‘Lulwele Kanzima Ukholo’!
“Nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye kwaba kuphela.”—JUDE 3.
1. AmaKristu eqiniso namuhla asempini ngamuphi umqondo?
SELOKHU kwathi nhló, ukuphila kwamasosha empini kunzima. Zicabange ugqoka izingubo zasempini eziphelele uhamba amakhilomitha ngamakhilomitha esimweni sezulu esinhlobonhlobo, uqeqeshwa ngendlela ekhandlayo ekusebenziseni izikhali, noma kudingeka uzivikele kuzo zonke izinhlobo zezimo ezinobudlova ezisongela ukuphila nezingakulimaza. Nokho, amaKristu eqiniso awahlanganyeli ezimpini zezizwe. (Isaya 2:2-4; Johane 17:14) Nakuba kunjalo, akumelwe neze sikhohlwe ukuthi sonke sisempini ngomqondo othile. USathane ugcwele inzondo ngoJesu Kristu nabalandeli bakhe abasemhlabeni. (IsAmbulo 12:17) Bonke abanquma ukukhonza uJehova uNkulunkulu, empeleni, babhalisela ukuba amasosha alwa impi engokomoya.—2 Korinte 10:4.
2. UJude uyichaza kanjani impi yamaKristu, futhi incwadi yakhe ingasisiza kanjani ukuba sikhuthazele kule mpi?
2 Ngokufanelekayo, uJude umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa uyabhala: “Bathandekayo, nakuba bengenza wonke umzamo wokunilobela ngensindiso esiyihlanganyelayo, ngikuthole kudingekile ukuba nginilobele ukuze nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye kwaba kuphela.” (Jude 3) Lapho uJude enxusa amaKristu ukuba ‘alwe kanzima,’ usebenzisa igama elihlobene nelisho “ubuhlungu obukhulu.” Yebo, le mpi ingaba nzima, izwise nobuhlungu obukhulu imbala! Ingabe ngezinye izikhathi ukuthola kunzima ukukhuthazela ku-le mpi? Incwadi kaJude emfushane kodwa enamandla ingasisiza. Isinxusa ukuba simelane nokuziphatha okubi, sihloniphe igunya elimiswe ngokwaphezulu futhi sizigcine othandweni lukaNkulunkulu. Ake sibone indlela esingasetshenziswa ngayo lesi seluleko.
Melana Nokuziphatha Okubi
3. Yisiphi isimo esibucayi ibandla lobuKristu elalibhekene naso osukwini lukaJude?
3 UJude wayebona ukuthi akuwona wonke amaKristu ayekanye naye ayephumelela empini yokulwa noSathane. Umhlambi wawusesimweni esibucayi. Abantu abakhohlakele base “bengene ngokunyenya,” kubhala uJude. Laba bantu babethuthukisa ukuziphatha okubi ngobuqili. Futhi ngobuhlakani babebeka izaba ngezenzo zabo, ‘bephendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu wethu bewenza izaba zokuziphatha okuxekethile.’ (Jude 4) Mhlawumbe, njengamanye amaGnostic asendulo, babecabanga ukuthi lapho umuntu ona ngokwengeziwe, yilapho ethola khona umusa kaNkulunkulu owengeziwe—ngakho, empeleni, kungcono ukona ngokwengeziwe! Noma mhlawumbe babecabanga ukuthi uNkulunkulu onomusa akasoze abajezisa. Noma ngabe yikuphi, babeshaye phansi.—1 Korinte 3:19.
