUKO 5
Ababonisi Abelusa Umhlambi
PHAKATHI nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wazibonisa ukuthi ‘ungumalusi omuhle.’ (Joh. 10:11) Lapho ebona izixuku ezazimlandela ngomdlandla, “wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Math. 9:36) UPetru nabanye abaphostoli bakuphawula ukukhathalela kwakhe kothando. Yeka indlela uJesu ayehluke ngayo kubelusi bamanga bakwa-Israyeli ababengawunaki umhlambi kangangokuthi izimvu zahlakazeka futhi zabulawa indlala ngokomoya! (Hez. 34:7, 8) Isibonelo esihle sikaJesu sokufundisa nokunakekela izimvu kwaze kwaba sezingeni lokudela ukuphila kwakhe imbala ngenxa yazo, safundisa abaphostoli indlela yokusiza abanokholo ukuba babuyele kuJehova, ‘umalusi nombonisi wemiphefumulo yabo.’—1 Pet. 2:25.
2 Ngesinye isikhathi lapho uJesu ekhuluma noPetru, wagcizelela ukubaluleka kokondla nokwalusa izimvu. (Joh. 21:15-17) Akungabazeki ukuthi kwamthinta ngokujulile lokhu uPetru futhi kamuva wayala abadala bebandla lokuqala lamaKristu: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.” (1 Pet. 5:1-3) Amazwi kaPetru ayasebenza nakubabonisi ebandleni namuhla. Belingisa uJesu, abadala bakhonza ngokuzithandela nangentshiseko njengezibonelo emhlambini, bahole enkonzweni kaJehova.—Heb. 13:7.
Belingisa uJesu, abadala bakhonza ngokuzithandela nangentshiseko njengezibonelo emhlambini, bahole enkonzweni kaJehova
3 Siyabonga ngokuba nababonisi abamiswe ngomoya ebandleni. Ziningi izinzuzo esizithola ngokusinakekela kwabo. Ngokwesibonelo, ababonisi bakhuthaza bonke abasebandleni futhi banake izidingo zabo. Isonto ngalinye bengamela ngenkuthalo emihlanganweni yebandla, lapho kondliwa khona bonke abasokholweni. (Roma 12:8) Imizamo yabo yokuvikela umhlambi ezintweni eziyingozi, njengabantu ababi, yenza silondeke. (Isaya 32:2; Thithu 1:9-11) Ukuhola kwabo enkonzweni yasensimini kusikhuthaza ukuba siqhubeke sishiseka ekushumayeleni izindaba ezinhle njalo inyanga ngayinye. (Heb. 13:15-17) Ngalezi “zipho ezingabantu,” uJehova wenze ilungiselelo lokuba kwakhiwe ibandla.—Efe. 4:8, 11, 12.
IZIMFANELO ZABABONISI
4 Ukuze kuqinisekiswe ukuthi ibandla linakekelwa ngendlela efanele, amadoda amiselwe ukukhonza njengababonisi kumelwe ahlangabezane nezimfuneko eziseZwini likaNkulunkulu. Kungathiwa amiswe umoya ongcwele kuphela uma efaneleka. (IzE. 20:28) Kuyavunywa, izindinganiso ezisemiBhalweni zababonisi abangamaKristu ziphakeme ngoba ukuba umbonisi kuwumthwalo wemfanelo obaluleke kakhulu. Kodwa aziphakeme kangangokuthi azinakufinyelelwa amadoda angamaKristu amthanda ngempela uJehova nazimisele ukusetshenziswa nguye. Kufanele kube sobala kubo bonke ukuthi ababonisi bangabantu abasebenzisa iseluleko seBhayibheli ekuphileni kwemihla ngemihla.
Ukuze kuqinisekwe ukuthi ibandla linakekelwa ngendlela efanele, amadoda amiselwe ukukhonza njengababonisi kumelwe ahlangabezane nezimfuneko eziseZwini likaNkulunkulu
5 Encwadini yokuqala ayibhalela uThimothewu nasencwadini ayibhalela uThithu, umphostoli uPawulu wabalula izimfuneko zababonisi eziyisisekelo ezingokomBhalo. Kweyoku-1 Thimothewu 3:1-7 siyafunda: “Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle. Ngakho-ke umbonisi kufanele abe ongasoleki, indoda emfazi munye, elinganiselayo, ehluzekile engqondweni, ehlelekile, engenisa izihambi, enekhono lokufundisa, engeyena umxokozeli odakwayo, engashayi, kodwa ecabangelayo, engesona isilwi, engeyena umthandi wemali, indoda eyengamela umkhaya wayo ngendlela enhle, enabantwana abazithoba ngobuqotho ngokuphelele; (ngempela uma umuntu engakwazi ukwengamela indlu yakhe siqu, angalinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?) kungabi umuntu osanda kuguquka, funa akhukhumale awele esahlulelweni esikhishelwe uDeveli. Ngaphezu kwalokho, kufanele futhi afakazelwe kahle abantu bangaphandle, ukuze angaweli esihlambeni nasogibeni lukaDeveli.”
