ISahluko 29
Ukuhlabelela Ingoma Entsha Yokunqoba
Umbono 9—IsAmbulo 14:1-20
Isihloko: Abangu-144 000 bakanye neWundlu eNtabeni iZiyoni; kuzwakala izimemezelo zengelosi emhlabeni wonke; izivuno ziyavunwa
Isikhathi sokugcwaliseka: Kusukela ngo-1914 kuya osizini olukhulu
1. Yini esesiyifundile kakade ngokuqondene nesAmbulo izahluko 7, 12, no-13, futhi yini manje esizoyithola?
YEKA ukuthi kuqabula kanjani ukuphendukela embonweni kaJohane olandelayo! Ngokuphambene nezinhlangano zikadrako ezimbi ezifana nesilo, sibona manje izinceku zikaJehova ezithembekile nemisebenzi yazo phakathi nosuku lweNkosi. (IsAmbulo 1:10) Kakade, isAmbulo 7:1, 3 sesisambulele ukuthi imimoya emine yembubhiso ibanjiwe kuze kube yilapho bonke abangu-144 000 balezi zinceku ezigcotshiwe sebebekwe uphawu. IsAmbulo 12:17 senze kwaziwa ukuthi laba “abaseleyo benzalo [yowesifazane]” baba yisisulu esikhethekile sikaSathane, udrako, phakathi naleso sikhathi. Futhi isAmbulo isahluko 13 siye sazibonakalisa ngokucacile izinhlangano zezombangazwe uSathane aziveze emhlabeni ukuze alethe ukucindezela okukhulu noshushiso olunonya ezincekwini zikaJehova ezithembekile. Kodwa leso sitha esikhulu asinakuyishafisa injongo kaNkulunkulu! Manje sizothola ukuthi naphezu kwesenzo sikaSathane senzondo, bonke abangu-144 000 baqoqwa ngokuphumelelayo.
2. Yimuphi umbono wesiphetho esijabulisayo uJohane asinikeza wona kusAmbulo 14:1, futhi lingubani iWundlu?
2 UJohane, nesigaba sikaJohane esikanye naye namuhla, unikezwa umbono walowo mphumela ojabulisayo: “Futhi ngabona, bheka! iWundlu limi eNtabeni iZiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane kulotshwé igama lalo negama likaYise emabunzini abo.” (IsAmbulo 14:1) Njengoba sibonile, leli Wundlu linguMikayeli owahlanza amazulu ngokuxosha uDeveli namademoni akhe. UnguMikayeli uDaniyeli amchaza ‘njengomi ngenxa yabantwana babantu [bakaNkulunkulu]’ njengoba elungela ‘ukuma’ akhiphe izahlulelo zikaJehova zokulunga. (Daniyeli 12:1; IsAmbulo 12:7, 9) Kusukela ngo-1914 leli Wundlu likaNkulunkulu elizidelayo belimi eNtabeni iZiyoni njengeNkosi enguMesiya.
3. Iyini ‘iNtaba iZiyoni okumi’ kuyo iWundlu nabangu-144 000?
3 Kunjengoba nje uJehova abikezela: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele.” (IHubo 2:6; 110:2) Lokhu akusabhekiseli eNtabeni yasemhlabeni iZiyoni, indawo okwakukhona kuyo iJerusalema lasemhlabeni, umuzi okwakubusa kuwo amakhosi angabantu asohlwini lukaDavide. (1 IziKronike 11:4-7; 2 IziKronike 5:2) Akunjalo, ngoba ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe ngo-33 C.E., uJesu wamiswa njengetshe legumbi eliyisisekelo eNtabeni yasezulwini iZiyoni, indawo yasezulwini lapho uJehova ehlose ukumisa khona ‘umuzi kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini.’ Ngakho, ‘iNtaba iZiyoni’ lapha imelele isikhundla esiphakeme sikaJesu kanye nezindlalifa ezikanye naye, ezakha iJerusalema lasezulwini, elinguMbuso. (Hebheru 12:22, 28; Efesu 3:6) Iyisimo sobukhosi esikhazimulayo uJehova abanyusela kuso phakathi nosuku lweNkosi. Phakathi namakhulu eminyaka adlule, amaKristu agcotshiwe, “njengamatshe aphilayo,” aye abheka phambili ngobuqotho ekumeni kuleyo Ntaba yasezulwini iZiyoni, ekanye neNkosi uJesu Kristu okhazinyulisiwe eMbusweni wayo.—1 Petru 2:4-6; Luka 22:28-30; Johane 14:2, 3.