4. Yiziphi izibonelo ezintathu ezingokomBhalo zezahlulelo zikaJehova zesikhathi esidlule uJude azicaphunayo?
4 UJude uphikisa ukucabanga kwabo okubi ngokucaphuna izibonelo ezintathu zezahlulelo zikaJehova esikhathini esidlule: ukwahlulelwa kwama-Israyeli ‘ayengalubonisi ukholo’; ukwahlulelwa ‘kwezingelosi ezashiya indawo yazo siqu yokuhlala efanele’ ukuze zone nabesifazane; nokwahlulelwa kwezakhamuzi zaseSodoma neGomora, ‘ezazenze ubufebe ngokweqile futhi zalandela inyama ngenjongo yokuyisebenzisa ngokungekhona okwemvelo.’ (Jude 5-7; Genesise 6:2-4; 19:4-25; Numeri 14:35) Esimweni ngasinye, uJehova wakhipha isahlulelo esiwujuqu kulezo zoni.
5. UJude ucaphuna muphi umprofethi wasendulo, futhi leso siprofetho sakuveza kanjani ukuqiniseka okugcwele kokuthi sasiyogcwaliseka?
5 Kamuva, uJude ubhekisela esahlulelweni esahilela abaningi nakakhulu. Ucaphuna isiprofetho sika-Enoke—indima engatholakali ndawo kweminye imiBhalo ephefumulelwe.a (Jude 14, 15) U-Enoke wabikezela ngesikhathi lapho uJehova ayeyokwahlulela bonke abantu abangamhloniphi kanye nezenzo zabo zokungamhloniphi. Ngokuthakazelisayo, u-Enoke wakhuluma esebenzisa inkathi edlule, ngoba izahlulelo zikaNkulunkulu zaziqiniseke njengokungathi zase zenzekile kakade. Kungenzeka abantu babemklolodela u-Enoke, futhi kamuva noNowa, kodwa bonke abahleki bosulu abanjalo baminza kuZamcolo wembulunga yonke.
6. (a) Yini amaKristu osuku lukaJude okwakudingeka akhunjuzwe ngayo? (b) Kungani kufanele sizilalele izikhumbuzo zikaJude?
6 Kungani uJude abhala ngalezi zahlulelo zaphezulu? Yingoba wayazi ukuthi abanye ababehlanganyela namabandla obuKristu osukwini lwakhe babenza izono ezimbi nezingafanele njengazo kanye lezo ezabangela lezo zahlulelo ezidlule. Ngakho, uJude ubhala ukuthi kudingeka ukuba amabandla akhunjuzwe ngamaqiniso athile angokomoya ayisisekelo. (Jude 5) Ngokusobala ayesekhohliwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wayekubona ayekwenza. Yebo, lapho izinceku zakhe ziphula imithetho yakhe ngamabomu, zizingcolisa zona nabanye, uyabona. (IzAga 15:3) Izenzo ezinjalo zimzwisa ubuhlungu obukhulu. (Genesise 6:6; IHubo 78:40) Kuyethusa ukucabanga ngokuthi thina bantu abangelutho singathinta imizwa yeNkosi EnguMbusi yendawo yonke. Ihlale isibhekile nsuku zonke, futhi lapho senza okusemandleni ngempela ukuba silandele izinyathelo zeNdodana yayo, uJesu Kristu, khona-ke ukuziphatha kwethu kwenza inhliziyo yayo ithokoze. Khona-ke, masingalokothi sizicasukele izikhumbuzo ezinjengalezi ezinikezwa uJude, kodwa masizilalele.—IzAga 27:11; 1 Petru 2:21.
7. (a) Kungani kubalulekile ukuba labo abahileleke ekoneni okubi bafune usizo ngokushesha? (b) Singakugwema kanjani sonke ukuziphatha okubi?
