Phokophela Phambili Emsebenzini Wokuvuna!
“Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.”—IHUBO 126:5.
1. Kungani kufanele ‘kuncengwe iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi’ namuhla?
NGEMVA kohambo lukaJesu Kristu lwesithathu lokushumayela eGalile, watshela abafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu‚ kodwa izisebenzi zimbalwa.” (Mathewu 9:37) Kwakuyinto efanayo naseJudiya. (Luka 10:2) Njengoba kwakunjalo eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, kunjani namuhla? Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-6 000 000 baphokophela phambili emsebenzini wokuvuna ongokomfanekiso phakathi kwabantu abangu-6 000 000 000 emhlabeni, abaningi babo ‘abaphundleke futhi abahlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.’ Ngakho ukunxusa kukaJesu kokuba ‘kuncengwe iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo’ kusasebenza nanamuhla njengoba kwakusebenza emakhulwini eminyaka adlule.—Mathewu 9:36, 38.
2. Yini esenza siqashelwe abantu?
2 UJehova uNkulunkulu, iNkosi yokuvuna, uye wakuphendula ukunxusa kokuba athume izisebenzi ezengeziwe. Futhi yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukuhlanganyela kulo msebenzi wokuvuna oqondiswa nguNkulunkulu! Nakuba simbalwa uma siqhathaniswa nezizwe, ukuhlanganyela kwethu ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi kusenza siqashelwe yizwe. Emazweni amaningi igama lethu liphathwa njalo kwezokusakaza. Ohlelweni lwethelevishini, lapho kukhona ongqongqozayo, omunye angase athi oFakazi BakaJehova labo. Yebo, umsebenzi wethu wobuKristu njengezisebenzi zokuvuna ezingokomfanekiso waziwa kahle kuleli khulu lama-21.
3. (a) Sazi kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wekhulu lokuqala waqashelwa? (b) Kungani sithi izingelosi ziyayisekela inkonzo yethu?
3 Izwe lawuqaphela nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso wekhulu lokuqala futhi labashushisa abamemezeli bezindaba ezinhle. Ngakho, umphostoli uPawulu wabhala: “Kimi kubonakala sengathi uNkulunkulu ubeke thina baphostoli ekugcineni embukisweni njengabantu abamiselwe ukufa, ngenxa yokuthi [thina baphostoli] siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, nasezingelosini, nakubantu.” (1 Korinte 4:9) Ngokufanayo, ukukhuthazela kwethu njengabamemezeli boMbuso naphezu koshushiso kusenza siqashelwe yizwe futhi kubalulekile ezingelosini. IsAmbulo 14:6 sithi: ‘[Umphostoli uJohane] wabona enye ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.’ Yebo, izingelosi ziyasisekela enkonzweni yethu—emsebenzini wethu wokuvuna!—Heberu 1:13, 14.
“Izinto Zokuzondwa”
4, 5. (a) Yisiphi isixwayiso uJesu asinika abafundi bakhe? (b) Kungani izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla ‘ziyizinto zokuzondwa’?
4 Lapho abaphostoli bakaJesu bethunywa njengezisebenzi zokuvuna, balalela umyalo wakhe wokuba ‘baqaphe njengezinyoka kodwa nokho babe msulwa njengamajuba.’ UJesu wanezela: “Qaphelani abantu; ngoba bayoninikela ezinkantolo zendawo, futhi banibhaxabule emasinagogeni abo. Phela, niyohudulelwa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngenjongo yobufakazi kubo nasezizweni. . . . Futhi niyoba izinto zokuzondwa abantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa lowo okhuthazele kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 10:16-22.
5 ‘Siyizinto zokuzondwa’ namuhla ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli, oyisitha esiyinhloko sikaNkulunkulu nabantu baKhe. (1 Johane 5:19) Izitha zethu ziyakubona ukuchuma kwethu okungokomoya kodwa ziyenqaba ukuvuma ukuthi kubangelwa nguJehova. Abaphikisi basibona sijabule futhi simamatheka njengoba senza umsebenzi wokuvuna ngentokozo. Ubunye bethu buyabamangaza! Eqinisweni, bangase babuvume sakukhononda lapho beya kwelinye izwe bese bethola ukuthi nalapho, oFakazi BakaJehova benza wona kanye umsebenzi abawubone ezweni lakubo. Yebo, siyazi ukuthi ngesikhathi esifanele uJehova, osisekelayo nobangela ubunye bethu, uyokwaziwa ngisho nayizitha zethu.—Hezekeli 38:10-12, 23.
