Ingabe Uyakulwela Ukufaneleka?
“Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.”—1 THIMOTHEWU 3:1.
1. Ukugcwaliswa kwamuphi umgomo okubaluleke kakhulu phakathi koFakazi BakaJehova?
OFAKAZI BAKAJEHOVA banemigomo efanele eqondiswa nefezwa ngendlela yokwesaba uNkulunkulu. Lokhu akumangalisi, ngoba uNkulunkulu wabo unemigomo ehloniphekile futhi njalo uyazifeza izinjongo zakhe. (Isaya 55:8-11) Izinceku zikaJehova akufanele zibe njengalabobantu abantula umgomo omuhle nabaphila ngokunganaki abenza okuncane kakhulu ukuba bazuzise omunye umuntu ngaphandle kwabo. Okubaluleke kakhulu koFakazi bakaNkulunkulu ukugcwaliswa komgomo ohloniphekile wokumemezela isigijimi soMbuso nokuhlanganyela nabanye ulwazi lweZwi likaNkulunkulu olunika ukuphila.—IHubo 119:105; Marku 13:10; Johane 17:3.
2 .Yimuphi umgomo wamadoda angamaKristu uPawulu akhuluma ngawo kweyoku-1 Thimothewu 3:1?
2 Enhlanganweni kaJehova, kuneminye futhi imigomo ehloniphekile. Umphostoli uPawulu waphawula omunye walena lapho ebhala: “Likholekile lelizwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.” Umuntu onjalo ufuna ukufeza okuthile ukuze azuzise abanye. Ufisa “umsebenzi omuhle,” hhayi ukuphila kokunethezeka nodumo. Enye inguqulo ithi: “Kuyiqiniso ukuthi umuntu ofisa ubuholi ulangazelela okutusekayo.”—1 Thimothewu 3:1, Phillips.
Izingozi Ezingehlela Abadala
3, 4. Kungani indoda elwela ukufanelekela ukuba umbonisi kufanele ilonde inhliziyo yayo?
3 Kungayiphi indlela indoda efisa ukuba umbonisi ongumKristu kungathiwa ‘ilangazelela okutusekayo’? Ukulangazelela kuyisifiso esinamandla sokufinyelela umgomo othile. Yiqiniso, kunokulangazelela okuhloniphekile nokungahloniphekile. Kodwa uma indoda ikulwela ngokuthobeka ukufanelekela isikhundla sokuba umbonisi ngoba ifuna ukukhonza abanye, inkonzo yayo yenziwa ngezisusa ezilungile futhi ingaphumela ezibusisweni ezingokomoya. Kodwa kudingeka ilonde inhliziyo yayo.—IzAga 4:23.
4 Abanye abantu abalangazelela ilungelo bafuna udumo. Abanye bafuna ukubusa abantu abakanye nabo. Ukuhahela ukuvelela noma igunya kunjengempande ebolile engabangela ukuba ngisho nomuthi obukeka uphilile uwe. UmKristu naye anganqotshwa ukulangazelela ilungelo okunesisusa esibi kanjalo. (IzAga 16:18) Umphostoli uJohane wathi: “Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe-mkhulu phakathi kwabo [“ofuna ukuba inhloko yakho konke,” Phillips], akasamukeli thina. Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.” (3 Johane 9, 10) Ukulangazelela kukaDiyotrefe kwakungekhona okobuKristu. Ukuqhosha nokuliphishekela ngokulangazelela igunya phezu kwabanye akunandawo phakathi kwabalandeli beqiniso bakaJesu.—IzAga 21:4.
5. Isiphi isimo sengqondo ababonisi okufanele bayifeze ngaso imisebenzi yabo?
5 Umbonisi ongumKristu owenza imisebenzi yakhe ngesisusa esilungile ngeke akuphishekele ukulangazelela kobugovu. Uyocabangela lomsebenzi omuhle wobubonisi bobuKristu njengelungelo alinikwe uNkulunkulu futhi uyokwelusa umhlambi kaNkulunkulu ‘kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi-ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo, kungabi-njengozenza inkosi phezu kwebandla abelwe lona, kodwa abe yisibonelo somhlambi.’ (1 Petru 5:2, 3) Yebo, ababonisi kufanele baqaphele ukuqhosha nokufuna ukusebenzisa kabi igunya.