4. Kukanjani ukuthi bonke abangu-144 000 bami eNtabeni iZiyoni?
4 UJohane akaboni uJesu kuphela kodwa yonke indikimba yezindlalifa zoMbuso wasezulwini ezikanye naye ezingu-144 000 zimi eNtabeni iZiyoni. Esikhathini esifanekiselwa umbono, abaningi, kodwa hhayi bonke, babangu-144 000 sebesezulwini kakade. Kamuva embonweni ofanayo, uJohane uthola ukuthi abanye babangcwele kusafanele bakhuthazele futhi bafe bethembekile. (IsAmbulo 14:12, 13) Khona-ke, ngokusobala abanye babangu-144 000 basesemhlabeni. Ngakho kukanjani ukuthi uJohane ubabona bonke bemi noJesu eNtabeni iZiyoni?a Ngokuthi, njengamalungu ebandla lamaKristu agcotshiwe, laba manje baye ‘basondela eNtabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini.’ (Hebheru 12:22) NjengoPawulu lapho esesemhlabeni, sebeye bavuswa kakade—ngomqondo ongokomoya—ukuba babe munye noKristu Jesu ezindaweni zasezulwini. (Efesu 2:5, 6) Ngaphezu kwalokho, ngo-1919 basabela esimemweni esithi, “Khuphukelani lapha,” futhi ngendlela engokomfanekiso “bakhuphukela ezulwini ngefu.” (IsAmbulo 11:12) Ngenxa yale miBhalo, singabona ukuthi bonke abangu-144 000—ngomqondo ongokomoya—baseNtabeni iZiyoni noJesu Kristu.
5. Amagama obani abhalwe emabunzini abangu-144 000, futhi lisho ukuthini igama ngalinye?
5 Abangu-144 000 abananhlanganyelo nabakhulekeli besilo sasendle, ababekwe uphawu lwesibalo esingokomfanekiso esingu-666. (IsAmbulo 13:15-18) Ngokuphambene, laba abathembekile balotshwe igama likaNkulunkulu neleWundlu emabunzini abo. Ngokungangabazeki uJohane, umJuda, wabona igama likaNkulunkulu libhalwe ngezinhlamvu zesiHebheru, יהוה.b Ngokuba negama likaYise kaJesu libhalwe ngokomfanekiso emabunzini abo, laba ababekwe uphawu benza kwaziwe yibo bonke ukuthi bangofakazi bakaJehova, izinceku zaKhe. (IsAmbulo 3:12) Ukuba kwabo negama likaJesu nalo libhalwe emabunzini abo kubonisa ukuthi bayakuvuma ukuba kwakhe ngumnikazi wabo. ‘Ungumyeni’ wabo abendiselwe kuye, futhi ‘bangumlobokazi’ wakhe wesikhathi esizayo, “indalo entsha” ekhonza uNkulunkulu inombono wokuphila kwasezulwini. (Efesu 5:22-24; IsAmbulo 21:2, 9; 2 Korinte 5:17) Ubuhlobo babo obuseduze noJehova noJesu Kristu buthonya konke ukucabanga kwabo nezenzo.
Ukuhlabelela Okungathi Yingoma Entsha
6. Yikuphi ukuhlabelela uJohane akuzwayo, futhi ukuchaza kanjani?
6 Ngokuvumelana nalokhu, uJohane uyabika: “Ngezwa umsindo uvela ezulwini unjengomsindo wamanzi amaningi nanjengomsindo wokuduma okukhulu kwezulu; umsindo engawuzwa wawunjengowabahlabeleli futhi beshaya amahabhu abo. Bayahlabelela, behlabelela okungathi yingoma entsha phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo nabadala; futhi akekho owakwazi ukuyazi kahle leyo ngoma ngaphandle kwabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, abathengwé emhlabeni.” (IsAmbulo 14:2, 3) Akumangalisi ukuthi uJohane, lapho ezwa amazwi abangu-144 000 ehlabelela kanye kanye ingoma emnandi, ukhumbula izimpophoma ezidumayo nemisindo yokuduma okuqeqebulayo. Yeka ukuthi sizwakala kamnandi kanjani leso senanelo esicacile esinjengehabhu! (IHubo 81:2) Yiliphi iqembu labahlabeleli emhlabeni elingake lifinyelele ubumtoti bale ngoma?
7. (a) Iyini ingoma entsha yesAmbulo 14:3? (b) Kukanjani ingoma yeHubo 149:1 iyintsha osukwini lwethu?