6. Yikuphi ukuqinisekiswa esinako njengoba senza umsebenzi wokuvuna, kodwa yimuphi umbuzo ophakamayo?
6 INkosi yokuvuna inike iNdodana yayo, uJesu Kristu “lonke igunya . . . ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Ngakho uJehova usebenzisa uJesu ukuze aqondise umsebenzi wokuvuna ngezingelosi zasezulwini ‘nesigqila esikholekile nesiqondayo’ esigcotshiwe lapha emhlabeni. (Mathewu 24:45-47; IsAmbulo 14:6, 7) Kodwa singabhekana kanjani nokuphikiswa yizitha kodwa futhi siqhubeke sijabule njengoba siphokophela phambili emsebenzini wokuvuna?
7. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sizame ukusilondoloza lapho siphikiswa noma sishushiswa?
7 Lapho sibhekana nokuphikiswa noma ngisho noshushiso oluqondile, masifune usizo lukaNkulunkulu ukuze sikwazi ukulondoloza isimo sengqondo esinjengesikaPawulu. Wabhala: “Lapho sethukwa, siyabusisa; lapho sishushiswa, siyabekezela; lapho sihlaziswa, siyancenga.” (1 Korinte 4:12, 13) Lo moya, kanye nenkonzo yethu yasobala esiyenza ngokuhlakanipha, ngezinye izikhathi kuyasishintsha isimo sengqondo sabaphikisi bethu.
8. Yikuphi ukuqinisekiswa okuthola emazwini kaJesu akuMathewu 10:28?
8 Ngisho nosongo lokufa aluyidambisi intshiseko yethu njengezisebenzi zokuvuna. Simemezela isigijimi soMbuso ngesibindi obala ngangokunokwenzeka. Futhi la mazwi kaJesu asimisa isibindi: “Ningabesabi labo ababulala umzimba kodwa bengenakuwubulala umphefumulo; kodwa kunalokho yesabani lowo ongabhubhisa kokubili umphefumulo nomzimba eGehena.” (Mathewu 10:28) Siyazi ukuthi uBaba wethu osezulwini unguMniki-kuphila. Uyabavuza labo abalondoloza ubuqotho kuye futhi baphokophele phambili ngokwethembeka emsebenzini wokuvuna.
Isigijimi Esisindisa Ukuphila
9. Basabela kanjani abanye emazwini kaHezekeli, futhi kwenzeka kanjani okufanayo namuhla?
9 Lapho umprofethi uHezekeli ememezela izigijimi zikaJehova ngesibindi ‘ezizweni ezambukayo’—umbuso wakwa-Israyeli nowakwaJuda—abantu abathile bakujabulela ukuzwa lokho ayekusho. (Hezekeli 2:3) UJehova wathi: “Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu.” (Hezekeli 33:32) Nakuba babewathanda amazwi kaHezekeli, abathathanga sinyathelo ngawo. Kwenzekani namuhla? Lapho insali egcotshiwe nabangane bayo bememezela isigijimi sikaJehova ngesibindi, abanye bayathanda ukuzwa ngezibusiso zoMbuso, kodwa abasabeli ngokwazisa, babe ngabafundi futhi bangene emsebenzini wokuvuna.
10, 11. Engxenyeni yokuqala yekhulu lama-20, yini eyenziwa ukuze kumenyezelwe isigijimi sethu esisindisa ukuphila, futhi kwaba namiphi imiphumela?
10 Ngakolunye uhlangothi, abaningi baye basabela kahle emsebenzini wokuvuna futhi bahlanganyela ekumemezeleni izigijimi zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, phakathi nochungechunge lwemihlangano emikhulu yamaKristu eyaqhutshwa kusukela ngo-1922 kuya ku-1928, kwamenyezelwa ngokucacile izigijimi zokwahlulelwa kwesimiso esibi sikaSathane. Iziteshi zomsakazo zasakaza lezi zimemezelo ezakhishwa kuleyo mihlangano. Ngemva kwalokho, abantu bakaNkulunkulu basakaza izigidi zamakhophi alezi zimemezelo ezibhaliwe.