7 UJehova akaboni nje kuphela kodwa uthatha nesinyathelo. Njengoba enguNkulunkulu wobulungisa, ukhipha isijeziso kubenzi bokubi—ngesikhathi sakhe esifanele. (1 Thimothewu 5:24) Labo abacabanga ukuthi izahlulelo zakhe zimane ziwumlando wasendulo nokuthi akanandaba nobubi ababenzayo bamane nje bayazikhohlisa. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani nganoma ibaphi abahileleke ekuziphatheni okubi namuhla ukuba bafune usizo kubadala abangamaKristu ngokushesha! (Jakobe 5:14, 15) Kungase kusisangulukise sonke ukuqaphela indlela ukuziphatha okubi okuwusongo ngayo empini yethu engokomoya. Minyaka yonke kuba nezisulu—abantu abaxoshwayo phakathi kwethu, iningi labo ngenxa yokwenza izenzo zokuziphatha okubi bengaphenduki. Kumelwe sizimisele ngokuqinile ukumelana nanoma iziphi izilingo, ngisho nezisaqala ukusiholela enkambweni enjalo.—Qhathanisa noMathewu 26:41.
Hlonipha Igunya Elimiswe Ngokwaphezulu
8. Babengobani “abakhazimulayo” okukhulunywa ngabo kuJude 8?
8 Enye inkinga uJude akhuluma ngayo eyokuntuleka kwenhlonipho ngegunya elimiswe ngokwaphezulu. Ngokwesibonelo, evesini 8 umangalela bona labo bantu ababi ‘ngokukhuluma ngokuchapha ngabakhazimulayo.’ Babengobani laba “abakhazimulayo”? Babengabantu abangaphelele, kodwa babenemithwalo yemfanelo ababeyiphathiswe ngomoya ongcwele kaJehova. Ngokwesibonelo, amabandla ayenabadala, ababephathiswe ukwalusa umhlambi kaNkulunkulu. (1 Petru 5:2) Kwakukhona nababonisi abajikelezayo, njengomphostoli uPawulu. Futhi indikimba yabadala eJerusalema yayisebenza njengendikimba ebusayo, yenza izinqumo ezithinta ibandla lobuKristu lilonke. (IzEnzo 15:6) UJude wayekhathazeke ngokujulile ngokuthi abathile emabandleni babekhuluma ngokuchapha ngamadoda anjalo, noma bewahlambalaza.
9. Yiziphi izibonelo eziphathelene nokungalihloniphi igunya ezicashunwa uJude?
9 Ukuze alahle inkulumo enjalo engenanhlonipho, evesini 11, uJude ubhekisela kwezinye izibonelo ezintathu njengezikhumbuzo: UKayini, uBalami noKora. UKayini wasishaya indiva iseluleko sikaJehova sothando, waphishekela ngamabomu inkambo yakhe enenzondo ebulalayo. (Genesise 4:4-8) UBalami wathola izixwayiso ngokuphindaphindiwe okwakungangabazeki ukuthi zivela emthonjeni ongaphezu kovamile—ngisho nembongolo yakhe uqobo yakhuluma naye! Kodwa ngobugovu uBalami waqhubeka akhela abantu bakaNkulunkulu uzungu. (Numeri 22:28, 32-34; Duteronomi 23:5) UKora wayenesakhe isikhundla somthwalo wemfanelo, kodwa wayenganelisekile. Wagqugquzela ukuvukela umuntu omnene kunabo bonke emhlabeni, uMose.—Numeri 12:3; 16:1-3, 32.
10. Abathile namuhla bangawela kanjani ogibeni ‘lokukhuluma ngokuchaphayo ngabakhazimulayo,’ futhi kungani inkulumo enjalo kufanele igwenywe?