7 Futhi iyini le “ngoma entsha”? Njengoba siphawulile lapho sixoxa ngesAmbulo 5:9, 10, le ngoma ihlangene nezinjongo zikaJehova zoMbuso nelungiselelo lakhe elimangalisayo, ngoJesu Kristu, lokwenza u-Israyeli ongokomoya abe “ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu.” Iyingoma yokudumisa eya kuJehova ememezela izinto ezintsha azifezayo ngokusebenzisa u-Israyeli kaNkulunkulu nazifezela yena. (Galathiya 6:16) Amalungu alo Israyeli ongokomoya ayasabela esimemweni somhubi: “Dumisani uJah! Hlabelelelani uJehova ingoma entsha, udumo lwakhe ebandleni labaqotho. U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe Omkhulu, amadodana aseZiyoni—mawajabule ngeNkosi yawo.” (IHubo 149:1, 2) Yiqiniso, lawo mazwi abhalwa emakhulwini eminyaka amaningi adlule, kodwa osukwini lwethu, aye ahlatshelelwa ngokuqonda okusha. Ngo-1914 uMbuso kaMesiya wazalwa. (IsAmbulo 12:10) Ngo-1919 abantu bakaJehova emhlabeni baqala ukumemezela “izwi lombuso” ngentshiseko evuselelwe. (Mathewu 13:19) Beshukunyiswe isihloko sonyaka sika-1919 (Isaya 54:17) futhi bekhuthazwe ukubuyiselwa kwabo epharadesi elingokomoya, baqala ngalowo nyaka ‘ukuhubela uJehova ezinhliziyweni zabo.’—Efesu 5:19.
8. Kungani kungabangu-144 000 kuphela abakwazi ukufunda ingoma entsha yesAmbulo 14:3?
8 Nokho, kungani kungabangu-144 000 kuphela abakwazi ukufunda ingoma ebhalwe kusAmbulo 14:3? Kungoba ihlangene nokuhlangenwe nakho kwabo njengezindlalifa ezikhethiwe zoMbuso kaNkulunkulu. Yibona kuphela abamukelwe njengamadodana kaNkulunkulu futhi bagcotshwa ngomoya ongcwele. Yibona kuphela abathengwa emhlabeni ukuba babe yingxenye yalowo Mbuso wasezulwini, futhi yibona kuphela ‘abayoba ngabapristi, babuse njengamakhosi’ noJesu Kristu iminyaka eyinkulungwane ukuze balethe isintu ekupheleleni. Yibona kuphela ababonakala “behlabelela okungathi yingoma entsha” phambi kukaJehova ngokwakhe.c Lokhu okuhlangenwe nakho okuyingqayizivele namathemba kubenza babe nokwazisa okunobunye ngoMbuso futhi kubenza bakwazi ukuhlabelela ngawo ngendlela omunye umuntu angenakukwazi ngayo.—IsAmbulo 20:6; Kolose 1:13; 1 Thesalonika 2:11, 12.
9. Siye sasabela kanjani isixuku esikhulu ekuhlabeleleni kwabagcotshiwe, futhi ngaleyo ndlela baye bagcwalisa siphi isiyalo?
9 Nokho, abanye bayalalela futhi basabele ekuhlabeleleni kwabo. Kusukela ngo-1935 isixuku esikhulu esikhulayo sezinye izimvu siye sezwa ingoma yabo yokunqoba futhi sashukunyiswa ukuba sizihlanganise nabo ekumemezeleni uMbuso kaNkulunkulu. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9) Yiqiniso, laba abasha abanakukwazi ukufunda ukuhlabelela ingoma entsha efana nsé naleyo ehlatshelelwa ababusi besikhathi esizayo boMbuso kaNkulunkulu. Kodwa nabo futhi bahlabelela ingoma emnandi yokudumisa eya kuJehova eyihubo lokudumisa uJehova ngenxa yezinto ezintsha azifezayo. Ngaleyo ndlela bagcwalisa ukuyala komhubi: “Hlabelelelani uJehova ingoma entsha. Hlabelelelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni. Hlabelelelani uJehova, tusani igama lakhe. Usuku nosuku khulumani ngezindaba ezinhle zensindiso yakhe. Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe, phakathi kwazo zonke izizwe imisebenzi yakhe emangalisayo. O nina mindeni yamaqembu abantu, thanini kungokukaJehova, thanini inkazimulo nezikhwepha kungokukaJehova. Thanini phakathi kwezizwe: ‘UJehova usebé yinkosi.’”—IHubo 96:1-3, 7, 10; 98:1-9.