6. Kungani umdala kungafanele abuse phezu kwabantu bakaNkulunkulu?
6 Umdala akufanele abuse amanye amaKristu, ngoba uyisisebenzi esikanye nawo, hhayi ‘umbusi phezu kokholo lwawo.’ (2 Korinte 1:24) Lapho abaphostoli abathile befuna ukuvelela, uJesu wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba-mkhulu phakathi kwenu makabe-yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba-ngowokuqala phakathi kwenu makabe-yinceku yenu, njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.” (Mathewu 20:20-28) Umdala akayena uMalusi Omkhulu kodwa ungumalusi ongaphansi. Uma ebusa umhlambi, ubonakalisa umoya wokuqhosha. Kuyophumela ekulimaleni ikakhulukazi uma eyengela nabanye ukuba bamsize aqhubekisele phambili ukulangazelela kwakhe kokuqhosha. Isaga sithi: “Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.”—IzAga 16:5.
7, 8. (a) Kungani kudingeka ukuba abadala abangamaKristu bathobeke? (b) Nikeza isibonelo somdala othobekile.
7 Ngakho-ke abadala abangamaKristu kufanele ‘bazithobe phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla.’ Ukuqhosha kuvimbela ukuba umuntu asetshenziswe ezintweni ezingokomoya, ngoba abathobekile kuphela abasesimweni esifanele senhliziyo nesengqondo sokwenza intando yaphezulu. “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.” (1 Petru 5:5, 6) Yebo, uJehova ubusisa abanezingqondo ezithobekile. Kuphakathi kwalaba lapho lamadoda afanelekayo ekhethwa khona ukuba akhonze njengabadala abangamaKristu.
8 Umlando wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova ugcwele izindaba zenkonzo yokuthobeka enikezwa abantu abesaba uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoW. J. Thorn othobekile, owake waba yipilgrim, noma umbonisi ojikelezayo, nesisebenzi saseBethel sesikhathi eside. Ngaye, omunye umKristu wathi: “Angisoze nanini ngiyikhohlwe inkulumo eyashiwo uMzalwan’ uThorn eye yangisiza kuze kube namuhla. Wathi, ngiyacaphuna, ‘Noma nini lapho ngiqala ukuzicabangela kakhulu khona, ngizibizela eceleni, uma ngingakubeka kanjalo, bese ngithi: “Wena luthuli nje olungelutho. Yini onayo ongaqhosha ngayo?”’” Yeka imfanelo etusekayo okumelwe abadala nabanye bayibonise! Khumbula, “umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.”—IzAga 22:4.
Isifiso Sokukhonza Esivela KuNkulunkulu
9. Kungani kungathiwa isifiso sokukhonza njengombonisi sivela kuNkulunkulu?
9 Ingabe isifiso sokukhonza njengombonisi sivela kuNkulunkulu? Yebo, ngoba umoya kaJehova unikeza amandla ashukumisayo, nesibindi, namandla okunikela inkonzo engcwele kuye. Ngokwesibonelo, kwenzekani lapho abalandeli bakaJesu ababeshushiswa bethandazela isibindi sokushumayela? “Kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.” (IzEnzo 4:27-31) Njengoba umoya ongcwele waveza imiphumela enjalo, ungamshukumisela futhi umuntu ukuba alwele ukufaneleka.
10. (a) Yisiphi esinye isizathu esingenza indoda engumKristu ingakulweli ukufaneleka? (b) Uma uNkulunkulu esinika ilungelo lenkonzo, yini esingaqiniseka ngayo?
10 Kungani umKristu ovuthiwe engase angakulweli ukufaneleka? Angase abe ngumuntu ongokomoya kodwa azizwe engafaneleki. (1 Korinte 2:14, 15) Yiqiniso, kufanele sibe nesimo sokuthobeka ngathi ngokwethu, siqaphela ukulinganiselwa kwethu. (Mika 6:8) Kunokuba sicabange ngokugabadela ukuthi yithina esiwufanelekela kakhulu umthwalo wemfanelo othile, kuhle ukukhumbula ukuthi “kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Kodwa kufanele siqaphele futhi ukuthi uma uNkulunkulu esinikeza ilungelo lenkonzo, uyosinika namandla adingekile okulifeza. Njengoba uPawulu asho: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:13.
