Johane
4 Lapho iNkosi iqaphela ukuthi abaFarisi babezwile ukuthi uJesu wayenza abafundi abaningi kunoJohane futhi ebabhapathiza+ — 2 nakuba empeleni, uJesu ngokwakhe engazange abhapathize kodwa kungabafundi bakhe ababebhapathiza— 3 yasuka eJudiya yaphinde yaya eGalile. 4 Kodwa kwakudingeka idabule eSamariya.+ 5 Ngakho yafika emzini waseSamariya obizwa ngokuthi iSikhari eduze kwensimu uJakobe ayinika uJosefa indodana yakhe.+ 6 Eqinisweni, wawulapho umthombo kaJakobe.+ Manje uJesu, ekhathele ngenxa yalolu hambo, wayehlezi emthonjeni njengoba nje ayenjalo. Kwakucishe kube yihora lesithupha.
7 Kweza owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” 8 (Ngoba abafundi bakhe babehambile beye emzini beyothenga ukudla.) 9 Ngakho-ke lona wesifazane ongumSamariya wathi kuye: “Kwenzeka kanjani ukuba wena, naphezu kokuba ungumJuda, ucele ukuba ngikuphuzise, ngibe ngingowesifazane ongumSamariya?” (Ngoba amaJuda awadlelani namaSamariya.)+ 10 UJesu waphendula wathi kuye: “Ukube ubusazi isipho sesihle+ sikaNkulunkulu nokuthi ngubani+ lo othi kuwe, ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucelé kuye, futhi ngabe ukunike amanzi aphilayo.”+ 11 Yena wathi kuye: “Mnumzane, awunalo ngisho nebhakede lokukha amanzi, futhi umthombo ujulile. Pho la manzi aphilayo onawo avela kumuphi umthombo? 12 Wena awumkhulu+ kunokhokho wethu uJakobe, owasinika lo mthombo futhi yena ngokwakhe namadodana akhe nezinkomo zakhe abaphuza kuwo, akunjalo?” 13 UJesu waphendula wathi kuye: “Wonke umuntu ophuza la manzi uyophinde ome. 14 Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma,+ kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi+ ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.”+ 15 Owesifazane wathi kuye: “Mnumzane, nginike la manzi, ukuze ngingomi futhi ngingalokhu ngiza kule ndawo ngizokukha amanzi.”
16 UJesu wathi kuye: “Hamba uyobiza umyeni wakho nize kule ndawo.” 17 Ephendula, lona wesifazane wathi: “Anginaye umyeni.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle uma uthi, ‘Umyeni anginaye.’ 18 Ngoba uye waba nabayeni abahlanu, futhi indoda onayo manje ayiyena umyeni wakho. Lokhu ukushó ngeqiniso.” 19 Owesifazane wathi kuye: “Mnumzane, ngiyabona ukuthi ungumprofethi.+ 20 Okhokho bethu bakhulekela kule ntaba;+ kodwa nina nithi iseJerusalema indawo abantu okufanele bakhulekele kuyo.”+ 21 UJesu wathi kuye: “Ngikholwe, sifazane, Ihora liyeza lapho ningayikumkhulekela+ uBaba kule ntaba noma eJerusalema.+ 22 Nina nikhulekela eningakwaziyo;+ thina sikhulekela esikwaziyo, ngoba insindiso ivela kumaJuda.+ 23 Noma kunjalo, ihora liyeza futhi sekuyilo namanje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya+ nangeqiniso,+ ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.+ 24 UNkulunkulu unguMoya,+ futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.”+ 25 Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya+ uyeza, obizwa ngokuthi uKristu.+ Noma nini lapho yena efika, uyozimemezela obala zonke izinto kithi.” 26 UJesu wathi kuye: “Mina engikhuluma nawe nginguye.”+
27 Kuleli qophelo abafundi bakhe bafika, futhi bamangala ngoba ekhuluma nowesifazane. Yebo, akekho owathi: “Ufunani?” noma, “Ukhulumelani naye?” 28 Ngakho-ke, owesifazane washiya imbiza yakhe yamanzi wahamba waya emzini, watshela abantu wathi: 29 “Wozani lapha, nibone umuntu ongitshele zonke izinto engizenzile. Akuyena mhlawumbe uKristu lona?”+ 30 Baphuma emzini baya kuye.