10. Kwenzeka kanjani ukuba abangu-144 000 bahlabelele “phambi” kwabadala abangokomfanekiso abangu-24?
10 Abangu-144 000 bangahlabelela kanjani “phambi” kwabadala, njengoba abadala abangu-24 bengabangu-144 000 abasezikhundleni zabo zasezulwini ezikhazimulayo? Ekuqaleni kosuku lweNkosi, labo ‘abafileyo abamunye noKristu’ bavuswa njengezidalwa zomoya. Kanjalo, amaKristu athembekile agcotshiwe anqobile manje asezulwini, egcwalisa ngokomfanekiso imisebenzi efana naleyo yezigaba ezingu-24 zabadala abangabapristi. Ahlanganisiwe embonweni wenhlangano kaJehova yasezulwini. (1 Thesalonika 4:15, 16; 1 IziKronike 24:1-18; IsAmbulo 4:4; 6:11) Ngakho insali yabangu-144 000 esesemhlabeni ihlabelela ingoma entsha phambi, noma lapho ingabonwa khona abafowabo abavusiwe abasezulwini.
11. Kungani abanqobi abagcotshiwe kubhekiselwa kubo ngokuthi abadala abangu-24 nangokuthi abangu-144 000?
11 Lapha singabuza futhi ukuthi: Kungani laba banqobi abagcotshiwe kubhekiselwa kubo njengabadala abangokomfanekiso abangu-24 nanjengabangu-144 000? Kungoba isAmbulo sibheka leli qembu elilodwa ngezindlela ezimbili ezihlukene. Ngaso sonke isikhathi abadala abangu-24 baboniswa besesikhundleni sabo sokugcina bezungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova, bemiswe njengamakhosi nabapristi emazulwini. Bafanekisela lonke iqembu labangu-144 000 esikhundleni salo sasezulwini, nakuba okwamanje insali encane yalaba isesemhlabeni. (IsAmbulo 4:4, 10; 5:5-14; 7:11-13; 11:16-18) Nokho, isAmbulo isahluko 7 sigxila kwabangu-144 000 njengabavela kubantu, futhi sigcizelela injongo enhle kaJehova yokubeka uphawu inani eliphelele lama-Israyeli angokomoya ngamanye nokunikeza insindiso esixukwini esikhulu esingenakubalwa. IsAmbulo isahluko 14 sinikeza umfanekiso oqinisekisa ukuthi isigaba esiphelele soMbuso sabanqobi abangu-144 000 siyohlanganiswa neWundlu eNtabeni iZiyoni. Izimfanelo okumelwe kuhlangatshezwane nazo ukuze umuntu abalwe kanye nabangu-144 000 nazo ziyavezwa, njengoba sizobona manje.d
Abalandeli BeWundlu
12. (a) UJohane uqhubeka athini nencazelo yakhe yabangu-144 000? (b) Kungamuphi umqondo abangu-144 000 kubhekiselwa kubo njengezintombi?
12 Eqhubeka nencazelo yakhe yabangu-144 000 “abathengwé emhlabeni,” uJohane uyasitshela: “Laba yibo abangazange bazingcolise ngabesifazane; eqinisweni, bayizintombi. Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. Laba bathengwa kubantu njengolibo kuNkulunkulu neWundlu, futhi akukho manga atholakala emilonyeni yabo; abanasici.” (IsAmbulo 14:4, 5) Iqiniso lokuthi abangu-144 000 “bayizintombi” alisho ukuthi amalungu alesi sigaba awashadile ngokwenyama. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ayenobizo lwasezulwini ukuthi, nakuba kunezinzuzo ukungashadi kobuKristu, kungcono ukushada ngaphansi kwezimo ezithile. (1 Korinte 7:1, 2, 36, 37) Isici esihlukanisa lesi sigaba siwubumsulwa obungokomoya. Baye bakugwema ukuphinga okungokomoya nezombangazwe zezwe nenkolo yamanga. (Jakobe 4:4; IsAmbulo 17:5) Njengomlobokazi owendiselwe kuKristu, baye bazigcina bemsulwa, ‘bengenasici phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.’—Filipi 2:15.
13. Kungani abangu-144 000 bengumlobokazi ofanelekayo kaJesu Kristu, futhi baqhubeka kanjani “belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi”?