10 Yeka indlela lezi zibonelo ezisifundisa ngokucace ngayo ukuba silalele iseluleko futhi sibahloniphe labo uJehova abasebenzisa ezikhundleni zomthwalo wemfanelo! (Heberu 13:17) Kulula kakhulu ukuthola amaphutha kubadala abamisiwe, ngoba abaphelele, njengoba sonke singaphelele. Kodwa uma sigxila emaphutheni abo futhi silulaza ukuhlonishwa kwabo, kungenzeka yini ukuthi ‘sikhuluma ngokuchapha ngabakhazimulayo’? Evesini 10, uJude ukhuluma ngalabo ‘abakhuluma ngokuchapha ngazo zonke izinto abangazazi ngempela.’ Abanye ngezinye izikhathi bagxeka isinqumo esenziwe indikimba yabadala noma ikomiti yokwahlulela. Nokho, abayazi yonke imininingwane eyisifuba okuye kwadingeka abadala bayicabangele ukuze bafinyelele isinqumo. Ngakho bakhulumelani ngokuchapha ngezinto abangazazi ngempela? (IzAga 18:13) Labo abaphikelelayo enkulumweni egxekayo enjalo bangabangela ukwahlukana ebandleni futhi mhlawumbe bafaniswe ngisho ‘nanamadwala [ayingozi] afihleke ngaphansi kwamanzi’ emibuthanweni yamakholwa akanye nabo. (Jude 12, 16, 19) Ngeke nanini sifune ukuba ingozi engokomoya kwabanye. Kunalokho, ngamunye wethu makazimisele ukwazisa amadoda anomthwalo wemfanelo ngenxa yomsebenzi wawo onzima nokuzinikela kwawo emhlanjini kaNkulunkulu.—1 Thimothewu 5:17.
11. Kungani uMikayeli engazange alethe isahlulelo kuSathane ngamazwi achaphayo?
11 UJude ucaphuna isibonelo sothile owalihlonipha igunya elimiswe ngokufanele. Uyabhala: “Kodwa lapho uMikayeli ingelosi eyinhloko enokungezwani noDeveli futhi bephikisana ngesidumbu sikaMose, akazange alokothe alethe isahlulelo ngokumelene naye ngamazwi achaphayo, kodwa wathi: ‘Kwangathi uJehova angakukhuza.’” (Jude 9) Lokhu kulandisa okuthakazelisayo, okutholakala kuJude kuphela emiBhalweni ephefumulelwe, kusifundisa izifundo ezimbili ezingafani. Kolunye uhlangothi, kusifundisa ukuba sishiyele ukwahlulela kuJehova. Ngokusobala uSathane wayefuna ukusisebenzisa kabi isidumbu sendoda eyayikholekile uMose ukuze athuthukise ukukhulekela kwamanga. Yeka ububi! Nokho, ngokuthobeka uMikayeli akazange alethe isahlulelo, ngoba nguJehova kuphela owayenalelo gunya. Khona-ke, yeka ukuthi sinesizathu esikhulu kangakanani sokungabahluleli abantu abakholekile abazama ukukhonza uJehova.
12. Abasezikhundleni zomthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu yini abangase bayifunde esibonelweni sikaMikayeli?
12 Ngakolunye uhlangothi, labo abanesilinganiso esithile segunya ebandleni nabo bangase bafunde isifundo kuMikayeli. Kakade, nakuba uMikayeli ‘ayeyingelosi eyinhloko,’ enkulu kunazo zonke izingelosi, akazange asisebenzise kabi isikhundla sakhe segunya, ngisho nalapho ecunuliwe. Abadala abakholekile basilandela eduze leso sibonelo, beqaphela ukuthi ukusebenzisa igunya labo kabi kuwukungabuhloniphi ubukhosi bukaJehova. Incwadi kaJude yasho okuningi ngamadoda ayenezikhundla ezihloniphekile emabandleni kodwa alisebenzisa kabi igunya lawo. Ngokwesibonelo, emavesini 12 kuya ku-14, uJude ubasola kanzima “abelusi abazondla bona ngaphandle kokwesaba.” (Qhathanisa noHezekeli 34:7-10.) Ngamanye amazwi, ababekukhathalela ngokuyinhloko kwakuwukuzizuzisa bona, hhayi umhlambi kaJehova. Abadala namuhla bangafunda okuningi ezibonelweni ezimbi ezinjalo. Ngempela, amazwi kaJude lapha akuchaza ngokucacile lokho esingafuni ukuba yikho. Lapho sivumela ukunqotshwa ubugovu, asinakuba amasosha kaKristu; sixakeké kakhulu ngokuzilwela thina. Kunalokho, sonke masiphile ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
