Izinsuku Zokugcina Ibuphi Ubufakazi?
“Akukho zinsimbi ezakhala futhi akekho owakhala kungakhathaliseki ukuthi wayelahlekelwe kangakanani ngoba cishe wonke umuntu wayelindele ukufa. . . . Abantu babekholelwa futhi bethi, ‘Lesi isiphelo sezwe.’”—Umbhalo wesazi-mlando saseItaly ngemiphumela yoKufa Okumnyama (isifo samabala amnyama) ekhulwini le-14 leminyaka.
ABANTU abaqotho ezizukulwaneni ezidlule baye bakholelwa ngokuyiphutha ukuthi babephila ezinsukwini zokugcina. Endabeni ecashunwe ngenhla, kwakuwumqedazwe wesifo sezimbilapho owabhekwa njengesibonakaliso sokuphela kwezwe. Okunye ukulinganisela kuthi sabulala ingxenye yesithathu yenani labantu baseYurophu. Kodwa isiphelo asizange sifike. Kwakungakabi yisikhathi sokungenela kukaNkulunkulu.
Ngakho umuntu angaqiniseka kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova baqinisile ngokumemezela ukuba seduze kwesiphelo salesimiso sezwe esikhona nokudluliselwa kokubusa koMbuso kaNkulunkulu phezu komhlaba? Ngokuhlola kuphela lokho abakushoyo nokukuqhathanisa nezibikezelo zeBhayibheli. Khona-ke, iziphi iziprofetho ezikhethekile ezichaza izenzakalo eziphawula izinsuku zokugcina?
Impi, Indlala, Nomqedazwe
Ezinye izici eziyinhloko zaleziprofetho zifushanisiwe embonweni owaziwayo wabagibeli bamahhashi besAmbulo kusAmbulo 6:1-8, futhi yilezi:
“Ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane.” Siza uphawule ukuthi umgibeli walelihhashi wayeyosusa ukuthula emhlabeni, hhayi nje ezizweni ezimbalwa. Ngakho-ke, lifanekisela isikhathi sempi nokubulalana komhlaba wonke. Ingabe siye sakubona lokho phakathi nekhulu lama-20 leminyaka?
“Ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.” Ngokufanelekile lokhu kufanekisela ukulamba, ukuntuleka kokudla, nendlala. Ingabe lezizimo zikhona esizukulwaneni sethu?
“Ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa [“umqedazwe,” NW], nangezilwane zomhlaba.” Lapha, ukufa kwangaphambi kwesikhathi, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa impi, indlala, umqedazwe, noma isilo, kunqwabelanisa izisulu zakho ethuneni langaphambi kwesikhathi (iHayidese). Ingabe amashumi ezigidi zabantu awayanga yini kulelothuna esikhathini sethu?
Okuhambisana nalemibono izimo ezabikezelwa uJesu, nazi ezinye zazo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kubekhona indlala nokuzamazama komhlaba. . . . Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” Wabikezela futhi umsebenzi wokufakaza womhlaba wonke, noma ukushunyayelwa ‘kwezindaba ezinhle zombuso,’ ngaphambi kokuba isiphelo sifike.
Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu ongumKristu wachaza ukusabela kwabantu, ethi phakathi nezinsuku zokugcina “abantu ngeke bathande lutho ngaphandle kwemali nabo ngokwabo . . . bengahloniphi abazali, bengabongi.” Wanezela: “Bayoba ngabantu ababeka injabulo esikhundleni sikaNkulunkulu, abantu ababonakalisa isimo sangaphandle senkolo, kodwa bekuphika lokho okuyikho ngempela.”—The New English Bible.a
Masikhumbule ukuthi nakuba isiprofetho sikaJesu sibonisa umvuthwandaba emlandweni womuntu njengoba zonke lezizenzakalo zenzeka esizukulwaneni esisodwa, akudingekile ukuba zibe zinkulu ngokwamanani noma ngobukhulu ngaphezu kwanoma isiphi isizukulwane esidlule, ngisho nakuba zingase zibe njalo.
Ingabe uye wazibona lezenzakalo nezimo phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka, ikakhulukazi kusukela ngo-1914? Ingabe uyazibona ngisho namanje ngo-1988? Njengesikhumbuzo, masibukeze ezinye zezenzakalo ezivelele eziye zathinta futhi ezisathinta isintu futhi siphendule umbuzo othi, Ingabe zibonisa ukuthi isikhathi sokungenela kukaNkulunkulu ngoMbuso wakhe siseduze?—Luka 21:29-33.
[[Imibhalo yaphansi]]
a Leziprofetho zingatholwa ngokuningiliziwe kulezingcaphuno zeBhayibheli ezilandelayo: Mathewu 24; Luka 21; Marku 13; 2 Thimothewu 3:1-5.
[Isithombe ekhasini 3]
Umbhalo oqoshiwe ongezansi kwalesikhumbuzo esifanekisela iMpi Yezwe I ufundeka kanje: “Enkumbulweni ehlala njalo yabaFile Abangcwele BaseKamu Lase-Evesham [eNgilandi] abanikela ukuphila kwabo ngenxa yeZwe labo eMpini Enkulu.”