11. Yini engenziwa umKristu ongalweli ukufaneleka ngoba enomuzwa wokuthi untula ukuhlakanipha okwanele kokunikeza iseluleko?
11 UmKristu angase angalweli ukufaneleka ngoba enomuzwa wokuthi untula ukuhlakanipha okwanele kokunikeza iseluleko. Nokho, mhlawumbe angazuza ukuhlakanipha ngokuba umfundi okhuthele ngokwengeziwe weZwi likaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile kufanele akuthandazele ukuhlakanipha. UJakobe wabhala: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowomuntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.” (Jakobe 1:5-8) Ephendula umthandazo, uNkulunkulu wanika uSolomoni “inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda” eyamenza wakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi lapho ahlulela. (1 AmaKhosi 3:9-14) Indaba kaSolomoni yayihlukile, kodwa ngesifundo senkuthalo nangosizo lukaNkulunkulu, amadoda aphathiswe umthwalo wemfanelo webandla angeluleka abanye ngokulunga. “UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”—IzAga 2:6.
12. Uma indoda, ngenxa yokukhathazeka, ingakulweli ukufaneleka, yini engayisiza?
12 Izinga elithile lokukhathazeka lingase livimbele umuntu ekubeni alwele ukufaneleka. Angase acabange ukuthi ngeke akwazi ukuthwala umthwalo wemfanelo osindayo wokuba umdala. Ngisho noPawulu wavuma: “Kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.” (2 Korinte 11:28) Kodwa umphostoli wakwazi okwakumelwe akwenze lapho ebhekene nokukhathazeka, ngoba wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Yebo, umthandazo nokuthembela kuNkulunkulu kungasiza ekudambiseni ukukhathazeka.
13. Indoda ingathandaza kanjani uma ingakhululekile ukuba ilwele ukufaneleka?
13 Uma ukukhathazeka okuthile kuphikelela, indoda engakhululekile ukuba ilwele ukufaneleka ingase ithandaze njengoDavide: “Ngihlole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami [ekhathazayo, NW] ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni ephakade.” (IHubo 139:23, 24) Kungakhathaliseki ukuthi imicabango yethu “ekhathazayo” ingaba luhlobo luni, uNkulunkulu angasisiza ukuba sibhekane nayo ukuze sithuthuke ngokomoya. (Bheka iNew International Version.) Kuvezwe kahle kwelinye ihubo: “Lapho ngithé unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa. Kubo ubuninginingi bemicabango [ekhathazayo, NW] yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHubo 94:18, 19.
Khonza Ngenjabulo Njengoba UJehova Ethanda
14. Kungani umuntu ongalweli ukufaneleka kufanele athandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu?
14 Uma ngenxa yokukhathazeka, imizwa yokungafaneleki, noma ukuntula amandla ashukumisayo, indoda engumKristu ihluleka ukulwela ukufaneleka, ngokuqinisekile kungaba okufanelekile ukuthandazela umoya kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” (Luka 11:13) Njengoba ukuthula nokuzithiba kuphakathi kwezithelo zomoya, lomoya ungasisiza ukuba sibhekane nokukhathazeka noma imizwa yokungafaneleki.—Galathiya 5:22, 23.
15. Imithandazo yaluphi uhlobo engasiza labo abantula amandla ashukumisayo okuba bazenze batholakalele amalungelo enkonzo?