11 Ngasekupheleni kwawo-1930, kwavuleka olunye uhlobo lomsebenzi wokushumayela—ukushumayela ngezingqwembe. Abantu bakaJehova baqale bagqoka izingqwembe ezimemezela izinkulumo zeningi. Kamuva, baphatha izingqwembe ezinamazwi anjengathi “Inkolo iwugibe nebhizinisi” nathi “Khonza UNkulunkulu Kanye NoKristu INkosi.” Lapho behamba emigwaqweni, abantu abadlulayo babebaqaphela. Umzalwane owayewenza njalo lo msebenzi emigwaqweni ephithizelayo yaseLondon, eNgilandi, wathi: ‘Lokhu kwenza lukhulu ekwenzeni oFakazi BakaJehova baqapheleke nasekubanikeni isibindi.’
12. Ngaphezu kwezigijimi zesahlulelo sikaNkulunkulu, yini esiye sayiqokomisa enkonzweni yethu, futhi obani manje abamunye ekushumayeleni izindaba ezinhle?
12 Njengoba simemezela izigijimi zesahlulelo sikaNkulunkulu, siqokomisa nezici ezinhle zalesi sigijimi soMbuso. Ukushumayela kwethu ngesibindi emhlabeni kuyasisiza ukuba sifune abafanelekayo. (Mathewu 10:11) Iningi lamalungu okugcina esigaba sabagcotshiwe lasabela ngawo-1920 nawo-1930 obizweni lokuvuna olunjengokukhala kwecilongo. Kwabe sekuthi emhlanganweni wango-1935, kwezwakala izindaba ezimnandi zekusasa elibusisekile ‘lesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Siye salalela izigijimi zesahlulelo sikaNkulunkulu futhi sazibandakanya nabagcotshiwe ekushumayeleni izindaba ezinhle ezisindisa ukuphila.
13, 14. (a) Angasiduduza kanjani amaHubo 126:5, 6? (b) Uma siqhubeka sihlwanyela futhi sinisela, kuyokwenzekani?
13 Amazwi eHubo 126:5, 6 aziduduza kakhulu izisebenzi zokuvuna zikaNkulunkulu, ikakhulu lezo ezibhekene noshushiso: “Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza. Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.” Amazwi omhubi aphathelene nokuhlwanyela nokuvuna abonisa ukukhathalela nesibusiso sikaJehova ensalini eyabuya ekuthunjweni eBabiloni lasendulo. Yakujabulela kakhulu ukukhululwa kwayo, kodwa kungenzeka yakhala lapho ihlwanyela imbewu enhlabathini ewuqwathule eyayingalinywanga phakathi nokudingiswa kwayo kweminyaka engu-70. Nokho, labo abaqhubeka nomsebenzi wokuhlwanyela nokwakha bajabulela izithelo nokwaneliseka ekuzikhandleni kwabo.
14 Singase sifikelwe yizinyembezi lapho singaphansi kokulingwa noma lapho esikholwa nabo noma thina sihlupheka ngenxa yokulunga. (1 Petru 3:14) Emsebenzini wethu wokuvuna, izinto zingase zibe nzima ekuqaleni ngoba kubonakala sengathi asiboni zithelo zemizamo yethu enkonzweni. Kodwa uma siqhubeka sihlwanyela futhi sinisela, uNkulunkulu uyokhulisa, ngisho nangaphezu kwalokho ebesikulindele. (1 Korinte 3:6) Lokhu kubonakala kahle emiphumeleni yokusakaza kwethu amaBhayibheli nezincwadi ezingokomBhalo.
15. Nikeza isibonelo sokuba usizo kwezincwadi zobuKristu emsebenzini wokuvuna.
15 Cabanga ngesibonelo sendoda okuthiwa uJim. Lapho ishonelwa ngunina, ezimpahleni zakhe yathola incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a Yayifunda ngesasasa. Lapho exoxa noFakazi owahlangana naye emgwaqweni, uJim wavuma ukuba baphinde babonane, lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli. UJim wathuthuka ngokushesha ngokomoya, wazinikezela kuJehova, wayesebhapathizwa. Watshela amanye amalungu omndeni wakubo ngalokho ayekufundile. Ngenxa yalokho, udadewabo nomfowabo baba oFakazi BakaJehova, kwathi uJim kamuva wajabulela ilungelo lokukhonza njengesisebenzi sesikhathi esigcwele eBethel eLondon.