6 UPawulu wabhalela uThithu: “Ngenxa yalesi sizathu ngakushiya eKrethe, ukuze ulungise izinto eziyiphutha futhi umise amadoda amadala emzini ngomuzi, njengoba ngakuyala; uma kukhona noma iyiphi indoda okungekho cala ebekwa lona, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangamangalelwa ngokuzitika ngamanyala noma abangalawuleki. Ngoba umbonisi, njengomphathi kaNkulunkulu, kumelwe abe umuntu okungekho cala abekwa lona, ongenayo inkani, ongathambekele olakeni, ongeyena umxokozeli odakwayo, ongashayi muntu, ongahaheli inzuzo yokungathembeki kodwa abe ongenisa izihambi, umthandi wobuhle, ohluzekile engqondweni, olungileyo, othembekile, ozithibayo, obambelele ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nekhono lakhe lokufundisa, ukuze akwazi ukukhuthaza ngemfundiso ephilayo nokusola abaphikisayo.”—Thithu 1:5-9.
7 Nakuba ekuqaleni izimfuneko ezingokomBhalo zababonisi zingase zibonakale zingaphezu kwamandla, amadoda angamaKristu akufanele azigodle angabe esazama ukufinyelela ukuba umbonisi. Lapho ebonisa izimfanelo ezinhle zobuKristu ezidingeka kubabonisi, akhuthaza abanye ebandleni ukuba nabo benze okufanayo. UPawulu wathi ‘izipho ezingabantu’ zilungiselelwa “[ngombono] wokulungiswa kwabangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu, kuze kube yilapho sonke sesifinyelele ubunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, ekubeni yindoda ekhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.”—Efe. 4:8, 12, 13.
8 Ababonisi ababona abafana nje noma amadoda asanda kuguqulwa. Kunalokho bangabantu asebebhekane nezinto eziningi ekuphileni kobuKristu, abanolwazi olunzulu lweBhayibheli, abayiqonda ngokujulile imiBhalo nabalithanda ngobuqotho ibandla. Banesibindi sokukhuluma nesokulungisa abenzi bobubi, ngaleyo ndlela bavikele izimvu kunoma ubani ongazixhaphaza ngenxa yobugovu. (Isaya 32:2) Ababonisi babhekwa yibo bonke ebandleni njengamadoda avuthiwe ngokomoya, awukhathalela ngobuqotho umhlambi kaNkulunkulu.
9 Labo abafanelekela ukumiswa njengababonisi babonisa ukuhlakanipha ekuphileni kwabo. Uma umbonisi eshadile, uyonamathela endinganisweni yobuKristu yomshado, ewukuthi indoda emfazi munye nengamela umkhaya wayo ngendlela enhle. Uma umbonisi enabantwana abakholwayo abazithoba ngobuqotho ngokuphelele futhi abangamangalelwa ngokuzitika ngamanyala noma ngokuba abangalawuleki, ibandla lingaya ngokuqiniseka kuye liyofuna iseluleko namacebiso ezindabeni eziphathelene nokuphila komkhaya nokobuKristu. Umbonisi ubuye abe ongasoleki, okungekho cala abekwa lona, nofakazelwa kahle ngisho nangabantu bangaphandle. Ngeke kube nasizathu esizwakalayo sokumbeka icala lokuziphatha okungafanele okonakalisa idumela lebandla. Ngeke kube ukuthi usanda kusolelwa ububi obukhulu. Abanye ebandleni bashukumiseleka ukuba balingise isibonelo sakhe esihle futhi bayakujabulela ukubeka ukuphila kwabo okungokomoya ezandleni zakhe.—1 Kor. 11:1; 16:15, 16.
10 Amadoda afaneleka kanjalo ayakwazi ukukhonza ibandla lobuKristu ngendlela efana neyabadala bakwa-Israyeli ababechazwa ‘njengabahlakaniphileyo, abaqondayo nabanolwazi.’ (Dut. 1:13) Abadala abangamaKristu banesono, kodwa ebandleni nasemphakathini baziwa njengamadoda aqotho nasaba uNkulunkulu, asebonise isikhathi eside ukuthi ukuziphatha kwawo kuvumelana nezimiso zikaNkulunkulu. Ukungasoleki kwawo kuwanika inkululeko yokukhuluma ebandleni.—Roma 3:23.
11 Amadoda afanelekela ukumiswa njengababonisi abonisa ukulinganisela emikhubeni yawo nasendleleni asebenzelana ngayo nabanye. Awashiseki ngokweqile. Kunalokho, abonisa ukulinganisela nokuzithiba ekuphileni kwawo. Ukulinganisela kwawo kubonakala ezintweni ezifana nokudla, ukuphuza, ukuzilibazisa, izindlela zokuchitha isizungu nokuzijabulisa. Ayalinganisela otshwaleni ukuze angazitholi esebekwa icala lokudakwa noma lokuba isidakwa. Umuntu ongqondo yakhe ithuntubezwe uphuzo oludakayo uphelelwa kalula ukuzithiba futhi akekho esimweni sokuqapha izidingo ezingokomoya zebandla.
12 Ukwengamela ibandla kudinga ukuba indoda ibonise ukuhleleka ngezinga elithile. Imikhuba yayo emihle ibonakala endleleni ebukeka ngayo, emzini wayo nasezintweni ezenza nsuku zonke. Indoda enjalo iyakugwema ukuhlehlisa izinto; iyakubona okudingekayo bese ihlela ngokuvumelana nakho. Inamathela ezimisweni zokuhlonipha uNkulunkulu.
