1 Thimothewu
2 Ngakho-ke okokuqala, ngikhuthaza ukuba ukunxusa, imithandazo,+ ukuncenga nokubonga, kwenzelwe zonke izinhlobo zabantu,+ 2 kwenzelwe amakhosi+ nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme;+ ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.+ 3 Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka+ emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu,+ 4 ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu+ zisindiswe+ futhi zifinyelele olwazini olunembile+ lweqiniso.+ 5 Ngoba kukhona uNkulunkulu oyedwa,+ nomlamuleli oyedwa+ phakathi kukaNkulunkulu+ nabantu,+ umuntu, uKristu Jesu,+ 6 owazinikela waba yisihlengo esihambelanayo sabo bonke+—lokhu yilokho okuzofakazelwa ngezikhathi zako. 7 Ngenjongo yalobu bufakazi+ ngamiselwa ukuba ngumshumayeli nomphostoli+—ngikhuluma iqiniso,+ angiqambi amanga—umfundisi wezizwe+ endabeni yokholo+ neqiniso.
8 Ngakho-ke, ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisa izandla ezithembekile,+ ngaphandle kolaka+ nokuphikisana.+ 9 Ngokufanayo, ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha+ nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu,+ 10 kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu,+ okungukuthi, ngemisebenzi emihle.+
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba okuphelele.+ 12 Angimvumeli owesifazane ukuba afundise,+ noma ukuba abe negunya phezu kwendoda,+ kodwa ukuba athule. 13 Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.+ 14 Futhi u-Adamu akakhohliswanga,+ kodwa owesifazane wakhohliswa+ ngokuphelele wayeseqa umthetho.+ 15 Nokho, uyogcineka ephephile ngokuzala abantwana,+ uma kodwa beqhubeka okholweni nasothandweni nasekungcwelisweni okuhambisana nokuhluzeka kwengqondo.+