15 Kuthiwani ngokuntula amandla ashukumisayo? NjengamaKristu abhapathiziwe, sidinga ukuthandazela ukuba uNkulunkulu asenze senze okumjabulisayo. UDavide wanxusa: “[Ngenze ngazi] imendo yakho, Jehova . . . [Ngenze ngihambe] eqinisweni lakho, ungifundise.” (IHubo 25:4, 5, qhathanisa neNW.) Imithandazo enjengalena iyosisiza ukuba sigweme indlela engalungile, futhi singathandaza ngendlela efanayo uma sintula amandla ashukumisayo okulwela ukufaneleka. Singamcela uJehova ukuba asenze sifune ukwamukela amalungelo enkonzo. Eqinisweni, uma sithandazela umoya kaNkulunkulu futhi sizithoba ekuqondiseni kwawo, ngokungangabazeki siyozenza sitholakale uma sinikwa amalungelo enkonzo. Ngaphezu kwalokho, izinceku zikaNkulunkulu ngeke zifune ukumelana nomoya wakhe.—Efesu 4:30.
16. Yisiphi isimo sengqondo esinikeza amandla ashukumisayo amakhulu okulwela ukufanelekela umthwalo wemfanelo webandla?
16 “Sinomqondo kaKristu,” siyakujabulela ukwenza intando yaphezulu. (1 Korinte 2:16) UJesu wayenesimo sengqondo esifanayo nesomhubi, owathi: “Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” (IHubo 40:8) UKristu wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho,” futhi lokho kwaze kwafinyelela nasekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. (Heberu 10:9, 10) Isifiso sokwenza konke okungenzeka enkonzweni kaJehova sinikeza amandla ashukumisayo amakhulu okulwela ukufanelekela umthwalo wemfanelo webandla.
Bheka Esikhathini Esizayo
17. (a) Kungani amadoda manje angasakhonzi ngokugcwele njengoba ake enza kungafanele adumale? (b) Yiliphi ilungelo elikhulu kunawo wonke?
17 Ngenxa yezinkinga zempilo noma yezinye izizathu, abanye abake banakekela imisebenzi yebandla ebalulekile abasenawo amalungelo anjalo manje. Laba akufanele badumale. Siyazi ukuthi amadoda amaningi athembekile angasakwazi ukukhonza ngokugcwele njengoba ake enza asalokhu emi eqinile njengabagcini bobuqotho. (IHubo 25:21) Ngempela, abadala abathobekile asebenesikhathi eside bangaqhubeka benza okuhlangenwe nakho kwabo kutholakale ngokuhlala besendikimbeni yabadala. Nakuba belinganiselwe ngenxa yokukhula noma ngenxa yobunye ubuthakathaka, akudingeki bayeke. Ngesikhathi esifanayo, makuthi bonke oFakazi baJehova bazise ilungelo elihle kunawo wonke, ‘lokukhuluma ngenkazimulo yobukhosi bukaNkulunkulu’ njengabasekeli begama lakhe elingcwele.—IHubo 145:10-13.
18. (a) Uma umdala noma inceku ekhonzayo eye wagudluzwa, yini engadingeka? (b) Yisiphi isimo sengqondo esihle omunye umdala owagudluzwa asibonisa?
18 Uma wake waba ngumdala noma inceku ekhonzayo kodwa manje ungasakhonzi kulesosikhundla, qiniseka ukuthi uNkulunkulu usakunakekela, futhi mhlawumbe uyokunika amalungelo athile ongawalindele esikhathini esizayo. (1 Petru 5:6, 7) Uma udinga ukwenza ukulungisa okuthile, zimisele ukulivuma iphutha futhi ngosizo lukaNkulunkulu usebenzele ukulilungisa. Abanye abaye bagudluzwa ebudaleni baye baba nesimo sengqondo esingesona esobuKristu, futhi abambalwa baye bangabe besakhuthala noma baliyeka iqiniso. Kodwa yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ukuba njengalabo abaye babonakalisa umoya omuhle! Ngokwesibonelo, lapho umdala owayesekhonze iminyaka eminingi eMelika Ephakathi egudluzwa ebudaleni, wathi: “Kubuhlungu kakhulu kimi ukulahlekelwa yilungelo engiye ngalazisa isikhathi eside kangaka. Kodwa ngizosebenza kanzima nganoma iyiphi indlela abazalwane abafuna ukungisebenzisa ngayo futhi ngisebenzele ukubuyisela amalungelo ami enkonzo.” Ngokuhamba kwesikhathi, lomzalwane waba nelungelo lokuphinde akhonze njengomdala.