13 Umbonisi kumelwe abe ocabangelayo. Kumelwe akwazi ukusebenza ngobunye nabanye endikimbeni yabadala futhi abambisane nabo. Kufanele abe nombono ofanele ngaye ngokwakhe futhi angafuni izinto ngenkani kwabanye. Njengomuntu ocabangelayo, umbonisi akayena uzwi lakhe, akabheki imibono yakhe njengengcono kuneyabanye abadala. Abanye bangase benze kahle kakhulu ezimfanelweni noma emakhonweni yena awantulayo. Umdala ubonisa ukucabangela lapho esekela iziphetho zakhe ngokuqinile emiBhalweni futhi elwela ukulingisa isibonelo sikaJesu Kristu. (Fil. 2:2-8) Umdala akalwi noma abe nobudlova, kodwa ubonisa inhlonipho efanele ngabanye, ababheke njengabakhulu kunaye. Akanayo inkani, ngaso sonke isikhathi aphikelele ngokuthi makwamukelwe indlela yakhe noma umbono wakhe. Akasheshi ukucasuka, kunalokho usebenzelana ngokuthula nabanye.
14 Ngokufanayo, umuntu ofanelekela ukukhonza njengombonisi ebandleni uhluzekile engqondweni. Lokhu kusho ukuthi akathatheli izinto phezulu, akahluleli ngamawala. Uziqonda kahle izimiso zikaJehova nokuthi zisebenza kanjani. Umuntu ohluzekile engqondweni uyasamukela iseluleko nesiqondiso. Akazenzisi.
15 UPawulu wakhumbuza uThithu ukuthi umbonisi ungumthandi wobuhle. Kufanele abe olungile futhi abe qotho. Lezi zimfanelo zibonakala endleleni asebenzelana ngayo nabanye namelela ngayo ngokuqinile okulungile nokuhle. Akantengantengi ekuzinikeleni kwakhe kuJehova futhi akaguquguquki ekusekeleni izimiso zokulunga. Uyakwazi ukugcina imfihlo. Ubuye abe nomoya wokungenisa izihambi osuka phakathi enhliziyweni, azinikele ngenhliziyo evumayo yena nempahla yakhe ukuze asize abanye.—IzE. 20:33-35.
16 Ukuze umbonisi afeze isabelo sakhe ngempumelelo, kudingeka akufanelekele ukufundisa. Ngokwamazwi kaPawulu kuThithu, umbonisi uyoba “obambelela ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nekhono lakhe lokufundisa, ukuze akwazi ukukhuthaza ngemfundiso ephilayo nokusola abaphikisayo.” (Thithu 1:9) Uyakwazi ukubonisana nabanye, aveze ubufakazi, abhekane ngokuphumelelayo nalabo abaphikisayo, achaze nemiBhalo ngendlela eyokwenza abanye bamkholelwe, ukholo lwabo luqine. Umbonisi usebenzisa ikhono elinjalo lokufundisa ngezikhathi ezivumayo nezinzima. (2 Thim. 4:2) Unesineke esidingekayo sokusola ngobumnene umuntu onephutha noma akholise ongabazayo futhi amshukumisele ekwenzeni imisebenzi emihle esekelwe okholweni. Ukuba kwakhe nekhono lokufundisa phambi kwezilaleli noma lapho exoxa nomuntu ngamunye, kuwubufakazi bokuthi umbonisi uyahlangabezana nale mfuneko ebalulekile.
17 Kubalulekile ukuba abadala bahlanganyele ngentshiseko enkonzweni. Kufanele kube sobala ukuthi balwela ukulingisa uJesu nangale ndlela, yena owayebheka ukushumayela izindaba ezinhle njengento eza kuqala. UJesu wayebakhathalela abafundi bakhe, ebasiza ukuba babe abavangeli abaphumelelayo. (Marku 1:38; Luka 8:1) Ukuzimisela kwabadala ukuchitha isikhathi enkonzweni naphezu kokuba matasa kwabo kufaka ugqozi kulo lonke ibandla kulenze lishiseke ngendlela efanayo. Futhi lapho abadala beshumayela namalungu emindeni yabo kanye nabanye ebandleni, kuba ‘nokukhuthazana.’—Roma 1:11, 12.
18 Konke lokhu kungase kubonakale kuwukulindela okukhulu kakhulu kulowo okhonza njengombonisi. Ngokuqinisekile akekho umbonisi ongazifinyelela ngokuphelele izindinganiso eziphakeme eziseBhayibhelini, kodwa akekho kubadala abamisiwe ebandleni okufanele asilele kakhulu kunoma iyiphi yalezi zimfanelo kangangokuthi ukusilela kwakhe kuze kubhekwe njengokushiyeka okubi kakhulu. Abanye abadala bangase babe nezimfanelo ezithile ezivelele, kanti abanye bangase benze kahle kakhulu kwezinye. Umphumela uba ukuthi indikimba yabadala iyonke iyoba nazo zonke izimfanelo ezinhle ezidingekayo ukuze ibandla likaNkulunkulu lenganyelwe ngokufanelekile.
