Luka
19 Wangena eJeriko+ edlula. 2 Lapha kwakukhona indoda okuthiwa uZakewu; yayingumthelisi omkhulu, futhi icebile. 3 Nokho, yayifuna ukubona+ ukuthi wayengubani lo Jesu, kodwa yayingakwazi ngenxa yesixuku, ngoba yayincane. 4 Ngakho yagijima yabandulela yaya endaweni engaphambili futhi yakhwela emthini womthombe ukuze imbone, ngoba wayesezodlula ngaleyo ndlela. 5 Manje lapho uJesu efika kuleyo ndawo, wabheka phezulu wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngoba namuhla kumelwe ngihlale endlini yakho.” 6 Washesha wehla futhi wamamukela ngokujabula njengesimenywa. 7 Kodwa lapho bekubona, bonke bavungazela,+ bethi: “Uye kongenisa kwamuntu oyisoni.” 8 Kodwa uZakewu wasukuma wathi eNkosini: “Bheka! Ingxenye yokungokwami, Nkosi, ngiyipha abampofu, futhi noma yini engayiphanga kunoma ubani ngokumbeka icala lamanga+ ngiyibuyisela iphindwe kane.”+ 9 Khona-ke uJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, ngoba naye uyindodana ka-Abrahama.+ 10 Ngoba iNdodana yomuntu izele ukufuna nokusindisa lokho obekulahlekile.”+
11 Lapho besalalele lezi zinto walandisa umfanekiso, ngoba wayeseduze kwaseJerusalema futhi becabanga ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzozibonakalisa ngaso leso sikhathi.+ 12 Ngakho-ke wathi: “Umuntu othile wozalo lwasebukhosini waya ezweni elikude ukuze azitholele amandla obukhosi futhi abuye.+ 13 Ebiza izinceku zakhe eziyishumi wazinika omina abayishumi wathi kuzo, ‘Hwebani ngize ngibuye.’+ 14 Kodwa abantu bakubo babemzonda+ futhi bathumela amanxusa emva kwakhe, ukuba athi, ‘Asifuni ukuba lo muntu abe yinkosi phezu kwethu.’+
15 “Ekugcineni lapho ebuya ngemva kokuba esethole amandla obukhosi, wayala ukuba abizelwe lezi zinceku ayezinike imali yesiliva, ukuze athole ukuthi zizuzeni ngokuhweba.+ 16 Khona-ke eyokuqala yeza, yathi, ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’+ 17 Ngakho wathi kuyo, ‘Wenze kahle, nceku enhle! Ngoba entweni encane kakhulu uzibonakalisé uthembekile, yengamela imizi eyishumi.’+ 18 Manje eyesibili yeza, yathi, ‘Umina wakho, Nkosi, wenze omina abahlanu.’+ 19 Wathi nakulena, ‘Nawe, futhi, phatha imizi emihlanu.’+ 20 Kodwa enye yeza, yathi, ‘Nkosi, nanku umina wakho, engawukhweza usongwe ngendwangu. 21 Uyabona, bengikwesaba, ngoba ungumuntu onokhahlo; uthatha ongakubekanga futhi uvuna ongakuhlwanyelanga.’+ 22 Wathi kuyo, ‘Ngikwahlulela ngokuphuma emlonyeni wakho+ siqu, nceku embi. Bewazi, ukuthi ngingumuntu onokhahlo, othatha angakubekanga novuna angakuhlwanyelanga?+ 23 Ngakho kungani ungafakanga imali yami yesiliva ebhange? Khona-ke lapho ngifika bengiyoyilanda inenzalo.’+
24 Wabe esethi kulabo ababemi lapho, ‘Thathani umina kuye niwunike lowo onomina abayishumi.’+ 25 Kodwa bathi kuye, ‘Nkosi, unomina abayishumi!’— 26 ‘Ngithi kini, Bonke abanakho, bayonikwa okwengeziwe; kodwa lowo ongenakho, kuyothathwa+ ngisho nalokho anakho. 27 Ngaphezu kwalokho, lezi zitha zami ezingafunanga ukuba ngibe inkosi phezu kwazo ziletheni lapha nizibulale phambi kwami.’”+
28 Ngemva kokuba esesho lezi zinto, waqhubekela phambili, ekhuphukela eJerusalema.+ 29 Lapho esondela eBhetfage naseBhethaniya entabeni okuthiwa iNtaba Yeminqumo,+ wathuma ababili kubafundi,+ 30 ethi: “Yanini emzaneni obhekene nani, ngemva kokuba seningenile kuwo nizothola kukhulekwe ithole lembongolo, okungekho noyedwa esintwini owake wahlala phezu kwalo. Nilithukulule nililethe.+ 31 Kodwa uma kuba khona onibuzayo ethi, ‘Nilithukululelani?’ Nithi, ‘INkosi iyalidinga.’”+ 32 Ngakho labo ababethunyiwe bamuka bathola kunjengoba nje eshilo kubo.+ 33 Kodwa njengoba belithukulula ithole lembongolo abanikazi balo bathi kubo: “Nilithukululelani ithole?”+ 34 Bathi: “INkosi iyalidinga.”+ 35 Baliyisa kuJesu, futhi baphonsa phezu kwethole lembongolo izingubo zabo zangaphandle bahlalisa uJesu phezu kwalo.+
36 Njengoba eqhubeka+ babelokhu bendlala izingubo zabo zangaphandle endleleni.+ 37 Ngokushesha lapho esondela endleleni eyehlayo eNtabeni Yeminqumo lonke uquqaba lwabafundi lwaqala ukujabula nokudumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngayo yonke imisebenzi yamandla olwaluyibonile,+ 38 luthi: “Ubusisiwe Lowo oza njengeNkosi egameni likaJehova!+ Ukuthula ezulwini, nenkazimulo ezindaweni eziphakeme kunazo zonke!”+ 39 Nokho, abanye kubaFarisi ababesesixukwini bathi kuye: “Mfundisi, khuza abafundi bakho.”+ 40 Kodwa ephendula wathi: “Ngiyanitshela, Uma laba bebengathula amatshe+ abeyokhamuluka.”
41 Lapho eseseduze, wawubuka umuzi futhi wawukhalela,+ 42 ethi: “Ukube wena, yebo wena, ubuziqondile+ kulolu suku izinto eziphathelene nokuthula—kodwa manje ziye zafihlwa emehlweni akho.+ 43 Ngoba uzofikelwa izinsuku lapho izitha zakho zizokwakha uthango+ nxazonke zakho ngezigxobo ezicijile+ zikuzungeze+ futhi zikucindezele+ nhlangothi zonke, 44 zizokuphahlaza phansi wena nabantwana bakho abaphakathi kwakho,+ ngeke zishiye tshe phezu kwetshe+ kuwe, ngoba awusiqondanga isikhathi sokuhlolwa kwakho.”+
45 Wangena ethempelini waqala ukuxosha ababethengisa,+ 46 ethi kubo: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Futhi indlu yami iyoba yindlu yomthandazo,’+ kodwa nina niyenzé umhume wabaphangi.”+
47 Ngaphezu kwalokho, wafundisa nsuku zonke ethempelini. Kodwa abapristi abakhulu nababhali nabavelele kubantu babefuna ukumbhubhisa;+ 48 kodwa nokho abayitholanga into ababengayenza iphumelele, ngoba abantu bonke ngothi lwabo babelokhu benamathele kuye ukuze bamuzwe.+