Siyashushiswa Kodwa Siyajabula
16. (a) Kungani kuye kwaba nempumelelo emsebenzini wokuvuna? (b) Yisiphi isixwayiso uJesu asinikeza mayelana nomphumela wezindaba ezinhle, kodwa yisiphi isimo sengqondo esiba naso lapho sixoxa nabantu?
16 Kungani kuye kwaba nempumelelo engaka emsebenzini wokuvuna? Kungenxa yokuthi amaKristu agcotshiwe nabangane bawo baye balalela iziyalezo zikaJesu: “Lokho mina enginitshela khona ebumnyameni, nina kushoni ekukhanyeni; nalokho enikuzwa kuhletshwa, kushumayeleni phezu kwezindlu.” (Mathewu 10:27) Nokho, singazilindela izinkinga, ngoba uJesu waxwayisa: “Umuntu uyonikela umfowabo ekufeni, noyise umntwana wakhe, nabantwana bayovukela abazali benze ukuba babulawe.” UJesu waqhubeka wathi: “Ningacabangi ukuthi ngezela ukubeka ukuthula phezu komhlaba; angizelanga ukubeka ukuthula, kodwa inkemba.” (Mathewu 10:21, 34) UJesu wayengahlosile ukuhlukanisa imikhaya ngamabomu. Kodwa izindaba ezinhle zaziba nalowo mphumela ngezinye izikhathi. Kunjalo nangezinceku zikaNkulunkulu namuhla. Lapho sivakashela imikhaya, akuyona inhloso yethu ukudala ukuhlukana. Sifisa ukuba wonke umuntu amukele izindaba ezinhle. Ngakho-ke, sizama ukuxoxa nawo wonke amalungu omkhaya ngendlela enomusa nozwela, eyenza isigijimi sethu sikhange kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’—IzEnzo 13:48.
17. Labo abasekela ubukhosi bukaNkulunkulu bahlukaniselwe kanjani eceleni, futhi yisiphi isibonelo esisodwa salokhu?
17 Isigijimi soMbuso siye sabahlukanisela eceleni labo abasekela ubukhosi bukaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga indlela abakhulekeli esikanye nabo abahluka ngayo ngenxa yokuthi ‘babebuyisela izinto zikaKesari kuKesari kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu’ ezinsukwini zeSimiso Sikazwelonke Sokusebenzela Uhulumeni eJalimane. (Luka 20:25) Ngokungafani nabaholi benkolo namaKristu okuzisholo asemasontweni eLobukholwa, izinceku zikaJehova zama ziqinile, zenqaba ukwephula izimiso zeBhayibheli. (Isaya 2:4; Mathewu 4:10; Johane 17:16) UProfesa Christine King, umlobi wencwadi ethi The Nazi State and the New Religions, wathi: “OFakazi kuphela uhulumeni [wamaNazi] ongabanqobanga, ngoba yize [amaNazi] ayebulele abayizinkulungwane, umsebenzi waqhubeka futhi ngo-May 1945 inhlangano yoFakazi BakaJehova yayisaphila, kanti iSimiso Sikazwelonke Sokusebenzela Uhulumeni sasingasekho.”
18. Yisiphi isimo sengqondo abantu bakaJehova abasibonisayo naphezu kokushushiswa?
18 Siyaphawuleka ngempela isimo sengqondo abantu bakaJehova abasibonisayo lapho bebhekene noshushiso. Njengoba ukholo lwethu luzihlaba umxhwele iziphathimandla zezwe, kuyazimangaza nokho ukungabi kwethu negqubu noma inzondo. Ngokwesibonelo, oFakazi abasinda ekuQothulweni Kwesizwe bavame ukuveza injabulo nokwaneliseka njengoba bekhumbula izinto ezenzeka kubo kudala. Bayazi ukuthi uJehova wabanika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Abagcotshiwe abaphakathi kwethu banesiqinisekiso sokuthi ‘amagama abo aqoshiwe ezulwini.’ (Luka 10:20) Ukukhuthazela kwabo kuveza ithemba elingaholeli ekudumazekeni, futhi izisebenzi zokuvuna ezithembekile nezinamathemba asemhlabeni zinokuqiniseka okufanayo.—Roma 5:4, 5.