19 Lapho indikimba yabadala itusa amadoda ukuba amiswe njengababonisi, iyokhumbula la mazwi omphostoli uPawulu: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.” (Roma 12:3) Umdala ngamunye kufanele azibheke njengomncane. Akekho okufanele azibheke ‘njengolunge ngokwedlulele’ lapho ehlola izimfanelo zomunye. (UmSh. 7:16) Njengoba zicace kahle endikimbeni yabadala izimfuneko zababonisi ezingokomBhalo, iyonquma ukuthi umzalwane ocatshangelwayo uyazifinyelela yini lezo zindinganiso ngezinga elifanele. Becabangela ukungapheleli kobuntu futhi begwema ukubandlulula nokuzenzisa, abadala bayotusa ngendlela ebonisa inhlonipho efanele ngezindinganiso zikaJehova zokulunga nangendlela eyozuzisa ibandla. Bayokucabangela ngomthandazo ukutusa ngakunye futhi balandele isiqondiso somoya ongcwele kaNkulunkulu. Lona omunye wemithwalo ebaluleke kakhulu esemahlombe abo, futhi kumelwe bawenze ngokuvumelana nesiyalo sikaPawulu: “Ungalokothi usheshe ubeke izandla zakho kunoma imuphi umuntu.”—1 Thim. 5:21, 22.
IZITHELO ZOMOYA
20 Amadoda afanelekayo ngokomoya anikeza ubufakazi bokuthi aqondiswa umoya ongcwele futhi abonisa izithelo zawo ekuphileni kwawo. UPawulu uyazibalula izici ezingu-9 zezithelo zomoya, “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Gal. 5:22, 23) Ababonisi abanjalo benza abazalwane baqabuleke, basize nasekwenzeni ibandla linikele inkonzo engcwele ngobunye. Ukuziphatha kwabo nezithelo zemisebenzi yabo kubonisa ukuthi bamiswa umoya ongcwele.—IzE. 20:28.
AMADODA AKHUTHAZA UBUNYE
21 Kusemqoka ukuba abadala babambisane ekukhuthazeni ubunye ebandleni. Nakuba benobuntu obuhlukene kakhulu, balondoloza ubunye bendikimba ngokulalelana ngenhlonipho yize bengase bangavumelani kuzo zonke izinto abazidingidayo. Uma nje kungekho simiso seBhayibheli esephulwayo, ngamunye kufanele azimisele ukuhoxa futhi asekele isinqumo sokugcina sendikimba yabadala. Ukuba nomoya onjalo kubonisa ukuthi umuntu uqondiswa “ukuhlakanipha kwaphezulu” ‘okunokuthula nokubonelelayo.’ (Jak. 3:17, 18) Akekho umdala okufanele acabange ukuthi mkhulu kunabanye, futhi akekho umdala okufanele azame ukuba ungqó shishilizi. Abadala basuke besebenza noJehova ngempela lapho bebambisana njengendikimba ukuze kuzuze ibandla.—1 Kor., isahl. 12; Kol. 2:19.
UKUZAMA UKUFINYELELA UKUBA UMBONISI
22 Amadoda angamaKristu avuthiwe kufanele afise ukuba ababonisi. (1 Thim. 3:1) Nokho, ukukhonza njengomdala kudinga ukuba umuntu asebenze futhi azidele. Kusho ukuzenza utholakalele ukukhonza izidingo zabazalwane, unakekele izidingo zabo ezingokomoya. Ukuzama ukufinyelela ukuba umbonisi kusho ukulwela ukuhlangabezana nezimfanelo ezisemiBhalweni.
IZIMO ZOMUNTU ZINGASE ZISHINTSHE
23 Umzalwane osekhonze ngokwethembeka isikhathi eside angase agule noma angabe esaba namandla okwenza izabelo. Mhlawumbe ngenxa yokukhula ngeminyaka, angase angabe esakwazi ukunakekela imithwalo yemfanelo yombonisi. Noma kunjalo, kusafanele ahlonishwe futhi abhekwe njengomdala uma nje esamisiwe. Ngeke sibe khona isidingo sokuba ayeke ukukhonza ngenxa yokulinganiselwa kwakhe. Usafanelwe udumo oluphindiwe olunikwa bonke abadala abasebenza kanzima benza konke okusemandleni ukuze beluse umhlambi.
24 Kodwa uma umzalwane enomuzwa wokuthi kungaba ngcono ayeke ukukhonza njengomdala ngenxa yezimo zakhe esezishintshile ezimphazamisayo ekukhonzeni, angase akhethe ukwenza kanjalo. (1 Pet. 5:2) Noma kunjalo kufanele aqhubeke ehlonishwa. Uyakwazi ukuba usizo olukhulu ebandleni, yize engasenazo izabelo nemisebenzi enikwa abadala.
IZIKHUNDLA ZOMTHWALO WEMFANELO EBANDLENI
25 Abadala banakekela imithwalo yemfanelo ehlukahlukene ebandleni. Kunomxhumanisi wendikimba yabadala, unobhala, umbonisi wenkonzo, umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda nombonisi woMhlangano Wokuphila Nenkonzo. Abadala abaningi bakhonza njengababonisi bamaqembu. Abadala bakhonza kulezi zikhundla isikhathi esinganqunyiwe. Kodwa-ke, uma umzalwane ethutha, noma engakwazi ukunakekela imithwalo yakhe yemfanelo ngenxa yempilo, noma engasafaneleki ngenxa yokwehluleka ukufinyelela izimfuneko ezingokomBhalo, kukhethwa omunye umdala ukuba enze leso sabelo. Emabandleni anababonisi abambalwa, kungase kudingeke ukuba umdala oyedwa anakekele izabelo ezingaphezu kwesisodwa kuze kube yilapho abanye abazalwane befanelekela ukumiswa njengabadala.