13 Ngaphezu kwalokho, “akukho manga atholakala emilonyeni yabo.” Kulokhu, bafana neNkosi yabo, uJesu Kristu. Njengomuntu ophelele, “akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe.” (1 Petru 2:21, 22) Ngokuba kwabo abangenasici nabangenamanga ngesikhathi esifanayo, abangu-144 000 bayalungiselelwa njengomlobokazi ohlanzekile womPristi Ophakeme kaJehova. Lapho uJesu esemhlabeni, wamema abanhliziyo ziqotho ukuba bamlandele. (Marku 8:34; 10:21; Johane 1:43) Labo abasabela balingisa indlela yakhe yokuphila futhi balalela izimfundiso zakhe. Kanjalo, phakathi nenkambo yabo yasemhlabeni, baqhubeka “belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi” njengoba libahola phakathi kwezwe likaSathane.
14. (a) Kukanjani abangu-144 000 ‘belulibo kuNkulunkulu neWundlu’? (b) Kungamuphi umqondo isixuku esikhulu naso silulibo?
14 Abangu-144 000 ‘bathengwa emhlabeni,’ “bathengwa kubantu.” Bamukelwa njengamadodana kaNkulunkulu, futhi ngemva kokuvuka kwabo, abasayikuba abantu nje benyama negazi. Njengoba kuphawuliwe evesini 4, baba ‘ulibo kuNkulunkulu neWundlu.’ Yiqiniso, emuva ekhulwini lokuqala leminyaka, uJesu waba “ulibo lwalabo asebalala.” (1 Korinte 15:20, 23) Kodwa abangu-144 000 ‘balulibo oluthile’ lwesintu esingaphelele, oluthengwe ngomhlatshelo kaJesu. (Jakobe 1:18) Nokho, ukubuthwa kwezithelo esintwini akugcini ngabo. Incwadi yesAmbulo isiye yabhekisela kakade ekuvunweni kwesixuku esikhulu esingenakubalwa esimemeza ngezwi elikhulu: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu.” Lesi sixuku esikhulu siyosinda osizini olukhulu, futhi njengoba siqhubeka siqatshulwa ‘imithombo yamanzi okuphila,’ siyolethwa ekupheleleni kobuntu emhlabeni. Ngemva kwesikhathi esithile usizi olukhulu ludlulile, iHayidesi liyogeqwa, futhi izigidi ezingenakubalwa zabanye abantu ziyovuswa futhi zibe nethuba lokuphuza kuwo lawo manzi okuphila. Sinalokhu engqondweni, kuyoba okufanelekile ukubiza isixuku esikhulu ngokuthi ulibo lwezinye izimvu—singabokuqala ukuba ‘sihlanze izembatho zaso zibe mhlophe egazini leWundlu’ sinethemba lokuphila phakade emhlabeni.—IsAmbulo 7:9, 10, 14, 17; 20:12, 13.
15. Ikuphi ukufana okukhona phakathi kolibo oluthathu oluhlukene nemikhosi eyayigujwa ngaphansi koMthetho KaMose?
15 Laba abathathu abalulibo (uJesu Kristu, abangu-144 000, nesixuku esikhulu) banemifuziselo ethakazelisayo emikhosini eyayigujwa ngokoMthetho KaMose wasendulo. NgoNisani 16, phakathi noMkhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo, kwakunikelwa kuJehova ngesithungu solibo lwesivuno sebhali. (Levitikusi 23:6-14) UNisani 16 wawulusuku uJesu avuswa ngalo kwabafileyo. Ngosuku lwama-50 kusukela kuNisani 16, enyangeni yesithathu, ama-Israyeli ayegubha umkhosi wesivuno solibo lwesivuno sikakolweni. (Eksodusi 23:16; Levitikusi 23:15, 16) Lo mkhosi wabizwa ngokuthi yiPhentekoste (elivela egameni lesiGreki elisho “okwamashumi amahlanu”), futhi kwakungePhentekoste lika-33 C.E. lapho amalungu okuqala abangu-144 000 agcotshwa khona ngomoya ongcwele. Ekugcineni, ngenyanga yesikhombisa lapho sonke isivuno sibuthwa, kwakuba noMkhosi Wamadokodo, isikhathi sokubonga ngenjabulo lapho ama-Israyeli ayechitha isonto ehlala emadokodweni ayakhiwe ngamagatsha esundu kanye nokunye. (Levitikusi 23:33-43) Ngokufanayo, isixuku esikhulu, esingabanye babaningi abaqoqiwe, sibonga phambi kwesihlalo sobukhosi siphethe “amagatsha esundu ezandleni zaso.”—IsAmbulo 7:9.