13. Kungani kufanele sonke sifise ngobuqotho ukuhlala sisothandweni lukaNkulunkulu?
13 Ngasekupheleni kwencwadi yakhe, uJude unikeza lesi seluleko esijabulisayo: “Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu.” (Jude 21) Akukho lutho oluyosisiza ukuba silwe impi yobuKristu ukudlula ukuba sihlale singabathandekayo kuJehova uNkulunkulu. Kakade, uthando luyimfanelo kaJehova evelele. (1 Johane 4:8) UPawulu wabhalela amaKristu aseRoma: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nawohulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 8:38, 39) Nokho, sihlala kanjani sikulolo thando? Phawula ezintathu zezinyathelo esingazithatha, ngokukaJude.
14, 15. (a) Kusho ukuthini ukuzakha ‘okholweni lwethu olungcwele kakhulu’? (b) Singase sisihlole kanjani isimo sesambatho sethu sokuzivikela esingokomoya?
14 Okokuqala, uJude usitshela ukuthi masiqhubeke sizakha ‘okholweni lwethu olungcwele kakhulu.’ (Jude 20) Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, lena inqubo eqhubekayo. Sinjengezakhiwo ezidinga ukuqiniswa nakakhulu ukuze zibhekane nokuhlasela kwesimo sezulu okuya kuba namandla. (Qhathanisa noMathewu 7:24, 25.) Ngakho masingalokothi sizethembe ngokweqile. Kunalokho, masibheke ukuthi singazakha kuphi esisekelweni sokholo lwethu, siqine ngokwengeziwe, sibe amasosha kaKristu akholeke ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, singase sicabangele izingxenye zesambatho sokuzivikela esingokomoya esichazwe kweyabase-Efesu 6:11-18.
15 Sisesimweni esinjani esethu isambatho sokuzivikela esingokomoya? Ingabe “isihlangu” sethu “esikhulu sokholo” siqine ngokudingekile? Uma sibheka emuva eminyakeni embalwa edlule, ingabe sibona izimpawu ezithile zokuyekethisa, njengokuncipha kwezinga lokuba khona emihlanganweni, ukwehla kokushisekela inkonzo, noma ukuncipha komdlandla wesifundo somuntu siqu? Izimpawu ezinjalo ziyingozi! Kudingeka sithathe isinyathelo manje ukuze sizakhe futhi siziqinise eqinisweni.—1 Thimothewu 4:15; 2 Thimothewu 4:2; Heberu 10:24, 25.
16. Kusho ukuthini ukuthandaza ngomoya ongcwele, futhi iyiphi into okufanele siyicele njalo kuJehova?
16 Indlela yesibili yokuhlala othandweni lukaNkulunkulu iwukuqhubeka ‘sithandaza ngomoya ongcwele.’ (Jude 20) Lokho kusho ukuthandaza singaphansi kwethonya lomoya kaJehova futhi ngokuvumelana neZwi lakhe eliphefumulelwe ngomoya. Umthandazo uyindlela ebalulekile yokusondela kuJehova ngokomuntu siqu nokumtshela ngokuzinikela kwethu kuye. Akufanele nanini silidebeselele leli lungelo elimangalisayo! Futhi lapho sithandaza, singase sicele—empeleni, siqhubeke sicela—umoya ongcwele. (Luka 11:13) Ungamandla amakhulu kunawo wonke esingawathola. Ngosizo olunjalo, singahlala sisothandweni lukaNkulunkulu njalo futhi sikhuthazele njengamasosha kaKristu.
17. (a) Kungani siphawuleka kangaka isibonelo sikaJude endabeni yesihe? (b) Ngamunye wethu angaqhubeka kanjani ebonisa isihe?