26 Umxhumanisi wendikimba yabadala uba usihlalo emihlanganweni yendikimba yabadala. Usebenzisana ngentobeko nabanye abadala ekunakekeleni umhlambi kaNkulunkulu. (Roma 12:10; 1 Pet. 5:2, 3) Kufanele akwazi ukuhlela kahle izinto futhi akwazi ukwengamela ngenkuthalo.—Roma 12:8.
27 Unobhala ugcina amarekhodi ebandla, azise abadala nangezinye izinto ezibalulekile. Uma kudingeka, omunye umdala, noma inceku ekhonzayo efanelekayo, angabelwa ukuba amsize.
28 Amalungiselelo enkonzo yasensimini nezinye izinto ezihlobene nenkonzo kuqondiswa umbonisi wenkonzo. Uhlela ukuhanjelwa njalo kwawo wonke amaqembu enkonzo yasensimini ukuze kuthi ngempelasonto eyodwa enyangeni ngayinye ahambele iqembu elithile. Emabandleni amancane anamaqembu ambalwa enkonzo yasensimini, iqembu ngalinye angase alihambele kabili ngonyaka. Ngesikhathi sokuhambela kwakhe, uyoqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini, asebenze nalelo qembu enkonzweni yasensimini, asize nabamemezeli ezimpindelweni nasezifundweni zabo zeBhayibheli.
ABABONISI BAMAQEMBU
29 Elinye lamalungelo avelele ebandleni elokukhonza njengombonisi weqembu. Imithwalo yakhe yemfanelo ihlanganisa (1) ukuba nesifiso sokumsiza ngokoqobo esimweni esingokomoya umuntu ngamunye oseqenjini lenkonzo yasensimini; (2) ukusiza umuntu ngamunye eqenjini ahlanganyele njalo nangendlela enenjongo enkonzweni futhi ayijabulele; kanye (3) nokusiza nokuqeqesha izinceku ezikhonzayo eqenjini ukuba zizame ukufinyelela nokufanelekela imithwalo yemfanelo yebandla. Indikimba yabadala iyona enqumayo ukuthi yibaphi abazalwane abakufanelekela kahle kakhulu ukufeza zonke lezi zici zalesi sabelo.
30 Ngenxa yohlobo lwalesi sabelo, ababonisi bamaqembu kufanele kube abadala uma kungenzeka. Noma, inceku ekhonzayo efanelekayo ingasetshenziswa kuze kube yilapho kutholakala umdala ongaqhubeka. Inceku ekhonzayo esetshenziswa kulo msebenzi ibizwa ngokuthi inceku yeqembu ngoba ayiyena umbonisi ebandleni. Kunalokho, iqondiswa abadala njengoba inakekela isabelo sayo.
31 Isici esibalulekile somsebenzi wombonisi weqembu ukuhola enkonzweni yasensimini. Ukuba khona njalo, ukushiseka nokuba kwakhe nomdlandla ensimini kuyobakhuthaza abaseqenjini lakhe. Ngenxa yokuthi abamemezeli bayasazisa isikhuthazo nosizo olutholakala ngokuba ndawonye, kuyoba kuhle ukuba kube nesimiso sokufakaza kweqembu esivumelana neningi. (Luka 10:1-16) Umbonisi kudingeka aqiniseke ukuthi kuhlale kunensimu eyanele ezosetshenzwa. Uyoqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini futhi abe abamemezeli ngalolo suku. Uma engeke abe khona, kufanele ahlele nomunye umdala, noma inceku ekhonzayo, noma, uma nabo beyobe bengekho, ahlele nommemezeli ofanelekayo ukuba anakekele leyo mithwalo yemfanelo ukuze abamemezeli bathole isiqondiso abasuke besidinga.
32 Umbonisi weqembu kufanele akuhlelele kusengaphambili ukuhambela kombonisi wenkonzo, azise iqembu lakhe ngakho, alenze lilangazelele izinzuzo zako. Uma bonke eqenjini betshelwa ngawo wonke amalungiselelo, bangawasekela ngentshiseko.
33 Iqembu ngalinye lenkonzo yasensimini ligcinwa lilincane ngenhloso. Lokhu kwenza umbonisi weqembu abazi kahle bonke ababelwe kulo. Njengomalusi onothando, ukhathalela ngokujulile umuntu ngamunye. Uzama ukusiza nokukhuthaza umuntu ngamunye ukuba aye enkonzweni yasensimini futhi asekele imihlangano yebandla. Uyazikhandla nokuba enze noma yini efanelekayo ukuze asize umuntu ngamunye agcine ingokomoya lakhe liqinile. Abagulayo noma abacindezelekile bayosizakala ngokuvakashelwa. Ukusikisela okukhuthazayo noma iseluleko singase sishukumise abanye ukuba bazame ukufinyelela amalungelo engeziwe ebandleni, ngokwenza kanjalo babe usizo olukhulu kubafowabo. Kunengqondo ukuthi imizamo eminingi yombonisi weqembu yokusiza iyoqondiswa kulabo abaseqenjini lakhe. Kodwa njengomdala nomalusi, ubakhathalela ngothando bonke ebandleni futhi ukulungele ukusiza noma ibaphi abadinga usizo.—IzE. 20:17, 28.