Khuthazela Emsebenzini Wokuvuna
19. Yiziphi izindlela eziphumelelayo eziye zasetshenziswa enkonzweni yobuKristu?
19 Ukuthi uJehova usazoqhubeka esivumele isikhathi esingakanani ukuba senze umsebenzi wokuvuna kusazobonakala. Okwamanje, kufanele sikhumbule ukuthi abavuni banezindlela eziqondile zokwenza umsebenzi wabo. Ngokufanayo, singaqiniseka ukuthi ukwethembeka kwethu ekusebenziseni izindlela zokushumayela esezazanywa futhi zaphumelela kuzosebenza. UPawulu watshela amaKristu ayekanye nawo: “Ngiyanincenga, yibani ngabalingisi bami.” (1 Korinte 4:16) Lapho uPawulu ehlangana nabadala base-Efesu eMilethu, wabakhumbuza ukuthi wayengazigodlanga ekubafundiseni “obala nasendlini ngendlu.” (IzEnzo 20:20, 21) UThimothewu, umngane kaPawulu, wayezifundile izindlela zalo mphostoli ngakho wayengabafundisa zona abaseKorinte. (1 Korinte 4:17) UNkulunkulu wazibusisa izindlela zokufundisa zikaPawulu, njengoba nje eyokubusisa ukukhuthazela kwethu ekushumayeleni izindaba ezinhle obala nasendlini ngendlu, ezimpindelweni, ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya nanomaphi lapho abantu betholakala khona.—IzEnzo 17:17.
20. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ukuvuna okukhulu okungokomoya kwase kuseduze, futhi lokhu kuye kwenzeka kanjani eminyakeni yamuva?
20 Ngemva kokushumayela kowesifazane ongumSamariya ngaseSikhari ngo-30 C.E., uJesu wakhuluma ngokuvuna okungokomoya. Watshela abafundi bakhe: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu, ukuthi asemhlophe ukuba avunwe. Kakade umvuni useyayamukela inkokhelo futhi ubutha isithelo sokuphila okumi phakade, ukuze umhlwanyeli nomvuni bajabule kanyekanye.” (Johane 4:34-36) Mhlawumbe uJesu wayesewubonile kakade umphumela wokuxoxa kwakhe nowesifazane ongumSamariya, ngoba abaningi babebonisa ukholo kuye ngenxa yobufakazi bowesifazane. (Johane 4:39) Eminyakeni yamuva, amazwe ahlukahlukene aye asusa imingcele koFakazi BakaJehova noma abaqaphela ngokomthetho, okuye kwavula amasimu amasha okuvunwa. Lokho kwenza kube nomsebenzi omningi wokuvuna okungokomoya owenziwayo. Eqinisweni, emhlabeni wonke, kutholakala izibusiso ezicebile njengoba siqhubeka ngenjabulo sivuna ngokomoya.
21. Kungani sinesizathu sokuphokophela phambili njengezisebenzi zokuvuna ezijabulayo?
21 Lapho izilimo sezivuthiwe futhi zilungele ukuvunwa, izisebenzi kumelwe zisebenze ngokuphuthuma. Kumelwe zizikhandle zingapholisi maseko. Namuhla, kudingeka sisebenze ngenkuthalo nangomuzwa wokuphuthuma ngoba siphila “esikhathini sokugcina.” (Daniyeli 12:4) Yebo, siyabhekana nokulingwa, kodwa kunokuvunwa okukhulu kwabakhulekeli bakaJehova kunanini ngaphambili. Ngakho, lolu usuku lokujabula. (Isaya 9:3) Khona-ke, njengezisebenzi ezijabulayo, masiphokophele phambili emsebenzini wokuvuna!
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswa futhi isakazwe oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• INkosi yokuvuna iye yakuphendula kanjani ukunxusa kokuba inezele izisebenzi?
• Nakuba ‘siyizinto zokuzondwa,’ yisiphi isimo sengqondo esisilondolozayo?
• Kungani sijabula yize sishushiswa?
• Kungani kufanele sikhuthazele ngomuzwa wokuphuthuma emsebenzini wokuvuna?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Labo abahlanganyela ekuvuneni okungokomoya basekelwa yizingelosi
[Isithombe ekhasini 18]
Ukushumayela ngezingqwembe kwenza abaningi baqaphela isigijimi soMbuso
[Isithombe ekhasini 18]
Siyatshala futhi sinisele, kodwa nguNkulunkulu okhulisayo