17 Okwesithathu, uJude usinxusa ukuba siqhubeke sibonisa isihe. (Jude 22) Isibonelo sakhe uqobo siyaphawuleka kulokhu. Kwakufanelekile vele ukuba akhathazeke ngokukhohlakala, ukuziphatha okubi nokuhlubuka okwakungena ngokunyenya ebandleni lobuKristu. Noma kunjalo, akazange anqotshwe ukwethuka, abe nombono wokuthi ngandlela-thile izikhathi zaziyingozi kakhulu ukuba angabonisa imfanelo ‘ethambile’ njengesihe. Cha, wanxusa abafowabo ukuba baqhubeke bebonisa isihe noma yinini lapho kungenzeka, babonisane ngomusa nalabo abanokungabaza, baze ngisho ‘bahlwithe emlilweni’ labo abaphambukela eduze nokwenza isono esibi. (Jude 23; Galathiya 6:1) Yeka isikhuthazo esihle kubadala kulezi zikhathi ezinezinkathazo! Nabo bazama ukubonisa isihe noma kuphi lapho kunesisekelo sokwenzenjalo, bebe beqinile lapho kudingeka. Sonke sifuna ukubonisana isihe ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, kunokuba sigcine amagqubu ngezinto ezingasho lutho, singathethelela ngokungagodli.—Kolose 3:13.
18. Singaqiniseka kanjani ukuthi sizonqoba empini yethu engokomoya?
18 Impi esiyilwayo ayilula. Njengoba uJude esho, ‘siyilwa kanzima.’ (Jude 3) Izitha zethu zinamandla. Akuyena uSathane kuphela omelene nathi, kodwa nezwe lakhe elibi nokungapheleli kwethu uqobo konke kumelene nathi. Nokho, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi sizonqoba! Ngani? Ngoba singasohlangothini lukaJehova. UJude uphetha incwadi yakhe ngesikhumbuzo sokuthi kufanelekile ukuba uJehova anikwe “inkazimulo, ubukhulu, amandla negunya . . . kuze kube kulo lonke ingunaphakade elidlule namanje nakulo lonke ingunaphakade.” (Jude 25) Ingabe akuwona umcabango owethusayo lowo? Khona-ke, kungaba khona yini ukungabaza ngokuthi lo Nkulunkulu ofanayo ‘uyakwazi ukukuqapha ukuba ungakhubeki’? (Jude 24) Ngokuqinisekile akunakuba njalo! Ngamunye wethu makazimisele ukuqhubeka emelana nokuziphatha okubi, ehlonipha igunya elimiswe ngokwaphezulu futhi azigcine othandweni lukaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela, siyojabulela ukunqoba okumangalisayo ndawonye.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye abacwaningi bathi uJude ucaphuna i-Book of Enoch ekuthembeka kwayo kuyangatshazwa. Nokho, uR. C. H. Lenski uyaphawula: “Siyabuza: ‘Uyini umthombo wale ncwadi echibiyelwe, i-Book of Enoch?’ Le ncwadi iyisijobelelo, futhi akekho oqinisekayo ngeminyaka izingxenye zayo ezihlukahlukene [ezalotshwa ngayo] . . . ; akekho ongaqiniseka ukuthi amanye amazwi ayo awazange mhlawumbe athathwe kuJude ngokwakhe.”
Imibuzo Yokubukeza
◻ Incwadi kaJude isifundisa kanjani ukuba simelane nokuziphatha okubi?
◻ Kungani kubaluleke kangaka ukuhlonipha igunya elimiswe ngokwaphezulu?
◻ Yini embi kangako ngokusebenzisa kabi igunya lasebandleni?
◻ Singakusebenzela kanjani ukuhlala sisothandweni lukaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 15]
Ngokungafani namasosha angamaRoma, amaKristu alwa impi engokomoya
[Isithombe ekhasini 18]
Abelusi abangamaKristu abakhonzi ngenxa yobugovu, kodwa ngenxa yothando