34 Omunye umthwalo wemfanelo wombonisi weqembu ukusiza ekuqoqeni imibiko yenkonzo yasensimini kulabo abaseqenjini lakhe lenkonzo. Le mibiko inikwa unobhala. Ummemezeli ngamunye angasiza umbonisi weqembu ngokuwuletha ngokushesha umbiko wakhe wenkonzo yasensimini. Lokhu angakwenza ngokunikeza ngokuqondile umbonisi weqembu umbiko wakhe ekupheleni kwenyanga ngayinye noma ngokuwufaka ebhokisini lemibiko yenkonzo eliseHholo LoMbuso.
IKOMITI YENKONZO YEBANDLA
35 Kunemisebenzi ethile enakekelwa iKomiti Yenkonzo Yebandla, eyakhiwa umxhumanisi wendikimba yabadala, unobhala nombonisi wenkonzo. Ngokwesibonelo, ikomiti yenkonzo igunyaza ukuthi iHholo LoMbuso lingasetshenziselwa yini imishado nemingcwabo futhi yiyo eyabela abamemezeli emaqenjini enkonzo yasensimini. Igunyaza nezicelo zenkonzo yamaphayona avamile nasizayo nezeminye imikhakha yenkonzo. Ikomiti yenkonzo isebenza ngaphansi kokuqondisa kwendikimba yabadala.
36 Imisebenzi eqondile yalaba bazalwane—kanye neyomqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda, umbonisi woMhlangano Wokuphila Nenkonzo neyabanye abakha indikimba yabadala—ichazwa yihhovisi legatsha.
37 Indikimba yabadala ebandleni ngalinye iyahlangana ngezikhathi ezithile ukuze ixoxe ngezindaba ezihlobene nentuthuko engokomoya yebandla. Ngaphezu komhlangano wabadala oba khona ngesikhathi sokuhambela kombonisi wesigodi, kuba nomhlangano wabadala ezinyangeni ezingaba zintathu ngemva kokuhanjelwa umbonisi wesigodi. Kodwa abadala bangahlangana noma nini uma izimo zifuna kanjalo.
ZITHOBE
38 Ababonisi bangamadoda angaphelele; noma kunjalo bonke ebandleni bakhuthazwa ukuba bazithobe kubo ngoba kuyilungiselelo likaJehova. Uyobenza balandise ngezenzo zabo. Bamelela yena nokubusa kwakhe okungokwasezulwini. EyamaHebheru 13:17 ithi: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” Njengoba nje uJehova emisa indoda ngomoya ongcwele, ngawo futhi lowo moya ongcwele uJehova uyoyigudluza leyo ndoda ekukhonzeni njengombonisi uma ihluleka ukubonisa izithelo zomoya nendlela yayo yokuphila isilela ezimfunekweni ezisemiBhalweni.
39 Asiwazisi yini ngempela umsebenzi onzima nesibonelo esihle sababonisi bebandla? Lapho uPawulu ebhalela ibandla laseThesalonika, wanxusa abazalwane: “Siyanicela, bazalwane, ukuba nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi beniyala; nokuba ngothando nibacabangele ngaphezu kokuvamile ngenxa yomsebenzi wabo.” (1 Thes. 5:12, 13) Ingxenye enkulu yomsebenzi onzima wababonisi bebandla yenza ibe lula inkonzo yethu kuNkulunkulu futhi siyijabulele kakhulu. Okunye futhi, encwadini yakhe yokuqala kuThimothewu, uPawulu uveza isimo sengqondo labo abasebandleni okufanele basihlakulele ngababonisi lapho ethi: “Amadoda amadala engamela ngendlela enhle mawabhekwe njengafanelwe udumo oluphindiwe, ikakhulukazi lawo asebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.”—1 Thim. 5:17.
EZINYE IZIKHUNDLA ZEMITHWALO YEMFANELO ENHLANGANWENI
40 Ngezinye izikhathi, abadala abakhethiwe bamiswa ukuba bakhonze njengamalungu amaQembu Avakashela Iziguli. Abanye bakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela, bahambele izibhedlela nodokotela ukuze bakhuthaze ukuba kuqhutshekwe kwelashwa oFakazi BakaJehova ngaphandle kokusebenzisa igazi futhi kutholakale nodokotela abengeziwe nakwezinye izindawo. Abanye ababonisi bayakwazi ukusekela imisebenzi yoMbuso ngokusiza ekwakheni nasekunakekeleni amaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano noma ngokukhonza njengamalungu amaKomiti OMhlangano. Umsebenzi onzima walaba bazalwane nokuzimisela kwabo ukuzikhandla ngale ndlela kwaziswa kakhulu yibo bonke enhlanganweni. Ngempela, ‘sibheka amadoda alolu hlobo njengathandekayo.’—Fil. 2:29.