19. Yisiphi iseluleko esifanelekile umzalwane oye wagudluzwa njengomdala noma inceku ekhonzayo asinikezwayo?
19 Khona-ke, uma uye wagudluzwa njengomdala noma inceku ekhonzayo, londoloza umoya wokuthobeka. Gwema isimo sengqondo esibi esiyokwenza ungawafanelekeli amalungelo esikhathi esizayo. Ngokuba nomoya wokwesaba uNkulunkulu uzuza inhlonipho. Esikhundleni sokudumala, cabanga ngendlela uJehova ayibusisa ngayo inkonzo yakho noma abendlu yakho. Yakha umkhaya wakho ngokomoya, hambela abagulayo, futhi ukhuthaze ababuthakathaka. Ngaphezu kwakho konke, yazisa ilungelo lakho lokudumisa uNkulunkulu nokumemezela izindaba ezinhle njengomunye woFakazi BakaJehova.—IHubo 145:1, 2; Isaya 43:10-12.
20. Indikimba yabadala ingakwazi kanjani ukusiza obekade engumbonisi noma inceku ekhonzayo?
20 Indikimba yabadala kufanele iqaphele ukuthi ukugudluza umuntu obengumbonisi noma inceku ekhonzayo kungase kubangele ukucindezeleka, ngisho noma eliyeka ngokuzithandela lelolungelo. Uma engasusiwe ekuhlanganyeleni, kodwa abadala bebona ukuthi lomzalwane ucindezelekile, kumelwe banikeze usizo olungokomoya ngothando. (1 Thesalonika 5:14) Kufanele bamsize abone ukuthi uyadingeka ebandleni. Ngisho noma iseluleko siye sadingeka, kungase kungathathi isikhathi eside kangako ngaphambi kokuba indoda ezithobayo nenokwazisa iphinde futhi yamukele amalungelo engeziwe enkonzo ebandleni.
21. Obani abawalinda amalungelo enkonzo, futhi yini esikiselwayo kulabo abawalindele namuhla?
21 Uma ulwela ukufaneleka, kungase kudingeke ulinde isikhashana ngaphambi kokuthola amalungelo engeziwe enkonzo. Ungajahi. UMose walinda iminyaka engu-40 ngaphambi kokuba uNkulunkulu amsebenzise lapho ekhulula amaIsrayeli ebugqilini baseGibithe. (IzEnzo 7:23-36) Ngaphambi kokuba amiswe njengomlandeli kaMose, uJoshuwa wayesekhonze isikhathi eside njengenceku yakhe. (Eksodusi 33:11; Numeri 27:15-23) UDavide walinda isikhathi eside ngaphambi kokuba ahlale esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli. (2 Samuweli 2:7; 5:3) UPetru noJohane Marku ngokusobala badlula ezikhathini zokuhlungwa. (Mathewu 26:69-75; Johane 21:15-19; IzEnzo 13:13; 15:36-41; Kolose 4:10) Ngakho uma manje ungenzi msebenzi ebandleni, uJehova kungenzeka ukuvumela ukuba ulolongwe ukuzuza okuhlangenwe nakho okwengeziwe. Kunoma ikuphi, funa usizo lukaJehova njengoba ulwela ukufaneleka, futhi angase akubusise ngamalungelo engeziwe enkonzo. Okwamanje, sebenza ngenkuthalo ukuba ufanelekele umthwalo wemfanelo webandla futhi ubonakalise umoya kaDavide, owathi: “Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube-phakade.”—IHubo 145:21.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Abadala abangamaKristu kufanele baqaphele ziphi izingozi?
◻ Yini engasiza labo okuthi ngenxa yokukhathazeka noma imizwa yokungafaneleki bangakulweli ukufaneleka?
◻ Yini engashukumisa indoda ukuba izenze itholakalele umthwalo wemfanelo webandla?
◻ Abake baba abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele babheke esikhathini esizayo ngasiphi isimo sengqondo?
[Isithombe ekhasini 19]
UW. J. Thorn wabeka isibonelo esihle njengomdala othobekile
[Isithombe ekhasini 21]
NjengoJesu, ingabe uzimisele ukwenza konke okungenzeka enkonzweni kaJehova?