31 Phakathi naleso sikhathi abafundi babemncenga, bethi: “Rabi,+ yidla.” 32 Kodwa wathi kubo: “Nginokudla engizokudla eningazi ngakho.” 33 Ngakho-ke abafundi bathi omunye komunye: “Akekho umuntu oye wamlethela utho ukuba adle, akunjalo?” 34 UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami+ kuwukuba ngenze intando+ yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.+ 35 Anisho yini ukuthi kusasele izinyanga ezine ngaphambi kokuba kufike ukuvuna? Bhekani! Ngithi kini: Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.+ Kakade 36 umvuni useyayamukela inkokhelo futhi ubutha isithelo esiyothola ukuphila okuphakade,+ ukuze umhlwanyeli+ nomvuni bajabule kanyekanye.+ 37 Ngempela, kulesi sici, leli zwi liyiqiniso, Omunye ungumhlwanyeli omunye ungumvuni. 38 Nganithuma ukuba niyovuna lokho eningazange nishikashikeke ngakho.+ Abanye baye bashikashikeka, nina ningené enzuzweni yomshikashika wabo.”
39 Abaningi kulawo maSamariya aphuma kulowo muzi bakholwa+ nguye ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza wathi: “Ungitshelé zonke izinto engizenzile.”+ 40 Ngakho-ke lapho amaSamariya efika kuye, amcela ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.+ 41 Ngenxa yalokho abanye abaningi bakholwa ngenxa yalokho akusho,+ 42 futhi bathi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yenkulumo yakho nje; ngoba sizizwele ngokwethu+ futhi siyazi ukuthi lo muntu ngokuqinisekile ungumsindisi+ wezwe.”
43 Ngemva kwalezo zinsuku ezimbili wasuka lapho waya eGalile.+ 44 Nokho, uJesu ngokwakhe wafakaza ukuthi umprofethi akabi nalo udumo+ ezweni lakubo. 45 Ngakho-ke, lapho efika eGalile, abaseGalile bamamukela, ngoba babebone zonke izinto ayezenze emkhosini+ eJerusalema, ngoba nabo babeyile emkhosini.+
46 Khona waphinde wafika eKhana+ laseGalile, lapho ayephendule khona amanzi aba yiwayini.+ Kwakukhona isikhonzi esithile senkosi esindodana yaso yayigula eKapernawume.+ 47 Lapho lo muntu ezwa ukuthi uJesu uphumile eJudiya waya eGalile, waya kuye wamcela ukuba ehle aphulukise indodana yakhe, ngoba yayisizokufa. 48 Nokho, uJesu wathi kuye: “Ngaphandle kokuba nibone izibonakaliso+ nezimangaliso+ anisoze nakholwa.” 49 Isikhonzi senkosi sathi kuye: “Nkosi, yehla ngaphambi kokuba umntanami afe.” 50 UJesu wathi kuso: “Hamba;+ indodana yakho iyaphila.”+ Lo muntu walikholelwa izwi uJesu alikhuluma kuye futhi wahamba. 51 Kodwa esehla izinceku zakhe zamhlangabeza zizomtshela ukuthi umfana wakhe uyaphila.+ 52 Ngakho-ke wazibuza ihora abe ngcono ngalo. Zathi kuye: “Umkhuhlane+ umyeke izolo ngehora lesikhombisa.” 53 Ngakho-ke uyise wazi ukuthi yilelo hora+ kanye lapho uJesu ethi kuye: “Indodana yakho iyaphila.” Futhi yena nendlu yakhe yonke bakholwa.+ 54 Lesi futhi kwakuyisibonakaliso sesibili+ uJesu asenza lapho ephuma eJudiya eya eGalile.