UMBONISI WESIGODI
41 INdikimba Ebusayo ihlela ukuba kumiswe abadala abafanelekayo ukuba bakhonze njengababonisi bezigodi. Ihhovisi legatsha libabela ukuba bahambele amabandla akha izigodi zabo, ngokuvamile kabili ngonyaka. Ngezikhathi ezithile bahambela namaphayona asemasimini angawodwa. Bahlela ukuhambela kwabo bese bazisa ibandla ngalinye kusenesikhathi esanele ukuze ukuhambela kwabo kuzuzise kakhulu.
42 Umxhumanisi wendikimba yabadala uyahola ekuhleleni izinto ukuze lokhu kuhambela kubaqabule bonke ngokomoya. (Roma 1:11, 12) Lapho ethola ukwaziswa kokuhanjelwa nokuthi yini umbonisi wesigodi nomkakhe (uma eshadile) abayidingayo, umxhumanisi wendikimba yabadala wenza amalungiselelo ngabazalwane abahlukahlukene okuba kutholakale indawo yokuhlala nezinye izinto ezidingekayo. Uyaqikelela ukuthi bonke, kuhlanganise nombonisi wesigodi, bayaziswa ngala malungiselelo.
43 Umbonisi wesigodi uyothintana nomxhumanisi wendikimba yabadala mayelana nesimiso semihlangano, kuhlanganise nemihlangano yenkonzo yasensimini. Iyohlelwa ngokuvumelana nokusikisela kombonisi wesigodi kanye nalokho okushiwo isiqondiso esivela ehhovisi legatsha. Bonke abantu kudingeka baziswe kusengaphambili mayelana nezikhathi nezindawo zemihlangano yebandla, eyamaphayona, eyabadala nezinceku ezikhonzayo, kanye nezindawo nezikhathi zemihlangano yenkonzo yasensimini.
44 NgoLwesibili ntambama umbonisi wesigodi uhlola ama-Rekhodi Abamemezeli Ebandla, amarekhodi amanani ababa khona emihlanganweni, amarekhodi ensimu nawezimali. Lokhu kuyomnika umbono othile ngalokho okungaba izidingo zebandla nokuthi angabasiza kanjani labo abanemithwalo yemfanelo yokugcina la marekhodi. Umxhumanisi wendikimba yabadala kufanele enze amalungiselelo okuba umbonisi wesigodi awathole kusenesikhathi la marekhodi.
45 Phakathi nokuhambela kwakhe, umbonisi wesigodi uzinika ithuba lokuxoxa nabazalwane ngabanye uma engase akwazi—emihlanganweni, enkonzweni yasensimini, lapho kudliwa, nangezinye izikhathi. Ngaphezu kwalokho, uhlangana nabadala nezinceku ezikhonzayo, abanike iseluleko esingokomBhalo esifanele, ukusikisela nesikhuthazo, okuyobasiza ekuthwaleni imithwalo yabo yokwalusa umhlambi abawunakekelayo. (IzAga 27:23; IzE. 20:26-32; 1 Thim. 4:11-16) Ubuye ahlangane namaphayona ukuze awakhuthaze emsebenzini wawo, asize nephayona ngalinye kunoma yiziphi izinkinga okungenzeka linazo enkonzweni.
46 Uma kunezindaba ezidinga ukunakekelwa, umbonisi wesigodi uyosiza ngokusemandleni akhe phakathi nalelo sonto. Uma zingapheli phakathi nalelo sonto, umbonisi wesigodi angasiza abadala noma abantu abahilelekile ukuba bacwaninge isiqondiso esingokomBhalo esisebenza kuleso simo. Uma kukhona noma yini okudingeka ihhovisi legatsha liyilandelele, yena nabadala bayothumelela ihhovisi legatsha umbiko oningiliziwe ngalolo daba.
47 Ngesikhathi umbonisi wesigodi ehambele ibandla, uya emihlanganweni yebandla evamile. Le mihlangano ingase ishintshwe ngezinye izikhathi ngokuvumelana neziqondiso ezivela ehhovisi legatsha. Uyobeka izinkulumo eziklanyelwe ukukhuthaza, ukushukumisa, ukufundisa nokuqinisa ibandla. Ulwela ukwenza abamemezeli babe nothando ngoJehova, uJesu Kristu nangenhlangano.
48 Enye yezinjongo zokuhambela kombonisi wesigodi ukukhuthaza abamemezeli ukuba bahlanganyele ngentshiseko enkonzweni futhi anikeze ukusikisela okuwusizo. Abaningi ebandleni bangase bakwazi ukushintsha isimiso sabo ukuze bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini kulelo sonto, mhlawumbe ngokuhlela ukuba babe amaphayona asizayo phakathi nenyanga yokuhambela kwakhe. Abafisa ukusebenza naye noma nomkakhe bangabhalisa. Ziningi izinzuzo ezingatholakala ngokuya nombonisi wesigodi noma nomkakhe ezifundweni zeBhayibheli nasezimpindelweni. Umzamo wakho owengeziwe wokusisekela ngokugcwele lesi sici sesonto lokuhanjelwa waziswa ngokujulile.—IzAga 27:17.