Ukumemezela Izindaba Ezinhle Zaphakade
16, 17. (a) UJohane ubona ingelosi indiza kuphi, futhi yisiphi isimemezelo le ngelosi esenzayo? (b) Obani abahilelekile emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, futhi yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa lokhu?
16 Ngokulandelayo uJohane uyabhala: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’” (IsAmbulo 14:6, 7) Ingelosi indiza “emkhathini,” lapho kundiza khona izinyoni. (Qhathanisa nesAmbulo 19:17.) Ngakho, izwi layo lingazwakala kuwo wonke umhlaba. Yeka ukuthi isimemezelo sale ngelosi somhlaba wonke sifinyelela kude kangakanani ukudlula noma yikuphi ukusakazwa kwezindaba ngethelevishini!
17 Wonke umuntu ukhuthazwa ukuba esabe, hhayi isilo sasendle nomfanekiso waso, kodwa uJehova, onamandla ngokungenakuqhathaniswa ngaphezu kwanoma yisiphi isilo esingokomfanekiso esilawulwa uSathane. Phela, uJehova wadala izulu nomhlaba, futhi manje sesifikile isikhathi sokuba ahlulele umhlaba! (Qhathanisa noGenesise 1:1; IsAmbulo 11:18.) Lapho esemhlabeni, uJesu waprofetha ngokuqondene nosuku lwethu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Ibandla lamaKristu agcotshiwe ligcwalisa lokhu kuthunywa. (1 Korinte 9:16; Efesu 6:15) Lapha isAmbulo sembula ukuthi izingelosi ezingabonakali nazo zihilelekile kulo msebenzi wokushumayela. Yeka ukuthi kuye kwabonakala kaningi kangakanani ukuqondisa kwezingelosi ekuyiseni omunye woFakazi BakaJehova ekhaya lapho kukhona umphefumulo ocindezelekile ofisela, futhi uthandazela, usizo olungokomoya!
18. Ngokwengelosi endiza emkhathini, yihora lani eselifikile, futhi obani abazobe benza izimemezelo eziqhubekayo?
18 Njengoba ingelosi endiza emkhathini imemezele, ihora lokwahlulela selifikile. Isiphi isahlulelo uNkulunkulu manje azosikhipha? Izindlebe zizothuka ngenxa yezimemezelo manje ezizokwenziwa yingelosi yesibili, eyesithathu, eyesine, neyesihlanu.—Jeremiya 19:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Njengoba eyoku-1 Korinte 4:8 ibonisa, amaKristu agcotshiwe awabusi njengamakhosi lapho eselapha emhlabeni. Nokho, ngokomongo wesAmbulo 14:3, 6, 12, 13, ahlanganyela ekuhlabeleleni ingoma entsha ngokushumayela izindaba ezinhle njengoba ekhuthazela kuze kube sekupheleni kwenkambo yawo yasemhlabeni.
b Lokhu kusekelwa ukusetshenziswa kwamagama esiHebheru kweminye imibono; uJesu unikezwa igama lesiHebheru elithi “Abhadoni” (elisho “Imbubhiso”) futhi ukhipha isahlulelo endaweni “ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.”—IsAmbulo 9:11; 16:16.
c Umbhalo uthi “okungathi yingoma entsha,” ngoba ingoma ngokwayo yabhalwa njengesiprofetho ezikhathini zasendulo. Kodwa akekho owayefanelekela ukuyihlabelela. Manje, njengoba kumiswa uMbuso futhi kuvuswa abangcwele, izenzakalo ezingokoqobo zazenzekile zigcwalisa iziprofetho, futhi kwakuyisikhathi sokuhlabelela ingoma ngokuzwakalayo kuvezwe bonke ubumtoti bayo.
d Lesi simo singaqhathaniswa naleso senceku ethembekileyo neqondayo enikeza abendlu ukudla ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45) Inceku njengendikimba inomthwalo wemfanelo wokwaba ukudla, kodwa abendlu, amalungu aleyo ndikimba ngamanye, asekelwa ngokuhlanganyela kulelo lungiselelo elingokomoya. Bayiqembu elifanayo kodwa bachazwa ngamagama ahlukene—njengeqembu nanjengabantu ngabanye.
[Izithombe ekhasini 202, 203]
Abangu-144 000
Abadala abangu-24
Izindlalifa kanye neWundlu, uKristu Jesu, njengoba zibhekwa ngezindlela ezimbili ezingafani