Marku
6 Wamuka lapho wafika endaweni yakubo, abafundi bakhe bemlandela.+ 2 Lapho kuba isabatha, wafundisa esinagogeni; abaningi kulabo ababelalele bakhexa bathi: “Lo muntu uzithathephi lezi zinto?+ Futhi kungani lo muntu enikwe lokhu kuhlakanipha, nemisebenzi yamandla enje yenzeka ngezandla zakhe? 3 Lona ngumbazi+ indodana kaMariya+ futhi ngumfowabo kaJakobe+ noJosefa noJuda noSimoni,+ akunjalo? Odadewabo bakanye nathi lapha, akunjalo?” Ngakho bakhubeka ngaye.+ 4 Kodwa uJesu wathi kubo: “Umprofethi uyahlonishwa kwenye indawo ngaphandle kwasendaweni yakubo+ naphakathi kwezihlobo zakhe nasendlini yakubo.”+ 5 Ngakho awukho umsebenzi wamandla akwazi ukuwenza lapho ngaphandle kokubeka izandla abambalwa abaxhwalile abelaphe. 6 Impela, wamangala ngokuntula kwabo ukholo. Wahambahamba emizaneni ejikeleza, efundisa.+
7 Manje wabiza abayishumi nambili, wasungula ukubathuma ngababili,+ futhi wabanika igunya phezu kwemimoya engcolileyo.+ 8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lohambo ngaphandle kodondolo kuphela, bangaphathi sinkwa, bangaphathi sikhwama sokudla,+ bangaphathi mali emixhakeni yabo,+ 9 kodwa ukuba bafake izimbadada, futhi bangagqoki izingubo zangaphansi ezimbili.+ 10 Ngokuqhubekayo, wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena emzini womuntu,+ hlalani khona nize niphume kuleyo ndawo.+ 11 Futhi nomaphi lapho indawo inganamukeli noma inganizwa, anothi lapho niphuma nithuntuthe inhlabathi engaphansi kwezinyawo zenu ukuze kube ngubufakazi kubo.”+ 12 Ngakho basuka futhi bashumayela ukuze abantu baphenduke;+ 13 babexosha amademoni+ amaningi futhi begcoba abantu abaningi abaxhwalile ngamafutha+ babelaphe.+
14 Manje kwafika ezindlebeni zeNkosi uHerode, ngoba igama likaJesu laziwa obala, futhi abantu babethi: “UJohane umbhapathizi uvusiwe kwabafileyo, futhi kungakho enza imisebenzi yamandla.”+ 15 Kodwa abanye babethi: “Ngu-Eliya.”+ Kanti abanye babethi: “Umprofethi njengomunye wabaprofethi.”+ 16 Kodwa uHerode lapho ekuzwa wathi: “UJohane engamnquma ikhanda, nguye lo ovusiwe.”+ 17 Ngoba uHerode ngokwakhe wayethumele wabamba uJohane wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngoba wayeshade naye.+ 18 Ngoba uJohane wayesho ngokuphindaphindiwe kuHerode ethi: “Kuwukwephula umthetho ukuthatha umkamfowenu.”+ 19 Kodwa uHerodiya wayembambele igqubu+ futhi wayefuna ukumbulala, kodwa engakwazi.+ 20 Ngoba uHerode wayemesaba+ uJohane, emazi ukuthi ungumuntu olungile nongcwele;+ ngakho wayemgcine ephephile. Futhi ngemva kokumuzwa+ wayedideke kakhulu ukuthi kumelwe enzeni, nokho waqhubeka emuzwa ngokuthokoza.