49 Minyaka yonke isigodi ngasinye sihlelelwa imihlangano yesigodi emibili. Umbonisi wesigodi nguye onomthwalo wemfanelo wokuhlela umhlangano ngalezi zikhathi. Umisa umbonisi womhlangano nomsizi wombonisi womhlangano. Kumelwe basebenzelane eduze naye ekunakekeleni ukuhleleka komhlangano. Lokhu kuyokwenza ukuba umbonisi wesigodi anake ngokuyinhloko isimiso somhlangano. Umbonisi wesigodi ubuye akhethe amanye amadoda anekhono ukuba anakekele iminyango ehlukahlukene. Uhlela nokubalwa kwezimali zesigodi ngemva komhlangano ngamunye. Umhlangano wesigodi owodwa ngonyaka uyokhonzwa ummeleli wegatsha, oyoba isikhulumi esivakashile. Ngenxa yokuqhela kwezindawo zomhlangano noma ubuncane bazo, ezinye izigodi zihlukaniswe zaba izingxenye, ingxenye ngayinye ibe nowayo umhlangano wesigodi.
50 Umbonisi wesigodi ubika inkonzo yakhe yasensimini ngokuqondile ehhovisi legatsha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Uma enezindleko ezithile ezingenkulu kakhulu—njengezindleko zokuhamba, ukudla, indawo yokuhlala, nokunye okudingekayo ukuze enze umsebenzi wakhe—futhi ibandla alikhonzayo lingazikhokhelanga, angase azithumele ehhovisi legatsha. Ababonisi abajikelezayo bayaqiniseka ngokuthi uma bebeka uMbuso kaJehova kuqala, izidingo ezibonakalayo ziyonakekelwa, njengoba uJesu athembisa. (Luka 12:31) Amabandla kufanele aqaphele ilungelo lawo lokubabonisa umoya wokungenisa izihambi laba badala abazinikele abawakhonzayo.—3 Joh. 5-8.
IKOMITI YEGATSHA
51 Ehhovisi legatsha ngalinye loFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, abazalwane abathathu noma ngaphezulu, abafanelekayo ngokomoya nabavuthiwe, bakhonza njengeKomiti Yegatsha eyengamela umsebenzi wokushumayela ezweni noma emazweni angaphansi kwalo. Elinye lamalungu ale komiti likhonza njengomxhumanisi weKomiti Yegatsha.
52 Abafowethu abakhonza eKomitini Yegatsha basingatha izindaba ezithinta wonke amabandla asensimini yegatsha. Le komiti yengamela umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyo yonke insimu yegatsha futhi iqikelele ukuthi kumiswa amabandla nezigodi ukuze izidingo zensimu zinakekelwe ngokufanele. IKomiti Yegatsha inakekela nensimu yezithunywa zevangeli nomsebenzi wamaphayona akhethekile, avamile nasizayo. Lapho kunemihlangano emincane nemikhulu, le komiti yenza amalungiselelo nezabelo ukuze ‘zonke izinto zenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.’—1 Kor. 14:40.
53 Kumiswa iKomiti Yezwe kwamanye amazwe enganyelwe iKomiti Yegatsha ekwelinye izwe. Lokhu kwenza ukuba umsebenzi uqondiseke kalula lapho iKomiti Yezwe ikhonza khona. Inakekela izindaba zeKhaya LaseBethel nezehhovisi, isingathe iposi nemibiko, inakekele nokwenzeka ensimini. IKomiti Yezwe ibambisana neKomiti Yegatsha ukuze kusekelwe izidingo zoMbuso.
54 INdikimba Ebusayo imisa bonke abakhonza emaKomitini Amagatsha nasemaKomitini Ezwe.
ABAMELELI BENDLUNKULU
55 Ngezikhathi ezithile, iNdikimba Ebusayo ihlela ukuba abazalwane abafanelekayo bahambele igatsha ngalinye emhlabeni. Umzalwane okhonza kulo mkhakha waziwa ngokuthi ummeleli wendlunkulu. Umsebenzi wakhe oyinhloko ukukhuthaza umkhaya waseBethel nokusiza iKomiti Yegatsha ngezinkinga noma imibuzo okungenzeka iphakame ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. Lo mzalwane uhlangana nababonisi besigodi abathile futhi ngezikhathi ezithile ahlangane nezithunywa zevangeli. Kulowo mhlangano, uxoxa nabo ngezinkinga nezidingo zabo, abanike isikhuthazo esidingekayo ngokuphathelene nomsebenzi wabo obaluleke kakhulu, ukushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.
56 Ummeleli wendlunkulu unesifiso esikhulu sokwazi ngalokho okufezwa ensimini ngokuphathelene nokushumayela ngoMbuso neminye imisebenzi yamabandla. Uma isikhathi sivuma, angase ahambele namahhovisi abahumushi. Lapho ummeleli wendlunkulu ehambele igatsha, naye uhlanganyela ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.
Njengoba siqhubeka sizithoba kubabonisi abaphathiswe ukwalusa umhlambi, siba nobunye neNhloko yebandla, uKristu Jesu
UKWENGAMELA KOTHANDO
57 Sizuza kakhulu emsebenzini onzima nasekunakekeleni kothando kwamadoda avuthiwe angamaKristu. Njengoba siqhubeka sizithoba kubabonisi abamisiwe abaphathiswe ukwalusa umhlambi, siba nobunye neNhloko yebandla, uKristu Jesu. (1 Kor. 16:15-18; Efe. 1:22, 23) Ngenxa yalokho, umoya kaNkulunkulu ugeleza kuwo wonke amabandla emhlabeni futhi iZwi likaNkulunkulu liqondise umsebenzi emhlabeni wonke.—IHu. 119:105.