21 Kodwa usuku olukahle+ lwafika lapho uHerode ayenzele amadoda ayizikhulu zakhe nabalawuli bamabutho nabaphambili baseGalile isidlo sakusihlwa ngosuku lwakhe lokuzalwa.+ 22 Indodakazi yakhe kanye lo Herodiya yangena yadansa yamjabulisa uHerode nalabo ababehlezi+ naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyifunayo, ngizokunika yona.” 23 Yebo, yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi, ngizokunika yona,+ kuze kube yingxenye yombuso wami.”+ 24 Yaphuma yathi kunina: “Ngiceleni?” Wathi: “Ikhanda likaJohane umbhapathizi.”+ 25 Masinyane yangena ishesha enkosini yacela, ithi: “Ngifuna unginike khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” 26 Nakuba inkosi yaba lusizi kakhulu, nokho yayingafuni ukungayinaki, ngenxa yezifungo nangenxa yalabo ababehlezi etafuleni.+ 27 Ngakho inkosi yathumela masinyane umlindankosi yamyala ukuba alethe ikhanda lakhe. Wahamba wamnquma ikhanda etilongweni+ 28 waliletha ikhanda lakhe ngoqwembe, walinika intombazane, intombazane yalinika unina.+ 29 Lapho abafundi bakhe bezwa ngakho beza bathatha isidumbu sakhe basingcwaba ethuneni.+
30 Abaphostoli babuthana ndawonye phambi kukaJesu bambikela zonke izinto ababezenzile nababezifundisile.+ 31 Wathi kubo: “Wozani, nina nodwa, ngasese endaweni engenabantu+ niphumule kancane.”+ Ngoba babebaningi ababefika behamba, futhi babengenaso isikhathi esikhululekile ngisho nesokudla ukudla.+ 32 Ngakho bahamba ngesikebhe baya endaweni engenabantu bebodwa.+ 33 Kodwa abantu bababona behamba futhi abaningi bakwazi lokho, bagijima ngezinyawo kanyekanye bevela kuyo yonke imizi baya lapho futhi bafika kuqala kunabo.+ 34 Nokho, lapho ehla wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu+ ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi.+ Wasifundisa izinto eziningi.+
35 Manje isikhathi sase sihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo isehlane, nesikhathi sesihambile.+ 36 Bamukise, ukuze bahambe baye emaphandleni nasemizaneni ezungezile bazithengele okudliwayo.”+ 37 Ephendula wathi kubo: “Banikeni nina okudliwayo.” Khona-ke bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangamakhulu amabili sizinike abantu ukuba badle?”+ 38 Wathi kubo: “Zingaki izinkwa eninazo? Hambani niyobheka!” Ngemva kokuthola, bathi: “Zinhlanu, ngaphandle kwezinhlanzi ezimbili.”+ 39 Wayala bonke abantu ukuba bahlale ngamaqembu+ otshanini obuluhlaza.+ 40 Bahlala ngamaqembu abayikhulu nawabangamashumi amahlanu.+ 41 Ethatha manje lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili wabheka phezulu ezulwini washo isibusiso,+ wahlephula+ izinkwa wazinika abafundi bakhe, ukuze bona bazinike abantu; wabahlukanisela bonke izinhlanzi ezimbili. 42 Ngakho bonke badla basutha;+ 43 babutha izingcezwana, zagcwala obhasikidi abayishumi nambili, ngaphandle kwezinhlanzi. 44 Labo abadla izinkwa kwakungamadoda ayizinkulungwane ezinhlanu.+
45 Futhi, ngaphandle kokulibala, wacindezela abafundi bakhe ukuba bagibele isikebhe bamandulele baye ogwini olungaphesheya ngaseBhetsayida, yena abe emukisa isixuku.+ 46 Kodwa ngemva kokusivalelisa wahamba waya entabeni eyothandaza.+ 47 Njengoba kwase kuhwalele, isikebhe sasiphakathi nolwandle, kodwa yena wayeyedwa ezweni.+ 48 Lapho ebabona begwedla ngobunzima,+ ngoba babebhekene nomoya, weza ngakubo cishe ngomlindo wesine wobusuku, ehamba phezu kolwandle; kodwa wayesezodlula kubo. 49 Lapho bembona ehamba phezu kolwandle bacabanga: “Umbono!” bamemeza kakhulu.+ 50 Ngoba bonke bambona futhi bakhathazeka. Kodwa masinyane wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi, yimi; ningesabi.”+ 51 Wagibela esikebheni kanye nabo, umoya wanqamuka. Khona-ke bamangala kakhulu ngaphakathi kubo,+ 52 ngoba babengakuqondanga lokho okwakushiwo yizinkwa, kunalokho izinhliziyo zabo zaqhubeka zibuthuntu ekuqondeni.+
53 Lapho sebewelele ngaphesheya ezweni, bafika eGenesaretha, bamisa isikebhe ngehange eduze.+ 54 Kodwa ngokushesha lapho behla esikebheni, abantu bambona, 55 futhi bagijima sonke leso sifunda bathwala ngezinhlaka labo ababegula babayisa lapho bezwe ukuthi ukhona. 56 Nomaphi lapho ayengena khona emizaneni noma emizini noma emaphandleni+ babebeka abagulayo ezigcawini, bemncenga ukuba bathinte+ insephe+ nje yengubo yakhe yangaphandle. Futhi bonke abayithinta baphila.+